ITestamente Elisha 2023
Ukufundisa Abantwana


“Ukufundisa Abantwana,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ukufundisa Abantwana,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Ukufundisa Abantwana

Uma unabantwana abancane emndenini wakho, nakhu abangakwenza okungabasiza bafunde:

  • Culani. Amaculo avela kwi Children’s Songbook afundisa ngendlela enamandla. Sebenzisa inkomba yezihloko etholakala ngemuva kwe Children’s Songbook ukuze uthole amaculo ahambisana nemigomo yevangeli oyifundisayo. Siza abantwana bakho ukuba bahlanganise imiyalezo yamaculo nalokho okwenzeka ezimpilweni zabo. (Bheka futhi isihloko esithi “Ukufaka Umculo Ongcwele Ekufundeni Kwakho IVangeli” kulensiza.)

  • Makulalelwe indaba noma indaba yenziwe umdlalo. Abantwana abancane bayazithanda izindaba––ezivela emibhalweni engcwele, empilweni yakho, emlandweni weBandla noma emlandweni womndeni wakho, nakumaphephabhuku eBandla. Thola izindlela zokuthi nabo babambe iqhaza uma kuxoxwa indaba. Bangaphatha izithombe noma izinto ezithile, bangadweba izithombe zalokho abakuzwayo, bayilingise indaba, noma basize ngisho ukulandisa indaba. Siza abantwana bakho ukuba bawabone amaqiniso evangeli ezindabeni ozixoxayo.

  • Funda umbhalo ongcwele. Abantwana abancane bangase bangakwazi ukufunda okuningi, kodwa ungabenza babambe iqhaza ekufundeni emibhalweni engcwele. Kungadingeka ukuba ugxile evesini, emushweni osemqoka, noma egameni elilodwa. Izingane zingakwazi ngisho nokubamba ngekhanda imisho emifushane evela emibhalweni engcwele uma ziyiphinda izikhathi ezimbalwa. Ngenkathi belizwa izwi likaNkulunkulu, bazowuzwa uMoya.

  • Makubhekwe isithombe noma kubukwe i-video. Uma ubonisa abantwana bakho isithombe noma i-video ehlobene nomgomo wevangeli noma umdlalo wombhalo ongcwele, babuze imibuzo ebasiza bafunde kulokho abakubonayo. Isibonelo, ungabuza ukuthi, “Kwenzekani kulesi sithombe noma kule-video na? Ngabe kukwenza uzizwe kanjani?” -

  • Yakha. Abantwana bangakha, badwebe, noma bafake imibala kulokho okuhambisana nendaba noma imfundiso abafunda ngayo.

  • Mababambe iqhaza ezifundweni ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile. Isifundo esilula lapho kusetshenziswa khona okuthile singabasiza abantwana bakho bawuqonde umgomo wevangeli okunzima ukuwuqonda. Uma usebenzisa isifundo lapho kusetshenziswa khona izinto ezithile, thola izindlela zokuthi abantwana bakho babambe iqhaza. Bazofunda okuningi uma nabo kukhona abakwenzayo kunokubuka abanye benza okuthile.

  • Ukulingisa. Uma abantwana belingisa isimo esithile abangase bahlangabezane naso empilweni yangempela, bakwazi kangcono ukuqonda ukuthi ingabe umgomo wevangeli usebenza kanjani ezimpilweni zabo.

  • Phinda okwenziwayo. Abantwana abancane kungadingeka imiqondo ethile bayizwe izikhathi eziningi ukuze bayiqonde. Ungesabi ukuphinda izindaba noma okwenziwayo kaningi. Isibonelo, ungabaxoxela indaba evela emibhalweni izikhathi eziningana ngezindlela ezahlukene––ngokubafundela imibhalo, ngokubeka ngokufingqiwe ngawakho amagama, ngokubabonisa i-video, ngokubavumela ukuba bakulekelele uxoxe indaba, ngokubamema ukuba balingise umdlalo, njalo-njalo.

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Shicilela