ITestamente Elisha 2023
NgoDisemba 26–Januwari 1. Sonke Sinesibopho Sokuzifundela


“NgoDisemba 26–Januwari 1. “Sonke Sinesibopho Sokuzifundela,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoDisemba 26–Januwari 1. “Sonke Sinesibopho Sokuzifundela,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
umndeni ubuka ibhuku lokuqoqela ndawonye izithombe

NgoDisemba 26–Januwari 1

Sonke Sinesibopho Sokuzifundela

Injongo yemibhalo engcwele ukusiza wena ukuba uze kuKristu futhi uphendukele evangelini Lakhe ngokujulileyo. Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni ingakusiza uyiqonde imibhalo engcwele futhi uthole kuyo amandla angokomoya adingwa nguwe nomndeni wakho. Emva kwalokho, emaklasini eBandla, uzoba namathuba okwabelana ngolwazi olufihlakele futhi ukhuthaze abaNgcwele okholwa nabo emizamweni yabo yokulandela uKristu.

Bhala Imizwa Yakho

“Nifunani na?” UJesu wabuza abafundi baJohane uMbhabhadisi (NgokukaJohane 1:38). Kungenzeka nawe uzibuze umbuzo ofanayo—ngoba okutholayo eTestamenteni Elisha kulonyaka kuncike ekutheni ufunani. Isethembiso soMsindisi sithi “Funani, khona nizakufumana” (NgokukaMathewu 7:7). Ngakho-ke buza imibuzo efika emqondweni wakho ngesikhathi ufunda, bese ufuna izimpendulo ngokukhuthala. ETestamenteni Elisha uzofunda ngezehlakalo ezinamandla zangokomoya zabafundi baJesu Kristu. Njengomfundi othembekileyo woMsindisi, ungaba nezakho izehlakalo ezinamandla zangokomoya ngesikhathi wemukela isimemo soMsindisi, esitholakala ezindaweni eziningi kulomqingo ongcwele othi, “Wozani, ngilandeleni” (NgokukaLuka18:22).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Ukuze ngifunde ngokweqiniso kuMsindisi, kumele ngamukele isimemo Sakhe esithi, “Wozani, ngilandeleni.”

Isimemo soMsindisi esithi, “Wozani, ngilandeleni,” sibhekiswe kithi sonke—noma ngabe sibasha endleleni yobufundi noma sesiyihambe izimpilo zethu zonke. Lesi kwakuyisimemo Sakhe kwinsizwa ecebile eyayizama ukugcina imiyalelo (bheka NgokukaMathewu 19:16–22; NgokukaLuka 18:18–23). Okwafundwa yinsizwa—nokumele sikufunde sonke—ukuthi ukuba ngumfundi kusho ukunikela imiphefumulo yethu yonke kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu. Siyakhula ebufundisini bethu ngesikhathi sibona lapho kufuneka sikhule khona, senze inguquko, siphinde sifune ngokugcwele ukuBalandela.

Ukufunda kuMsindisi kuqala ngesikhathi sizama ukuqonda lokhu Akufundisa. Isibonelo, ngabe ukuqonda kwakho ukuthobeka kujula kanjani ngesikhathi uhlola lokhu okulandelayo na?

Uma ufuna ukufunda kabanzi, yenza lomzamo ngomunye umgomo wevangeli, njengothando noma ukuxolelana.

Nginesibopho sokuzifundela.

IGosa uDavid A. Bednar lasifundisa lathi: “Akufanele silindele iBandla njengenhlangano ukuba lisifundise noma lisitshele konke esidinga ukukwazi nokumele sikwenze ukuze sibe ngabafundi abazinikele nababekezela ngokuqina kuze kube sekugcineni. Kepha, isibopho sethu wukuba sifunde lokho okufanele sikufunde, siphile ngendlela esazi ukuthi kufanele siphile ngayo, futhi sibe yilokho iNkosi ethanda sibe yikho. Futhi-ke amakhaya ethu yiyona ndawo yokugcina lapho singafunda khona, siphile khona, futhi sibe wutho khona” (“Prepared to Obtain Every Needful Thing,” iLiyahona, ngoMeyi 2019, 102).

Ngabe kusho ukuthini ukuzinika isibopho sokuzifundela na? Bheka okungenzeka kube yizimpendulo emazwini eGosa uBednar nakulemibhalo engcwele elandelayo: NgokukaJohane 7:17; 1 KwabaseThesalonikha 5:21; EkaJakobe 1:5–6, 22; 2:17; 1 Nefi 10:17–19; 2 Nefi 4:15; Alima 32:27; kanye ne Mfundiso neziVumelwano 18:18; 58:26–28; 88:118. Ngabe yikuphi ozwa unogqozi lokukwenza ukuzikhuthaza ukufunda ivangeli ngokwengeziwe na?

Ngidinga ukuzazela mina iqiniso.

Mhlawumbe wazi abantu ababonakala bengakaze balahlekelwe wukholo lwabo, noma ngabe kwenzekani ezimpilweni zabo. Bangakukhumbuza izintombi ezinhlanu ezihlakaniphile emfanekisweni woMsindisi (bheka NgokukaMathewu 25:1–13). Okungenzeka ungakuboni imizamo yazo yokuzimisela ukuqinisa ubufakazi bazo beqiniso.

Ngabe sibuthola futhi sibukhulise kanjani ubufakazi bethu na? Bhala imicabango yakho ngesikhathi uzindla ngalemibhalo engcwele elandelayo: NgokukaLuka 11:9–13; NgokukaJohane 5:39; 7:14–17; IzEnzo 17:10–12; 1 KwabaseKhorinte 2:9–11; kanye Alima 5:45–46. -

Isithombe
intombazane endleleni

Omunye nomunye wethu kumele azitholele ubufakazi ngokwakhe.

Kumele ngenzenjani uma nginemibuzo na?

Ngesikhathi ufuna ulwazi lwangokomoya, imibuzo izofika emqondweni wakho. Lemigomo elandelayo ingakusiza uphendule imibuzo ngezindlela ezakha ukholo nobufakazi:

  • Funa ukuqonda okuvela kuNkulunkulu. UNkulunkulu ungumthombo walo lonke iqiniso, futhi uveza iqiniso ngoMoya oNgcwele, imibhalo engcwele, nangabaprofethi nabaphostoli Bakhe.

  • Yenza okwenzayo ngokholo. Uma izimpendulo zingatholakali ngokushesha, themba ukuthi iNkosi izoziveza izimpendulo uma isikhathi sesilungile. Okwamanje, qhubeka uphile ngeqiniso osulazi.

  • Gcina ukubuka kwaphakade. Zama ukubuka izinto ngendlela iNkosi ezibuka ngayo, hhayi ngendlela umhlaba ozibuka ngayo. Bheka imibuzo yakho ngomongo wesu lensindiso likaBaba oseZulwini.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 13:1–23.Ukusiza umndeni wakho ulungiselele ukufunda eTestamenteni Elisha kulonyaka, ungafunda umfanekiso womhlwanyeli. Umndeni wakho ungakujabulela ukuya ngaphandle futhi ubheke izinhlobo ezahlukene zomhlabathi ezichaziwe kulomfanekiso. Singazenza kanjani izinhliziyo zethu zifane “nomhlabathi omuhle” owachazwa nguJesu na? (NgokukaMathewu 13:8).

KwabaseGalathiya 5:22–23; KwabaseFiliphi 4:8.UMongameli uRussell M. Nelson ukumeme ukuba “uphendule ikhaya [lakho] libe yindawo engcwele yokholo” nokuba “ulungise ikhaya lakho ukuba libe yindawo lapho kufundwa khona ivangeli.” Kulabo abenza lezi zinto, wethembisa wathi: “Abantwana benu bazokwesasela ukuzifunda futhi nokuziphila izimfundiso zoMsindisi, futhi nomthelela wesitha ezimpilweni zenu nasemakhaya enu uzoncipha. Izinguquko ezenzeka emndenini wakho ziyomangalisa futhi kuyoba ezingapheliyo” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” iLiyahona, ngoNov. 2018, 113).

Ukuqala konyaka omusha yisikhathi esihle sokubamba umhlangano womndeni mayelana nokwenza ikhaya lakho “indawo engcwele yokholo” kanye “nendawo lapho kufundwa khona ivangeli.” Yimaphi amasu afika emqondweni wakho mayelana nokuthi singakwenza kanjani lokhu ngesikhathi sifunda KwabaseGalathiya 5:22–23 kanye KwabaseFiliphi 4:8 na? Mhlawumbe umndeni wakho ungazibekela izinjongo zomuntu ngamunye nomndeni zokuba kufundwe iTestamente Elisha kulonyaka ozayo. Yikuphi esingakwenza ukuzikhumbuza ngezinjongo zethu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary .

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka imfundiso. Imfundiso iqiniso laphakade, elingaguquki. UMongameli uBoyd K. Packer washo nokusho wathi “imfundiso yeqiniso, eqondakalayo, iguqula isimo sengqondo nendlela yokuziphatha” (“Little Children,” Ensign, ngoNov. 1986, 17). Ngesikhathi wena nomndeni wakho nifunda imibhalo engcwele, bhekani amaqiniso anganisiza niphile kangconywana ngendlela uMsindisi aphila ngayo.

Isithombe
uJesu Kristu

Ukukhanya koMhlaba, nguBrent Borup

Shicilela