ITestamente Elisha 2023
NgoJanuwari 23–29. NgokukaMathewu 3; NgokukaMarku 1; NgokukaLuka 3: “Lungisani Indlela yeNkosi”


“NgoJanuwari 23–29. NgokukaMathewu 3; ngokukaMarku 1; ngokukaLuka 3: ‘Lungisani Indlela yeNkosi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJanuwari 23–29. NgokukaMathewu 3; NgokukaMarku 1; NgokukaLuka 3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uJohane uMbhabhadisi eBhabhadisa uJesu

Ifasitela lengilazi eligciniwe eThempelini laseNauvoo Illinois, nguTom Holdman

NgoJanuwari 23–29

NgokukaMathewu 3; NgokukaMarku 1; NgokukaLuka 3

“Lungisani Indlela yeNkosi”

Qala ngokufunda NgokukaMathewu 3; NgokukaMarku 1; kanye NgokukaLuka 3. Ngesikhathi ukhulekela uMoya oNgcwele ukuthi ukusize uqonde lezi zahluko, Uzokunikeza imininingwane ekufanele ngokukhethelekile. Bhala okufika emqondweni wakho, bese wenza izinhlelo zokwenza lokho.

Bhala Imizwa Yakho

UJesu Kristu neVangeli Lakhe bangakuguqula. ULuka ucaphune isiphrofetho sakudala sika Izaya esichaza umthelela ukuza koMsindisi okuzoba nakho: “Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakuhlelenjwa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezihlelembekile” (NgokukaLuka 3:5; bheka futhi U-Izaya 40:4). Lomlayezo owethu sonke, kubandakanya nalabo abacabanga ukuthi abakwazi ukuguquka. Uma into ehlala njalo njengentaba ingehliswa, ngokuqinisekile iNkosi ingasisiza ukuthi siqondise izindlela zethu ezisontekile (bheka NgokukaLuka 3:4–5). Ngesikhathi samukela isimemo sikaJohane uMbhabhadisi sokuba siphenduke futhi siguquke, silungisa izingqondo nezinhliziyo zethu ukwamukela uJesu Kristu ukuze nathi “sizakubona insindiso kaNkulunkulu” (NgokukaLuka 3:6).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Kwakungubani uMarku?

Phakathi kwababhali beVangeli, sazi okuncane ngoMarku. Siyazi ukuthi wayeyisithunywa sevangeli esasihamba noPawulu, uPetro, nezinye izithunywa zevangeli eziningana. Izazi eziningi zeBhayibheli zikholelwa ukuthi uPetro waqondisa uMarku ukuthi alobe izehlakalo zempilo yoMsindisi. Cishe iVangeli likaMarku labhalwa ngaphambi kwalamanye amathathu.

Bheka futhi IsiHloko semiBhalo eNgcwele, “uMarku.”

NgokukaMathewu 3:1-12; NgokukaMarku 1:1-8; NgokukaLuka 3:2-18

Ukuphenduka kuwukuguquka okukhulu kwengqondo nenhliziyo.

Umsebenzi kaJohane uMbhabhadisi kwakuwukulungisa izinhliziyo zabantu ukuze zamukele uMsindisi futhi bafane Naye kakhulu. Wakwenza kanjani na? Wamemezela, “Phendukani” (NgokukaMathewu 3:2). Futhi wasebenzisa imifanekiso efana nesithelo nokolweni ukuze afundise ngokuphenduka (bheka NgokukaLuka 3:9, 17).

Yiziphi ezinye izithombe ozithola ekulandiseni kwenkonzo kaJohane uMbhabhadisi na? (Bheka NgokukaMathewu 3:1-12; NgokukaMarku 1:1-8; NgokukaLuka 3:2-18). Cabanga ngokuyidwebela leyomishwana emibhalweni yakho engcwele noma udwebe isithombe sabo. Lezi zithombe zifundisani ngemfundiso nesidingo sokuphenduka na?

Ukuphenduka kweqiniso “ukuguquka kwengqondo, umbono omusha ngoNkulunkulu, ngawe, nangomhlaba. … [Kusho] ukuphendukela kwenhliziyo nentando kuNkulunkulu” (IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukuphenduka”). Ku NgokukaLuka 3:7–14, yiziphi izinguquko uJohane amema abantu ukuba bazenze ukuze balungiselele ukwamukela uKristu na? Lesi seluleko singasebenza kanjani kuwe na? Ungabonisa kanjani ukuthi uphenduke ngempela na? (bheka NgokukaLuka 3:8).

-

NgokukaMathewu 3:7; NgokukaLuka 3:7

Babengobani abaFarisi nabaSadusi na?

AbaFarisi babengamalungu eqembu lenkolo yamaJuda elalizigqaja ngokuwugcina ngokuqinile umthetho kaMose namasiko awo. AbaSadusi babeyisigaba samaJuda esicebile esasinethonya elikhulu lenkolo nezombusazwe; babengakholelwa emfundisweni yovuko. Womabili la maqembu ayesephambukile enjongweni yokuqala yemithetho kaNkulunkulu.

Bheka futhi NgokukaMathewu 23:23-28; IsiHloko zemiBhalo eNgcwele “AbaFarisi,” “AbaSadusi.”

NgokukaMathewu 3:11, 13-17; NgokukaMarku 1:9-11; NgokukaLuka 3:15–16, 21–22

UJesu Kristu wabhabhadiswa ukuze “agcwalise konke ukulunga.”

Ngenkathi ubhabhadiswa, walandela isibonelo soMsindisi. Qhathanisa lokho okufundayo endabeni yokubhabhadiswa koMsindisi nalokho okwenzeka ngesikhathi ubhabhadiswa.

Umbhabhadiso woMsindisi

Umbhabhadiso wami

Umbhabhadiso woMsindisi

Ubani owabhabhadisa uJesu, futhi wayenaliphi igunya na?

Umbhabhadiso wami

Ubani owakubhabhadisa wena, futhi iliphi igunya ayenalo na?

Umbhabhadiso woMsindisi

UJesu wabhabhadiswa kuphi na?

Umbhabhadiso wami

Wena wabhabhadiswa kuphi na?

Umbhabhadiso woMsindisi

UJesu wabhabhadiswa kanjani na?

Umbhabhadiso wami

Wena wabhabhadiswa kanjani na?

Umbhabhadiso woMsindisi

Kungani uJesu abhabhadiswa na?

Umbhabhadiso wami

Kungani wena wabhabhadiswa na?

Umbhabhadiso woMsindisi

UBaba oseZulwini wabonisa kanjani ukuthi wayejabule ngoJesu na?

Umbhabhadiso wami

UBaba oseZulwini wabonisa kanjani ukuthi wayejabule ngesikhathi ubhabhadiswa na? Uyikhombise kanjani imvume Yakhe kusukela ngaleso sikhathi na?

Bheka futhi ku 2 Nefi 31; Mosiya 18:8–11; IMfundiso neziVumelwano 20:37, 68–74.

NgokukaMathewu 3:16–17; NgokukaMarku 1:9–11; NgokukaLuka 3:21–22

Amalungu obuNkulunkulu ayizidalwa ezintathu ezihlukene.

IBhayibheli liqukethe ubufakazi obuningi bokuthi amalungu obuNkulunkulu angabantu abathathu abahlukene. Izindaba zokubhabhadiswa koMsindisi ziyisibonelo esisodwa. Njengoba ufunda lezi zindaba, zindla ngalokho okufundayo ngobunkulunkulu. Kungani lezi zimfundiso zibalulekile kuwe?

Bheka futhi IGenesisi 1:26; NgokukaMathewu 17:1–5; NgokukaJohane 17:1–3; IZenzo 7:55–56; IMfundiso neziVumelwano 130:22.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 3.UJohane uMbhabhadisi wayephethe ubuPhristi buka-Aroni. Yini esingayifunda esibonelweni sikaJohane mayelana nezinjongo zobuPhristi buka-Aroni na? Yiziphi izibusiso esizitholayo ngenxa yobuPhristi buka-Aroni? Uma unensizwa emndenini wakho, ungathatha isikhathi ukuyisiza ukuthi iqonde ukuthi ingasebenzisa kanjani ubuPhristi buka-Aroni ukubusisa abanye. (Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 13:1; 20:46–60.)

Isithombe
insizwa ibhabhadisa enye

Ngesikhathi sibhabhadiswa, izono zethu ziyahlanzwa.

NgokukaMathewu 3:11–17; NgokukaMarku 1:9–11; NgokukaLuka 3:21–22.Amalungu omndeni wakho ake abona othile ebhabhadiswa noma eqiniswa njengelungu leBandla na? Azizwa kanjani amalungu omndeni na? Mhlawumbe ungabafundisa ngomfanekiso wokubhabhadiswa nokuqiniswa. Ukubhabhadiswa nokuqiniswa kufana kanjani nokuzalwa okusha na? Kungani sicwiliswa ngokugcwele emanzini lapho sibhabhadiswa na? Kungani sigqoka ezimhlophe lapho sibhabhadiswa na? Kungani isipho sikaMoya oNgcwele sichazwa “njengombhabhadiso womlilo” na? (IMfundiso neziVumelwano 20:41; bheka futhi IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Bhabhadisa,” “uMoya oNgcwele”).

NgokukaMathewu 3:17; NgokukaMarku 1:11; NgokukaLuka 3:22.Kunini lapho siye saba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ujabulile ngathi na? Yini esingayenza njengomndeni ukujabulisa uNkulunkulu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadeni ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Cela iNkosi ikusize. Imibhalo engcwele yanikezwa ngesambulo, futhi ukuze siyiqonde ngokweqiniso sidinga isambulo somuntu siqu. INkosi ithembisile yathi, “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa” (NgokukaMathewu 7:7).

Isithombe
UJohane ebhabhadisa uJesu

John the Baptist Baptizing Jesus [UJohane uMbhabhadisi eBhabhadisa uJesu], nguGreg K. Olsen

Shicilela