ITestamente Elisha 2023
NgoJanuwari 2–8. NgokukaMathewu 1; NgokukaLuka 1: “Makwenzeke Kimi Njengezwi Lakho”


“NgoJanuwari 2–8. NgokukaMathewu 1; NgokukaLuka 1: ‘Makwenzeke Kimi Njengezwi Lakho,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJanuwari 2–8. NgokukaMathewu 1; NgokukaLuka 1,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uMariya no-Elizabethe

NgoJanuwari 2–8

NgokukaMathewu 1; NgokukaLuka 1

“Makwenzeke Kimi Njengezwi Lakho”

Ngesikhathi ufunda futhi uzindla NgokukaMathewu 1 kanye NgokukaLuka 1, bhala phansi imicabango efika kuwe engokomoya. Ngabe yimaphi amaqiniso ayimfundiso owatholayo na? Ngabe yimiphi imiyalezo ezobaluleka kakhulu kuwe nasemndenini wakho na? Amasu okufunda akulesi sifundo angakusiza uthole olunye ulwazi olufihlakele.

Bhala Imizwa Yakho

Ngokwasemhlabeni, kwakungeke kwenzeke. Intombi emsulwa yayingeke ikwazi ukukhulelwa—ngokunjalo futhi nowesifazane owayesedlulile eminyakeni yokuthola abantwana. Kepha uNkulunkulu wayenesu ngokuzalwa kweNdodana Yakhe nokuzalwa kukaJohane uMbhabhadisi, ngakho-ke bobabili uMariya no-Elizabethe, ngokuphikisana nazo zonke izinqinamba zasemhlabeni, baba ngomama. Kungasiza ukukhumbula izehlakalo ezimangalisayo ezimpilweni zabo ngaso sonke isikhathi lapho sibhekana khona nezinto ezibukeka sengathi ngeke zenzeke. Singakwazi yini ukunqoba ubuthakathaka bethu na? Singakwazi yini ukuthinta inhliziyo yelungu lomndeni elingaphenduli na? UGabhriyeli kwakungenzeka ukuthi wayekhuluma nathi ngesikhathi ekhumbuza uMariya ukuthi, “Akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu” (NgokukaLuka 1:37). Futhi impendulo kaMariya ingaba ngeyethu ngesikhathi uNkulunkulu eveza intando Yakhe: “Makwenzeke kimi njengezwi lakho” (NgokukaLuka 1:38).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Kwakungobani uMathewu noLuka na?

UMathewu wayengumthelisi ongumJuda, noma umqoqi ntela, uJesu ambiza ukuba abe ngomunye wabaPostoli Bakhe (bheka NgokukaMathewu 10:3”). UMathewu wabhala iVangeli lakhe ikakhulukazi kozwakwabo amaJuda; ngakho-ke, wakhetha ukugcizelela iziprofetho zeTestamente Elidala ezimayelana noMesiya ezafezeka empilweni nasebufundisini bukaJesu.

ULuka wayengudokotela woweZizwe (ongesiye umJuda) owayehamba nomPostoli uPawulu. Wabhala iVangeli lakhe emva kokufa koMsindisi ikakhulukazi ebhalela abangesiwo amaJuda. Wafakaza ngoJesu Kristu njengoMsindisi wabeZizwe nowamaJuda. Wabhala izindaba ngayekubonile ezehlakalweni zempilo yoMsindisi, futhi wafaka ezinye izindaba zabesifazane uma kuqhathaniswa nezinye izincwadi zeVangeli.

-

NgokukaMathewu 1:18–25; NgokukaLuka 1:26–35

UJesu Kristu wazalwa ngumama ofayo noBaba ongafiyo.

Ku NgokukaMathewu 1:18–25 naku NgokukaLuka 1:26–35, qaphela ukuthi uMathewu noLuka basichaze kanjani isimangaliso sokuzalwa kukaJesu. Ngabe izincazelo zabo ziluqinisa kanjani ukholo lwakho kuMsindisi na? Kungani kubalulekile kuwena ukwazi ukuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu nendodana kaMariya na?

UMongameli uRussell M. Nelson wachaza ukuthi iNhlawulo kaJesu Kristu “yayidinga ukuzinikela siqu komuntu ongafiyo. Nakuba kunjalo kumele afe aphinde abuyele emzimbeni Wakhe futhi. UMsindisi kwakunguye yedwa owayengakufeza lokhu. KuNina wathola amandla okufa. KuYise wathola amandla okunqoba ukufa” (“Constancy amid Change,” Ensign, Nov. 1993, 34).

NgokukaLuka 1:5–25, 57–80

Izibusiso zikaNkulunkulu zifika ngesikhathi Sakhe.

Uma uzithola kufanele ulinde isibusiso noma uma kubonakala sengathi uNkulunkulu akayizwa imikhuleko yakho, indaba ka-Elizabethe noZakhariya ingaba isikhumbuzo sokuthi Akakukhohliwe. Njengoba iGosa uJeffrey R. Holland lasithembisa lathi: “Ngesikhathi sisebenza futhi silindele ndawonye izimpendulo zeminye yemikhuleko yethu, nginipha isethembiso sobuphostoli sokuthi iyezwakala futhi iyaphendulwa, nakuba mhlawumbe ingaphendulwa ngesikhathi noma ngendlela ebesiyifuna. Kodwa njalo iyaphendulwa ngesikhathi nangendlela umzali owazi konke nonobubele baphakade okufanele ayiphendule ngayo” (“Waiting on the Lord,” iLiyahona, Nov. 2020, 115-16). Ngabe uZakhariya no-Elizabethe bahlala kanjani ngokwethembeka na? (bheka NgokukaLuka 1:5–25, 57–80). Ngabe uzithola ulinde isibusiso na? Ngabe ucabanga ukuthi iNkosi ilindeleni kuwe ngesikhathi usalindile na?

Isithombe
U-Elizabethe noZakhariya nomntwana uJohane

Emva kokulinda ngokwethembeka, u-Elizabethe noZakhariya babusiswa ngendodana.

NgokukaMathewu 1:18–25; NgokukaLuka 1:26–38

Abathembekileyo bazinikela ngokuzithandela bona entandweni kaNkulunkulu.

NjengoMariya, ngesinye isikhathi sithola ukuthi amasu kaNkulunkulu ngezimpilo zethu ahluke kakhulu kunalokho ebesikuhlelile. Ngabe ufundani kuMariya mayelana nokwamukela intando kaNkulunkulu na? Kulamathebula alandelayo, bhala amazwi engelosi nakaMariya (bheka NgokukaLuka 1:26–38), ndawonye nemiyalezo oyitholayo kulawo mazwi:

Amazwi engelosi kuMariya

Umyalezo oza kimi

Amazwi engelosi kuMariya

“INkosi inawe” (ivesi 28).

Umyalezo oza kimi

INkosi iyasazi isimo sami nezinkinga zami.

Amazwi engelosi kuMariya

Umyalezo oza kimi

Amazwi engelosi kuMariya

Umyalezo oza kimi

Izimpendulo zaMariya

Umyalezo oza kimi

Izimpendulo zaMariya

“Kuyokwenzeka kanjani lokhu na?” (ivesi 34).

Umyalezo oza kimi

Kulungile ukubuza imibuzo ukuyiqonda kangcono intando kaNkulunkulu.

Izimpendulo zaMariya

Umyalezo oza kimi

Izimpendulo zaMariya

Umyalezo oza kimi

Ngesikhathi ufunda ngesibonelo sikaJosefa esilungileyo ku NgokukaMathewu 1:18–25, ufundani mayelana nokwamukela intando kaNkulunkulu na? Yiluphi olunye ulwazi olufihlakele olwengeziwe olutholayo kwizehlakalo zikaZakhariya no-Elizabethe na? (bheka NgokukaLuka 1).

Bheka futhi NgokukaLuka 22:42.

NgokukaLuka 1:46–55

UMariya wafakaza ngokuthunywa kukaJesu Kristu.

Amazwi kaMariya ku NgokukaLuka 1:46–55 abikezela izingxenye ngokuthunywa kukaMsindisi. Ngabe yikuphi okufundayo mayelana noJesu Kristu emazwini kaMariya na? Ungase uqhathanise lamavesi namazwi kaHana ku 1 USamuweli 2:1–10 kanye neziBusiso zikaJesu ku NgokukaMathewu 5:3–12. Ngabe uMoya ukufundisani ngesikhathi udlinza ngalamavesi na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 1:1–17.Ngesikhathi umndeni wakho ufunda ngezizukulwane zikaJesu, ningase nixoxisane ngomlando womndeni wenu futhi nabelane ngezinye zezindaba zokhokho benu. Ngabe ukwazi ngomlando womndeni wakho kuwubusisa kanjani umndeni wakho na? Ukuthola ezinye izinto ongazenza ngomlando womndeni, bheka ku FamilySearch.org/discovery .

NgokukaMathewu 1:20; NgokukaLuka 1:11–13, 30.Kungani abantu abakulamavesi kwakungenzeka ukuthi babe nokwesaba na? Ngabe yini ebangela ukuba sizizwe sesaba na? Ngabe uNkulunkulu usimema kanjani ukuba “singesabi” na?

NgokukaLuka 1:37.Ukusiza umndeni wakho wakhe ukholo mayelana nokuthi “akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu,” ningacinga ndawonye encwadini NgokukaLuka 1 futhi nithole izinto uNkulunkulu azenza ezingabonakala zingenakwenzeka. Yiziphi ezinye izindaba esingabelana ngazo—ezivela emibhalweni engcwele noma ezimpilweni zethu—lapho uNkulunkulu enza khona izinto ezazibukeka zingenakwenzeka na? Ukucinga encwadini i- Gospel Art Book kunganinika amasu athile.

NgokukaLuka 1:46–55.Ngabe yiziphi ezinye “izinto ezinkulu” uMsindisi asenzele zona na? Kungase kusho ukuthini emiphefumulweni yethu “ukuyitusa iNkosi” na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Kusebenzise okusemibhalweni engcwele empilweni yakho. Emva kokufunda indinyana ethile emibhalweni engcwele, mema amalungu omndeni ukuba akusebenzise lokho ezimpilweni zawo (bheka encwadini ethi Teaching in the Savior’s Way21). Isibonelo, amalungu omndeni angakusebenzisa kanjani akufunda ku NgokukaMathewu 1 naku NgokukaLuka 1 mayelana nokusabela obizweni lweNkosi na?

Isithombe
uGabhriyeli evela kuMariya

Ubusisiwe Esifazaneni, nguWalter Rane

Shicilela