ITestamente Elisha 2023
NgoJanuwari 16-22. NgokukaJohane 1: Simfumene uMesiya


“NgoJanuwari 16-22. NgokukaJohane 1: Simfumene uMesiya,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJanuwari 16-22. NgokukaJohane 1,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
owesifazane abelana ngevangeli esiteshini sestimela

NgoJanuwari 16–22

NgokukaJohane 1

Simfumene uMesiya

Ngesikhathi uyifunda futhi uzindla ngencwadi ka NgokukaJohane 1, bhala phansi imicabango efika kuwe. Ngabe yimiphi imilayezo oyitholayo ezobaluleka kakhulu kuwe nomndeni wakho na? Yikuphi ongabelana ngakho ngesikhathi kufundwa ekilasini na?

Bhala Imizwa Yakho

Wake wacabanga ngokuthi wawuzokwazi yini ukumbona uJesu waseNazaretha njengeNdodana kaNkulunkulu ukuba wawuphila ngezinsuku Zakhe zobufundisi basemhlabeni na? Eminyakeni eminingi, ama-Israyeli athembekile, okubalwa kuwo u-Andreya, uPetro, uFiliphu, kanye noNathaniyeli, ayelinde futhi ekhulekela ukuza kukaMesiya owayethenjisiwe. Ngesikhathi behlangana Naye, bazi kanjani ukuthi kwakuNguye Yena lowo ababemfuna na? Ngendlela efanayo sonke esifika ngayo ekwazini uMsindisi—ngokwamukela isimemo “sokuza sibone” ngokwethu (NgokukaJohane 1:39). Siyafunda Ngaye emibhalweni engcwele. Siyayizwa imfundiso Yakhe. Siyayiqaphela indlela Yakhe yokuphila. Siyawuzwa uMoya Wakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, siyathola, njengoba noNathaniyeli athola, ukuthi uMsindisi uyasazi futhi uyasithanda futhi ufuna ukusilungiselela ukuthi sithole “okukhulu” (NgokukaJohane 1:50).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Kwakungubani uJohane na?

UJohane wayengumfundi kaJohane uMbhabhadisi kwathi ngokuhamba kwesikhathi waba ngomunye wabalandeli bokuqala baJesu Kristu kanye nomunye wabaPostoli Bakhe abaliShumi naMbili. Wabhala iVangeli NgokukaJohane, izincwadi ezimbalwa, kanye nencwadi yesaMbulo. Evangelini lakhe, wazibiza njengomfundi “uJesu amthandayo” kanye “nomunye umfundi” (NgokukaJohane 13:23; 20:3). Intshisekelo kaJohane ngokushumayela ivangeli yayinamandla kangangoba wacela ukuhlala emhlabeni kuze kufike ukuBuya kwesiBili koMsidisi khona ezoletha imiphefumulo kuKristu (bheka IMfundiso neziVumelwano 7:1–6).

-

NgokukaJohane 1:1–5

UJesu Kristu “[wayese]kuqaleni kuNkulunkulu.”

UJohane waqala iVangeli lakhe ngokuchaza umsebenzi uKristu awenza ngaphambili kokuba Azalwe: “Ekuqaleni … uLizwi [uJesu Kristu] wayekuNkulunkulu.” Yini oyifundayo ngoMsindisi nomsebenzi Wakhe emavesini 1–5 na? Ungathola ukucaciseleka okusizayo uma ufunda UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaJohane 1:1–5 (kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele). Ngesikhathi uqala ukufunda kwakho ngempilo yoMsindisi, kungani kubalulekile ukwazi mayelana nomsebenzi Wakhe awenza empilweni eyandulela eyasemhlabeni na?

-

NgokukaJohane 1:1–18

UJesu Kristu “[ungu]kuKhanya okuqinisileyo,” iNdodana kaNkulunkulu.

UJohane waba nentshisekelo yokufuna uMsindisi ngenxa yobufakazi bukaJohane uMbhabhadisi, owamemezela ukuthi “wayethunyelwe ukufakaza … ngokuKhanya okuqinisileyo” (NgokukaJohane 1:8–9). UJohane naye uqobo lwakhe wafakaza ngamandla ngempilo nangokuthunywa koMsindisi.

Kungathandeka ukwenza uhlu lwamaqiniso uJohane awabhala ngesikhathi efakaza ngoKristu okokuqala (amavesi 1–18; bheka futhi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaJohane 1:1–19 [kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele]). Ucabanga ukuthi kungani uJohane waqala iVangeli lakhe ngalamaqiniso na? Cabanga ngokubhala obakho ubufakazi ngoJesu Kristu—yikuphi ongafuna ukwabelana ngakho na? Ngabe yikuphi odlule kukho okukusize ukuba umazi futhi umlandele uMsindisi na? Ngubani ongabusiseka ngokuzwa ubufakazi bakho na?

NgokukaJohane 1:11–13

UJesu Kristu usinika “amandla okuba,” ngamadodana namadodakazi kaNkulunkulu.

Yize noma sonke singamadodakazi namadodana kaNkulunkulu ngokomoya, uma sona siyahlukana, noma sihlukaniswe, Naye. UJesu Kristu usinika indlela yokubuyela emuva ngomnikelo Wakhe ohlawulayo. Cabanga ngokuthi incwadi ka NgokukaJohane 1:11–13 ifundisani mayelana ngokuba ngamadodakazi namadodana kaNkulunkulu. Awucabange futhi ngokuthi lemibhalo engcwele ifundisani mayelana nokuthi sisithola kanjani leso sipho: KwabaseRoma 8:14–18; Mosiya 5:7–9; IMfundiso neziVumelwano 25:1. Kusho ukuthini kuwe ukuba “namandla okuba” yindodakazi noma yindodana kaNkulunkulu na?

NgokukaJohane 1:18

UBaba ufakaza ngeNdodana Yakhe.

Incwadi ka NgokukaJohane 1:18 ithi akekho oseke wabona uNkulunkulu. Kepha, ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kwalelivesi kuyacacisa ukuthi “akukho muntu owake wabona uNkulunkulu noma ngasiphi isikhathi, ngaphandle kokuba uNkulunkulu efakaze ngeNdodana” (bheka NgokukaJohane 1:18, isithende c ). Cabanga ngokubuyekeza lezehlakalo ezilandelayo lapho uNkulunkulu wezwakala efakaza ngeNdodana: NgokukaMathewu 3:17; 17:5; 3 Nefi 11:6–7; Joseph Smith—Umlando 1:17.

Kungani kuyisibusiso ukuba nalezi zindaba na? Ngabe zikufundisani mayelana nobudlelwane bukaJesu Kristu noYise na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Isithombe
intombazane ifunda imibhalo engcwele

Ngesikhathi siyifunda imibhalo engcwele, sizothola intshisekelo ngokuphathelene nezimpilo zethu.

NgokukaJohane 1:4–10.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ukuthi ube nombono ngokufundayo mayelana nokukhanya kulamavesi na? Ungavumela amalungu omndeni ashintshane ukugqamisa ukukhanya egumbini elimnyama bese abelana ngokuthi uMsindisi ungukuKhanya kanjani ezimpilweni zabo. Emva kwalokho, nisafunda encwadini NgokukaJohane 1:4–10, amalungu omndeni kungenzeka athole olunye ulwazi olufihlakele mayelana nobufakazi bukaJohane ngoJesu Kristu, ukuKhanya koMhlaba.

NgokukaJohane 1:35–36.Kungani uJohane uMbhabhadisi abiza uJesu, nge “Wundlu likaNkulunkulu” na? --

NgokukaJohane 1:35-46.Yimiphi imiphumela eyaba khona ngobufakazi bukaJohane na? Umndeni wakho ungafundani mayelana nokwabelana ngevangeli kubantu okukhulunywa ngabo kulamavesi na? -

NgokukaJohane 1:45–51.Ngabe yini eyenziwa nguNathaniyeli eyamsiza ukuba athole ubufakazi bukaMsindisi na? Mema amalungu omndeni ukuba akhulume mayelana nokuthi abuthole kanjani ubufakazi babo.

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukwabelana ngezifundo ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile. Mema amalungu omndeni ukuba athole izinto angazisebenzisa ukuwasiza ukuthi aqonde imigomo etholakala emibhalweni engcwele ayifundayo njengomndeni. Isibonelo, angasebenzisa ikhandlela ukuba limele ukuKhanya kukaKristu (bheka NgokukaJohane 1:4).

Isithombe
UJesu Kristu edala umhlaba

UJehova Udala Umhlaba, nguWalter Rane

Shicilela