ITestamente Elisha 2023
NgoJanuwari 9–15. NgokukaMathewu 2; NgokukaLuka 2: Size Ukuzokhuleka Kuye


“NgoJanuwari 9–15. NgokukaMathewu 2; NgokukaLuka 2: Size Ukuzokhuleka Kuye,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJanuwari 9–15. NgokukaMathewu 2; NgokukaLuka 2,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
Amadoda Ahlakaniphileyo ehamba ngamakameli

Let Us Adore Him [Masimdumiseni], nguDana Mario Wood

NgoJanuwari 9–15

NgokukaMathewu 2; NgokukaLuka 2

Size Ukukhuleka Kuye

Ngesikhathi ufunda ku NgokukaMathewu 2 naku NgokukaLuka 2, qaphela ulwazi olufihlakele olutholayo olungokomoya. Amasu okufunda akulesi sifundo angakusiza ukuthi ubone imigomo ebalulekile nesemqoka kulezi zahluko.

Bhala Imizwa Yakho

Kusukela osukwini Lwakhe lokuzalwa, kwakucacile ukuthi uJesu wayengesiye umntwana ojwayelekile. Kwakungesiyo inkanyezi entsha emazulwini noma isimemezelo esijabulisayo esalethwa yizingelosi nje okwenza isikhathi sikaJesu sokuba wusana simangalise. Kwakwenziwa nawukuthi iningi labantu abehlukene ababethembekile—ababevela emazweni ehlukene, benza imisebenzi eyahlukene futhi bevela nasemkhakheni eyahlukene—babezwa bethanda ukusondela Kuye ngokushesha. Ngisho nangaphambi kokuba akhiphe isimemo sokuthi “wozani, ngilandeleni,” beza (NgokukaLuka 18:22). Vele, akusiye wonke umuntu oweza Kuye. Baningi ababengamnaki, futhi kukhona nombusi owayenomona owayefuna impilo Yakhe. Kepha abantu ababefuna ukulunga ngenkuthalo ababethobekile, bemsulwa, bambona eyilowo owayeNguye, uMesiya owayethenjisiwe. Ukuzinikela kwabo kuyasikhuthaza, ngokuba “izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu” ezalethelwa abelusi kwakungezabo “bonke abantu” futhi “uMsindisi, onguKristu iNkosi” wazalelwa thina sonke ngalolo suku. (bheka NgokukaLuka 2:10–11).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaLuka 2:1‒7

UJesu Kristu wazalelwa ezimweni zobumpofu.

Yize noma uJesu Kristu wayenenkazimulo noNkulunkulu uBaba “izwe lingakabikho” (NgokukaJohane 17:5), Wazinikela ukuzalelwa ezimweni zobumpofu futhi aphile nathi emhlabeni. Ngesikhathi ufunda incwadi ka NgokukaLuka 2:1–7, zindla ngokuthi lendaba ngokuzalwa Kwakhe ikufundisani Ngaye. Zama ukuthola imininingwane noma ulwazi olufihlakele obungakaze ulunake kulendaba ngaphambilini. Ngabe ukuzinaka lezi zinto kuyithinta kanjani imizwa yakho Ngaye na?

See also “The Christ Child” (video), ChurchofJesusChrist.org.

NgokukaMathewu 2:1–12; NgokukaLuka 2:8–38

Baningi abafakaza ngokuzalwa kukaKristu.

Ukuzalwa nokuba wusana kukaKristu kwafakazelwa abakhonzi abavela emikhakheni eminingi yempilo. Ngesikhathi uzihlola izindaba zabo, ufundani mayelana nezindlela zokukhonza nezokufakaza ngoKristu na?

Ufakazi kaKristu

Ngabe yikuphi engikufundayo mayelana nokukhonza nokufakaza ngoKristu na?

Ufakazi kaKristu

Abelusi (NgokukaLuka 2:8–20)

Ngabe yikuphi engikufundayo mayelana nokukhonza nokufakaza ngoKristu na?

Ufakazi kaKristu

USimeyoni (NgokukaLuka 2:25–35)

Ngabe yikuphi engikufundayo mayelana nokukhonza nokufakaza ngoKristu na?

Ufakazi kaKristu

U-Ana (NgokukaLuka 2:36–38)

Ngabe yikuphi engikufundayo mayelana nokukhonza nokufakaza ngoKristu na?

Ufakazi kaKristu

Izazi (NgokukaMathewu 2:1–12)

Ngabe yikuphi engikufundayo mayelana nokukhonza nokufakaza ngoKristu na?

Bheka futhi u 1 Nefi 11:13–23; 3 Nefi 1:5–21.

NgokukaMathewu 2:13–23

Abazali bangathola isambulo sokuvikela imindeni yabo.

UJosefa wayengeke akwazi ukwenza lokhu ayecelwe ukuba akwenze—ukuvikela uJesu esakhula—ngaphandle kosizo lwasezulwini. NjengeZazi, wathola isambulo esamexwayisa ngengozi. Ngesikhathi ufunda mayelana nezehlakalo zikaJosefa kuNgokukaMathewu 2:13–23, cabanga ngezingozi zasenyameni nezangokomoya esibhekana nazo namuhla. Ake uzindle ngezehlakalo lapho uzwe khona ukuholwa nguNkulunkulu ekuvikeleni wena nabathandiweyo bakho. Cabanga ngokwabelana nabanye ngalezi zehlakalo. Yikuphi ongakwenza ukuphinde uthole ukuholwa okunjena esikhathini esizayo na?

-

NgokukaLuka 2:40–52

Ngisho ebusheni bakhe, uJesu wayegxile ekwenzeni intando kaYise.

Eseyinsizwa, uMsindisi wafundisa ivangeli ngamandla amakhulu kangangoba ngisho nothisha ethempelini babemangaliswe “ukuqonda nangokuphendula” Kwakhe (NgokukaLuka 2:47). Yikuphi okufundayo mayelana noMsindisi eseyinsizwa kulamavesi na? Ngabe intsha oyaziyo izama kanjani “ukuba ngokuka[Yise] na”? (NgokukaLuka 2:49). Ngabe intsha nabantwana bakusize kanjani ukuba uthole ukuqonda okujulile kwevangeli na? Yikuphi okunye okufundayo esibonelweni sokukhula kukaJesu ku NgokukaLuka 2:40–52 futhi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMathewu 3:24–26 (kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele) na?

Isithombe
uJesu engumfana nothisha ethempelini

“Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?” (NgokukaLuka 2:49).

Ngabe kuyini ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith na?

Ngenxa yokuthi amaqiniso “amaningi [a]sobala futhi ayigugu” alahleka eBhayibhelini eminyakeni engaphezu kwekhulu (1 Nefi 13:28; bheka futhi naku Mose 1:41), iNkosi yayala uJoseph Smith ukuba enze ukubuyekezwa okushisekelisiwe kweBhayibheli, okwaziwa ngokuthi ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith. Ukubuyekezwa okuningi okwenziwa ngumProfethi kuqukethwe kwisithasiselo sezincwadi ezingcwele zabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kwencwadi ka NgokukaMathewu 24, okwaziwa ngokuthi ngu Joseph Smith—Mathewu, kungatholakala kwiGugu leNani eliKhulu. -

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaLuka 2.Mema amalungu omndeni ukuba akhethe umuntu ochaziwe ku NgokukaLuka 2, fundani amavesi ambalwa mayelana nokuxhumana kwalowo muntu noMsindisi, bese nabelana ngalokho enikufundile okukhulisa ukholo lwenu kuJesu Kristu. - -

- -

NgokukaMathewu 2:1–12.Ngabe yini esiyifundayo mayelana nokufuna kanye nokuthola uMsindisi kwizibonelo zeZazi na?

NgokukaLuka 2:41–49.Ngabe yikuphi “okukaBaba na”? (NgokukaLuka 2:49; bheka Mose 1:39). Ngabe sifundani ngalokho okungokukaBaba endabeni eku NgokukaLuka 2:41–49 na? Cabanga ukubhala phansi ezinye izindlela umndeni wakho ongabamba ngazo iqhaza kulokho ukungokukaBaba bese nikufaka esitsheni. Ngesikhathi sesonto elizayo, njengoba umndeni wakho ubheka izindlela zokusiza emsebenzini kaBaba, bangakhetha amasu esitsheni. Hlelani isikhathi lapho nizokwabelana ngalokho enikwenzile.

NgokukaLuka 2:52.Ngabe sifundani ku NgokukaLuka 2:52 mayelana nokuthi uJesu wayithuthukisa kanjani impilo Yakhe na? Ngabe yiziphi izinhloso esingazifeza umuntu ngamunye noma singumndeni ukuba sikhule “ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu” na?

Ukuze uthola amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Sebenzisa okukhona okukusizayo ukuba ufunde imibhalo engcwele. Ukuze uthole olunye ulwazi olufihlakele ngesikhathi ufunda, sebenzisa IziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uMariya, uJosefa, nosana uJesu

UMsindisi woMhlaba weza emhlabeni ezimweni zobumpofu.

Shicilela