ITestamente Elisha 2023
NgoJanuwari 30–Febhruwari 5. NgokukaMathewu 4; NgokukaLuka 4–5: “UMoya weNkosi uphezu Kwami”


“NgoJanuwari 30–Febhruwari 5. NgokukaMathewu 4; NgokukaLuka 4-5: ‘UMoya weNkosi uphezu Kwami”,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJanuwari 30–Febhruwari 5. NgokukaMathewu 4; NgokukaLuka 4–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu emi ehlane

Kungenwa Ehlane, ngu-Eva Koleva Timothy

NgoJanuwari 30–Febhruwari 5

NgokukaMathewu 4; NgokukaLuka 4–5

“UMoya weNkosi uphezu Kwami”

UMsindisi wasebenzisa imibhalo ukuze amelane nezilingo zikaSathane futhi afakaze ngomsebenzi Wakhe wobunkulunkulu (bheka NgokukaLuka 4:1–21). Zindla ngokuthi imibhalo ingalwakha kanjani ukholo lwakho kanye nokuzimisela kwakho ukumelana nesilingo.

Bhala Imizwa Yakho

Kusukela ebusheni Bakhe, uJesu wabonakala eqaphela ukuthi unomsebenzi oyingqayizivele, ongcwele. Kodwa ngesikhathi uJesu elungiselela ukuqala inkonzo Yakhe yasemhlabeni, isitha safuna ukutshala ukungabaza emqondweni woMsindisi. “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu,” kusho uSathane (NgokukaLuka 4:3, kutshekiswe amagama). Kodwa uMsindisi wayekhulume noBaba Wakhe oseZulwini. Wayeyazi imibhalo, futhi Wayazi ukuthi ungubani. Kuye, isethembiso sikaSathane—“Wonke lawa mandla ngizokunika wona” (NgokukaLuka 4:6)—kwakungelutho, ngoba ukuzilungiselela koMsindisi impilo yonke kwamvumela ukuthi athole “amandla kaMoya” (NgokukaLuka 4:14). Ngakho naphezu kokulingwa, ukuvivinywa, kanye nokwaliwa, uJesu Kristu akazange antengantenge emsebenzini Wakhe awumisile: “Kufanele ngishumayele umbuso kaNkulunkulu … ngokuba ngathunyelelwa lokhu” (NgokukaLuka 4:43).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

NgokukaMathewu 4:1–2

Ukuxhumana noNkulunkulu kuyangilungiselela ukumkhonza.

Ukuze alungiselele umsebenzi Wakhe, uJesu waya ehlane ukuze “abe noNkulunkulu” (Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMathewu 4:1 kwi-IsiHloko zemiBhalo eNgcwele). Cabanga ngalokho okwenzayo ukuze uzizwe usondelene noNkulunkulu. Lokhu kukulungiselela kanjani ukuthi wenze umsebenzi afuna ukuba uwenze na?

NgokukaMathewu 4:1–11; NgokukaLuka 4:1–13

UJesu Kristu wanginikeza isibonelo ngokunqaba isilingo.

Ngezinye izikhathi abantu bazizwa benecala lapho belingeka ukuba benze isono. Kodwa noMsindisi, owaphila “engenasono” (KumaHebheru 4:15), walingwa. UJesu Kristu uyazazi izilingo esibhekana nazo nokuthi angasisiza kanjani ukuba sizinqobe (bheka KumaHebheru 2:18; Alima 7:11–12).

Ngesikhathi ufunda NgokukaMathewu 4:1–11, kanye NgokukaLuka 4:1–13, yini oyifundayo engakusiza lapho ubhekana nezilingo na? Ungahlela imicabango yakho etafuleni elifana naleli:

uJesu Kristu

Mina

uJesu Kristu

USathane walinga uKristu ukuba enzeni na?

Mina

USathane ungilinga ukuba ngenzeni na?

uJesu Kristu

UKristu wazilungiselela kanjani ukumelana nesilingo na?

Mina

Ngingazilungiselela kanjani ukumelana nesilingo na?

Yimiphi eminye imininingwane oyitholayo kUkuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith NgokukaMathewu 4 na? (bheka IsiHloko zemiBhalo eNgcwele).

Bheka futhi 1 KwabaseKhorinte 10:13; Alima 13:28; Mose 1:10–22.

NgokukaLuka 4:16–32

UJesu Kristu unguMesiya othenjisiwe.

Uma ubungacelwa ukuba uchaze lokho uJesu Kristu athunywa ukuba akwenze emhlabeni, ubungathini na? Ngokucaphuna esinye seziphrofetho zika-Izaya ngoMesiya, uMsindisi wachaza izici zomsebenzi Wakhe uqobo (bheka NgokukaLuka 4:18–19; Izaya 61:1–2). Ufundani ngomsebenzi Wakhe njengoba ufunda la mavesi na?

Yiziphi ezinye izindlela uMsindisi akumema ngazo ukuthi ubambe iqhaza emsebenzini Wakhe na?

Isithombe
UJesu emi esinagogeni

Nakuba amaJuda ayeselinde amakhulu eminyaka ukuba isiphrofetho sika-Izaya sigcwaliseke, abaningi abazange bakwamukele ukuthi uJesu wayenguMesiya lapho ethi, “Namuhla lo mbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu” (NgokukaLuka 4:21). Ngesikhathi ufunda NgokukaLuka 4:20–30 (bheka futhi NgokukaMarku 6:1–6), zama ukuzibeka endaweni yabantu baseNazaretha. Ngabe kukhona yini okukuvimbela ukuthi wamukele uKristu njengoMsindisi wakho ngokuphelele na?

Bheka futhi ku Mosiya 3:5–12.

NgokukaMathewu 4:18–22; NgokukaLuka 5:1–11

Njengoba ngithembela eNkosini, Ingangisiza ngifinyelele kwamandla ami angcwele.

UMongameli u-Ezra Taft Benson wafundisa ukuthi, “Abesilisa nabesifazane abanikela izimpilo zabo kuNkulunkulu bayothola ukuthi Angenza okuningi kakhulu ezimpilweni zabo kunalokho abangakwenza” (Teachings of Presidents of the Church: Ezra Taft Benson [2014], 42). Naka indlela lokhu okwenzeka ngayo kuSimoni Petro nabadobi ayekanye nabo. UJesu wabona okuthile okukhulu kubo kunalokho ababekubona kubo. Wayefuna ukubenza “abadobi babantu” (NgokukaMathewu 4:19; bheka futhi NgokukaLuka 5:10).

Ngesikhathi ufunda NgokukaMathewu 4:18–22 kanye NgokukaLuka 5:1-11, cabanga ngalokho uJesu Kristu akusiza ukuba ube yikho. Umuzwe kanjani ekumema ukuthi umlandele na? Ungayikhombisa kanjani iNkosi ukuthi uzimisele ukushiya zonke izinto ukuze uyilandele na? (bheka NgokukaLuka 5:11).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 4:1–2; NgokukaLuka 4:1–2.Ikuphi ukuqonda esingakufunda kule ndaba mayelana namandla okuzila ukudla na? - Amalungu omndeni angabelana ngolwazi analo ngokuzila ukudla. Mhlawumbe ngomthandazo ningenza izinhlelo zokuzila ukudla ndawonye ngenjongo ethile.

NgokukaMathewu 4:3–4; NgokukaLuka 4:3–4.Lapho uSathane elinga uKristu ukuba aphendule itshe libe yisinkwa, wabekela inselele ubunjalo bukaKristu ngokuthi, “ Uma uyiNdodana kaNkulunkulu” (NgokukaMathewu 4:3, kufakwe amagama atshekisiwe). Kungani uSathane ezama ukusenza singabaze ubunkulunkulu bethu—kanye noboMsindisi na? Uzama kanjani ukukwenza lokhu na? (Bheka futhi ku Mose 1:10–23.)

Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMathewu 4:11.Ngemva kokuvivinywa kukaJesu ngokwenyama nangokomoya, imicabango Yakhe yaphendukela ezidingweni zikaJohane uMbhabhadisi, owayesetilongweni: “Futhi manje uJesu wayazi ukuthi uJohane uphonswe etilongweni, wathumela izingelosi, futhi, bheka, zeza zamkhonza [uJohane] (Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMathewu 4:11 [ku [IsiHloko zemiBhalo eNgcwele]). Sibusiswa kanjani njengoba silandela isibonelo sikaKristu sokucabanga ngabanye na?

NgokukaLuka 4:16–21.Ingabe ukhona esimaziyo onenhliziyo ephukileyo noma okudingeka “akhululwe” na? (NgokukaLuka 4:18). Singabasiza kanjani abanye ukuthi bathole ukuphiliswa nokukhululwa koMsindisi na? Ungase futhi uxoxe ngokuthi ukwenza izimiso zasethempelini kusiza kanjani ukuletha “ukukhululwa kwabathunjiweyo” (NgokukaLuka 4;18).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadeni ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Liphile ivangeli likaJesu Kristu. “Mhlawumbe into ebaluleke kakhulu ongayenza [njengomzali noma uthisha] wukuphila ivangeli ngenhliziyo yakho yonke. … Yiyona ndlela lena ebalulekile yokuthola uMoya oNgcwele. Akudingeki ukuthi ulunge ngokuphelele, kufanele uzame ngokuzimisela nje kuphela—uphinde ucele intethelelo ngeNhlawulo kaMsindisi uma kukhona lapho okhubeka khona” (Teaching in the Savior’s Way13).

Isithombe
UJesu ebiza abaPhostoli ukuba babe ngabadobi babantu

Christ Calling the Apostles James and John [UKristu Ebiza abaPhostoli uJakobe noJohane], Ngu-Edward Armitage (1817–96)/Sheffield Galleries and Museums Trust, UK/© Museums Sheffield/The Bridgeman Art Library International

Shicilela