“NgoFebhruwari 6–12. NgokukaJohane 2–4: ‘Nimelwe ukuZalwa Kabusha,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)
“NgoFebhruwari 6–12. NgokukaJohane 2–4,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023
NgoFebhruwari 6–12
NgokukaJohane 2–4
“Nimelwe ukuZalwa Kabusha”
Njengoba ufunda NgokukaJohane 2-4, uMoya uzokufundisa izinto ngokwakho ukuguquka. Qaphela iziyalezo Zakhe. Ungathola ukuqonda okungokomoya okwengeziwe emibonweni yocwaningo kulolu hlaka.
Bhala Imizwa Yakho
Edilini lomshado eKhana, uKristu waguqula amanzi aba yiwayini—isenzakalo uJohane asibiza ngokuthi “ukuqala kwezimangaliso” (NgokukaJohane 2:11). Lokho kuyiqiniso ngomqondo ongaphezu kowodwa. Nakuba lesi kwakuyisimangaliso sokuqala uJesu asenza obala, singaphinda futhi sifanekise esinye isiqalo esiyisimangaliso—inqubo yezinhliziyo zethu eziguqulwayo njengoba siqhubeka sifana noMsindisi wethu. Lesi simangaliso sempilo yonke siqala ngesinqumo sokulandela uJesu Kristu, ukushintsha nokuphila impilo engcono Ngaye. Lesi simangaliso singaguqula impilo kangangokuthi “ukuzalwa kabusha” kungenye yezindlela ezingcono kakhulu zokusichaza (NgokukaJohane 3:7). Kodwa ukuzalwa kabusha kuyisiqalo nje sendlela yobufundi. Amazwi kaKristu kowesifazane ongumSamariya emthonjeni asikhumbuza ukuthi uma siqhubeka kulendlela, ekugcineni ivangeli liyoba “umthombo wamanzi” ngaphakathi kwethu, “ophuphuma ekuphileni okuphakade” (NgokukaJohane 4:14).
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
Izimangaliso zikaJesu Kristu “zabonakalisa inkazimulo yakhe.”
Njengoba ufunda ngoMsindisi eguqula amanzi abe yiwayini ku NgokukaJohane 2:1–11, ungathola ukuqonda okwengeziwe ngokubheka imibono yabantu abehlukene ababelapho, okuhlanganisa noMariya, abafundi, kanye nabanye. Ukube wawuzibonile izenzakalo ezichazwe lapha, wawuyoba yini umbono wakho ngoJesu na? Lesi simangaliso sikufundisani Ngaye na?
Kufanele ngizalwe kabusha ukuze ngingene embusweni kaNkulunkulu.
Lapho uNikhodimu eza kuJesu ngasese, wayeyisibukeli esiqaphile. Kamuva, nokho, wamvikela obala uJesu (bheka NgokukaJohane 7:45–52) futhi wahlanganyela namakholwa emngcwabeni woMsindisi (bheka NgokukaJohane 19:38–40). Ngabe yiziphi izimfundiso ozithola ku NgokukaJohane 3:1-21 okungenzeka ukuthi zaphefumulela uNikhodimu ukuba alandele uJesu futhi azalwe kabusha na?
UmProfethi uJoseph Smith wafundisa, “Ukuzalwa kabusha, kuza ngoMoya kaNkulunkulu ngezimiso” (kuTeachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007],95). Ukubhabhadiswa kwakho kanye nokuqiniswa kwakho—“ukuzalwa ngamanzi nangoMoya” (NgokukaJohane 3:5)—kwaba naliphi iqhaza ekuzalweni kwakho kabusha na? Wenzani ukuze uqhubeke nale nqubo yenguquko na? (bheka Alima 5:11–14).
Bheka futhi Mosiya 5:7; 27:25-26.
UBaba oseZulwini ukhombisa uthando Lwakhe kimi ngoJesu Kristu.
IGosa uJeffrey R. Holland wafundisa, “Iqinisolokuqala elikhulu lwaphakade ukuthi uNkulunkulu usithandangayo yonke inhliziyo Yakhe,.amandla, umqondo, kanye namandla” (“Tomorrow the Lord Will Do Wonders among You,” iLiyahona, ngoMeyi 2016, 127). Uluzwe kanjani uthando lukaNkulunkulu ngesipho seNdodana Yakhe na?
Isidlo esingcwele sinikeza isikhathi sokuzindla ngothando lukaNkulunkulu kanye nesipho seNdodana Yakhe. Yimaphi amaculo esidlo esingcwele akusiza ukuthi uzwe lolu thando na? Yini ongayenza ukuze wenze isidlo esingcwele sibe nenjongo na?
Njengoba uqhubeka ufunda ngezimfundiso kanye nomsebenzi woMsindisi, zibuze ukuthi izinto ozifundayo zikusiza kanjani ukuthi uqonde futhi uzwe uthando lukaNkulunkulu.
UNkulunkulu ungumoya na?
Abanye bangase badidwe amazwi kaJesu okuthi uNkulunkulu ungumoya. Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kwaleli vesi kuhlinzeka ngencazelo ebalulekile: “Ngokuba kwabanjalo uNkulunkulu uthembise uMoya wakhe” (Ukuhunyushwa okweniziwa nguJoseph Smith NgokukaJohane 4:24 kwi-IsiHloko zemiBhalo eNgcwele). Isambulo sanamuhla sibuye sifundise ukuthi uNkulunkulu unomzimba wenyama namathambo (bheka IMfundiso neziVumelwano 130:22–23; bheka futhi IGenesisi 5:1–3; KumaHebheru 1:1–3).
UKristu unginika amanzi Akhe aphilayo.
Kungenzeka ukuthi uJesu wayesho ukuthini lapho etshela owesifazane ongumSamariya ukuthi noma ubani ophuza amanzi awanikezayo akasoze oma? Ivangeli lifana kanjani namanzi aphilayo na?
Omunye wemiyalezo yoMsindisi kowesifazane ongumSamariya wawungukuthi indlela esikhonza ngayo ibaluleke kakhulu kunalapho sikhonza khona (bheka NgokukaJohane 4:21–24). Wenzani ukuze “ukhuleke kuBaba ngomoya nangeqiniso” na? (NgokukaJohane 4:23).
(Bheka futhi IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, UkuKhonza.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
NgokukaJohane 2–4.Njengoba umndeni wakho ufunda lezi zahluko kuleli sonto, naka ngokukhethekile indlela uMsindisi azisebenzisa ngayo izinto zansuku zonke—ukuzalwa, umoya, amanzi, kanye nokudla—ukufundisa amaqiniso kamoya. Yiziphi izinto ongazisebenzisa ekhaya lakho ukuze ufundise amaqiniso angokomoya na?
-
2:261:346:44:11 -
NgokukaJohane 2:13–17.Yimiphi imithelela engcolile umndeni wakho ekumele uyigcine ngaphandle kwekhaya lenu ukuze libe yindawo engcwele—njengethempeli na? Uzokwenzani ukuze ugweme lezo zinto na?
-
NgokukaJohane 3:1–6.Khuluma nomndeni wakho ngesimangaliso sokukhulelwa nokuzalwa—inqubo yokudala umuntu ophilayo, ohlakaniphile. UJesu wafundisa ukuthi kumele sizalwe kabusha ngaphambi kokungena embusweni kaNkulunkulu. Kungani ukuzalwa kabusha kuyisingathekiso esihle senguquko edingekayo kithi ngaphambi kokuba singene embusweni kaNkulunkulu? Singayithola kanjani inqubo yokuzalwa kabusha okungokomoya?
-
NgokukaJohane 3:16–17.Cela amalungu omndeni ukuba aphindaphinde la mavesi ngamazwi awo kube ngathi awachazela umngane wawo. UJesu Kristu uye wasisiza kanjani ukuba silizwe uthando lukaNkulunkulu na?
-
NgokukaJohane 4:5–15.Wayesifundisani uMsindisi lapho Eqhathanisa ivangeli Lakhe namanzi aphilayo na? Mhlawumbe umndeni wakho ungabheka amanzi agelezayo bese uchaza izimfanelo zamanzi. Kungani sidinga ukuphuza amanzi nsuku zonke na? Ivangeli likaJesu Kristu lifana ngaziphi izindlela “nomthombo wamanzi ophuphumayo ekuphileni okuphakade” na? (NgokukaJohane 4:14).
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.
-