ITestamente Elisha 2023
NgoFebhruwari 20–26. NgokukaMathewu 6–7: “Wayebafundisa Njengonamandla”


“NgoFebhruwari 20-26. NgokukaMathewu 6–7: ‘Wayebafundisa Njengonamandla,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoFebhruwari 20-26. NgokukaMathewu 6–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu efundisa ngasogwini lolwandle

UJesu Efundisa Abantu Ngasogwini Lolwandle, nguJames Tissot

NgoFebhruwari 20–26

NgokukaMathewu 6–7

“Wayebafundisa Njengonamandla”

Ngesikhathi sifunda imibhalo engcwele sinombuzo ekhanda kanye nesifiso sangempela sokwazi ukuthi uBaba oseZulwini ufuna sazini, simema uMoya oNgcwele ukuba usinike intshisekelo. Ngesikhathi ufunda ku NgokukaMathewu 6–7, naka lokhu okufika emqondweni wakho.

Bhala Imizwa Yakho

INtshumayelo yaseNtabeni ingenye yezinkulumo ezaziwa kakhulu enkolweni yamaKristu. UMsindisi wayefundisa ngezithombe ezigqamile, ezinjengedolobha elibekwe egqumeni, izimbali esigangeni, izimpisi ezifihlwe njengezimvu. Kepha Intshumayelo yaseNtabeni ingaphezulu kokuba yinkulumo enhle nje kuphela. Amandla ezimfundiso zoMsindisi kubafundi Bakhe angashintsha izimpilo zethu, ikakhulukazi uma siziphila. Emva kwalokho amazwi Akhe aba ngaphezulu kwamazwi nje; aba yisisekelo esiqinile sempilo esingamelana nemimoya nezivunguvungu zomhlaba, njengendlu yendoda ehlakaniphileyo (bheka NgokukaMathewu 7:24–25).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 6–7

Ukuziphila izimfundiso zoMsindisi kungangisiza ngibe njeNgaye.

INtshumayelo yaseNtabeni iqukethe imigomo yevangeli eminingi. Ngesikhathi uzifunda lezi zahluko, buza iNkosi ukuthi ifuna ufundeni.

Umgomo owodwa ongawuthola isidingo sokubeka phambili izinto zaNkulunkulu ngaphezulu kwezinto zezwe. Ngabe yiziphi izimfundiso zoMsindisi ezitholakala ku NgokukaMathewu 6–7 ezikusiza ugxile ezintweni zasezulwini na? Ngabe yimiphi eminye imicabango noma imibono onayo na? Yikuphi onentshisekelo yokuba ukwenze? Cabanga ngokubhala phansi okufika emqondweni wakho. Isibonelo:

NgokukaMathewu 6:1–4

Ngifuna ukuba nendaba kakhudlwana nokuthi uNkulunkulu ucabangani ngami kunokuthi abanye bacabangani.

Omunye umgomo ku NgokukaMathewu 6–7 ngumkhuleko. Ake uthathe isikhathi ukuhlola imikhuleko yakho. Uzizwa wenza kanjani emizanyweni yakho yokusondela kuNkulunkulu ngomkhuleko na? Yiziphi izimfundiso ezitholakala ku NgokukaMathewu 6–7 ezikukhuthaza ukuba uthuthukise indlela okhuleka ngayo na? Bhala phansi lokho okufika emqondweni wakho. Isibonelo:

NgokukaMathewu 6:9

Uma ngikhuleka, ngifuna ukuphatha igama likaBaba oseZulwini ngenhlonipho.

NgokukaMathewu 6:10

Uma ngikhuleka, ngingasho okuyisifiso sami sokuthi intando yeNkosi yenzeke.

Ungase ucabange ngokuyifunda futhi iNtshumayelo yaseNtabeni, ubheka imigomo ephindaphindwayo noma imiyalezo eqondane nawe siqu. Bhala lokho okutholayo ebhukwini lakho lemicabango, ubhale nalokho okufika emqondweni wakho.

Isithombe
umndeni ukhuleka

Singasondela kuNkulunkulu ngomkhuleko.

NgokukaMathewu 6:7

Kusho ukuthini “ukuthemeleza” emkhulekweni na?

Abantu bavamise ukuqonda “ukuthemeleza” njengokuphinda phinda amagama awodwa. Kodwa-ke, igama elithi ukuthemeleza lingachaza ukukhuluma isikhathi eside inkulumo eqeda umdlandla wokuyilalela. Ukusebenzisa “ukuthemeleza” emkhulekweni kungasho ukukhuleka okungenalo iqiniso, nokungenamuzwa enhliziyweni (bheka Alima 31:12–23).

NgokukaMathewu 7:1–5

Ngingahlulela ngokulungileyo.

Ku NgokukaMathewu 7:1, uMsindisi uzwakala sengathi uthi kumele singahluleli neze, kepha kweminye imibhalo engcwele (okubalwa kuyo namavesi kulesi sahluko), Usinika imiyalelo mayelana nokuthi kumele sahlulele kanjani. Uma lokho kubukeka kudida, ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith kwalelivesi kungasiza: “Ungahluleli ngokungekona ukulunga, ukuze ungahlulelwa; kodwa hlulela ngokwahlulela okulungileyo” (ku NgokukaMathewu 7:1, ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith  ). Yikuphi okutholayo ku NgokukaMathewu 7:1–5, nakwisahluko sonke, okukusizayo ukwazi “ukwahlulela ngokulungileyo” na?

-

NgokukaMathewu 7:21–23

Ngifinyelela ekumazini uJesu Kristu ngokwenza intando Yakhe.

Umushwana othi “Angizange nginazi” ku NgokukaMathewu 7:23 waguqulwa kukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith waba “Anikaze ningazi” (NgokukaMathewu 7:23, ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith  ). Ngabe lenguquko ikusiza kanjani ukuqonda kangconywana ukuthi iNkosi yafundisani kumavesi 21–22 mayelana nokwenza intando Yayo na? Ngabe uzizwa uyazi kahle kangakanani iNkosi na? Yikuphi ongakwenza ukuyazi kangconywana na?

-

NgokukaMathewu 7:24–27

Ukuhlonipha izimfundiso zoMsindisi kwenza isisekelo esiqinile sempilo yami.

Ukuliphila ivangeli akubususi ubunzima ezimpilweni zethu. Yombili imizi emfanekisweni kaMsindisi ku NgokukaMathewu 7:24–27 yafikelwa yisivunguvungu esifanayo. Kodwa umuzi owodwa wakwazi ukumelana naso. Ngabe ukuphila izimfundiso zikaMsindisi kwakhe kanjani isisekelo esiqinile kuwena na? Ngabe yikuphi ozwa unentshisekelo yokukwenza ukuqhubeka nokwakhela “indlu yakho phezu kwedwala” na? (bheka ivesi 24).

Bheka futhi Helamani 5:12.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 6–7.- - -

NgokukaMathewu 6:5–13.Yini esingayifunda ngomkhuleko ngendlela uMsindisi ayekhuleka ngayo na? Singawusebenzisa kanjani umkhuleko Wakhe ukuba ube isifanekiso sokuthuthukisa imikhuleko yethu neyemindeni yethu na? (Bheka futhi NgokukaLuka 11:1–13.) Uma unabantwana abancane, ningahle nizijwayeze ukukhuleka ndawonye.

NgokukaMathewu 6:33.Ngabe kusho ukuthini “ukufuna kuqala umbuso kaNkulunkulu” na? Ngabe sikwenza kanjani lokhu umuntu ngamunye nanjengomndeni na?

NgokukaMathewu 7:1–5.Ukubuka ngeso lengqondo izimfundiso ezikulamavesi, umndeni wakho ungathola ucezwana (ucezu lokhuni oluncane) nogongolo (ucezu lokhuni olukhulu). Ngabe ukuqhathanisa lokhu kokubili kusifundisani ngokwahlulela abanye na? -

NgokukaMathewu 7:24–27.Ukusiza umndeni wakho uqonde kangconywana isifanekiso soMsindisi sendoda ehlakaniphileyo nendoda eyisiwula, ungathi mabathele amanzi esihlabathini bese bewathela edwaleni. Singazakha kanjani izisekelo zethu zangokomoya edwaleni na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Xoxela abanye ngolwazi olufihlakele olutholayo. Ukuxoxisana ngemigomo oyitholayo ngesikhathi ufunda akuyona nje kuphela indlela enhle yokufundisa abanye, kodwa lokho kuyasiza futhi ukuthi kuqinise ukuqonda kwakho lokho okufundile. Zama ukwabelana nelungu lomndeni noma emaklasini eBandla ngomgomo owufundile kulelisonto.

Isithombe
UJesu ekhuleka

I have Prayed for Thee [Ngikukhulekele], nguDel Parson

Shicilela