ITestamente Elisha 2023
NgoFebhruwari 27–Mashi 5. NgokukaMathewu 8; NgokukaMarku 2–4; NgokukaLuka 7: “Ukukholwa Kwakho Kukusindisile”


“NgoFebhruwari 27–Mashi 5. NgokukaMathewu 8; NgokukaMarku 2–4; NgokukaLuka 7: ‘Ukukholwa Kwakho Kukusindisile,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoFebhruwari 27–Mashi 5. NgokukaMathewu 8; NgokukaMarku 2–4; NgokukaLuka 7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uJesu evusa indoda embhedeni

NgoFebhruwari 27–Mashi 5

NgokukaMathewu 8; NgokukaMarku 2–4; NgokukaLuka 7

“Ukukholwa Kwakho Kukusindisile”

Qaphela ukungajahi ukufunda kwakho imibhalo engcwele. Thatha isikhathi sokuzindla unomkhuleko, ngisho noma lokho kusho ukuthi ngeke ubenaso isikhathi sokuwafunda wonke amavesi. Lezi zikhathi zokuzindla zivamise ukuholela esambulweni somuntu siqu.

Bhala Imizwa Yakho

Omunye wemiyalezo ecacile kwiTestamente Elisha wukuthi uJesu Kristu ungumelaphi. Izindaba ngoMsindisi elapha abagulayo nabasosizini ziningi—kusuka kowesifazane onomkhuhlane kuya kwindodana yomfelokazi eyayishonile. Kungani kugcizelelwa ukwelapheka ngokomzimba na? Yimiphi imiyalezo esingayithola kulezi zimangaliso na? Ngokuqinisekile, umyalezo owodwa osobala wukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu, enamandla ngaphezu kwazo zonke izinto, okubalwa kuzo ubuhlungu bomzimba nokungapheleliswa kwethu. Kepha enye incazelo itholakala emazwini Akhe awasho kubabhali abangabazayo: “Ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono” (NgokukaMarku 2:10). Ngakho-ke ngesikhathi ufunda ngomuntu oyimpumputhe noma onochoko elashwa, ungahle ucabange ngokwelashwa—kwangokomoya nokomzimba—ongakuthola kuMsindisi futhi umuzwe ethi kuwe, “Ukukholwa kwakho kukusindisile” (NgokukaLuka 7:50).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 8; NgokukaMarku 2–3; NgokukaLuka 7

UMsindisi angelapha ukugula nobuthakathaka.

Lezi zahluko ezimbalwa zinezigameko zokwelapha ezimangalisayo ezenziwa nguMsindisi. Ngesikhathi ufunda ngalokhu kwelashwa, bheka imiyalezo eqondene nawe siqu okungenzeka uzitholele yona. Ungase uzibuze uthi: Ngabe lendaba ifundisani ngokholo kuJesu Kristu na? Ngabe lendaba ikufundisani ngoMsindisi na? Ngabe uNkulunkulu ufuna ngifundeni kulesimangaliso na? Nazi izibonelo ezimbadlwana, kepha zikhona nezinye eziningi:

-

NgokukaMarku 2:15–17; NgokukaLuka 7:36–50

UJesu Kristu akazelanga ukuzosola izoni kepha ukuzozelapha.

Ngesikhathi ufunda lamavesi angengxoxo kaJesu kanye nababhali nabaFarisi, ungase ucabange ngokuthi uyazibona yini wena kulendaba. Isibonelo, ngabe imicabango kanye nezenzo zakho zike zifane yini nalezo zikaSimoni umFarisi na? Ungawuchaza kanjani umehluko phakathi kwendlela uJesu ayebona ngayo izoni nangendlela amaFarisi anjengoSimoni ayezibona ngayo na? Cabanga ngokuthi labo abathwele umthwalo wezono bangazizwa kanjani uma benoMsindisi. Ngabe bazizwa kanjani uma benawe na?

Ungase ufune ukuzindla ngokuthi ufana kanjani nalo wesifazane ochazwe ku NgokukaLuka 7:36–50. Ngabe yinini lapho ozwe khona ububele nesihe uMsindisi asikhombisa yena na? Ufundani esibonelweni sakhe sokholo, uthando, nokuthobeka na?

Bheka futhi NgokukaJohane 3:17; NgokukaLuka 9:51–56.

NgokukaMathewu 8:18–22; NgokukaMarku 3:31–35

Ukuba ngumfundi kaJesu Kristu kusho ukuthi ngimbeka phambili empilweni yami.

Kulamavesi, uJesu wafundisa ukuthi ukuba ngabafundi Bakhe kusidinga ukuba simbeke kuqala ezimpilweni zethu, ngisho noma lokho kwesinye isikhathi kusho ukuthi masidele ezinye izinto ezibalulekile kithi. Ngesikhathi ufunda lemishwana, cabanga ngobufundi bakho. Kungani abafundi kumele babe nothando lokubeka uMsindisi phambili na? Yikuphi okungadingeka ukudele ukuze ubeke uJesu phambili na? (Bheka futhi NgokukaLuka 9:57–62.)

NgokukaMathewu 8:23–27; NgokukaMarku 4:35–41

UJesu Kristu unamandla okuletha ukuthula phakathi nezivunguvungu zempilo.

Wake wazizwa ngendlela abafundi baJesu abazizwa ngayo esivunguvungwini olwandle—bebuka amagagasi amanzi egcwala isikebhe futhi bembuza bethi, “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha na?”

Ku NgokukaMarku 4:35–41, uzothola imibuzo emine. Bhala phansi umbuzo ngamunye, bese uzindla ngokuthi ukufundisani ngokubhekana nezinkinga zempilo ngokholo kuJesu Kristu. Ngabe uMsindisi ukuletha kanjani ukuthula ezivunguvungwini zempilo yakho na?

-

Isithombe
uJesu esikebheni ethulisa isivunguvungu

From Fear to Faith [Kusuka Ekwesabeni kuya Okholweni], nguHoward Lyon

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 8; NgokukaMarku 2–4; NgokukaLuka 7.Cabanga ngokwenza uhla lwezimangaliso ezichaziwe kulezi zahluko. Zamani ukuthola noma ukudweba izithombe zezinye zazo (bheka ku Gospel Art Book noma ku ChurchofJesusChrist.org). Ilungu lomndeni ngalinye lingasebenzisa izithombe ukuxoxa ngezinye zezimangaliso futhi labelane ngalokhu elikufundile kuzo. Ungase uthande ukwabelana ngezinye izibonelo zezimangaliso osuzibonile nowa wafunda ngazo esikhathini samanje.

-

NgokukaMathewu 8:5–13; NgokukaLuka 7:1–10.Kwakuyini ngokholo lwenduna yekhulu eyahlaba umxhwele kuJesu na? Singalukhombisa kanjani ukholo olufanayo kuJesu Kristu na?

NgokukaMarku 2:1–12.- - Singaba kanjani njengabangani bendoda eyayingakwazi ukuhamba na? Ngabe ngubani obe nomngani onjalo kithi na?

NgokukaMarku 4:35–41.Ngabe lendaba ingawasiza amalungu omndeni uma ezizwa esaba na? Mhlawumbe angafunda ivesi 39 bese abelana ngezehlakalo lapho uMsindisi awasiza khona ezwa ukuthula.

Abantwana bangakuthokozela ukwenza sengathi basesikebheni olwandle oluvunguzayo ngesikhathi omunye efunda NgokukaMarku 4:35–38. Kuthi, ngeskhathi omunye esefunda ivesi 39, benze sengathi basesikebheni olwandle oluthule. - -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Tholakala futhi ube nobungani. Amanye amathuba amahle okufundisa aqala ngemibuzo noma ukukhathazeka ezinhliziyweni zamalungu omndeni. Uwazise amalungu omndeni ngamazwi akho nangezenzo zakho ukuthi ukulangazelele ukuwezwa. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way16.)

Isithombe
uJesu nendoda egulela embhedeni yehliswa ngophahla

UJesu Nendoda Efe Uhlangothi, nguJ. Kirk Richards

Shicilela