ITestamente Elisha 2023
NgoMashi 13–19. NgokukaMathewu 11–12; NgokukaLuka 11: “Mina Ngizakuniphumuza”


“NgoMashi 13–19. NgokukaMathewu 11–12; NgokukaLuka 11: ‘Mina Ngizakuniphumuza,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMashi 13–19. NgokukaMathewu 11–12; NgokukaLuka 11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uJesu eme emafwini

Be Not Afraid [Ningesabi], nguMichael Malm

NgoMashi 13–19

NgokukaMathewu 11–12; NgokukaLuka 11

“Mina Ngizakuniphumuza”

UMongameli uDallin H. Oaks wasifundisa wathi: “Imibhalo engcwele, okwiyizambulo zosekwedlula, ayikwazi ukuqondakala ngaphandle kokwamukela izambulo zokwenzeka manje. … Ukufunda imibhalo engcwele kuvumela abesilisa nabesifazane ukuba bathole izambulo” (“Scripture Reading and Revelation,” Ensign, Jan. 1995, 7).

Bhala Imizwa Yakho

Ngezindlela eziningi, abaFarisi nababhali base benze ukukhonza uJehova kwaba wumthwalo. Babevamise ukugcizelela imithetho eqinile ngaphezulu kwamaqiniso aphakade. Imithetho ngosuku lweSabatha, okwakumele kube wusuku lokuphumula, nayo yayiwumthwalo osindayo ngokwayo.

Emva kwalokho, uJehova uqobo Lwakhe weza phakathi kwabantu Bakhe. Wabafundisa ukuthi injongo yeqiniso yenkolo akusikho ukwakha imithwalo kepha ukuyisusa. Wafundisa ukuthi uNkulunkulu usinika imiyalelo, okubalwa kuwo nalona wokuhlonipha iSabatha, hhayi ukusicindezela kodwa ukusibusisa. Yebo, indlela eya kuNkulunkulu iqondile futhi ingumngcingo, kodwa iNkosi yamemezela ukuthi akudingeki siyihambe sodwa. Wasinxusa wathi, “Wozani kimi”. Isimemo Sakhe, kubo bonke abazizwa “besindwa” nanoma yingasiphi isizathu, ukuma eceleni Kwakhe, uzibophezela Kuye, nokumvumela asithwalise imithwalo yethu. Isethembiso Sakhe sithi “imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.” Uma uqhathanisa nezinye izindlela—ukuzama ukuthwala wedwa noma ukwethembela ezisombululweni zasemhlabeni—“Ijoka [Lakhe] lihle, nomthwalo [Wakhe] ulula.” (NgokukaMathewu 11:28–30.)

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 11:28–30

UJesu Kristu uzonginika ukuphumula ngesikhathi ngithembela Kuye.

Sonke sithwala imithwalo—eminye edalwa yizono namaphutha ethu, eminye edalwa yizinqumo zabanye, futhi eminye engadalwanga umuntu kepha eyingxenye yempilo yasemhlabeni nje. Akukhathaliseki noma ngabe yiziphi izizathu zezinkinga zethu, uJesu uyasicela ukuba size Kuye khona ezosisiza asithwalise imithwalo yethu futhi sithole ukuphunyuzwa kuyo (bheka futhi Mosiya 24). IGosa uDavid A. Bednar lafundisa, “Ukwenza nokugcina izivumelwano ezingcwele kusihlanganisa neNkosi uJesu Kristu” (“Bear Up Their Burdens with Ease,” Liahona, May 2014, 88). Unalokhu emqondweni, cabanga imibuzo enjenga lena elandelayo ukuwaqonda kangconywana amazwi oMsindisi kulamavesi: Ngabe izivumelwano zami zingihlanganisa kanjani kanye noMsindisi na? Yini engidinga ukuyenza ukuza kuKristu na? Ngabe ijoka loMsindisi lihle futhi umthwalo Wakhe ulula ngayiphi indlela na?

Yimiphi eminye imibuzo efika emqondweni wakho ngesikhathi ufunda na? Uyibhale phansi, bese ubheka izimpendulo kulelisonto emibhalweni engcwele nakumazwi abaprofethi. Ungazithola izimpendulo zeminye imibuzo yakho kumyalezo weGosa uDavid A. Bednar ophathwe lapha ngaphezulu.

-

Isithombe
amadoda abukela phansi abafundi abahamba ensimini kakolweni

The Disciples Eat Wheat on the Sabbath [Abafundi Badla Ukolweni ngeSabatha], nguJames Tissot

NgokukaMathewu 12:1–13

“Yenza okuhle ngesabatha.”

Izimfundiso zabaFarisi zazihlukile kwezoMsindisi ngezindlela eziningi, kodwa ikakhulukazi ngendlela yokuhlonipha usuku lweSabatha. Ngesikhathi ufunda NgokukaMathewu 12:1–13, ungase ucabange ngokuthi indlela yakho yokubuka izinto nezenzo zakho mayelana neSabatha zihambisana kahle kangakanani nezimfundiso zikaMsindisi. Ukwenza lokhu, ungase uzindle ngemishwana enjengalena:

  • “Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo” (ivesi 7; bheka ku UHoziya 6:6).

  • “INdodana yomuntu iyiNkosi yesabatha” (ivesi 8).

  • “Kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha” (ivesi 12).

Lezi zimfundiso zingaba nomthelela kanjani endleleni obuka ngayo iSabatha na?

Bheka futhi NgokukaMarku 2:233:5.

NgokukaMathewu 12:34–37; NgokukaLuka 11:33–44

Amagama nezenzo zami kutshengisa okusenhliziyweni yami.

Okunye ukugxeka okukhulu kukaMsindisi kubaFarisi kwakungukuthi babezama ukuziveza belungile kodwa izinhloso zabo zazingekho msulwa. Ngesikhathi ufunda izexwayiso zikaMsindisi kubaFarisi ku NgokukaMathewu 12:34–37 naku NgokukaLuka 11:33–44, zindla ngokuxhumana phakathi kwezinhliziyo nezenzo zethu. Ngabe umusho othi “engcebeni yakhe enhle” usho ukuthini kuwe na? (NgokukaMathewu 12:35). Ngabe amazwi ethu asivuna noma asilahla kanjani na? (bheka NgokukaMathewu 12:37). Kungachaza ukuthini kuwe ukuba iso lakho “liphilile” na? (NgokukaLuka 11:34). Ake uzindle ngokuthi ungaba kanjani “ngukukhanya” (NgokukaLuka 11:36) ngenxa yamandla oMsindisi.

Bheka futhi Alima 12:12; IMfundiso neziVumelwano 88:67–68.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 11:28–30.Ungawusiza umndeni wakho ukuba uzibone izimfundiso zoMsindisi kulamavesi ngokuwenza ushintshisane ekuzameni ukudonsa into esindayo, okokuqala bebodwa baphinde futhi basizane. Ngabe yimiphi eminye imithwalo esiyithwele na? Ngabe kusho ukuthini ukubeka ijoka likaKristu phezu kwethu na? Isithombe esisekugcineni kwalesi sifundo singakusiza uchaze ukuthi liyini ijoka.

NgokukaMathewu 12:10–13.Ngesikhathi ufunda ngoJesu elapha indoda ngeSabatha, umndeni wakho ungakhuluma ngokuthi kwenzeka kanjani ukuthi “siyabuyiselwa ngokugcwele” nguMsindisi. ISabatha lingaba kanjani usuku lokulapheka kithi na?

Ngokukhuthazwa yisibonelo soMsindisi kulamavesi, umndeni wakho ungenza uhla lwezindlela eningenza ngazo “okuhle ngesabatha” (ivesi 12). Qinisekani ukuthi niyawabala namathuba okusiza abanye. Kungasiza ukugcina uhla lwenu nibuye nibheke kulo emaSontweni azayo.

NgokukaLuka 11:33–36.Ake uzindle ngokuthi ungawufundisa kanjani umndeni wakho ukuthi kusho ukuthini ukuba “ngukukhanya” (amavesi 34, 36). Ngabe isifundo sokusebenzisa izinto ezithile singasiza na? Ningase nixoxisane ngezindlela zokuletha ukukhanya koMsindisi ezimpilweni zethu, emakhaya ethu, nasemhlabeni. -

NgokukaLuka 11:37–44.Mhlawumbe umndeni wakho ungaxoxisana ngalamavesi ngesikhathi uwasha izitsha ndawonye. Ningakhuluma ngokuthi kungani kungaba umqondo omubi ukuwasha ingaphandle kuphela lezinto ezinjengezindishi nezinkomishi. Ningase niqhathanise lokhu nesidingo sokulunga hhayi ngezenzo zethu zangaphandle nje kuphela kodwa emicabangweni nasemizweni yethu engaphakathi.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Qhubeka njalo. Kungenzeka ube nezinsuku lapho ukufunda imibhalo engcwele kubonakala kunzima noma kube nomthelela omncane kunalowo obuwulindele. Ungayeki. IGosa uDavid A. Bednar lasifundisa lathi, “Ukuqhubeka njalo kwethu ekwenzeni izinto ezibukeka zincane kungaholela emiphumelweni ebalulekile yangokomoya” (“More Diligent and Concerned at Home,” Liahona, Nov. 2009, 20).

Isithombe
izinkabi ezimbili ziboshwe ndawonye

“Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo: khona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula” (NgokukaMathewu 11:29). Isithombe © iStockphoto.com/wbritten

Shicilela