ITestamente Elisha 2023
NgoMashi 20–26. NgokukaMathewu 13; NgokukaLuka 8; 13: “Onezindlebe Makezwe”


“NgoMashi 20–26. NgokukaMathewu 13; NgokukaLuka 8; 13: ‘Onezindlebe Makezwe,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMashi 20–26. NgokukaMathewu 13; NgokukaLuka 8; 13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
ukolweni usulungele ukuvunwa

NgoMashi 20–26

NgokukaMathewu 13; NgokukaLuka 8; 13

“Onezindlebe Makezwe”

Njengoba ufunda NgokukaMathewu 13; kanye NgokukaLuka 8; 13, cabanga ngokuthi uzozilungiselela kanjani “ukuzwa” futhi ujabulele izimfundiso zoMsindisi kulemizekeliso. Uzokwenzani ukuze usebenzise lezi zimfundiso empilweni yakho na?

Bhala Imizwa Yakho

Ezinye zezimfundiso zoMsindisi ezikhumbuleka kakhulu zazisesimweni sezindaba ezilula ezibizwa ngemizekeliso. Lena yayingaphezu kwendatshana nje ethakazelisayo emayelana nezinto ezijwayelekile noma izehlakalo. Yayiqukethe amaqiniso ajulile ngombuso kaNkulunkulu kulabo ababezilungiselele ngokomoya. Omunye wemizekeliso yokuqala elotshwe eTestamenteni Elisha—umzekeliso womhlwanyeli (bheka NgokukaMathewu 13:3–23)—usimema ukuba sihlole ukulungela kwethu ukwamukela izwi likaNkulunkulu. “Ngokuba yilowo nalowo owamukelayo,” kusho uJesu, “uyakunikwa, futhi uyoba nokuchichimayo” (UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMathewu 13:10 ). Ngakho-ke njengoba silungiselela ukufunda imizekeliso yoMsindisi—nanoma iyiphi yezimfundiso Zakhe—indawo enhle yokuqala ukuhlola izinhliziyo zethu futhi sinqume ukuthi siyalinikeza yini izwi likaNkulunkulu “umhlabathi omuhle” (NgokukaMathewu 13:8) lapho lingakhula khona, liqhakaze futhi lithele izithelo eziyosibusisa kakhulu thina nemindeni yethu.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

NgokukaMathewu 13:3–23; NgokukaLuka 8:4–15; 13:6–9

Inhliziyo yami kufanele ilungele ukwamukela izwi likaNkulunkulu.

Kungani ngezinye izikhathi izinhliziyo zethu zamukela iqiniso, kuthi lapho ngezinye izikhathi silingeka ukuba simelane nalo? Ukufunda umzekeliso womhlwanyeli kungakunikeza ithuba elihle lokucabanga ngokuthi uthola kahle kangakanani iqiniso elivela eNkosini. Kungase kube usizo ukufanisa amavesi 3-8 NgokukaMathewu 13 nezincazelo ezinikezwe kumavesi 18-23. Yini ongayenza ukuze uhlakulele “umhlabathi omuhle” kuwe na? Yimaphi amanye “ameva” akuvimbela ukuba uzwe futhi ulandele izwi likaNkulunkulu ngokweqiniso na? Ungawanqoba kanjani la “meva” na?

Ukufunda kwakho lo mzekeliso kungaba nomthelela endleleni owufunda ngayo umzekeliso NgokukaLuka 13:6–9. Siyini “isithelo” iNkosi esifuna kithi na? Siyondla kanjani inhlabathi yethu ukuze “sithele izithelo” na?

Bheka futhi Mosiya 2:9; Alima 12:10-11; 32:28–43.

NgokukaMathewu 13:24–35, 44–52; NgokukaLuka 13:18–21

Imizekeliso kaJesu ingisiza ukuba ngiqonde ukukhula nesiphetho seBandla Lakhe.

UmProfethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi imizekeliso ku NgokukaMathewu 13 ichaza ukukhula nesiphetho seBandla ezinsukwini zokugcina. Ungase ubuyekeze amazwi omProfethi ku Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 293–303, ngesikhathi ucabanga ukuthi le mizekeliso elandelayo ikufundisani ngeBandla leNkosi:

Ngemva kokucabangisisa ngalemizekeliso, yini ozizwa ugqugquzelekile ukuba uyenze ukuze ubambe iqhaza ngokugcwele emsebenzini weBandla likaKristu lezinsuku zokugcina?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo Engcwele, “Umbuso kaNkulunkulu noma umBuso waseZulwini,” “Umzekeliso,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
igugu

Ivangeli likaJesu Kristu “liyipharele lenani elikhulu” (NgokukaMathewu 13:46).

NgokukaMathewu 13:24–30, 36–43

Abalungile kumele bakhule phakathi kwababi kuze kube sekupheleni kwezwe.

Enye indlela yokuhlaziya lomzekeliso ukudweba isithombe sawo bese usibhala ngezincazelo NgokukaMathewu 13:36–43 kanye IMfundiso neziVumelwano 86:1–7. Ukhula “lukhula olunobuthi, okuthi, luze lufike ekhwebeni, lufane nokubukeka kukakolweni” ( IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukhula”). Yimaphi amaqiniso alomzekeliso akukhuthaza ukuba uhlale wethembekile ngaphezu kobubi obukhona emhlabeni na?

NgokukaLuka 8:1‒3

Yiziphi izindlela “abesifazane abathile” abakhonza ngazo uMsindisi na?

“Abafundi besifazane bahamba noJesu kanye nabayiShumi naMbili, befunda [kuJesu] ngokomoya futhi bemkhonza ngokwenyama. … Ngaphezu kokwamukela ukufundisa kukaJesu—izindaba ezimnandi zevangeli Lakhe kanye nezibusiso zamandla Akhe okuphulukisa—laba besifazane bamkhonza, bemnika izinto zabo kanye nokuzinikela kwabo” (Daughters in My Kingdom [2017], 4). -

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 13.Njengoba amalungu omndeni wakho efunda imizekeliso yoMsindisi, angajabulela ukucabanga ngemizekeliso yawo efundisa amaqiniso afanayo ngombuso wezulu (iBandla), esebenzisa izinto noma izimo azaziyo kuwo.

NgokukaMathewu 13:3–23; NgokukaLuka 8:4–15.Ngemva kokufunda umzekeliso womhlwanyeli ndawonye, ​​umndeni wakho ungase uxoxe ngemibuzo enjengale: Yini engenza “umhlabathi” (izinhliziyo zethu) zibe “amatshe” noma “iminyanise” igama na? Singaqinisekisa kanjani ukuthi umhlabathi wethu muhle futhi uyathela na?

Uma unezingane ezincane emndenini wakho, kungaba mnandi ukumema amalungu omndeni ukuthi alingise izindlela ezahlukene zokulungisa izinhliziyo zethu ukuzwa izwi likaNkulunkulu ngenkathi amanye amalungu omndeni eqagela ukuthi benzani.

NgokukaMathewu 13:13–16.Ungawasiza kanjani amalungu omndeni wakho ukuthi aqonde ukubaluleka kokwamukela izwi likaKristu ngokuzithandela na? Ukukhombisa “izindlebe [ezizizwa] kanzima,” ungase uvale izindlebe zelungu lomndeni ngenkathi ufunda ngokuthula NgokukaMathewu 13:13–16. Lelo lungu lomndeni liqonde okungakanani kulamavesi na? Yiziphi izindlela esingavula ngazo amehlo, izindlebe, nezinhliziyo zethu ezwini likaNkulunkulu na?

NgokukaMathewu 13:44–46.Amadoda amabili akulemifanekiso afana ngani na? Ngabe zikhona izinto ezengeziwe okufanele ngabe siyazenza njengabantu ngabanye futhi njengomndeni ukubeka umbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu na?

NgokukaLuka 13:11–17.Ngabe amalungu omndeni ake adlula ezimweni ezawenza aba nomuzwa wokuthi awakwazi “ukuziphakamisa” na? Ngabe ukhona omunye esimaziyo ozizwa ngalendlela na? Singasiza kanjani na? UMsindisi “usikhulula” kanjani ebuthakathakeni bethu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Bamba ivesi ngenhliziyo. Khetha amavesi abomndeni wakho abazuza kakhulu kuwo, bese uyabamema ukuba bawafake emakhanda abo ngokuwaphinda phinda njalo. IGosa uRichard G. Scott wafundisa ukuthi, “Umbhalo ongcwele owaziwa ngekhanda uba ngumngani weminyaka ongabi buthaka ngokuhamba kwesikhathi” (“The Power of Scripture,” iLiyahona, Nov. 2011, 6).

Isithombe
umuntu ohlwanyela imbewu

Parable of the Sower [Umzekeliso Womhlwanyeli], nguGeorge Soper

Shicilela