ITestamente Elisha 2023
NgoMashi 27–Ephreli 2. NgokukaMathewu 14; NgokukaMarku 6; NgokukaJohane 5–6: “Ningesabi”


“NgoMashi 27–Ephreli 2. NgokukaMathewu 14; NgokukaMakhu 6; NgokukaJohane 5–6: ‘Ningesabi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMashi 27–Ephreli 2. NgokukaMathewu 14; NgokukaMakhu 6; NgokukaJohane 5–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu uhamba nabafundi baphethe obhasikidi bezinkwa

NgoMashi 27–Ephreli 2

NgokukaMathewu 14; NgokukaMarku 6; NgokukaJohane 5–6

“Ningesabi”

Ngesikhathi ufunda NgokukaMathewu 14; NgokukaMarku 6; futhi NgokukaJohane 5–6, bheka amaqiniso abalulekile kuwe. Ungase uzibuze imibuzo enjengokuthi “Kuhlobene kanjani nami ukulandisa okukulezi zahluko na?” “Yimiphi imilayezo engiyitholayo ngempilo yami na?” noma “Yini engingathanda ukwabelana ngayo nomndeni wami noma nabanye na?”

Bhala Imizwa Yakho

Yini eyayingashukumisela uPetro ukuba ashiye ukuphepha komkhumbi wakhe phakathi noLwandle LwaseGalile phakathi nesiphepho esinamandla na? Yini eyamenza wakholelwa ukuthi uma uJesu ayekwazi ukuhamba phezu kwamanzi, naye wayengakwazi na? Ngeke sazi ngokuqinisekile, kodwa mhlawumbe uPetro wayeqonda ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ayizelanga nje ukwenzela abantu izinto ezimangalisayo kodwa ukuze inikeze abantu abafana noPetro amandla okwenza izinto ezimangalisayo. Ngemva kwakho konke, isimemo sikaJesu sasiwukuthi “Wozani, ngilandeleni” (NgokukaLuka 18:22). UPetro wayesamukele kanye lesi simemo, futhi wayezimisele ukusamukela futhi, ngisho noma kwakusho ukubhekana nokwesaba kwakhe nokwenza okuthile okwakubonakala kungenakwenzeka. Mhlawumbe iNkosi ngeke isicele ukuthi siphume esikebheni phakathi nesiphepho noma sinikele ngesambatho sethu sesinkwa lapho izinkulungwane zidinga ukudla, kodwa ingasicela ukuthi samukele iziqondiso noma singaziqondi ngokugcwele. Noma ngabe yiziphi izimemo Zayo kithi, ngezinye izikhathi zingase zibonakale zimangaza noma zethusa. Kodwa izimangaliso zingenzeka uma thina, njengoPetro, sizobeka eceleni ukwesaba kwethu, ukungabaza kwethu, nokuqonda kwethu okulinganiselwe futhi simlandele ngokholo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

NgokukaJohane 5:16–47

UJesu Kristu udumisa uYise.

Ubudlelwane phakathi kukaBaba waseZulwini kanye nomntwana Wakhe ngamunye kumele bube ngcwele. Kulamavesi, uJesu Kristu wasinika isifanekiso esikhuthazayo okufanele sisilandele ebudlelwaneni bethu noBaba waseZulwini. Funda ku NgokukaJohane 5:16–47, bese umaka noma uphawule isiqephu ngasinye segama elithi uBaba. INdodana imhlonipha kanjani uBaba, futhi ungasilandela kanjani isibonelo Sakhe na? Ufundani ngendlela uBaba azizwa ngayo ngeNdodana na? Yini okhuthazwa ukuba uyenze ukuze uqinise ubuhlobo bakho noBaba wakho waseZulwini?

Bheka futhi NgokukaJohane 17.

Isithombe
izinkwa nezinhlanzi

UJesu wapha abantu abayizinkulungwane ezinhlanu ukudla kwezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.

NgokukaMathewu 14:15–21; NgokukaMarku 6:33–44; NgokukaJohane 6:5–14

UMsindisi angakhulisa iminikelo yami ethobekile ukuze afeze izinhloso Zakhe.

Wake wazizwa ungafaneleki ukuhlangabezana nazo zonke izidingo ozibona eduze kwakho—ekhaya lakho, ebudlelwaneni bakho, noma emphakathini na? Kumelwe ukuba abafundi bakaJesu bazizwa bengafaneleki lapho ebacela ukuba bondle abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezinhlanu abalambile lapho kwakunezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela. Njengoba ufunda ngesimangaliso esenzeka ngokulandelayo, zindla ukuthi uNkulunkulu angayisebenzisa kanjani iminikelo yakho yenkonzo ethobekile ukuze abusise labo abaseduze nawe. Uyikhulise kanjani imizamo yakho ngenkathi umsebenzela Yena? Cabanga ngalamazwi avela kuDade uMichelle D. Craig: “Mina nawe singanikela esinakho kuKristu, futhi Uzokwandisa imizamo yethu. Okufanele ukunikeze kungaphezu kokwanele—ngisho nobuthakathaka bakho bobuntu kanye nobuthakathaka—uma wethembele emuseni kaNkulunkulu” (“Divine Discontent,” iLiyahona, Nov. 2018, 54).

NgokukaMathewu 14:22–33; NgokukaMarku 6:45–52; NgokukaJohane 6:15–21

UJesu Kristu uyangimema ukuba ngibeke eceleni ukwesaba nokungabaza kwami futhi ngibonise ukholo Kuye.

Ake ubone ngeso lengqondo imininingwane yesigameko esichazwe NgokukaMathewu 14:22–33; NgokukaMarku 6:45–52; kanye NgokukaJohane 6:15–21. Cabanga nje ukuthi uPetro nabanye abafundi bazizwa kanjani. Ufundani ngobufundi emazwini nasezenzweni zoMsindisi kulamavesi? Ufundani emazwini nasezenzweni zikaPetro na? (Bheka futhi 1 Nefi 3:7.) Yini iNkosi ekumema ukuba uyenze engafana nokuphuma emkhunjini na? Yini oyitholayo kula mavesi ekunikeza isibindi sokubonisa ukholo lwakho kuJesu Kristu?

NgokukaJohane 6:22–71

Njengomfundi kaJesu Kristu, kumele ngizimisele ukukholelwa nokwamukela iqiniso, ngisho nalapho kunzima ukulenza.

Lapho uJesu ebhekisela kuYe ngokuthi “isinkwa sokuphila” (NgokukaJohane 6:48), abaningi bathola lokhu “kuyizwi elinzima” (NgokukaJohane 6:60). Angakusiza kanjani amazwi kaPetro NgokukaJohane 6:68–69 ngezikhathi lapho imfundiso yoMsindisi ibonakala ilukhuni ukwamukela noma ukuphila ngayo? Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngobufakazi bukaPetro na? Yimaphi amanye “amazwi okuphila okuphakade” (NgokukaJohane 6:68) akusiza ukuthi uhlale uzinikele ekulandeleni uMsindisi na?

-

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 14:15–21.Cabanga ngendlela ongasiza ngayo umndeni wakho ukuba ucabange ukuthi singakanani isinkwa nenhlanzi okungadingeka ukuze kondle abantu abayizinkulungwane ezinhlanu. Isimangaliso esiku NgokukaMathewu 14:15–21 sikufundisani ngoMsindisi na? Cabanga ukwabelana ngezimo osudlule kuzo ngenkathi unomuzwa wokuthi awunakho okwanele ongakunikeza futhi uMsindisi wandisa imizamo yakho.

NgokukaMathewu 14:22–33.Umndeni wakho ungase ukujabulele ukulingisa indaba ekulamavesi. Kungani abafundi babengesaba na? Kungani uPetro akwazi ukunqoba ukwesaba kwakhe futhi waphuma emkhunjini na? Walubonisa kanjani ukholo ngisho nalapho eqala ukucwila na? Sifana kanjani noPetro ngezinye izikhathi na?

NgokukaJohane 5:1–16.Mema amalungu omndeni ukuthi anake izibonelo zenkulumo ethi “wenziwe waphiliswa” kulamavesi. UJesu Kristu angabaphilisa ngaziphi izindlela abantu na? Usenze nini futhi kanjani sapheleliswa thina na?

NgokukaJohane 6:28–58.Nikeza ilungu ngalinye lomndeni ucezu lwesinkwa ukuze lisidle, bese nixoxa ngezinzuzo esizithola ngesinkwa nokunye ukudla okunempilo. Bese niphenya lamavesi ndawonye,​nibheke ukuthi kungani uJesu Kristu azibize ngokuthi “isinkwa sokuphila” (NgokukaJohane 6:35). -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funa ukuqonda kwakho okungokomoya. Esifundweni sakho somuntu siqu kanye nesomndeni, ungagcini nje ezindimeni zemibhalo engcwele okukhulunywe ngazo kuloluhlaka. INkosi kungenzeka ukuthi inemiyalezo yakho kulezi zahluko ezingagcizelelwe lapha. Kufune ngomkhuleko.

Isithombe
UJesu ekhipha uPetro emanzini

Against the Wind [ngokuPhikisana noMoya], nguLiz Lemon Swindle

Shicilela