ITestamente Elisha 2023
Ngo-Ephreli 10–16. NgokukaMathewu 15–17; NgokukaMarku 7–9: “Wena unguKristu”


“Ngo-Ephreli 10–16. NgokukaMathewu 15–17; NgokukaMarku 7–9: ‘Wena unguKristu,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Ephreli 10–16. NgokukaMathewu 15–17; NgokukaMarku 7–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UkuGuqulwa kukaKristu

UkuGuqulwa kukaKristu, nguCarl Heinrich Bloch

Ngo-Ephreli 10–16

NgokukaMathewu 15–17; NgokukaMarku 7–9

“Wena unguKristu”

Ukufunda imibhalo engcwele kumema uMoya oNgcwele empilweni yakho. Omunye wemisebenzi ebalulekile kaMoya oNgcwele ukufakaza ngoJesu Kristu. Njengoba ufunda imibhalo engcwele kuleliviki, naka imizwa kamoya eqinisa ubufakazi bakho ngoMsindisi.

Bhala Imizwa Yakho

Akumangalisi yini ukuthi abaFarisi nabaSadusi babefuna uJesu ababonise “isibonakaliso esivela ezulwini”? Ingabe izimangaliso Zakhe eziningi ezazaziwa zazinganele na? Kuthiweni ngezimfundiso Zakhe ezinamandla noma izindlela eziningi Ayegcwalise ngazo iziprofetho zasendulo na? Ukufuna kwabo akuzange kushukunyiswe ukuntula izimpawu kodwa ukungafuni “ukubona izibonakaliso” nokuzamukela. (Bheka NgokukaMathewu 16:1–4.)

UPetro, njengabaFarisi nabaSadusi, wabona izimangaliso zoMsindisi futhi wezwa izimfundiso Zakhe. Kodwa ubufakazi bukaPetro obuqinisekile, “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo,” abuzange buvele ngemizwa yakhe engokwenyama—“inyama negazi” lakhe. Ubufakazi bakhe bembulwa kuye “nguBaba wethu osezulwini.” Isambulo siyidwala uMsindisi akha phezu kwalo iBandla Lakhe ngaleso sikhathi namanje—isambulo esivela ezulwini ezincekwini Zakhe. Futhi leli idwala esingakhela phezu kwalo ubufundi bethu—isambulo sokuthi uJesu unguKristu nokuthi izinceku Zakhe ziphethe “izihluthulelo zombuso.” Uma sakhelwe phezu kwalesi sisekelo, “amasango esihogo awayikusehlula” (NgokukaMathewu 16:15–19).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 16:13–17

Ubufakazi ngoJesu Kristu buza ngesambulo.

Uma uJesu Kristu ebuza abantu namuhla, “Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani na?” bangathini na? Ubungaphendula kanjani uma uJesu ebuza ukuthi, “Nithi ngingubani na?” (Bheka NgokukaMathewu 16:13–15.)

Zindla ngobufakazi bakho ngoMsindisi futhi nokuthi wabuthola kanjani. Ufundani ku NgokukaMathewu 16:15–17 okungabuqinisa na? Uma ufuna ukufunda kabanzi ngobufakazi kanye nesambulo somuntu siqu, hlola lemibhalo engcwele: NgokukaJohane 15:26; 2 Nefi 31:17–18; Alima 5:45–48; kanye IMfundiso neziVumelwano 8:2–3.

­

NgokukaMathewu 16:13–19; 17:1–9; NgokukaMarku 9:2–9

“Izihluthulelo zombuso wezulu” zisemhlabeni namuhla.

“Izihluthulelo zombuso wezulu” uMsindisi athembisa ukuzinika uPetro yizihluthulelo zobuphristi (NgokukaMathewu 16:19). Ziyini izihluthulelo zobuphristi na? Kungani sizidinga na? Zindla ngalemibuzo ngesikhathi ufunda ngesithembiso soMsindisi ku NgokukaMathewu 16:13–19 nokugcwaliseka kwaso ku NgokukaMathewu 17:1–9; NgokukaMarku 9:2–9 (bheka futhi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMakhu 9:3.

Ezinye izinsiza zokukusiza ukuthi ufunde ngezikhiye zobuphristi zibandakanya IMfundiso neziVumelwano 65:2; 107:18–20; 110:11–16; 128:9–11; “Izikhiye zobuPhristi” kwisiHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Ngenkathi ufunda lezi zinsiza, cabanga ukwenza uhlu lwalokho okufundayo ngezikhiye zobuphristi kanye nezibusiso ezivela kuzo. Kungani ucabanga ukuthi ukhiye uwuphawu oluhle lwelungelo lokuqondisa umsebenzi wobuphristi na?

Bheka futhi IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukuguqulwa.”

Isithombe
isithombe sikaPetro ephethe izikhiye

Izikhiye zobuphristi ziyigunya lokuqondisa ukusetshenziswa kobuphristi.

NgokukaMathewu 17:14–21; NgokukaMarku 9:14–29

Lapho ngifuna khona ukholo olukhulu, ngingaqala ngokholo enginalo.

Ubaba oshiwo ku NgokukaMathewu 17 kanye NgokukaMarku 9 wayenezizathu zokuzizwa engaqinisekile ukuthi uJesu angayiphulukisa indodana yakhe. Wayecele abafundi baJesu ukuthi baphulukise indodana yakhe, kodwa behluleka. Kodwa lapho ecela isimangaliso kuMsindisi, wakhetha ukubonisa ukholo. Wathi: “Nkosi, ngiyakholwa”. Khona-ke, evuma ukuthi ukholo lwakhe lwalungaphelele, wanezela, ngokuthi “Siza ukungakholwa kwami.”

Ukufundisani uMoya njengoba ufunda ngalesi simangaliso na? UBaba oseZulwini ukusize kanjani wandise ukholo lwakho na? Ngabe yini ongayenza ukuze wakhe phezu kokholo osunalo vele na? Mhlawumbe ungahlanganisa uhla lwemibhalo engcwele, imiyalezo yengqungquthela, noma ulwazi lwezinto osudlule kuzo oluqinise ukholo lwakho.

-

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 15:7–9; NgokukaMarku 7:6–7.Ngabe yini umehluko phakathi kokudumisa uNkulunkulu ngezindebe zethu, noma ngamazwi, nokumdumisa ngezinhliziyo zethu na?

NgokukaMathewu 15:17–20; NgokukaMarku 7:18–23.Kungani siqaphela ngokuthi yikuphi esikufaka emilonyeni yethu na? Kulokho uJesu akufundisa kulamavesi, kungani kufanele siqaphe nakakhulu ngalokho okuphuma emilonyeni yethu—nasezinhliziyweni zethu na? Singazigcina kanjani izinhliziyo zethu zihlanzekile na?

NgokukaMathewu 16:15–17.UNkulunkulu usembulela kanjani ukuthi uJesu “unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo” na? (ivesi 16). Singazilungiselela kanjani ukuthola lesi sambulo esivela Kuye na?

NgokukaMathewu 16:13–19; 17:1–9.- Ukufundisa abantwana ngokhiye bobuphristi, ungabavumela ukuthi basebenzise izikhiye ukuvula indlu, imoto, noma ezinye izingidi. Cabanga ngokubonisa isithombe sikaMongameli weBandla futhi ufakaze ukuthi uphethe zonke izikhiye zobuphristi, njengoba kwenza uPetro.

NgokukaMathewu 17:20.Abaprofethi abanokholo kuJesu Kristu bazisusile izintaba zangempela (bheka Jakobe 4:6; Mose 7:13). Kodwa ngokuvamile, leso akusona isimangaliso esisidingayo. UMongameli M. Russell Ballard wafundisa: “Uma sinokholo oluncane njengembewu yesinaphi, iNkosi ingasisiza sisuse izintaba zokudangala kanye nokungabaza emisebenzini ephambi kwethu njengoba sisebenza nabantwana bakaNkulunkulu, kubandakanya namalungu omndeni, amalungu eBandla, kanye nalabo abangakabi amalungu eBandla” (“Precious Gifts from God,” iLiyahona, ngoMeyi 2018, 10). Yiziphi ezinye izintaba ezimpilweni zethu ezidinga ukususwa na? Singabonisa kanjani ukholo emandleni kaNkulunkulu okusisiza sisuse lezi zintaba na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Hlanganani ndawonye njalo. UMongameli Henry B. Eyring wafundisa: “Ungalinge uphuthelwe ithuba lokuqoqa abantwana ndawonye ukuze bafunde ngemfundiso kaJesu Kristu. Izikhathi ezikanje ziyimvela kancane uma ziqhathaniswa nemizamo yesitha” (The Power of Teaching Doctrine,” Ensign, ngoMeyi 1999, 74).

Isithombe
indoda enendodana egulayo phambi kukaJesu

Master, I Have Brought unto Thee My Son [Mfundisi, Ngilethe Kuwe iNdodana Yami], nguWalter Rane

Shicilela