ITestamente Elisha 2023
Ngo-Ephreli 17–23. NgokukaMathewu 18; NgokukaLuka 10: “Ngizakwenzani Ukuba Ngidle Ifa Lokuphila Okuphakade Na?”


“Ngo-Ephreli 17-23. NgokukaMathewu 18; NgokukaLuka 10: ‘Ngizakwenzani Ukuba Ngidle Ifa Lokuphila Okuphakade Na?,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Ephreli 17-23. NgokukaMathewu 18; NgokukaLuka 10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
umSamariya onesihawu

The Good Samaritan [UmSamariya Onesihawu], nguDan Burr

Ngo-Ephreli 17–23

NgokukaMathewu 18; NgokukaLuka 10

“Ngizakwenzani Ukuba Ngidle Ifa Lokuphila Okuphakade Na?”

Ngesikhathi ufunda futhi uzindla ngo NgokukaMathewu 18 kanye NgokukaLuka 10, naka imicabango ethule evela kuMoya oNgcwele. Uzokutshela ukuthi lezi zimfundiso nezindaba zingakusebenzela kanjani. Bhala phansi lokho okufika emqondweni wakho.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi ubuza iNkosi umbuzo, ungase uthole impendulo obungayilindele. Ngubani umakhelwane wami na? Wonke umuntu odinga usizo nothando lwakho. Ngabe ngubani omkhulu embusweni wasezulwini na? Umntwana. Ngabe kwanele yini ukuxolela umoni izikhathi eziyisikhombisa na? Cha, kumele umxolele izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. (Bheka NgokukaLuka 10:29–37; NgokukaMathewu 18:4, 21–22.) Izimpendulo ezingalindelekile ezivela eNkosini zingasimema ukuba sishintshe indlela esicabanga, esizwa, nesenza ngayo. Uma ufuna intando yeNkosi ngoba ufuna ngempela ukufunda Kuyo, iNkosi izokufundisa ukuthi uphile kanjani ngendlela eholela ekuphileni okuphakade Nayo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 18:21–35

Kumele ngixolele abanye uma ngizothola ukuxolelwa eNkosini.

Isiphakamiso sikaPetro sokuthi angaxolela umuntu kasikhombisa singabukeka sinomusa, kodwa uJesu wafundisa umthetho ophakeme. Impendulo Yakhe eyayithi, “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa: kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa” (ivesi 22), yayingafundisi ngokuthi kuxolelwa kangaki kodwa yayifundisa ngokuba nesimo sengqondo sikaKristu sokuxolela. Ngesikhathi ufunda umzekeliso wenceku engenamusa, zindla ngezikhathi lapho wezwa khona umusa nobubele bukaNkulunkulu. Ngabe ukhona umuntu odinga ukuzwa umusa nobubele kuwe na?

IGosa uDavid E. Sorensen wanikeza isexwayiso esibalulekile wathi: “Nakuba kufanele sixolele umakhelwane osilimazile, kufanele siqhubeke sisebenze ngokwakhayo ukuvimbela ingozi ukuba iphindwe. … Ukuxola akudingi ukuba samukele noma sibekezelele okubi. … Kepha ngesikhathi silwa nesono, akumele sivumele inzondo noma ukuthukuthela kuqhube imicabango noma izenzo zethu” (“Forgiveness Will Change Bitterness to Love,” iLiyahona, ngoMeyi 2003, 12).

NgokukaLuka 10:1‒20

Bangobani abangamaShumi ayisiKhombisa na?

Ukulandela umfanekiso osungulwe ezikhathini zeTestamente Elidala (bheka I-Eksodusi 24:1; INumeri 11:16), uJesu Kristu “wakhetha abanye abangamashumi ayisikhombisa,” ukwengeza kubaPhostoli Bakhe abayiShumi naMbili, ukufakaza Ngaye, ukushumayela ivangeli, nokumsiza emsebenzini Wakhe. Lomfanekiso uyaqhubeka eBandleni elibuyiselwe. AbangamaShumi ayisiKhombisa babizelwe ukusiza abayiShumi namBili emsebenzini wabo njengofakazi bekhethelo baJesu Kristu emhlabeni wonke.

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 107:25–26, 33–34, 97.

NgokukaLuka 10:25–37

Ukuzuza ukuphila okuphakade, kumele ngithande uNkulunkulu ngiphinde ngithande nomakhelwane wami njengoba ngizithanda mina.

Kuyasiza ukukhumbula ukuthi umfanekiso womSamariya onesihawu wawuyindlela kaJesu yokuphendula imibuzo emibili ethi: “Ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” nothi “Umakhelwane wami ngubani na?” (NgokukaLuka 10:25, 29). Ngesikhathi ufunda lomfanekiso, gcina lemibuzo emqondweni. Yiziphi izimpendulo ozitholayo na?

Ngezinsuku zikaJesu, inzondo phakathi kwamaJuda namaSamariya yayisihlale iminyaka engamakhulu. AmaSamariya ayeyinzalo yamaJuda ahlala eSamariya ayeshade nabeZizwe. AmaJuda ezwa sengathi amaSamariya ayesonakele ngenxa yokuhlangana nabeZizwe futhi ayesehlubukile. AmaJuda ayehamba ibanga elide elaliwakhipha endleleni yawo ukugwema ukudlula eSamariya. (Bheka futhi NgokukaLuka 9:52–54; 17:11–18; NgokukaJohane 4:9; 8:48.)

Ucabanga ukuthi kungani uMsindisi wakhetha umSamariya, umuntu owayezondwa ngamaJuda, njengesibonelo sobubele nokuthanda umakhelwane wakho na? Ngabe lomfanekiso ukukhuthaza ukuthi wenzeni na?

Bheka futhi Mosiya 2:17.

NgokukaLuka 10:38–42

Sikhetha “isabelo esihle” ngokwenza izinqumo zansuku zonke ezisiholela empilweni yaphakade.

Ku NgokukaLuka 10:38–42, uJesu wamema uMarta ngobumnene ukuba acabange ngokwehlukile ngendlela ayechitha ngayo isikhathi sakhe. Emva kokucaphuna lamavesi, uDade uCarol F. McConkie wasifundisa wathi: “Uma sizoba ngabangcwele, kumele sifunde ukuhlala ezinyaweni zoNgcwele ka-Israyeli futhi sizinike isikhathi sokuba ngcwele. Ngabe silubeka eceleni ucingo, uhla olungapheli lwezinto ezidinga ukwenziwa, nokukhathalela izinto zomhlaba na? Umkhuleko, ukufunda, nokulalela izwi likaNkulunkulu kumema uthando Lwakhe oluhlanzayo nolwelaphayo emiphefumulweni yethu. Ake sithathe isikhathi ukuba sibengcwele, ukuze sigcwaliswe ngoMoya Wakhe ongcwele nongcwelisayo” (“The Beauty of Holiness,” iLiyahona, ngoMeyi 2017, 11). Ungase ufune ukuhlola ukuthi usichitha kanjani isikhathi sakho—ngisho ezintweni ezinhle. Ngabe ikhona into “edingekile” kakhudlwana (ivesi 42) efanelekile ukuba uyinake kakhudlwana na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 18:1–11.Kungani uJesu angasifuna ukuba sifane nomntwana omncane na? Ngabe yiziphi izici abantwana abanazo esingazikhulisa ukufana noKristu kangconywana na? (bheka Mosiya 3:19).

Isithombe
uJesu nabantwana

UJesu ufuna ukuba abafundi Bakhe bafane nabantwana abancane.

NgokukaMathewu 18:15.Singasisebenzisa kanjani iseluleko esiku NgokukaMathewu 18:15 ekuxhumaneni nabomndeni wethu na? Ukwenza lokhu kungawubusisa kanjani umndeni wethu na?

NgokukaMathewu 18:21–35.Ngabe lomfanekiso usifundisani ngoJesu Kristu na? Ngabe usifundisani ngokuthi kumele sibaphathe kanjani abanye na?

NgokukaLuka 10:25–37.Amalungu omndeni angakuthokozela ukugqoka izingubo alingise lomfanekiso. Ngabe sifana kanjani ngesinye isikhathi nabantu abahlukene kulomfanekiso na? Ngabe uMsindisi ufana kanjani nomSamariya onesihawu na? Singafana kanjani thina nomSamariya onesihawu na?

- - Amalungu omndeni angakujabulela ukuthola ihubo noma iculo bese eyachaza ukuthi lihlobene kanjani nomzekeliso.

NgokukaLuka 10:38–42.Kuke kube nzima yini ukufaka izinto zangokomoya ohlelweni lomndeni wakho na? Indaba kaMariya noMarta ingawukhuthaza umkhandlu womndeni noma ubusuku bomndeni ngokuthi ningakwenza kanjani lokhu kangconywana. Ningumndeni, ngingenza uhla lwezindlela zokukhetha “isabelo esihle” (NgokukaLuka 10:42).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Khulisa umoya wothando phakathi kwenu. Indlela amalungu omndeni aphathana ngayo ingaba nomthelela omkhulu kulowo moya okhona ekhaya lakho. Wasize wonke amalungu omndeni wakho ukuba adlale indima yawo ukwenza kube khona uthando, nokuhloniphana ekhaya ukuze wonke umuntu azizwe ekhululekile ukwabelana ngezehlakalo, abuze imibuzo, futhi abelane ngobufakazi. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way15.)

Isithombe
UKristu noMariya noMarta

Christ in the Home of Mary and Martha [UKristu Ekhaya LikaMariya noMarta], nguWalter Rane

Shicilela