ITestamente Elisha 2023
Ngo-Ephreli 24–30. NgokukaJohane7–10: “NginguMalusi Omuhle”


“Ngo-Ephreli 24–30. NgokukaJohane 7–10: ‘NginguMelusi Omuhle,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Ephreli 24–30. NgokukaJohane 7–10,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uJesu nowesifazane owe phansi

Neither Do I Condemn Thee [Nami Angikulahli], ngu-Eva Koleva Timothy

Ngo-Ephreli 24–30

NgokukaJohane 7–10

“NginguMelusi Omuhle”

Ngesikhathi ufunda NgokukaJohane7–10, kungase kube khona okufika kuwe kuvela kuMoya oNgcwele ngemigomo eyimfundiso kulezi zahluko. Ukubhala okufika emqondweni wakho kungakusiza wakhe isu lokwenza lokhu okucabangayo.

Bhala Imizwa Yakho

Yize noma uJesu Kristu weza ukuletha “[u]kuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye” (NgokukaLuka 2:14), “kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini” (NgokukaJohane 7:43). Abantu ababebone izehlakalo ezifanayo baba nemibono eyahlukahlukene ngokuthi uJesu wayengubani. Abanye baphetha bathi, “Ungumuntu olungileyo,” ngesikhathi abanye bethi, “Ukhohlisa isixuku” (NgokukaJohane 7:12). Ngesikhathi elapha indoda eyimpumputhe ngeSabatha, abanye bagcizelela bathi, “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha,” ngesikhathi abanye bebuza bethi, “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” (NgokukaJohane 9:16). Nakuba kwakukhona ukudideka, labo ababefuna iqiniso bawabona amandla emazwini Akhe, ngokuba “akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu” (NgokukaJohane 7:46). Ngesikhathi amaJuda ebuza uJesu ukuba “ sitshele ngokusobala” ukuthi wayenguKristu yini, Wembula umgomo ongasisiza sihlukanise iqiniso ephutheni. Wathi: “Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami,” “ngiyazazi, ziyangilandela” (NgokukaJohane 10:24, 27).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaJohane 17:14–17

Ngesikhathi ngiphila amaqiniso afundiswa nguJesu Kristu, ngizokwazi ukuthi ayiqiniso.

AmaJuda amangala ukuthi uJesu wayazi okuningi kangaka, yize Wayengafundile (bheka ivesi 15)—hhayi ngezindlela ayezijwayele. Ekuphenduleni kukaJesu, Wayefundisa indlela ehlukile yokwazi iqiniso elitholakala kuwo wonke umuntu, akukhathaliseki ukuthi imfundo ingakanani noma imvelaphi yakho. Ngokusho kaNgokukaJohane 7:14–17, ungafika kanjani ekwazini ukuthi imfundiso eyafundiswa nguJesu iliqiniso na? Ngabe le ndlela ikusize kanjani ukuba ukhulise ubufakazi bakho bevangeli na?

NgokukaJohane 8:2–11

Isihe sikaMsindisi singatholwa yiwo wonke umuntu.

Ngesikhathi ekhuluma ngokuhlangana kukaMsindisi nowesifazane owayephingile, iGosa uDale G. Renlund lathi: “Ngempela, uMsindisi akakuvumelanga ukuphinga. Kodwa futhi Akazange amjezise owesifazane. Wamkhuthaza ukuba aguqule impilo yakhe. Waba nentshisekelo yokuba aguquke ngenxa yobubele nesihe Sakhe. (“Our Good Shepherd,” iLiyahona, ngoMeyi 2017, 30).

Ngabe yisiphi isikhathi lapho wazizwa khona njengalowesifazane, lapho uthole khona isihe kuMsindidi esikhundleni sokujeziswa na? Yisiphi isikhathi lapho wake waba njengababhali nabaFarisi, usola noma wahlulela abanye yize noma nawe wawunezono zakho na? (bheka NgokukaJohane 8:7). Yikuphi okunye ongakufunda endleleni uMsindisi akhuluma ngayo nababhali nabaFarisi nowesifazane owayephingile na? Yikuphi okufundayo ngokuxolela kukaMsindisi ngesikhathi ufunda lamavesi na?

-

NgokukaJohane 9

Uma sikholwa, uNkulunkulu angaziveza kithi ezinhlungwini zethu.

Ngabe uNgokukaJohane 9:1–3 ukufundisani ngezinkinga nezinhlungu zempilo na? Ngesikhathi ufunda uNgokukaJohane 9, zindla ngokuthi “[kunga]bonakaliswa imisebenzi kaNkulunkulu” kanjani empilweni yendoda ezalwe iyimpumputhe na. Ngabe ibonakaliswe kanjani empilweni yakho—nasezinhlungwini zakho na?

NgokukaJohane 10:1–30

UJesu Kristu unguMelusi Omuhle.

Ngisho noma ngabe awuzijwayele izimvu nokwelusa, ukufunda incwadi NgokukaJohane 10, lapho uMsindisi ethi, “Mina ngingumelusi omuhle,” kungakufundisa amaqiniso abalulekile Ngaye. Ukuwathola lamaqiniso, bheka imisho echaza ukuthi unjani umelusi omuhle bese ucabanga ngokuthi leyo misho ifana kanjani noMsindisi na. Nazi izibonelo lapha ngezansi:

  • Ivesi 3: “Ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.”

  • Ivesi 11: “Udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.”

  • Ivesi 16: “Kube mhlambi munye nomalusi munye.”

Nansi eminye imibuzo eyengeziwe ukukusiza uzindle ngalesi sahluko: Ngabe uJesu ufana kanjani nesicabha na? (bheka amavesi 7–9). Ngabe ukunike kanjani “ukuphila … [o]kuchichimayo” na? (ivesi 10). Yinini lapho owezwa khona ukuthi uyakwazi wena siqu na? (bheka ivesi 14). Ngabe uliqonda kanjani izwi loMelusi Omuhle na? (bheka ivesi 27).

Bheka futhi AMahubo 23; UHezekeli 34; Alima 5:37–39; 3 Nefi 15:21–16:5; inkulumo ka Gerrit W. Gong ethi, “Good Shepherd, Lamb of God,” iLiyahona, ngoMeyi 2019, 97–101.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaJohane 7:24.Ukusiza umndeni wakho uziqonde izimfundiso eziku NgokukaJohane 7:24, ungase uwutshengise into ebukeka iyenye indlela ngaphandle kodwa yehlukile ngaphakathi. Noma amalungu omndeni angabelana ngezehlakalo eziwafundisile ukuthi angahluleli ngabakubona ngaphandle. Ungase futhi wenze uhla lwezici zelungu lomndeni ngalinye ezingabonakali ngeso (bheka futhi 1 USamuweli 16:7.

NgokukaJohane 8:31–36.Kusho ukuthini ukuba “yinceku yesono” na? (bheka futhi Moroni 7:11). Yimaphi amaqiniso afundiswa nguJesu angasikhulula na?

Isithombe
uKristu elapha indoda eyimpumputhe

Jesus Healing the Blind [UJesu Elapha Izimpumputhe], nguCarl Heinrich Bloch

NgokukaJohane 9.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ubone ngamehlo engqondo indaba lapho uJesu elapha khona indoda eyimpumputhe etholakala ku NgokukaJohane 9 na? - - -

NgokukaJohane 10:1–18, 27–29.Ukusiza amalungu omndeni wakho abambe iqhaza ekufundeni umzekeliso womelusi omuhle, cela ilungu ngalinye ukuba lidwebe isithombe sokukodwa kwalokhu okulandelayo: isela, isicabha, umelusi, okhokhelwayo (isisebenzi esiqashiwe), impisi, kanye nemvu. Wameme ukuba afunde NgokukaJohane 10:1–18, 27–29, bese niyaxoxisana njengomndeni ukuthi uMsindisi wafundisani ngalezinto azidwebile na.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka amagama nemishwana ekukhuthazayo. Ngesikhathi ufunda, uMoya uzokugqamisela amagama athile noma imishwana ethize ekukhuthazayo nekugqugquzelayo noma ebukeka sengathi yabhalelwa wena uqobo. Cabanga ngokudwebela amagama noma imishwana ekukhuthazayo kuNgokukaJohane 7–10.

Isithombe
UJesu nemvana

Lost No More [Angisalahlekile], nguGreg K. Olsen

Shicilela