ITestamente Elisha 2023
NgoMeyi 1–7. NgokukaLuka 12–17; NgokukaJohane 11: “Thokozani Nami; ngokuba ngiyiTholile Imvu Yami ebiLahlekile”


“NgoMeyi 1–7. NgokukaLuka 12–17; NgokukaJohane 11: ‘Thokozani Nami; ngokuba ngiyiTholile Imvu Yami ebiLahlekile,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMeyi 1–7. NgokukaLuka 12–17; NgokukaJohane 11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
indoda esingatha indodana yayo

Indodana Yolahleko, nguLiz Lemon Swindle

NgoMeyi 1–7

NgokukaLuka 12–17; NgokukaJohane 11

“Thokozani Nami; ngokuba ngiyiTholile Imvu Yami ebiLahlekile.”

Ngesikhathi ufunda NgokukaLuka 12–17 naku NgokukaJohane 11, ngomkhuleko funa lokho uBaba oseZulwini afuna ukwazi futhi ukwenze. Ukufunda kwakho lezi zahluko kungavula inhliziyo yakho emiyalezweni eyenzelwe wena uqobo.

Bhala Imizwa Yakho

Ezimweni eziningi, abangama-99 kwabayi-100 bangathathwa njengabahle kakhulu—kodwa hhayi uma izinombolo ezinjalo zimele abantwana abathandekayo bakaNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 18:10). Kuleso simo, ngisho nomphefumulo owodwa ufanele ukufuniswa ngokujulile “kuze [si]wuthole” (NgokukaLuka 15:4), njengoba uMsindisi afundisa kumzekeliso wemvu elahlekile. Khona-ke ukuthokoza kungaqala, ngoba “kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka” (NgokukaLuka 15:7). Uma lokho kubonakala kungenabulungiswa, kuyasiza ukukhumbula ukuthi, eqinisweni, abekho “abangasweli ukuphenduka.” Sonke sidinga ukuhlengwa. Futhi sonke singabamba iqhaza ekusindiseni, sijabule ndawonye phezu kwawo wonke umphefumulo osindisiwe (bheka IMfundiso neziVumelwano 18:15–16).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaLuka 12; 14–16

Ngibusisiwe ngesikhathi ngibeka inhliziyo yami ezintweni zaphakade.

Kungani uNkulunkulu ayengathi “Siwula” endodeni ekhuthele, ephumelelayo eyayakhe izinqolobane ezinkulu futhi yazigcwalisa ngezithelo zomsebenzi wayo na? (bheka NgokukaLuka 12:16–21). Kulezi zahluko kuLuka, uMsindisi ufundisa imizekeliso embalwa engasisiza ukuthi siphakamise izinto esizibonayo ngale kwezezwe siye kwezaphakade. Eminye yale mizekeliso ibalwe lapha. Ungawufingqa kanjani umlayezo womuntu ngamunye na? Ucabanga ukuthi iNkosi ikutshelani na?

Bheka futhi NgokukaMathewu 6:19–34; 2 Nefi 9:30; IMfundiso neziVumelwano 25:10.

NgokukaLuka 15

UBaba oseZulwini uyajabula lapho labo abalahlekile betholakala.

Ngesikhathi ufunda imizekeliso uJesu ayifundisa NgokukaLuka 15, ufundani ngendlela uBaba oseZulwini azizwa ngayo ngalabo abonile noma “abalahlekile” na? Kufanele umholi womoya—noma omunye wethu—azizwe kanjani ngabo na? Cabanga ukuthi abaFarisi nababhali babeyoyiphendula kanjani le mibuzo (bheka NgokukaLuka 15:1–2). Impendulo kaJesu ingatholakala emizekelisweni emithathu ku NgokukaLuka 15. Njengoba ufunda, cabanga ngalokho uJesu ayekufundisa ababhali nabaFarisi ngale mizekeliso.

Ungase futhi ucabange ukwenza uhlu lokufana nomehluko phakathi kwemizekeliso. Isibonelo, ungabona ukuthi yini eyayilahlekile emzekelisweni ngamunye nokuthi kungani yalahleka, yatholakala kanjani, nokuthi abantu basabela kanjani lapho itholakala. Iyiphi imilayezo uJesu ayenayo ngalabo “abalahlekile”—kuhlanganise nalabo abangacabangi ukuthi balahlekile? Iyiphi imilayezo uJesu ayenayo ngalabo abacinga labo abalahlekile na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 18:10–16.

Isithombe
owesifazane ofuna uhlweza lwemali

The Lost Piece of Silver [Ucezu Lwesiliva Olulahlekile], nguJames Tissot

NgokukaLuka 16:1‒12

Wayefundisani uKristu emfaneksweni womphathi ongathembekile na?

IGosa uJames E. Talmage lachaza isifundo esisodwa esingasifunda kulo mfanekiso: “Khuthalela; ngoba usuku ongasebenzisa ngalo ingcebo yakho yasemhlabeni luzodlula maduze. Funda nakwabangathembekile nababi; uma behlakaniphe kakhulu ukuze bahlinzekele okuwukuphela kwekusasa abalicabangayo, yeka ukuthi nina enikholelwa ekusaseni laphakade kufanele nibahlinzekele kakhulu kangakanani! Uma ungakufundanga ukuhlakanipha ekusebenziseni ‘imali engalungile,’ ungathenjwa kanjani nengcebo ehlala njalo na?” (Jesus the Christ [1916], 464). Yiziphi ezinye izifundo ozithola kulomfanekiso na?

NgokukaLuka 17:11–19

Ukubonga ngezibusiso zami kuzongisondeza kuNkulunkulu.

Uma wawungomunye wabayishumi abanochoko, ucabanga ukuthi wawuyobuya uzobonga uMsindisi na? Yiziphi ezinye izibusiso ezatholwa onochoko ngenxa yokubonga na?

Ungase futhi uzindle ngamazwi oMsindisi, “Ukukholwa kwakho kukusindisile” (ivesi 19). Ngokubona kwakho, ukubonga kuhlobana kanjani nokholo? Kokubili kusisiza kanjani ukuba sibe ngabaphelele na? -

-

NgokukaJohane 11:1–46

UJesu Kristu unguVuko kanye nokuPhila.

Isimangaliso sokuvusa uLazaru kwabafileyo sasiwubufakazi obunamandla nobungenakuphikiswa bokuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu ngempela noMesiya othenjisiwe. Yimaphi amagama, imishwana, noma imininingwane eku NgokukaJohane 11:1–46 eqinisa ukholo lwakho lokuthi uJesu Kristu “ungukuvuka, nokuphila” na? Kusho ukuthini kuwe ukuthi uJesu “uwukuvuka nokuphila”?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaLuka 15:1–10.Ingabe amalungu omndeni wakho ayaqonda ukuthi kunjani ukulahlekelwa okuthile—noma ukulahleka na? Ukuxoxa ngezinto asedlule kuzo kungase kuqale ingxoxo ngemifanekiso yemvu elahlekile nohlweza lwemali olulahlekile. Noma ungase udlale umdlalo lapho othile ecasha khona futhi amanye amalungu omndeni azame ukumthola. Lomdlalo usisiza kanjani ukuba siqonde lemifanekiso na?

NgokukaLuka 15:11–32.Singafana kanjani nobaba okukhulunywa ngaye kule ndaba uma sinabantu esibathandayo abalahlekile na? Yini esingayifunda kulokho okwenzeka endodaneni endala engasisiza ukuba sibe njengoKristu ngokwengeziwe na? Yiziphi izindlela ubaba kulo mfanekiso afana ngayo noBaba wethu waseZulwini na?

NgokukaLuka 17:11–19.Ukuze usize amalungu omndeni asebenzise ukulandisa kwabayishumi abanochoko, ungase ubameme ukuba bashiye izincwadi eziyimfihlo zokubonga komunye nomunye. Ungakwazi futhi ukwenza uhlu lwezibusiso umndeni wakho ozitholile.

NgokukaJohane 11:1–46.Amalungu omndeni angabelana ngobufakazi bawo ngoJesu Kristu.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa izindaba kanye nezibonelo ukufundisa izimiso zevangeli. UMsindisi wayevame ukufundisa esebenzisa izindaba nemifanekiso. Cabanga ngezibonelo kanye nezindaba ezivela empilweni yakho ezingenza isimiso sevangeli siphile emndenini wakho (bheka Teaching in the Savior’s Way22).

Isithombe
indoda eguqile ngaphambi kwaJesu

Where Are the Nine [Bakuphi Abayishiyagalolunye Na], nguLiz Lemon Swindle

Shicilela