ITestamente Elisha 2023
NgoMeyi 15–21. NgokukaMathewu 21–23; NgokukaMarku 11; NgokukaLuka 19–20; NgokukaJohane 12: “Bheka, iNkosi Yakho Iza”


“NgoMeyi 15–21. NgokukaMathewu 21–23; NgokukaMarku 11; NgokukaLuka 19–20; NgokukaJohane 12: ‘Bheka, iNkosi Yakho Iza,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMeyi 15–21. NgokukaMathewu 21–23; NgokukaMarku 11; NgokukaLuka 19–20; ngokukaJohane 12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
indoda esihlahleni ngesikhathi uJesu esondela

Zacchaeus in the Sycamore Tree [UZakayi esiHlahleni SeSikhamore], nguJames Tissot

NgoMeyi 15–21

NgokukaMathewu 21–23; NgokukaMarku 11; NgokukaLuka 19–20; NgokukaJohane 12

“Bheka, iNkosi Yakho Iza”

Ngaphambi kokufunda imibono kulolu hlaka, funda NgokukaMathewu 21–23; NgokukaMarku 11; NgokukaLuka 19–20; kanye NgokukaJohane 12. Bhala okufika emqondweni wakho ongabelana ngakho nomndeni wakho noma emakilasini akho eSonto.

Bhala Imizwa Yakho

UMsindisi wayelambile emuva kokuhamba esuka eBethaniya eya eJerusalema, futhi isihlahla samakhiwane esasibuqamama sasibukeka njengomthombo wokudla. Kodwa ngesikhathi uJesu esondela esihlahleni, Wathola ukuthi asithelanga zithelo (bheka NgokukaMathewu 21:17–20; NgokukaMarku 11:12–14, 20). Ngandlela-thile, umkhiwane wawufana nabaholi benkolo abangabazenzisi baseJerusalema: izimfundiso zabo eziyize nokubonisa kwabo ubungcwele kwangaphandle akuzange kunikeze ukondleka kwabo okungokomoya. AbaFarisi nababhali babonakala begcina imiyalelo eminingi kodwa begeja imiyalo emibili emikhulu: ukuthanda uNkulunkulu kanye nokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena (bheka NgokukaMathewu 22:34–40; 23:23).

Ngokuphambene, abantu abaningi base beqale ukubona izithelo ezinhle ezimfundisweni zikaJesu. Lapho efika eJerusalema, bamamukela ngamagatsha anqunywe ezihlahleni ukuze alungise indlela Yakhe, bejabulela ukuthi ekugcineni, njengoba isiphrofetho sasendulo sasho, “INkosi yakho iyeza” (UZakhariya 9:9). Njengoba ufunda kulelisonto, cabanga ngezithelo zezimfundiso zoMsindisi kanye nomnikelo wenhlawulo empilweni yakho nokuthi ungaveza kanjani “isithelo esiningi” (NgokukaJohane 12:24).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaLuka 19:1–10

INkosi ayahluleli ngokubonakala ngaphandle kodwa ngezifiso zenhliziyo.

Ngosuku lukaJesu, abantu abaningi babecabanga ukuthi abathelisi, babengathembekile futhi bebela abantu. Ngakho ngenxa yokuthi uZakewu, umthelisi omkhulu, wayecebile, kungenzeka ukuthi wayesolwa nakakhulu. Kodwa uJesu wabheka inhliziyo kaZakewu. Ngabe NgokukaLuka 19:1–10 ukuvezelani ngenhliziyo kaZakewu na? Ungase uphawule amazwi akulamavesi achaza lokho uZakewu akwenza ukuze abonise ukuzinikela kwakhe kuMsindisi. Yiziphi izifiso zenhliziyo yakho na? Wenzani ukufuna uMsindisi, njengoba kwenza uZakewu na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 137:9.

NgokukaMathewu 23; NgokukaLuka 20:45–47

UJesu uyabugxeka ukuzenzisa.

Ukwenzelana koMsindisi nababhali nabaFarisi kwakha umehluko othakazelisayo ekwenzelaneni kwakhe noZakewu. Njengoba uMongameli uDieter F. Uchtdorf achaza, “[UJesu] wavukela ngentukuthelo elungile abazenzisi abafana nababhali, abaFarisi, nabaSadusi—labo ababezama ukubonakala belungile ukuze bazuze udumo, ithonya, nengcebo yomhlaba, konke, ngenkathi becindezela abantu okufanele ngabe bayababusisa” (“On Being Genuine,” iLiyahona, ngoMeyi 2015, 81).

Ku NgokukaMathewu 23, uMsindisi usebenzisa izingathekiso ukuchaza ukuzenzisa. Cabangela ukumaka noma ukuklelisa lezi zifenqo futhi uqaphele ezikufundisayo ngokuzenzisa. Uyini umehluko phakathi kokuzenzisa kanye nobuthakathaka bomuntu sonke esibhekana nabo ngesikhathi sizama ukuphila ivangeli na? Yini okhuthazwa ukuba uyenze ngokuhlukile ngenxa yezimfundiso zoMsindisi na?

-

NgokukaMathewu 21:1–11; NgokukaMarku 11:1–11; NgokukaLuka 19:29–44; NgokukaJohane 12:1–8, 12–16

UJesu Kristu uyiNkosi yami.

Lapho uJesu efika eJerusalema ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba afeze iNhlawulo Yakhe, labo ababemazi njengeNkosi yabo babonisa ukuzinikela kwabo ngokumgcoba, bembesa izingubo namagatsha esundu endleleni Yakhe yokungena eJerusalema, futhi bememeza bedumisa. Cabanga ukuthi lezi zinsiza ezilandelayo zingajulisa kanjani ukuqonda kwakho kwalezi zenzakalo, eziqale ngesonto lokugcina lwempilo yoMsindisi.

  • Isibonelo sasendulo sokugcoba inkosi: 2 AMakhosi 9:1–6, 13

  • Isiprofetho sasendulo sokungena ngokunqoba: UZakhariya 9:9

  • Incazelo yegama elithi “Hosana” kwisiHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

  • Iziprofetho mayelana nokuthi uMsindisi uzobuya kanjani futhi: IsAmbulo 7:9–12

Ungamhlonipha futhi umamukele kanjani uMsindisi njengeNkosi yakho na?

-

NgokukaMathewu 22:34–40

Imithetho emibili emikhulu eyokuthanda uNkulunkulu nokuthanda abanye njengoba ngizithanda mina.

Uma kwenzeka uzizwa ukhungathekile ngesikhathi uzama ukulandela uJesu Kristu, amazwi oMsindisi kummeli kuNgokukaMathewu 22 angakusiza ukwenze lula futhi ugxilise ubufundi bakho. Nansi indlela eyodwa yokwenza lokhu: Yenza uhlu lwemithetho embalwa yeNkosi. Into ngayinye esohlwini lwakho ihlangana kanjani nemithetho emibili emikhulu na? Ukugxila emiyalweni emibili emikhulu kungakusiza kanjani ukuthi ugcine eminye na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 21:12–14.Amazwi kanye nezenzo zikaJesu kuNgokukaMathewu 21:12–14 kukhombisa kanjani ukuthi wayezizwa kanjani ngethempeli na? Sibonisa kanjani ukuthi sizizwa kanjani ngethempeli na? Yini “esingayikhipha” (kuvesi 12) ezimpilweni zethu ukuze senze ikhaya lethu lifane nethempeli na? -

NgokukaMathewu 21:28–32.Yiziphi izifundo emfanekisweni wendoda enamadodana amabili ezingasiza umndeni wakho na? Isibonelo, ungasebenzisa lendaba ukuze uxoxe ngokubaluleka kokulalela nokuphenduka ngobuqotho. Mhlawumbe umndeni wakho ungabhala umbhalo wokulingisa umfanekiso bese niyashintshisana ngokulingisa izindima ezahlukene.

NgokukaMathewu 22:15–22; NgokukaLuka 20:21–26.Izingane zingase zikujabulele ukwenza izinhlamvu zemali zokuzenzisa ezinomfanekiso “nombhalo ongenhla” kaJesu kuzo. Zingabhala emumva kwezinhlamvu zemali ezinye zezinto “ezingokukaNkulunkulu” (NgokukaMathewu 22:21) esingamnika zona. Ungase futhi ukhulume ngokuthi kusho ukuthini ukuba “nomfanekiso kanye nombhalo ongenhla” woMsindisi kithi (NgokukaMathewu 22:20; bheka futhi Mosiya 5:8; Alima 5:14).

NgokukaJohane 12:1–8.UMariya walubonisa kanjani uthando lwakhe ngoMsindisi na? Silubonisa kanjani uthando lwethu Ngaye na?

Isithombe
owesifazane owesula izinyawo zikaJesu ngezinwele zakhe

Washing Jesus’s Feet [Ukugeza Izinyawo ZikaJesu], nguBrian Call

NgokukaJohane 12:42–43.Yimiphi imiphumela yokuhlanganyelana nabanye kwesinye isikhathi esidikibalisa ekuvezeni noma ekuvikeleni ukholo lwethu kuKristu na? Ukuze uthole izibonelo zabantu abangazange bavumelane nengcindezi yokuhlanganyelana nabanye, bheka UDaniyeli 1:3–20; 3; 6; NgokukaJohane 7:45–53; 9:1–38; kanye Mosiya 17:1–4. Singayibonisa kanjani inhlonipho kwabanye lapho beveza noma bevikela izinkolelo zabo na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa ubuciko ukuze ubandakanye amalungu omndeni.IGospel Art Book kanye ne Gospel Media Library ku ChurchofJesusChrist.org kuqukethe izithombe namavidiyo amaningi angasiza [umndeni wakho] ukuba ubone ngeso lengqondo imiqondo noma izehlakalo” (Teaching in the Savior’s Way, 22).

Isithombe
Ukungena kukaKristu kokunqoba

Triumphal Entry (Ukungena Kokunqoba), nguWalter Rane

Shicilela