ITestamente Elisha 2023
NgoMeyi 8–14. NgokukaMathewu 19–20; NgokukaMarku 10; NgokukaLuka 18: “Ngisasalelwe Yini Na?”


“NgoMeyi 8–14. NgokukaMathewu 19–20; NgokukaMarku 10; NgokukaLuka 18: ‘Ngisasalelwe Yini Na?,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMeyi 8–14. NgokukaMathewu 19–20; NgokukaMarku 10; NgokukaLuka 18,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
abasebenzi esivinini

NgoMeyi 8–14

NgokukaMathewu 19–20; NgokukaMarku 10; NgokukaLuka 18

“Ngisasilalelweni Na?”

Funda futhi uzindleNgokukaMathewu 19–20; NgokukaMarku 10; futhi NgokukaLuka 18, uqaphela ugqozi olutholayo oluvela kuMoya oNgcwele. Bhala phansi ngalolo gqozi olutholile, bese uphokophelela ukuthi uzolusebenzisa kanjani empilweni yakho.

Bhala Imizwa Yakho

Uma ubunethuba lokubuza uMsindisi umbuzo, ubungamubuzani na? Ngesikhathi insizwa ethile enothileyo ihlangana noMsindisi okokuqala, yambuza yathi, “Ngiyakwenza-ntoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” (NgokukaMathewu 19:16). Impendulo kaMsindisi yatshengisa kokubili ukubonga izinto ezinhle insizwa ayayisizenzile kanye nenkuthazo enothando yokwenza kangconywana. Ngesikhathi sizindla ngempilo yaphakade esingayithola, ngokufanayo nathi singacabanga ngokuthi kukhona yini okunye okumele ngabe siyakwenza. Ngesikhathi sibuza, ngendlela yethu ukuthi, “Ngisasilalelweni na?” (NgokukaMathewu 19:20), iNkosi ingasinika izimpendulo ezibhekene nathi siqu njengempendulo Yakhe ensizweni enothileyo. Noma yini iNkosi esicela siyenze, ukwenza lokho okuyimpendulo Yakhe kuyohlezi kudinga ukuba simethembe kakhulu kunokulunga kwethu (bheka NgokukaLuka 18:9–14) nokuthi “[sa]mukele umbuso kaNkulunkulu njengomntwana” (NgokukaLuka 18:17; bheka futhi 3 Nefi 9:22).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 19:3–9; NgokukaMarku 10:2–12

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu.

Lengxoxo phakathi kwaMsindisi nabaFarisi ingenye yezibonelo ezimbalwa ezibhaliweyo lapho uMsindisi afundisa khona ngqo ngomshado. Emva kokufunda NgokukaMathewu 19:3–9 kanye NgokukaMarku 10:2–12, yenza uhla lwemisho embalwa ocabanga ukuthi ifingqa imibono yeNkosi ngomshado. - Ngabe ulwazi lwakho ngesu lensindiso likaBaba liyithinta kanjani indlela ozizwa ngayo kanye nendlela ocabanga ngayo ngomshado na?

NgokukaMathewu 19:3–9; NgokukaMarku 10:2–12

Ngabe uJesu wafundisa yini ukuthi isehlukaniso asamukelekile neze noma ukuthi abantu asebehlukanisile akufanele baphinde bashade na?

Ekhuluma ngesehlukaniso, uMongameli uDallin H. Oaks wafundisa ukuthi uBaba oseZulwini uhlose ukuthi ubudlelwano bomshado bube ngobaphakade. Kodwa, uNkulunkulu uyaqonda futhi ukuthi isehlukaniso ngesinye isikhathi siyadingeka. UMongameli u-Oaks wachaza ukuthi iNkosi “iyabavumela abantu asebehlukanisile ukuba bashade futhi ngaphandle kwebala lophingo elichazwe emthethweni ophakeme. Ngaphandle uma ilungu eselehlukanisile lenze isono esinzima, lingakulungela ukuba nemvume yokungena ethempelini ngaphansi kwemigomo yokufaneleka esebenza kwamanye amalungu” (“Divorce,” iLiyahona, ngoMeyi 2007, 70).

NgokukaMathewu 19:16–22; NgokukaMarku 10:17–22; NgokukaLuka 18:18–23

Uma ngibuza iNkosi, izongifundisa okumele ngikwenze ukuze ngizuze ukuphila okuphakade.

Indaba yensizwa enothileyo inganika ukuma isikhashana ngisho kumuntu othembekile, ongumfundi impilo yakhe yonke. Ngenkathi ufunda NgokukaMarku 10:17–22, yibuphi ubufakazi obutholayo ngokukholwa kanye nobuqotho balensizwa na? INkosi yazizwa kanjani ngalensizwa na?

Lendaba ingakukhuthaza ukuba ubuze ukuthi, “Ngisasalelwe yini na?” (NgokukaMathewu 19:20). Ngabe iNkosi isisiza kanjani ukuthi sithole lokho esikusalelayo na? (bheka Etere 12:27). Yikuphi esingakwenza ukuzilungiselela ukwamukela ukulungiswa kanye nosizo Lwakhe njengoba sifuna ukuthuthuka na?

-

NgokukaMathewu 20:1–16

Wonke umuntu angasithola isibusiso sempilo yaphakade, akunandaba ukuthi balamukela nini ivangeli.

Ungakwazi yini ukuzihlanganisa nalokho okwenzeka kunoma yiziphi izisebenzi zasesivinini na? Yiziphi izifundo ozitholela zona kulendima na? IGosa uJeffrey R. Holland lafundisa ukuthi lomfanekiso “yindaba emayelana nobuhle bukaNkulunkulu, ukubekezela nokuxolela Kwakhe, kanye nangeNhlawulo yeNkosi uJesu Kristu. Yindaba emayelana nobubele nesihawu. Yindaba emayelana nomusa”.“The Laborers in the Vineyard” (iLiyahona, NgoMeyi 2012, 31–33). Ngabe yiluphi olunye ulwazi olufihlakele olutholayo ezimfundisweni zeGosa uHolland na? Ngabe yiluphi olunye ugqozi uMoya okunika lona na?

Isithombe
Indoda ethobekile nomFarisi

The Repentant Publican and the Self-Righteous Pharisee in the Temple [UmThelisi oPhendukileyo kanye nomFarisi Onokulunga Kwakhe eThempelini, nguFrank Adams

NgokukaLuka 18:9‒14

Kumele ngithembele emuseni kaNkulunkulu, hhayi ekulungeni kwami.

Ungawufingqa kanjani umehluko phakathi kwemikhuleko emibili kulomfanekiso na? Zindla ngalokho ozizwa ukuthi kumele ukwenze ukuze ube njengomthelisi kulendaba futhi ungafani nomFarisi.

Bheka futhi KwabaseFilipi 4:11–13; Alima 31:12–23; 32:12–16.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMarku 10:13–16; NgokukaLuka 18:15–17.- Kwakungaba njani ukuba yingxenye yabantwana ababusiswa nguJesu na? Kwakungasho ukuthini ukuthi “amuke[la] umbuso kaNkulunkulu njengomtwana” na? (NgokukaMarku 10:15).

NgokukaMarku 10:23–27.Yimuphi umehluko phakathi kokuba nengcebo nokwethembela engcebweni na? (bheka NgokukaMarku 10:23–24). Ngesikhathi ufunda ivesi 27, ungase ifise ukubheka ukuHunyushwa okwenziwa Joseph Smith: “Kulaba abantu abathembela engcebweni, akunakwenzeka; kepha kungezeka kulaba bantu abathembela kuNkulunkulu futhi bashiye konke ngenxa yeNkosi, ngokuba kulaba zonke lezi zinto zingenzeka” (ukuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith Translation, Mark 10:26 ). Njengomndeni, simukhombisa kanjani uNkulunkulu ukuthi siyamethemba ukudlula izinto zasemhlabeni na?

NgokukaMathewu 20:1–16.Ukukhombisa imigomo etholakala kuNgokukaMathewu 20:1–16, ungahlela umncintiswano, onjengomjaho omfishane. Emuva kokuba wonke umuntu eseqede umncintiswano, klomelisa wonke umuntu ngomklomelo ofanayo, uqala kumuntu oqede ekugcineni bese ugcina ngomuntu oqede kuqala. Ngabe lokhu kusifundisani ngokuthi ngubani othola izibusiso zokuphila okuphakade eswini likaBaba oseZulwini na?

NgokukaMathewu 20:25–28; NgokukaMarku 10:42–45.Ithini incazelo yomusho othi “nalowo ofuna ukuba-ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yenu” na? (NgokukaMathewu 20:27). Ngabe uJesu Kristu wasibonisa kanjani lomgomo na? Singasilandela kanjani isibonelo Sakhe emindenini, ewadini noma egatsheni, nasemiphakathini yethu na?

NgokukaLuka 18:1‒14.Sifundani ngomkhuleko kulemifanekiso emibili ekulamavesi na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thola isikhathi esikulungele. Kuvame ukuba lula ukufunda emibhalweni engcwele lapho ukwazi khona ukuzifundela ngaphandle kokuphazamiseka. Thola isikhathi esikulungele, futhi wenze okusemandleni akho ukuhlezi ufunda ngaleso sikhathi usuku ngalunye.

Isithombe
UKristu nensizwa enothileyo

Christ and the Rich Young Ruler [UKristu Nensizwa Enothileyo Ebusayo], nguHeinrich Hofmann

Shicilela