ITestamente Elisha 2023
NgoMeyi 22–28. Joseph Smith—Mathewu 1; NgokukaMathewu 24–25; NgokukaMarku 12–13; NgokukaLuka 21: “Nxa iNdodana yoMuntu Iza”


“NgoMeyi 22–28. Joseph Smith—Mathewu 1; NgokukaMathewu 24–25; NgokukaMarku 12–13; NgokukaLuka 21; ‘Bheka, iNkosi Yakho Iza,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMeyi 22–28. Joseph Smith—Mathewu 1; NgokukaMathewu 24–25; NgokukaMarku 12–13; NgokukaLuka 21,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
Ukuza Kwesibili

The Second Coming [Ukuza KwesiBili], nguHarry Anderson

NgoMeyi 22–28

Joseph Smith—Mathewu 1; NgokukaMathewu 24–25; NgokukaMarku12–13; NgokukaLuka 21

“Nxa iNdodana yoMuntu Iza”

Ngesikhathi ufunda ku-Joseph Smith—Mathewu 1; NgokukaMathewu 24–25; NgokukaMarku 12–13; futhi NgokukaLuka 21, ungahle ubuze ukuthi, “Lezi zahluko zingithumelela miphi imilayezo na? eyomndeni wami na? noma ngobizo lwami na?”

Bhala Imizwa Yakho

Abafundi baJesu kumele ukuba basithola sishaqisa isiphrofetho Sakhe: ithempeli elinamandla laseJerusalema, isikhungo somoya namasiko abantu bamaJuda, sasiyobhujiswa ngokuphelele kangangokuthi “[kwaku]ngeke kushiywe … itshe phezu kwelinye.” Njengokulindelekile, abafundi babefuna ukwazi kanconywana. “Ziyokwenzeka nini lezi zinto na?” babuza. “Futhi siyini isibonakaliso sokuza kwakho na?” (Joseph Smith—Mathewu 1:2–4). Izimpendulo zoMsindisi zembula ukuthi ukubhujiswa okukhulu okuza eJerusalema—isiphrofetho esagcwaliseka ngo-AD 70—kuyoba kuncane uma kuqhathaniswa nezibonakaliso zokuza Kwakhe ezinsukwini zokugcina. Izinto ezibonakala zizinze ngaphezu kwethempeli laseJerusalema ziyoba ezesikhashana—ilanga, inyanga, izinkanyezi, izizwe, nolwandle. Ngisho “amandla ezulu ayonyakaziswa” (Joseph Smith—Mathewu 1:33). Uma siqaphela izinto ezingokomoya, lesiyaluyalu singasifundisa ukuthembela kokuthile okuhlala njalo ngempela. Njengoba uJesu athembisa, “Izulu nomhlaba kuyodlula; nokho amazwi ami awayikudlula. … Futhi lowo ogcina izwi lami, ngeke akhohliswe”(Joseph Smith—Mathewu 1:35, 37).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Ngabe yini incwadi ebizwa ngokuthi Joseph Smith—Mathewu na?

Incwadi ebizwa ngokuthi Joseph Smith—Mathewu, etholakala kwiGugu leNani eliKhulu, ukuhunyushwa kukaJoseph Smith kwevesi lokugcina lika NgokukaMathewu 23 kanye nesahluko sonke sika NgokukaMathewu 24. Izibuyekezo eziphefumulelwe zikaJoseph Smith zibuyisela amaqiniso ayigugu ayelahlekile. Amavesi 12–21 abhekisela ekubhujisweni kweJerusalema endulo; amavesi 21–55 aqukethe iziprofetho mayelana nezinsuku zokugcina.

Joseph Smith—Mathewu 1:21–37; NgokukaMarku 13:21–37; NgokukaLuka 21:25–38

Iziprofetho mayelana noKuza kwesiBili koMsindisi zingangisiza ngibhekane nekusasa ngokholo.

Kungahle kukuphazamise ukufunda ngezehlakalo eziholela eKuzeni kwesiBili kukaJesu Kristu. Kodwa ngesikhathi uJesu eprofetha ngalezi zehlakalo, watshela abafundi Bakhe ukuthi “bangakhathazeki” (Joseph Smith—Mathewu 1:23). Ungahlala kanjani ‘Ungakhathazeki njengoba uzwa ngokuzamazama komhlaba, izimpi, inkohliso, nendlala na? Cabanga ngalombuzo njengoba ufunda lamavesi. Dwebela noma ubhale yinoma yisiphi iseluleko esiqinisekisayo ositholayo.

-

Joseph Smith—Mathewu 1:26–27, 38–55; NgokukaMathewu 25:1–13; NgokukaLuka 21:29–36

Kufanele ngihlale ngikulungele uKuza kwesiBili koMsindisi.

UNkulunkulu akakalwembuli “usuku noma ihora iNdodana yomuntu eza ngalo” (NgokukaMathewu 25:13). Kodwa akafuni ukuba lolosuku lufike kithi “singanakile” (NgokukaLuka 21:34), ngakho Usinikeze iseluleko mayelana nendlela yokuzilungiselela.

Njengoba ufunda lamavesi, khomba imizekeliso kanye nezinye iziqhathaniso uMsindisi azisebenzisayo ukuze asifundise ukuthi sihlale sikulungele uKuza Kwakhe kwesiBili. Yikuphi okufundayo kuyona na? Yikuphi ogqugquzeleka ukuthi ukwenze na?

Ungase futhi ucabange ukuthi uMsindisi ufuna ukuthi usize kanjani ukulungiselela umhlaba ngoKuza Kwakhe kwesiBili. Uzwa ukuthi kusho ukuthini ukulungela ukwamukela uMsindisi uma Efika na? -

-

NgokukaMathewu 25:14–30

UBaba oseZulwini ulindele ukuthi ngisebenzise iziphiwo Zakhe ngobuhlakani.

Emzekelisweni woMsindisi, “ithalente” lalibhekisele emalini. Kodwa umzekeliso wamathalente ungasenza sizindle ngokuthi sizisebenzisa kanjani noma yiziphi izibusiso zethu, hhayi imali kuphela. Emva kokufunda lomzekeliso, ungenza uhla lwezinye zezibusiso kanye nemisebenzi uBaba oseZulwini akuphathise yona. Ngabe yikuphi lokho akulindele ukuba ukwenze ngalezi zibusiso na? Ungazisebenzisa kanjani lezi zipho ngokuhlakanipha na?

NgokukaMathewu 25:31–46

Lapho ngisebenzela abanye, ngisuke ngisebenzela uNkulunkulu.

Uma uzibuza ukuthi iNkosi iyokwahlulela kanjani impilo yakho, funda umzekeliso wezimvu nezimbuzi. Ucabanga ukuthi kungani ukunakekela labo abaswele kungakusiza ukuba ulungiselele “ifa lombuso” kaNkulunkulu na?

Lomzekeliso ufana kanjani neminye emibili ku NgokukaMathewu 25 na? Yimiphi imilayezo abafana ngayo laba abathathu na?

Bheka futhi Mosiya 2:17; 5:13.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Joseph Smith—Mathewu.Ukusiza umndeni wakho uhlole lesi sahluko, bameme ukuthi babheke izimfundiso zoMsindisi mayelana nokuthi singakulungiselela kanjani uKuza Kwakhe kwesiBili (isibonelo, bheka amavesi 22–23, 29–30, 37, 46–48). Yini esingayenza ukuze silandele lesi seluleko na? -

Joseph Smith—Mathewu 1:22, 37.Kusho ukuthini ukubeka izwi likaNkulunkulu njengegugu na? Singakwenza kanjani lokhu ngokomuntu siqu noma singumndeni na? Ukwenza kanjalo kuyosisiza kanjani ukuba sigweme ukukhohliswa na?

NgokukaMathewu 25:1–13.Ungasebenzisa isithombe sezintombi eziyishumi esihambisana naloluhlaka ukuze nixoxe NgokukaMathewu 25:1–13. Imiphi imininingwane esiyibona esithombeni esichazwe kulawa mavesi na?

Ungase usike iphepha libe sesimweni samaconsi amafutha bese ufihla amaconsi ekhaya lakho. Unganamathisela amaconsi ezintweni ezifana nemibhalo engcwele noma isithombe sethempeli. Uma amalungu omndeni ethola amaconsi, ningaxoxa ngokuthi lezi zinto zisisiza kanjani ukuthi silungiselele uKuza kwesiBili.

NgokukaMarku 12:38–44; NgokukaLuka 21:1–4.Lamavesi afundisani ngendlela uMsindisi abheka ngayo iminikelo yethu na? Bonisa umndeni wakho ukuthi kukhokhwa kanjani okweshumi kanye neminikelo yokuzila ukudla eNkosini. Leminikelo isiza kanjani ekwakheni umbuso kaNkulunkulu na? Yiziphi ezinye izindlela esinganikela ngazo “konke [esinakho]” eNkosini na? (NgokukaMarku 12:44).

Isithombe
owesifazane efaka uhlamvu lwemali ebhokisini

Widow’s Mite [Ifidingi Lomfelokazi], nguSandra Rast

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Lungisa indawo yakho. “Indawo esikuyo ingaba nomthelela omkhulu ekufundeni nasekuzweni iqiniso kwethu” (Teaching in the Savior’s Way, 15). Zama ukuthola indawo yokufunda imibhalo engcwele ezomema amandla kaMoya oNgcwele. Umculo okhuthazayo kanye nezithombe nakho kungamema uMoya.

Isithombe
abesifazane bephethe izibani

Five of Them Were Wise [Abahlanu Babo babeHlakaniphile], nguWalter Rane

Shicilela