ITestamente Elisha 2023
NgoMeyi 29–Juni 4. NgokukaMathewu 26; NgokukaMarku 14; NgokukaJohane 13: “Ukuba Nikhumbule”


“NgoMeyi 29–Juni 4. NgokukaMathewu 26; NgokukaMarku 14; NgokukaJohane 13: ‘Ukuba Nikhumbule,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMeyi 29–Juni 4. NgokukaMathewu 26; NgokukaMarku 14; NgokukaJohane 13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
Isidlo Sakusihlwa Sokugcina

In Remembrance of Me [Ukuba Ningikhumbule], nguWalter Rane

NgoMeyi 29–Juni 4

NgokukaMathewu 26; NgokukaMarku 14; NgokukaJohane 13

“Ukuba Nikhumbule”

Ngesikhathi ufunda ngezehlakalo ezichazwe ku NgokukaMathewu 26; futhi NgokukaMarku 14; naku NgokukaJohane 13, naka imicabango efika kuwe, ikakhulukazi leyo micabango eqinisa ukholo lwakho kuJesu Kristu kanye nokuzibophezela kwakho Kuye.

Bhala Imizwa Yakho

Usuku ngaphambi kokuba Afe, uJesu wanika abafundi Bakhe into abayomkhumbula ngayo. “Wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: Thathani nidle; lokhu kungumzimba wami. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami” (NgokukaMathewu 26:26–28).

Lokho kwenzeka eminyakeni cishe eyizinkulungwane ezimbili eyedlule, endaweni iningi lethu elingasoze layibona, ngolimi olungaqondwa yidlanzana lethu. Kodwa manje, njalo ngeSonto ezindaweni zethu zokukhonza, abaphethe ubupristi, abagunyaziwe ukwenza izinto egameni likaJesu Kristu, benza lokhu ake Akwenza ngaphambilini. Bathatha isinkwa namanzi, bakubusise, bakunike thina sonke ngabanye, abafundi Bakhe. Yisenzo esilula—kungaba khona into elula kunalena, eyisisekelo, kunokudla isinkwa nokuphuza amanzi na? Kodwa lesosinkwa nalawomanzi kungcwele kithi ngoba kusisiza Simkhumbule. Kuyindlela yethu yokuthi, “Ngeke Ngimukhohlwe”— hhayi nje ukuthi, “Ngeke ngikhohlwe lokhu engikufundile ngezimfundiso Zakhe nempilo Yakhe.” Kunalokho, sithi, “Ngeke ngikhohlwe yilokho Angenzela kona.” “Ngeke ngikhohlwe indlela angisindisa ngayo ngesikhathi ngikhalela usizo.” Futhi nokuthi “Ngeke ngikhohlwe ukuzibophezela Kwakhe kimi nokuzibophezela kwami Kuye—isivumelwano esisenzile.”

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 26:6–13; NgokukaMarku 14:3–9

“Uwugcobile umziba wami … ewugcobela ukuba umbelwe ngaphambi kwesikhathi.”

Ngesenzo esizothile sokukhonza, owesifazane ochazwe kulamavesi watshengisa ukuthi wayazi ukuthi uJesu wayengubani nokuthi wayezokwenzani maduze (bheka NgokukaMathewu 26:12). Ucabanga ukuthi kungani izenzo zakhe zazinenjongo kuMsindisi na? (bheka ivesi 13). Ngabe yini ekuhlaba umxhwele ngowesifazane nokholo lwakhe na? Zindla ngokuthi ungasilandela kanjani isibonelo sakhe.

Bheka futhi NgokukaJohane 12:1-8.

NgokukaMathewu 26:20–22; NgokukaMarku 14:17–19

“Kungaba yimi, Nkosi, na?”

Ufundani ngabafundi embuzweni wabo eNkosini kulamavesi na? Ucabanga ukuthi kungani bawubuza lombuzo na? Ake ucabange ngokuthi ungayibuza kanjani iNkosi ukuthi, “Kungaba yimi na?”

-

NgokukaMathewu 26:26–29; NgokukaMarku 14:22–25

Isidlo esingcwele siyithuba lokukhumbula uMsindisi.

Ngesikhathi uMsindisi ethula isidlo esingcwele kubafundi Bakhe, yimiphi imicabango nemizwa ocabanga ukuthi babenayo na? Cabanga ngalokhu ngesikhathi ufunda ngalokho abakuzwa nabakubonayo ku NgokukaMathewu 26:26–29 naku NgokukaMarku 14:22–25. Ucabanga ukuthi kungani uJesu akhetha lendlela yokuba simkhumbule na? Ungase uzindle futhi ngalokho okuzwile nokubonile ngesikhathi sesidlo esingcwele. Ngabe ikhona yini into ongayenza ukwenza isikhathi sakho sesidlo esingcwele sibengcwele kakhudlwana futhi sibe nenjongo na?

Emva kokufunda nokuzindla ngalamavesi, ungase ubhale phansi ezinye izinto ozwa ugqugquzeleka ukuba uzikhumbule ngoMsindisi. Ungazibuyekeza lezi zinto ngesikhathi uthatha isidlo esingcwele ngokulandelayo. Ungazikhumbula futhi nangezinye izikhathi, njengendlela “[yokum]khumbula njalo” (Moroni 4:3).

Bheka futhi NgokukaLuka 22:7–39; 3 Nefi 18:1–13; IMfundiso neziVumelwano 20:76–79

NgokukaJohane 13:1–17

UMsindisi uyisibonelo sethu ekusizeni abanye ngokuthobeka.

Ngesikhathi sikaJesu, ukugeza izinyawo zomunye umuntu kwakungumsebenzi wezinceku, hhayi abaholi. Kodwa uJesu wayefuna ukuba abafundi Bakhe bacabange ngokwehlukile ngokuhola nangokusiza. Ngabe yimiphi imilayezo oyitholayo emazwini nasezenzweni zikaMsindisi kuNgokukaJohane 13:1–17 na? Ngokosiko-mpilo lwakho, ukugeza izinyawo zabanye kungenzeka kungabi yindlela ejwayelekile yokusiza abanye. Kodwa cabanga ngokuthi ungenzani ukulandela isibonelo sikaMsindisi sokusiza abanye ngentobeko.

Kungase kuthandeke futhi ukuqaphela izinto uJesu ayezazi futhi ezizwa ngalesisikhathi esingcwele nabafundi Bakhe (bheka amavesi 1 kanye nelesi-3). Ngabe lolulwazi lukusiza ukuba uqondeni ngoMsindisi na?

Bheka futhi NgokukaLuka 22:24–27.

NgokukaJohane 13:34–35

Uthando lwami lwabanye luwuphawu lokuthi ngingumfundi weqiniso kaJesu Kristu.

Ngaphambilini, uJesu wayenike umyalelo “wo[ku]thanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena” (NgokukaMathewu 22:39). Manje Wanika “umyalelo omusha.” Ngabe ucabanga ukuthi kuqonde ukuthini ukuthanda abanye ngendlela uJesu akuthanda ngayo na? (bheka NgokukaJohane 13:34).

Ungase uzindle futhi ngokuthi abanye abantu bazi kanjani ukuthi ungumfundi kaJesu Kristu. Ungaqinisekisa kanjani ukuthi uthando lube yisimilo sakho esiyisisekelo njengomKristu na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 26:26–29; NgokukaMarku 14:22–25.Ngabe umndeni wakho uvame ukuzwani ngesikhathi sesidlo esingcwele isonto nesonto na? Ukufunda ngesidlo esingcwele sokuqala kungakhuthaza inkulumo ngokubaluleka kwesidlo esingcwele nendlela yokuthuthukisa isimo senu sangokomoya. Ake ucabange ngokuveza isithombe esibizwa ngokuthi Passing the Sacrament (Gospel Art Book [Imidwebo yeziNdaba zeVangeli], no. 108) bese nabelana ngemiqondo mayelana nokuthi yikuphi eningakwenza ngaphambi kwesidlo, ngesikhathi sesidlo, nangemuva kwaso.

Isithombe
owesifazane ethatha isidlo esingcwele

Isidlo esingcwele siyasisiza ukuba simukhumbule uJesu Kristu.

NgokukaMathewu 26:30.Cabanga ngokucula isihlabelelo, njengoba uJesu nabaPhostoli Bakhe bacula—mhlawumbe isihlabelelo sesidlo esingcwele. Ukucula isihlabelelo kwakungaba yisibusiso kanjani kuJesu nabaPhostoli Bakhe ngalesiyasikhathi na? Ngabe izihlabelelo ziyisibusiso kanjani kithi na?

NgokukaJohane 13:1–17.Ungase ufune ukutshengisa umndeni wakho isithombe esisemumva kwalesi sifundo ngesikhathi ufunda lamavesi. Yimaphi amaqiniso afundiswa nguMsindisi ngezenzo Zakhe na? Ngabe yimiphi imininingwane esithombeni esisiza siwaqonde lamaqiniso na? Mhlawumbe amalungu omndeni angabelana ngokuthi ukuphila lamaqiniso kuwalethele kanjani injabulo (bheka NgokukaJohane 13:17).

NgokukaJohane 13:34–35.Emva kokufunda lamavesi, ningase nikhulume ndawonye ngokuthi abanye abantu bazi kanjani ukuthi ningabafundi baJesu Kristu. Ngabe uMsindisi ufuna abalandeli Bakhe baziwe kanjani na? Ungase ucele amalungu omndeni wakho ukuba akhulume ngabantu uthando lwabo ngabanye olutshengisayo ukuthi bangabafundi beqiniso baJesu Kristu. Ningase futhi nixoxisane ngezindlela eningatshengisa ngazo uthando olwengeziwe njengomndeni.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Zindla. Imibhalo engcwele inezincazelo zangokomoya esingeke sazibona uma sifunda ngokunganaki, njengoba sike sifunde okunye okufundwayo. Ungajahi ukuqeda isahluko. Thatha isikhathi ukucabanga ngalokho okufundayo ngokujulile.

Isithombe
uJesu egeza izinyawo zabafundi

Greatest in the Kingdom [Omkhulu Embusweni], nguJ. Kirk Richards

Shicilela