ITestamente Elisha 2023
NgoJuni 5–11. NgokukaJohane 14–17: “Hlalani Othandweni Lwami”


“NgoJuni 5–11. NgokukaJohane 14–17: ‘Hlalani Othandweni Lwami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJuni 5–11. NgokukaJohane 14–17,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
Isidlo Sokugcina

Isidlo Sakusihlwa Sokugcina, nguWilliam Henry Margetson

NgoJuni 5–11

NgokukaJohane 14–17

“Hlalani Othandweni Lwami”

Njengoba ufunda izimfundiso zoMsindisi kuNgokukaJohane 14–17, uMoya oNgcwele uzokusiza ukuthi uhlonze imilayezo. Bhala noma yikuphi ukuqonda okutholayo.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Namuhla sikubiza ngokuthi “iSidlo Sakusihlwa Sokugcina,” kodwa asazi noma abafundi baJesu babeqaphele ngokugcwele, lapho bebuthene edilini lePhasika laminyaka yonke, ukuthi lesi kwakuyoba isidlo sabo sokugcina neNkosi yabo ngaphambi kokufa Kwayo. Nokho, uJesu “wayazi ukuthi ihora lakhe selifikile” (NgokukaJohane 13:1). Ngokushesha wayezobhekana nokuhlupheka kweGetsemane, ukukhashelwa nokuphikwa ngabangane Bakhe abaseduze kakhulu, nokufa okubuhlungu esiphambanweni. Nokho naphezu kwakho konke lokhu okwakuza phambi Kwakhe, uJesu wayengagxili Kuye kodwa kubafundi Bakhe. Yini ababezodinga ukuyazi ezinsukwini naseminyakeni ezayo na? Izimfundiso zikaJesu ezinesineke kuNgokukaJohane 14–17 zembula ukuthi uzizwa kanjani ngabafundi Bakhe, ngaleso sikhathi futhi namanje. Phakathi kwamaqiniso amaningi aduduzayo awakhuluma kwaba nesisiqinisekiso sokuthi, ngomqondo owodwa, akasoze asishiya. “Uma nigcina imiyalo yami,” wathembisa, “niyohlala othandweni lwami” (NgokukaJohane 15:10).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaJohane 14–15

Ngibonisa uthando lwami ngoJesu Kristu ngokugcina imiyalo Yakhe.

Ngesikhathi ufunda NgokukaJohane 14–15, ungaqaphela noma udwebele ukusetshenziswa ngakunye kwegama elithi uthando. Ungase uqaphele igama elithi imiyalelo eliphindaphindwa kaningi lihambisana negama elithi uthando kulezi zahluko. Ufundani ngobudlelwano phakathi kothando kanye nemiyalelo evela ezimfundisweni zoMsindisi na? Yimaphi amanye amagama nemishwana oyithola ihlotshaniswa nothando kulezi zahluko na?

Zindla ukuthi uthando loMsindisi likuthinte kanjani.

Bheka futhi NgokukaJohane 13:34–35.

Isithombe
UJesu ekhuluma nabafundi

The Last Supper [Isidlo Sakusihlwa Sokugcina], nguClark Kelley Price

NgokukaJohane 14–16

UMoya oNgcwele uyangisiza ukuthi ngifeze injongo yami njengomfundi kaJesu Kristu.

Kufanele ukuthi kwabadabukisa inhliziyo abafundi ukuzwa ukuthi isikhathi sabo noMsindisi sase siphelile. Kungenzeka futhi ukuthi babekhathazekile ngokuthi bazophila kanjani ngaphandle Kwakhe. Ngesikhathi ufunda NgokukaJohane 14–16, bheka ukuthi uMsindisi wathini ukubaqinisekisa. Ikakhulukazi, qaphela lokho Abafundisa khona ngoMoya oNgcwele. Ufundani ngoMoya oNgcwele emazwini kaMsindisi emavesini alandelayo na?

Kungani abafundi babedinga lolu hlobo losizo oluvela kuMoya oNgcwele na? UMoya oNgcwele uzifeze kanjani lezi zindima kuwe na? Cabanga ngalokho ongakwenza ukuze umthelela Wakhe ube namandla empilweni yakho.

Bheka futhi 3 Nefi 19:9; 27:20; IMfundiso neziVumelwano 11:12–14; Mose 6:61.

NgokukaJohane 15:1–8

Ngesikhathi ngihlala kuKristu, ngizothela izithelo ezinhle.

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukuhlala [kuKristu]” na? (NgokukaJohane 15:4). Siyini “isithelo” sakho esibonisa ukuthi unamathele emvinini, emele uJesu Kristu na?

NgokukaJohane 17

UJesu Kristu ukhulumela abafundi Bakhe.

Amazwi kaJesu abhalwe kuNgokukaJohane 17 aziwa ngokuthi uMkhuleko Wokuncenga. Kulomkhuleko, uJesu wakhulekela abaPhostoli Bakhe kanye “nalabo futhi abayokholwa [kuye] ngezwi labo” (NgokukaJohane 17:20). Lokho kusho ukuthi ubekukhulekela nawe. Yini uJesu ayicela kuYise ngenxa yakho nawo wonke amanye amakholwa na? Lokho kukufundisani ngemizwa Yakhe ngawe na?

Lomkhuleko futhi ufundisa amaqiniso ajulile, angunaphakade. Yimaphi amanye amaqiniso owatholayo na? Njengoba ufunda lesi sahluko, cabanga ukubhala lokho okufundayo mayelana nalokhu okulandelayo:

  • Umkhuleko

  • Ubudlelwane boMsindisi noBaba Wakhe

  • Ubudlelwane boMsindisi nabafundi Bakhe

  • Abafundi kufanele bahluke kanjani ezweni

  • Amanye amaqiniso avelele kuwe

NgokukaJohane 17:11, 21–23

UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bamunye ngokuphelele.

Emkhulekweni Wakhe kuNgokukaJohane 17, uJesu wagcizelela ubunye Bakhe noBaba. UYise neNdodana “bamunye” ngaziphi izindlela na? (NgokukaJohane 17:11, 21–23). Qaphela ukuthi uMsindisi wakhulekela ukuthi abafundi Bakhe babe munye “njengalokhu”—noma ngendlela efanayo—neYakhe benoYise bemunye (NgokukaJohane 17:22). Kusho ukuthini lokho kuwe na? Cabanga ngobudlelwano bakho—isibonelo, noshadene naye noma amanye amalungu omndeni, namalungu ewadi, kanye namaKristu okanye nawo. Ungasebenzela kanjani uhlobo lobunye uJesu anabo noYise na?

-

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaJohane 14:5–6.Amalungu omndeni angase akujabulele ukushintshanisa ukuhola umndeni wakho ekuhambeni endleleni. UJesu ‘uyindlela’ ngayiphi indlela na? Usiholela kephi na?

NgokukaJohane 14:26–27.Ukuthula kukaJesu kuhluke ngani kunalokhu “okunikezwa ezweni” na? Amalungu omndeni angabelana ngezindlela athole ngazo ukuthula kanye nenduduzo ngoMoya oNgcwele.

NgokukaJohane 15:1–8.Kungase kube mnandi ukufunda lamavesi ngaphandle eduze komvini, isihlahla, noma esinye isitshalo. Kwenzekani egatsheni uma lisuswa esitshalweni na? Ungakhuluma ngokuthi sifana kanjani namagatsha nokuthi kusho ukuthini “ukuhlala” kuMsindisi kanye “nokuthela izithelo.”

NgokukaJohane 15:17–27; 16:1–7.Ucabanga ukuthi kungani uJesu Kristu axwayisa abafundi Bakhe ngoshushiso na? Abafundi baKristu bashushiswa kanjani namuhla na? Iseluleko soMsindisi kulawa mavesi singasisiza kanjani uma sibhekene nokushushiswa na?

NgokukaJohane 16:33.UJesu Kristu ulinqobe kanjani izwe na? Ukuhlawulelwa Kwakhe kusilethele kanjani ukuthula kanye nenjabulo na? (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 68:6).

NgokukaJohane 17:21–23.Yini engasiza umndeni wakho ufunde ukuthi ungaba kanjani nobunye njengoJesu Kristu kanye noBaba oseZulwini na? Mhlawumbe ungakhuluma ngeqembu lezemidlalo olithandayo nokuthi lisebenzisana kanjani ukuze lifinyelele kumgomo ofanayo. Noma ningalalela ikhwaya noma i-okhestra nixoxe ngokuthi abaculi bahlangana kanjani ukuze bakhe umculo omnandi.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa okuqoshiwe kokulalela. - -

Isithombe
amagilebhisi emvinini

UJesu wafundisa, “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha” (NgokukaJohane 15:5).

Shicilela