ITestamente Elisha 2023
NgoJuni 19–25. NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; NgokukaJohane 19: “Kufeziwe”


“NgoJuni 19–25. NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; NgokukaJohane 19: ‘Kufeziwe,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJuni 19–25. NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; NgokukaJohane 19,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UKristu phambi kwaPilatu

Ecce Homo [Bhekani Lo Muntu], ngu-Antonio Ciseri

NgoJuni 19–25

NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; NgokukaJohane 19

“Kufeziwe”

Izincwadi zika-NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; kanye NgokukaJohane 19 ziqukethe izincazelo zamahora okugcina empilo kaMsindisi yasemhlabeni. Funa ukuluzwa uthando Lwakhe ngawe ngesikhathi ufunda ngomnikelo nokufa Kwakhe.

Bhala Imizwa Yakho

Kukho konke akusho nasezenzweni zakhe, uJesu Kristu wasibonisa uthando olumsulwa lolu umPhostoli uPawulu alubiza ngesihe (bheka 1 KwabaseKhorinte 13). Akukho lapho lokhu kwabonakala ngokusobala khona kunasemahoreni okugcina empilo kaMsindisi yasemhlabeni. Ukuthula Kwakhe okunesizotha ngenkathi kunezinsolo zamanga ngaye kwatshengisa ukuthi “[A]kacunuki” (1 KwabaseKhorinte 13:5). Ukuvuma Kwakhe ukuba ashaywe, ahlekwe, abethelwe—ebe ezithiba ukusebenzisa amandla Akhe ukuqeda ukuhlushwa Kwakhe—kwatshengisa ukuthi “[U]yabekezela” futhi “[U]bekezelela izinto zonke” (1 KwabaseKhorinte 13:4,7). Ububele Bakhe kunina nomusa Wakhe kubabetheli Bakhe—ngisho ngesikhathi Sakhe sokuzwa ubuhlungu okungeqhathaniswe—konke kwaveza ukuthi “a[ka]zifuneli okwa[Khe]” (1 KwabaseKhorinte 13:5). Ezikhathini Zakhe sokugcina emhlabeni, uJesu wayenza lokhu ayehlezi ekwenza ebufundisini Bakhe basemhlabeni—ukusifundisa ngokusikhombisa. Ngempela, isihe “wuthando olumsulwa lukaKristu” (Moroni 7:47).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; NgokukaJohane 19

Ukuvuma kukaJesu Kristu ukuzwa ubuhlungu kutshengisa uthando Lwakhe kuBaba nakithi sonke.

Yize uMsindisi wayenamandla okubiza “amalegiyona ezingelosi” (NgokukaMathewu 26:53), Wakhetha ngokuzithandela ukubekezelela ukuquliswa amacala ngokungalungile, ukuhlekwa okunonya, nezinhlungu zomzimba okungelula ukuzicabanga. Wakwenzelani lokhu na? “Ngenxa yomusa wakhe onothando olukhulu,” kwakufakaza uNefi, “kanye nokuba nenhliziyo ende kwakhe kubantwana babantu” (1 Nefi 19:9).

Isithombe
uKristu ephethe isiphambano

“Waphuma ezithwalele isiphambano, waya … eGolgotha” (NgokukaJohane 19:17).

Ungase uqale ukufunda kwakho ngamahora okugcina kaMsindisi ngokufunda 1 Nefi 19:9. Yikuphi kuNgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; naku NgokukaJohane 19 lapho othola khona izibonelo zento ngayinye uNefi athi uJesu uzoyizwela ubuhlungu na?

  • “[Ba]yomahlulela njengento eyize”

  • “Bayombhaxabula”

  • “Bamshaye”

  • “Bayomfela ngamathe”

Yiziphi izindinyana ezikusiza uzwe “umusa onothando” loMsindisi kuwe na? Ngabe yimiphi eminye imicabango nemizwa onayo ngesikhathi ufunda lezi zindaba na? Cabanga ngokuyibhala phansi noma wabelane ngayo nomunye.

-

NgokukaMathewu 27:27–49, 54; NgokukaMarku 15:16–32; NgokukaLuka 23:11, 35–39; NgokukaJohane 19:1–5

Ukuhleka usulu ngeke kuguqule iqiniso.

Yize uJesu abekezelela ukuhlekwa usulu ngezikhathi zonke zobufundisi Bakhe, kwakhula kakhulu ngesikhathi Ebhaxabulwa futhi eBethelwa. Kodwa lokhu kuhlekwa kwakungeke kulishintshe iqiniso: uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. Ngesikhathi ufunda ngokuhlazeka uJesu akubekezelela, cabanga ngokuphikisana nokuhlekwa umsebenzi Wakhe obhekana nakho namuhla. Ngabe uluphi ulwazi olufihlakele olutholayo ngokubekezelela ukuphikiswa na? Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngamazwi enduna yekhulu ku NgokukaMathewu 27:54na?

NgokukaMathewu 27:46; NgokukaMarku 15:34

UJesu Kristu wezwa ubuhlungu eyedwa ukuze ngingabuzwa mina.

Ngezinye zezikhathi Zakhe ezithinta kakhulu esiphambanweni, uJesu, owayehlezi ethembele kuYise oseZulwini ngokushesha wazizwa elahliwe. Ukufunda ngalokhu kungakuholela ekucabangeni ngezikhathi lapho wawuzizwa khona ukude noNkulunkulu. Ungase uzindle ngokuthi umhlatshelo kaMsindisi esiphambanweni ukwenza kanjani ukuba unqobe lelobanga. Njengoba iGosa uJeffrey R. Holland lafakaza lathi, “Ngenxa yokuthi uJesu wahamba ibanga elide kangaka, nelinesizungu eyedwa nje vo, thina asidingi ukwenzenjalo. … Okumenyezelwe esicongweni saseKhalivari yiqiniso elithi ngeke siphinde sibe sodwa noma singalutholi usizo, ngisho noma ngabe ngezinye izikhathi singazizwa sisodwa” (“None Were with Him,” Liahona, May 2009, 88). Cabanga ngokuthi uMsindisi angakusiza kanjani unqobe umzwangedwa ngesikhathi uwufunda wonke umyalezo weGosa uHolland.

NgokukaLuka 23:34

UMsindisi uyisibonelo sethu sokuxolela.

Uzizwa kanjani uma ufunda amazwi kaMsindidi kuNgokukaLuka 23:34 na? Ecaphuna emazwini kaMsindisi, uMongameli uHenry B. Eyring wasifundisa wathi: “Kufanele sibaxolele futhi singababambeli magqubu labo abenze okubi kithi. UMsindisi wasinika isibonelo esiphambanweni. … Asizazi izinhliziyo zalabo abenza okubi kithi” (“That We May Be One,” Ensign, May 1998, 68). Lelivesi lingakusiza kanjani uma uhluleka ukuxolela omunye na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 27; NgokukaMarku 15; NgokukaLuka 23; NgokukaJohane 19.- - Ungase umeme abantwana ukuba baxoxe ngalezi zindaba futhi besebenzisa amagama abo. Amalungu omndeni angabelana ngokuthi azizwa kanjani ngoMsindisi ngenxa yokuthi Wasizwela ubuhlungu.

NgokukaMathewu 27:11–26; NgokukaMarku 15:1–15; NgokukaLuka 23:12–25; NgokukaJohane 19:1–16.Ngabe uPilatu wamhambiselani uJesu ukuba ayobethelwa, yize wayazi ukuthi uJesu akanacala na? Yiziphi izifundo esizifundayo ngalokho uPilatu adlula kukho ngokumela lokho esikwaziyo ukuthi kuliqiniso na? Kungaba wusizo umndenini wakho ukulingisa izimo ezibavumela ukuba basebenzise ukumela lokho okuliqiniso.

NgokukaMathewu 27:46; NgokukaLuka 23:34, 43, 46; NgokukaJohane 19:26–28, 30.Mhlawumbe unganika ilungu lomndeni ngalinye ukuba lifunde lokho okwakhulunywa nguMsindisi esiphambanweni, okutholakala kulamavesi. Wacele abelane ngalokhu akufundayo ngokwashiwo nguMsindisi mayelana nokuthunywa Kwakhe.

NgokukaMarku 15:39.Ngabe ukufunda ngoKubethelwa kubuqinisa kanjani ubufakazi bakho bokuthi uJesu “uyiNdodana kaNkulunkulu” na?

NgokukaJohane 19:25–27.Yikuphi esikufundayo kulamavesi ngokuthi singawathanda futhi siweseke kanjani amalungu omndeni na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Lingisa impilo kaMsindisi. “Kuyasiza ukufunda izindlela uMsindisi ayefundisa ngazo—izindlela Ayezisebenzisa kanye nezinto Ayezisho. Kepha amandla kaMsindisi okufundisa nokuphakamisa abanye ayevela endleleni ayephila ngayo nohlobo lomuntu ayeNguye. Ngesikhathi uphokophelela uku phila njengoJesu Kristu, yilapho ozokwazi khona ukufundisa njeNgaye” (Teaching in the Savior’s Way13).

Isithombe
uKristu esiphambanweni

Christ on the Cross [Ukristu Esiphambanweni], nguCarl Heinrich Bloch

Shicilela