ITestamente Elisha 2023
NgoJuni 12–18. NgokukaLuka 22; NgokukaJohane 18: “Makungenziwa Intando Yami Kodwa Eyakho”


“NgoJuni 12–18. NgokukaLuka 22; NgokukaJohane 18: ‘Makungenziwa Intando Yami Kodwa Eyakho,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJuni 12–18. NgokukaLuka 22; NgokukaJohane 18,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UKristu nabafundi eGetsemane

Gethsemane Grove [Izixhobo zeMithi eGetsemane], nguDerek Hegsted

NgoJuni 12–18

NgokukaLuka 22; NgokukaJohane 18

“Makungenziwa Intando Yami Kodwa Eyakho”

Thatha isikhathi sakho ukufunda NgokukaLuka 22 futhi NgokukaJohane 18 kulelisonto. Zindla futhi ukhuleke ngalokho okufundayo. Ukwenza lokhu kunganika uMoya ithuba lokufakaza enhliziyweni yakho ukuthi imibhalo engcwele iyiqiniso.

Bhala Imizwa Yakho

Babebathathu kuphela ofakazi basemhlabeni ababona izinhlungu zikaJesu Kristu azizwa eNsimini yaseGetsemane—futhi balala kokuningi okwakwenzeka. Kuleyonsimi nakamumva esiphambanweni, uJesu wathwala izono, izinhlungu, nokuhlupheka kwakho wonke umuntu owake waphila, yize noma wonke umuntu owayephila ngaleso sikhathi wayengazi ukuthi kwakwenzekani. Izehlakalo eziningana ezithinta iphakade zivamise ukudlula ngaphandle kokunakwa yizwe. Kodwa uNkulunkulu uBaba wayazi. Wakuzwa ukunxusa kweNdodana Yakhe ethembekileyo ithi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho. Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa” (NgokukaLuka 22:42–43). Yize sasingekho ukubona lesi senzo sokuzidela nokuzinikela, singo fakazi beNhlawulo kaJesu Kristu. Njalo uma siphenduka futhi sithola ukuxolelwa izono zethu, njalo uma sizwa amandla oMsindisi okusiqinisa, singafakaza ngobukhona kwalokho okwenzeka eNsimini yaseGetsemane.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaLuka 22:31–34, 54–62; NgokukaJohane 18:17–27

Ukuguquka kuyinqubo eqhubekayo.

Cabanga ngezehlakalo uPetro abanazo noMsindisi—izimangaliso azibona nemfundiso ayifunda. Kungani pho uMsindisi ayengathi kuPetro, “Wena-ke nxa usuphendukile, uqinise abafowenu” na? (NgokukaLuka 22:32; kwengezwe amagama atshekileyo). Ngesikhathi uzindla ngalokhu, kungasiza ukucabanga lokho iGosa uDavid A. Bednar lakufundisa ngomehluko phakathi kokuba nobufakazi nokuphenduka ngokweqiniso (bheka inkulumo yakhe ethi “Converted unto the Lord,” Liahona, Nov. 2012, 106–9).

Ngesikhathi ufunda ngezehlakalo zikaPetro ku NgokukaLuka 22:31–34, 54–62 (bheka futhi NgokukaJohane 18:17–27), cabanga ngokwakho ukuguquka. Wake wazizwa uzibophezele kangangoba, njengoPetro, “[wawuku]lungele ukuya [noMsindisi], etilongweni nasekufeni” na? (NgokukaLuka 22:33). Kungani lemizwa ishabalala ngesinye isikhathi na? Kukhona amathuba ansuku zonke okuphika noma ufakaze ngoMsindisi; yini ozoyenza ukuba wufakazi Wakhe wansuku zonke na? Ngabe yiziphi ezinye izifundo esizitholayo esehlakalweni sikaPetro na?

Ngesikhathi uqhubeka nokufunda iTestamente Elisha, bheka ubufakazi bokuguquka kukaPetro okuqhubekayo. Futhi naka izindlela amukela ngazo isicelo seNkosi sokuba “uqinise abafowenu” (NgokukaLuka 22:32; bheka IzEnzo 3–4).

Bheka futhi NgokukaMarku 14:27–31.

NgokukaLuka 22:39–46

uMsindisi wahluphekela mina eGetsemane.

UMongameli uRussell M. Nelson wasimema ukuba “sichithe izikhathi ekufundeni ngoMsindisi nomnikelo Wakhe ohlawulayo” (“Drawing the Power of Jesus Christ into Our Lives,” Liahona, May 2017, 40).

Cabanga ngokuthi uzokwenzenjani ukwamukela isimemo saMongameli uNelson. Ungaqala ngokuzindla ngomkhuleko mayelana nokuhlupheka kukaMsindisi eGetsemane, njengoba kuchaziwe kulamavesi, nokubhala imicabango nemibuzo efika emqondweni.

Ukuze ube nokufunda okujulile ngoMsindisi neNhlawulo Yakhe, zama ukubheka izimpendulo kweminye emibhalo engcwele zemibuzo enjengalena:

Ngesikhathi ufunda ngalokho okwenzeka eGetsemane, kungathandeka ukwazi ukuthi iGetsemane kwakuyinsimu yezihlahla zomqumo futhi yayiqukethe indawo yokugaya umqumo, osetshenziselwa ukuchoboza umqumo nokukhipha amafutha okukhanyisa nokudla kanye nokwelapha imbala (bheka NgokukaLuka 10:34). Inqubo yokukhipha amafutha omqumo ingafana kanjani nalokhu uMsindisi asenzele khona eGetsemane na? -

Bheka futhi NgokukaMathewu 26:36–46; NgokukaMarku 14:32–42.

NgokukaJohane 18:28–38

“Umbuso” kaMsindisi “awusiwo owalelizwe”.

Njengomholi wezombusazwe, uPilatu wayejwayelene namandla nemibuso yasemhlabeni. Kodwa uJesu wakhuluma ngohlobo lombuso owehlukile. Uma ucabanga emuva kulokho okufundile ngempilo kaMsindisi, yibuphi ubufakazi obubonayo bokuthi “umbuso” Wakhe “awusiwo owalelizwe” na? (NgokukaJohane 18:36). Kubaluleke ngani ukuthi ukwazi lokhu na? Yikuphi okunye okukugqamelayo emazwini kaJesu kuPilatu na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaLuka 22:31–32.UPetro wayengazizwa kanjani ukwazi ukuthi uJesu wayemkhulekele yena nokholo lwakhe na? Singakhulekela bani, “ukuba ukukholwa [kwabo] kungapheli” na? (ivesi 32).

NgokukaLuka 22:39–46.Ukufunda ngokuhlupheka kukaMsindisi eGetsemane kungaba yisenzo esingcwele emndenini wakho. Cabanga ngokuthi ungenzani ukwakha umoya onokuthula nokukhonza ngesikhathi ufunda NgokukaLuka 22:39–46. Ningase nidlale noma nicule ndawonye ezinye izihlabelelo eziyintandokazi emndenini wakho noma amaculo abantwana amayelana noMsindisi. - Ngesikhathi uwafunda lamavesi, amalungu omndeni angabelana ngeziqeshana ezibalulekile kuwo—mhlawumbe isiqephu esiwasiza aluzwe uthando lukaMsindisi (bheka futhi NgokukaMathewu 26:36–46; NgokukaMarku 14:32–42). Ungase futhi uwameme ukuba abelane ngobufakazi babo kuJesu Kristu neNhlawulo Yakhe.

NgokukaLuka 22:42.Amalungu omndeni angabelana ngokwenzeka ngesikhathi afunda ngaso ukuthi, “Makungenziwa intando yami, kodwa eyakho.”

NgokukaLuka 22:50–51; NgokukaJohane 18:10–11.Ngabe yikuphi esikufundayo ngoJesu kulamavesi na?

Isithombe
uKristu elapha indlebe yenceku

Suffer Ye Thus Far [Musani Sekwanele], nguWalter Rane

NgokukaJohane 18:37–38.Singawuphendula kanjani umbuzo kaPilatu othi “Iqiniso liyini na?” (ivesi 38). Uthola amanye amasu, bheka NgokukaJohane 8:32; IMfundiso neziVumelwano 84:45; 93:23–28.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funda amazwi abaprofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina. Funda ukuthi abaprofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina bafundiseni ngamaqiniso atholakala emibhalweni engcwele. -

Isithombe
UKristu eGetsemane

Not My Will, but Thine [Makungenziwa Intando Yami, Kodwa Eyakho], nguWalter Rane

Shicilela