ITestamente Elisha 2023
NgoJuni 26–Julayi 2. NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; NgokukaJohane 20–21: “Uvukile”


“NgoJuni 26–Julayi 2. NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; NgokukaJohane 20–21: ‘Uvukile,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJuni 26–Julayi 2. NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; NgokukaJohane 20–21,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

UJesu ukhuluma noPetro ngasogwini lolwandle

Yondla Izimvu Zami, nguKamille Corry

NgoJuni 26–Julayi 2

NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; NgokukaJohane 20–21

“Uvukile”

Ngomkhuleko funda NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; kanye no NgokukaJohane 20-21, uke ucabange ngenjabulo onayo ngenxa yoVuko lukaKristu. Ubani ongabusiswa ngokuzwa ubufakazi bakho ngalesi sigameko na?

Bhala Imizwa Yakho

Kwabaningi ababebukele, ukufa kukaJesu waseNazaretha kwakungabonakala kuwukuphela okumangalisayo kokuphila okumangalisayo. Kwakungeyena yini lomuntu owavusa uLazaru kwabafileyo na? Akazange yini amelane nezinsongo zokubulala zabaFarisi izikhathi nezikhathi na? Wayebonise amandla okwelaphs ubumpumputhe, uchoko, nokukhubazeka. Yona kanye imimoya nezilwandle kwamulalela. Kepha nokho Wayelapha, elenga esiphambanweni, ethi, “Kufeziwe” (NgokukaJohane 19:30). Kwakungase kube nokumangala okuqotho emazwini abhuqayo “Wabasindisa abanye; angekwazi ukuzisindisa yena” (NgokukaMathewu 27:42). Kodwa siyazi ukuthi ukufa kukaJesu kwakungesona isiphetho salendaba. Siyazi ukuthi ukuthula kwethuna kwakungokwesikhashana nokuthi umsebenzi kaKristu wokusindisa wawusanda kuqala. Namuhla akatholakali “phakathi kwabafileyo” kodwa kwabaphilayo (NgokukaLuka 24:5). Izimfundiso Zakhe zazingeke zithuliswe, ngoba abafundi Bakhe abathembekile babeyoshumayela ivangeli “ezizweni zonke,” bethembe isithembiso Sakhe sokuthi “uyoba [nabo] njalo kuze kube-sekupheleni kwezwe” (NgokukaMathewu 28:19–20).

uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; NgokukaJohane 20

UJesu Kristu wavuswa kwabafileyo.

Kulezi zindinyana, uzofunda ngesinye sezehlakalo ezibaluleke kakhulu emlandweni wesintu: Uvuko lukaJesu Kristu. Njengoba ufunda, zibeke endaweni yabantu ababona izehlakalo ezizungeze uVuko. Ngabe yikuphi ongakufunda ngabadlule kukho na?

Uzizwa kanjani ngoba ufunda ngoVuko lukaMsindisi na? Cabanga ukuthi kukuthinte kanjani—umbono wakho ngempilo, ubudlelwano bakho, ukholo lwakho kuKristu, kanye nokholo lwakho kwamanye amaqiniso evangeli.

Bheka futhi IsiHloko zemiBhalo eNgcwele “UVuko”; topics.ChurchofJesusChrist.org.

NgokukaLuka 24:13–35

Ngingamema uMsindisi ukuthi “ahlale phakathi [kumina].”

Njengoba ufunda indaba yabafundi ababili abahambahambayo abahlangana noMsindisi ovusiwe kwabafileyo, bheka okufanayo kulokhu ohlangabezana nakho njengomlandeli kaKristu. Ungahamba kanjani Naye namuhla futhi umumeme ukuthi “ahlale” isikhashana na? (NgokukaLuka 24:29). Ubona kanjani ukuba khona Kwakhe empilweni yakho na? Yiziphi izindlela uMoya oNgcwele ofakaze ngazo ngobunkulunkulu bukaJesu Kristu kuwe na?

-

NgokukaLuka 24:36–43; NgokukaJohane 20

Uvuko luwukuhlangana kabusha unomphela komoya nomzimba.

Izindaba zoVuko lukaJesu Kristu zingakusiza ukuthi uqonde ukuthi kusho ukuthini ukuvuswa kwabafileyo. Isibonelo yikuphi ongakufunda ku NgokukaLuka 24:36–43 kanye naku NgokukaJohane 20 mayelana nemizimba evusiwe na? Ungase uhlole neminye imibhalo engcwele ephathelene novuko, njengalena 1 KwabaseKhorinte 15:35–44; KwabaseFiliphi 3:20–21; 3 Nephi 11:13–15; IMfundiso neziVumelwano 88:27–31; 110:2–3; 130:1, 22.

NgokukaJohane 20:19–29

“Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”

Abanye abantu bazizwa njengoThomase, owathi, “Ngaphandle kokuba ngibone … , angisoze ngakholwa” (NgokukaJohane 20:25). Ngokubona kwakho, kungani ukukholwa ngaphandle kokubona kungaba yisibusiso na? (bheka NgokukaJohane 20:29). Zindla ukuthi ubusiswe kanjani ngokukholelwa ezintweni obungaziboni. Yini ekusiza ukuba ube nokholo kuMsindisi nalapho ungakwazi ukumbona na? Ungaqhubeka kanjani uqinisa ukholo lwakho “ezintweni ezingabonwayo, eziyiqiniso” na? (bheka u-Alima 32:16–21; Etere 12:6). Cabanga ukubhala kwijenali izehlakalo ezikusize ukuthi ukholelwe kuJesu Kristu, noma wabelane ngazo nomunye umuntu omaziyo.

NgokukaJohane 21:1–17

INkosi ingimema ukuba ngondle izimvu Zayo.

Kungase kujabulise ukuqhathanisa ukusebenzelana koMsindisi nabaPhostoli Bakhe kuNgokukaJohane 21 nesikhathi sokuqala lapho ebayala ukuba behlise amanetha abo okudoba, obhalwe kuNgokukaLuka 5:1–11. Yikuphi ukufana nokwehluka okutholayo na? Yimiphi imibono oyitholayo ngobufundi na?

Cabanga ukuthi amazwi oMsindisi kuPetro kuNgokukaJohane 21:15–17 angasebenza kanjani kuwe. Ingabe kukhona okukuvimbela ukuba usize izimvu zeNkosi na? Ingaba yini impendulo yakho uma iNkosi ikubuza, “Uyangithanda na?” Zindla ukuthi ungalubonisa kanjani uthando lwakho eNkosini.

Bheka futhi 1 KaPetro 5:2–4, 8.

uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaLuka 24:5‒6.UMongameli uThomas S. Monson wathi ngoNgokukaLuka 24:5–6, “Awekho amazwi kuKristu asho lukhulu kimina” (“He Is Risen!,” Liahona, ngoMeyi 2010, 89). Asho ukuthini lamazwi kuwena nomndeni wakho na?

NgokukaMathewu 28; NgokukaMarku 16; NgokukaLuka 24; NgokukaJohane 20–21.Njengoba umndeni wakho ufunda lezi zahluko, naka abantu abaxoxa noJesu endabeni ngayinye. Isibonelo, yini ekuhlaba umxhwele ngabantu abavakashele ithuna loMsindisi na? Ufundani emazwini noma ezenzweni zabaPhostoli noma kubafundi endleleni eya e-Emawuse?

-- Khuluma ngothile omaziyo owaziwa umndeni wakini owashona, futhi nixoxe ngokuthi amaqiniso akulezi zahluko aniduduza kanjani.

UJesu uhamba namadoda amabili endleleni

Road to Emmaus [Umgwaqo oya e-Emawuse], nguWendy Keller

NgokukaMathewu 28:16–20; NgokukaMarku 16:14–20; NgokukaLuka 24:44–53.Kulamavesi, yini uJesu ayecela abaPhostoli Bakhe ukuba bayenze na? Singasiza kanjani ekufezeni lomsebenzi na? Amalungu omndeni angabelana ngezikhathi lapho ezwa “iNkosi isebenza nabo” ukuze ifeze izinjongo Zayo (NgokukaMarku 16:20).

NgokukaJohane 21:15–17.Cabangani ukufunda lamavesi ngesikhathi nidla ndawonye. Lokhu kungase kwengeze incazelo ethile emazwini oMsindisi athi “yondla izimvu zami.” Ngokusekelwe kulokho uJesu akufundisa ngezimvu kwiTestamente Elisha (bheka, isibonelo, kuNgokukaMathewu 9:35–36; 10:5–6; 25:31–46; NgokukaLuka 15:4–7; NgokukaJohane 10:1–16), kungani ukondla izimvu kuyindlela enhle yokuchaza ukusebenzela abantwana baNkulunkulu na? Lesi sifaniso sisifundisani ngendlela uBaba oseZulwini kanye noJesu abazizwa ngayo ngathi na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Sebenzisa umculo ukumema uMoya futhi ufunde imfundiso. -Ukulalela noma ukucula amahubo ngoMsindisi kungamema uMoya futhi kukusize ufunde Ngaye.

Owesifazane ebona uKristu ovusiwe ngasethuneni

The Resurrected Christ [UKristu Ovukile], nguWalter Rane