ITestamente Elisha 2023
NgoJulayi 10–16. IzEnzo 6–9: “Yikuphi Ofisa Ngikwenze Na?”


“NgoJulayi 10–16. IzEnzo 6–9: ‘Yikuphi Ofisa Ngikwenze Na?,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJulayi 10–16. IzEnzo 6–9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uPawula ewe phansi

Conversion on the Way to Damascus [Ukuphenduka Endleleni Eya eDamaseku], nguMichelangelo Merisi da Caravaggio

NgoJulayi 10–16

IzEnzo 6–9

“Yikuphi Ofisa Ngikwenze Na?”

Qala ngokufunda IzEnzo 6–9. Iziphakamiso ezikulesi sifundo zingakusiza ukuthi ubone eminye yemigomo ebalulekile kulezi zahluko, nakuba ungathola eminye ngesikhathi sakho sokufunda.

Bhala Imizwa Yakho

Uma kwakukhona umuntu okwakubukeka engeke aphenduka, kwakungaba nguSawulu—umFarisi owayenedumela lokuhlupha amaKristu. Ngakho-ke ngesikhathi iNkosi itshela umfundi ogama lakhe lalingu-Ananiya ukuba abheke uSawulu amuphe isibusiso, u-Ananiya ngokulindelekile waba nokungabaza. Wathi, “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyondoda, konke ububi akwenzile kwabangcwele bakho” (IzEnzo 9:13)). Kodwa iNkosi yayiyazi inhliziyo kaSawulu nayengakwenza, futhi engqondweni Yayo yayibekele uSawulu umsebenzi: “Uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli” (IzEnzo 9:15). Ngakho-ke u-Ananiya walalela, futhi ngesikhathi emthola lo owayengumhluphi, wambiza wathi “Sawulu, Mzalwane” (IzEnzo 9:17). Uma uSawulu wakwazi ukuguquka ngokuphelele futhi no-Ananiya wakwazi ukumamukela ngokukhululeka, ngabe kufanele yini sicabange ukuthi kukhona ongafanelwe inguquko—kubalwa nathi na?

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IzEnzo 6–8

Inhliziyo yami kufanele “[ilunge] phambi kukaNkulunkulu”.

Ibandla elikhulayo lalisho ukukhula kwesidingo sokuba abafundi basize embusweni. Ngokusho kwencwadi yezEnzo 6:1–5, yiziphi izimfanelo ezazibhekwa abaPhostoli abayiShumi naMbili kulabo ababezosizana nabo na? Ngesikhathi ufunda IzEnzo 6–8, qaphela ukuthi lezi zimfanelo, kanye nezinye, zazibonakale kanjani kubantu abafana noStefani kanye noFiliphu. Yini eyayingatholakali kuSimoni, futhi yini esingayifunda kuye ngokuzimisela ukuguquka na?

Ngabe kukhona ozizwa unentshisekelo yokukuguqula ukuqinisekisa ukuthi inhliziyo yakho “ilungile phambi kukaNkulunkulu na? (IzEnzo 8:21–22). Ngabe ukwenza lenguquko kungakubusisa kanjani ngesikhathi umsebenzela uNkulunkulu na?

IzEnzo 6–7

Ukumelana noMoya oNgcwele kungaholela ekwenqabeni uMsindisi kanye nezinceku Zakhe.

Abaholi bamaJuda babenomthwalo wokulungiselela abantu ngokufika kukaMesiya. Nokho bahluleka ukumbona uMesiya futhi bamenqaba. Lokhu kwenzeka kanjani? Ingxenye yempendulo ingatholakala emazwini kaStafani: “Nimelana njalo noMoya oNgcwele” (IzEnzo 7:51). Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukumelana noMoya oNgcwele na? Kungani ukumelana noMoya oNgcwele kuholela ekwenqabeni uMsindisi kanye nezinceku Zakhe na?

Ngesikhathi ufunda IzEnzo 6–7, bheka eminye imiyalezo uStefani ayifundisa amaJuda. Yiziphi izimo zengqondo ayexwayisa ngazo na? Ngabe uyazithola izimo zengqondo ezifana nalezi kuwena na? Amazwi kaStefani akufundisani ngemiphumela yokumelana noMoya oNgcwele na? Ungenza kanjani ukuthi usheshe uphendule futhi usabele kangcono uma ukhuthazwa nguMoya oNgcwele na?

-

IzEnzo 8:26–39

uMoya oNgcwele uzongisiza ngiholele abanye kuJesu Kristu.

Ngabe ufundani mayelana nokwabelana ngevangeli kulendaba esencwadini yezEnzo 8:26–39 na? Ngabe uMoya oNgcwele wamsiza kanjani uFiliphu na? Ngabe ukwabelana ngevangeli nabanye kufana kanjani nokuba umholi na? (bheka IzEnzo 8:31).

IGosa u-Ulisses Soares lathi lendaba “iyisikhumbuzo segunya lasezulwini esinalo sonke ukuba sifune ukulifunda kanye nokulifundisa ivangeli likaJesu Kristu. Ngezinye izikhathi sifana nomTopiya—sidinga usizo lukathisha othembekile futhi onentshisekelo; futhi ngezinye izikhathi sinjengoFiliphu—sidinga ukufundisa futhi siqinise abanye ekuphendukeni kwabo” (“How Can I understand?,” Liyahona, ngoMeyi 2019, 6). Cabanga ngokuqedela ukuyifunda yonke inkulumo yeGosa uSoares futhi uzindle ngokuthi uMoya oNgcwele ungakusiza kanjani ukuthi ube ngumfundi kanye nothisha ongcono wevangeli.

IzEnzo 9

Ngesikhathi ngizinikela entandweni yeNkosi, ngingaba yithuluzi ezandleni Zayo.

Inguquko kaSawulu ibukeka njengesheshile; ngokushesha usuke ekubopheni amaKristu waya ekushumayeleni ngoKristu emasinagogeni. Ngesikhathi ufunda indaba yakhe, zindla ngokuthi kungani ayezimisele ngokuguquka kangaka. (Ukuze ufunde incazelo kaSawulu uqobo ngokuphenduka kwakhe, bheka IzEnzo 22:1–16 kanye 26:9–18. Qaphela ukuthi kulezindaba, uSawulu waziwa ngegama likaPawulu [bheka IzEnzo13:9].)

Nokho kuyiqiniso ukuthi okwenzeka kuSawulu akujwayelekile—kubantu abaningi, inguquko iyinqubo ethatha isikhathi eside—kukhona yini ongakufunda kuSawulu ngokuguquka na? Ufundani ngendlela u-Ananiya kanye nabanye abafundi abaphendula ngayo ngokuguquka kukaSawulu na? Yini ozoyenza ukusebenzisa lezi zifundo empilweni yakho na? Ungaqala ngokubuza ngomkhuleko njengoba uSawulu enza, “Yikuphi ofisa ngikwenze na?”

Ngesikhathi ufunda IzEnzo 9:36–42, cabanga ukuthi uThabitha wasetshenziswa kanjani nguNkulunkulu. Ngabe yikuphi okukunika intshisekelo ngesibonelo sakhe na?

-

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IzEnzo 6:8; 7:51–60.Qhathanisa izindaba zikaStefani encwadini yezEnzo 6:8 kanye nezEnzo 7:51–60 nezindaba zikaMsindisi kuNgokukaLuka 23:1–46. Ngabe uStefani wasilandela kanjani isibonelo sikaMsindisi na?

IzEnzo 7:51–60.UMoya oNgcwele wambusisa kanjani uStefani ngesikhathi ehlushwa na? Sike sawathola nini amandla kuMoya oNgcwele ngezikhathi zobunzima na?

-- - - -

Isithombe
uPetro evusa uThabhitha ekufeni.

Tabitha Arise [Thabitha Vuka], nguSandy Freckleton Gagon

IzEnzo 9:32–43.Cabanga ngokumema amalungu omndeni akho ukuba adwebe izithombe zezindaba ezisencwadini yezEnzo 9:32–43. Ngabe yikuphi esikufundayo ngobufundi obuyiqiniso kulezi zindaba na? -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Fanisa imibhalo nempilo yakho. Njengoba ufunda, cabanga indlela izindaba nezimfundiso ezisembhalweni engcwele ezisebenza ngayo empilweni yakho. Isibonelo, yimaphi amathuba onawo ukusiza abanye, njengoba uThabitha enza encwadini yezEnzo 9:36–39 na?

Isithombe
UStefani bemukhanda ngamatshe waze wafa

“UStefani bamkhanda ngamatshe, yena ekhuleka, ethi: Nkosi uJesu, yemukela umoya wami.” (UkuHunyushwa okwenza nguJoseph Smith, IZenzo 7:59).

Shicilela