ITestamente Elisha 2023
NgoJulayi 3–9. IzEnzo 1–5: “Nibe ngoFakazi Bami”


“NgoJulayi 3–9. IzEnzo 1–5: ‘Nibe ngoFakazi Bami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJulayi 3–9. IzEnzo 1–5,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
isixuku sabantu osebeni lomfula futhi bebhabhadiswa emfuleni

Day of Pentecost [Usuku lwePhentekhoste], nguSidney King

NgoJulayi 3–9

IzEnzo 1–5

“Nibe ngoFakazi Bami”

Njengoba ufunda izEnzo 1–5, uMoya oNgcwele ungakukhuthaza ukuthi uthole amaqiniso abalulekile empilweni yakho. Phawula amavesi akuhlaba umxhwele, futhi ufune amathuba okuxoxa ngalokho okufundayo.

Bhala Imizwa Yakho

Wake wazibuza yini ukuthi uPetro wayecabangani futhi ezizwa kanjani lapho yena, nabanye abaPhostoli, “[b]egqolozele ezulwini” ngesikhathi uJesu enyukela kuYise na? (IzEnzo 1:10). IBandla elasungulwa yiNdodana kaNkulunkulu manje lase liphethwe uPetro. Umsebenzi wokuhola umzamo “wokufundisa izizwe zonke” manje wawuphezu kwakhe (NgokukaMathewu 28:19). Kodwa uma ayezizwa engafaneleki noma esaba, asibutholi ubufakazi balokho encwadini yezEnzo. Esikutholayo yizibonelo zobufakazi obungesabi kanye nokuguquka, ukuphulukiswa okuyisimangaliso, ukubonakaliswa komoya, kanye nokukhula okumangalisayo kweBandla. Leli kwakusayiBandla likaMsindisi, lisaholwa Nguye. Eqinisweni, incwadi yezEnzo zabaPhostoli ingaphinde ibizwe ngokuthi izEnzo zikaJesu Kristu ngabaPhostoli Bakhe. Eqondiswa ukuthululwa kukaMoya, uPetro wayengaseyena umdobi ongafundile uJesu amthola ngasogwini loLwandle LwaseGalile. Futhi kwakungeyona indoda eyayikhungathekile eyayikhala kabuhlungu emasontweni ambalwa edlule ngoba yayiphike ukuthi yayimazi nokumazi uJesu waseNazaretha.

Encwadini yezEnzo, uzofunda izimemezelo ezinamandla ngoJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe. Uzobona futhi ukuthi lelo vangeli lingabaguqula kanjani abantu—uzibale nawe—ukuba babe abafundi abangamaqhawe uNkulunkulu aziyo ukuthi bangaba yibo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IZenzo 1:1–8, 15–26; 2:1–42; 4:1–13, 31–33

UJesu Kristu uqondisa iBandla Lakhe ngoMoya oNgcwele.

Incwadi yezEnzo ibhala ngemizamo yabaPhostoli yokumisa iBandla likaJesu Kristu emva kokwenyuka koMsindisi. Nakuba uJesu Kristu wayengasekho emhlabeni, waqondisa iBandla ngesambulo ngoMoya oNgcwele. Cabanga ukuthi uMoya oNgcwele wabaqondisa kanjani abaholi abasha beBandla likaKristu ngenkathi ubuyekeza lezi zigaba ezilandelayo: IzEnzo 1:1–8, 15–26; 2:1–42; 4:1–13, 31–33.

Njengamalungu eBandla likaKristu namuhla, sonke sinomthwalo wemfanelo wokubamba iqhaza emsebenzini wensindiso nokuphakanyiswa—ukuphila ivangeli likaJesu Kristu, ukunakekela labo abaswele, ukumema abanye ukuba beze kuKristu, futhi ukuhlanganisa imindeni ingunaphakade (bheka kwi-General Handbook, 1.2). Ufundani kulabaPhostoli bokuqala mayelana nokuthi ungathembela kanjani kuMoya oNgcwele ukuthi uqondise imizamo yakho na?

-

IzEnzo 2:36–47; 3:12–21

Imithetho kanye nezimiso zevangeli ziyangisiza ukuba ngize kuKristu.

Ingabe wake wazizwa “uhlabeke enhliziyweni,” njengamaJuda ngosuku lwePhentekhoste na? (IzEnzo 2:37). Mhlawumbe wenze okuthile ozisola ngakho, noma mhlawumbe ufuna ukushintsha ukuphila kwakho. Yini okufanele uyenze uma unale mizwa na? Iseluleko sikaPetru kumaJuda sitholakala encwadini yezEnzo 2:38. Qaphela ukuthi imthetho nezimiso zokuqala zevangeli (okuhlanganisa ukholo, ukuphenduka, umbhabhadiso, kanye nesipho sikaMoya oNgcwele—noma lokho ngezinye izikhathi okubizwa ngokuthi imfundiso kaKristu) kwabathinta kanjani laba baphenduki, njengoba kubhaliwe encwadini yezEnzo 2:37–47.

Kungenzeka ukuthi usubhabhadisiwe futhi wamukela isipho sikaMoya oNgcwele, ngakho uqhubeka kanjani nokusebenzisa imfundiso kaKristu na? Cabanga ngalamazwi avela kwiGosa uDale G. Renlund: “Singapheleliswa ngokuphindaphindiwe … ngokubonisa ukholo [kuKristu], ukuphenduka, ukudla isidlo esingcwele ukuze sivuselele izivumelwano kanye nezibusiso zombhabhadiso, kanye nokwamukela uMoya oNgcwele njengomngane ohlale ekhona kangcono. Njengoba senza kanjalo, siba njengoKristu ngokwengeziwe futhi sikwazi ukubambelela kuze kube sekupheleni, nakho konke okuhlelekile” (“Latter–day Saints Keep on Trying,” Liahona, ngoMeyi 2015, 56).

IzEnzo 3:19–21

Ziyini “izikhathi zokuphola” “nezikhathi zokubuyiselwa kwakho konke” na?

“Izikhathi zokuphola” zibhekisela eNkathini Yeminyaka Eyinkulungwane, lapho uJesu Kristu eyobuyela emhlabeni. “Izikhathi zokubuyiselwa kwezinto zonke” kubhekise ekuBuyiselweni kwevangeli, okulungiselela umhlaba iMinyaka eyiNkulungwane.

IzEnzo 3; 4:1–31; 5:12–42

Njengabafundi baJesu Kristu, sihlala sifuna ukufana Naye.

Indoda exhugayo yayinethemba lokuthola imali kulabo abeza ethempelini. Kodwa izinceku zeNkosi zamnika okwengeziwe. Ngesikhathi ufunda IzEnzo 3; 4:1–31 kanye 5:12–42, cabanga ukuthi isimangaliso esalandela sabathinta kanjani laba bantu:

  • Indoda exhugayo

  • UPetro noJohane

  • Ofakazi ethempelini

  • Abaphristi abakhulu nababusi

  • Abanye Abangcwele

Isithombe
UPetro elapha indoda

Such as I Have I Give Thee [Enginakho Ngiyakunika], nguWalter Rane

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IzEnzo 1:21–26.Ukufunda izEnzo 1:21–26 kungasiza umndeni wakho ukuthi uxoxe ngezibusiso ezitholakala ngokuba nabaPhostoli emhlabeni namuhla. Amalungu omndeni angabelana ngokuthi athole kanjani ubufakazi bokuthi abaphostoli nabaphrofethi banamuhla babizwe nguNkulunkulu. Kungani kubalulekile ukuba nalobu bufakazi na?

IzEnzo 2:37.Ingasho ukuthini inkulumo ethi “ibahlaba ezinhliziyweni zabo” na? Kunini lapho siye sazizwa ngendlela efanayo na? Kungani kubalulekile ukuthi “Sizokwenzenjani?” lapho sinemizwa enjalo na?

IzEnzo 3:1–10.Umndeni wakho ungase uthande ukulingisa indaba ekulamavesi. - Indoda yasethempelini yabusiswa kanjani ngendlela ehlukile kunaleyo eyayilindele na? Sizibone kanjani izibusiso zikaBaba oseZulwini ziza kithi ngezindlela esingalindelekile na?

IzEnzo 3:12–26; 4:1–21; 5:12–42.Yikuphi okukuchazayo ngokholo lukaPetro noJohane na? Singaba kanjani nesibindi ebufakazini bethu ngoJesu Kristu na? Cabanga ngokusiza izingane ezincane ukuzijwayeza ukwabelana ngobufakazi bazo.

IzEnzo 4:315:4.Singayisiza kanjani imindeni yethu, iwadi, noma umphakathi ukuthi ufane nalokhu okuchazwe kwizEnzo 4:31–37? Kusho ukuthini ukuba “nhliziyonye nomphefumulo munye” na? Kungaziphi izindlela lapho ngezinye izikhathi “[sigcina] ingxenye” yomnikelo wethu na? Kungani ukwenza lokho kufana “[nokuqamba amanga] kuNkulunkulu” na? (IzEnzo 5:2, 4). Ukungabi neqiniso kusilimaza kanjani na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Khetha isihloko esithile. Abomndeni wakho mabashintshane ngokukhetha isihloko encwadini yezEnzo 1–5 enizosifunda ndawonye.

Isithombe
Abaphostoli bezungeza izingelosi ezimbili bebheke phezulu

The Ascension [ekuPhakameni], nguHarry Anderson

Shicilela