ITestamente Elisha 2023
NgoJulayi 24–30. IzEnzo 16–21: “UNkulunkulu Usibizile Ukuba Sibashumayeze Ivangeli”


“NgoJulayi 24–30. IzEnzo 16–21: ‘UNkulunkulu Usibizile Ukuba Sishumayeze Ivangeli,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJulayi 24–30. IzEnzo 16–21,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uPawulu efundisa egqumeni

NgoJulayi 24–30

IzEnzo 16–21

“UNkulunkulu Usibizile Ukuba Sibashumayeze Ivangeli”

Ngesikhathi ufunda ngemizamo kaPawulu yokushumayela ivangeli, uMoya ungakufaka ugqozi ngemicabango noma ngemizwa. Kubhale phansi lokho, bese wenza amacebo okukwenza lokho.

Bhala Imizwa Yakho

Phakathi kwamazwi okugcina iNkosi eyawasho kubaPhostoli Bayo kwakukhona nomyalelo othi “Hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele: nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho” (NgokukaMathewu 28:19–20). Nakuba abaPhostoli bengafinyelelanga kuzo zonke izizwe, IzEnzo 16–21 ziyakhombisa ukuthi uPawulu kanye nozakwabo benza inqubekela phambili emangalisayo ekumiseni iBandla. Bafundisa, babhabhadisa, futhi banikeza nesipho sikaMoya oNgcwele. Benza izimangaliso, ngisho nokuvusa indoda ekufeni, futhi babikezela ngesikhathi sokuHlubuka okuKhulu (IzEnzo 20:7–12, 28–31). Futhi umsebenzi abawuqala uyaqhubeka ngabaPhostoli abaphilayo namuhla, kanye nabafundi abazinikele abanjengawe, abasizayo ukufeza umsebenzi kaMsindisi ngezindlela uPawulu ayengeke azicabange. Mhlawumbe uyazi ngabantu abangamazi uYise oseZulwini noma ivangeli Lakhe. Mhlawumbe wake wezwa ukuthi owakho “umoya [u]cunuka phakathi [kwakho]” ukuba wabelane nabo ngalokho okwaziyo Ngaye (IzEnzo 17:16). Uma ulandela isibonelo sikaPawulu sokuthobeka kanye nesibindi ekwabeleni ivangeli, ungathola umuntu “iNkosi [esi]vul[e] inhliziyo yakhe” (IzEnzo 16:14).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IzEnzo 16–21

uMoya uzongihola emizamweni yami yokwabelana ngevangeli.

UmPhrofethi uJoseph Smith washo nokusho wathi, “Akekho umuntu ongashumayela iVangeli ngaphandle kwaMoya oNgcwele” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 332). Njengoba ufunda encwadini yezEnzo 16–21, cabanga ngokuthi kungani kuyiqiniso okwashiwo ngumPhrofethi. Qaphela izimo lapho uMoya wasiza khona uPawulu kanye nozakwabo. Ngabe yiziphi izibusiso ezafika ngesikhathi belandela uMoya na? Ngabe kunini lapho wake wezwa khona uMoya ukufaka ugqozi emizamweni yakho yokwabelana ngevangeli na?

IzEnzo 16–21

Ngingafakaza ngevangeli kuzo zonke izimo.

Ukuphoswa ejele ngenxa yokushumayela ivangeli kungabukeka njengesizathu esamukelekayo sokuyeka ukushumayela. Kodwa kuPawulu noSila, kwaba yithuba lokuguqula umgcini wejele (bheka IzEnzo 16:16–34). Kuyo yonke incwadi yezEnzo 16–21, bheka ezinye izibonelo zikaPawulu zokuzimisela kwakhe ukwabelana ngobufakazi bakhe nawo wonke umuntu. Ngabe ucabanga ukuthi kungani ayenesibindi nokungesabi kangaka na? Ufundani ngesibonelo sikaPawulu na?

Miningi eminye imiyalezo ngokwabelana ngevangeli etholakala encwadini yezEnzo 16-21. Ngesikhathi uzifunda lezi zahluko, bheka lezo ezisebenza kuwena ikakhulukazi.

-

Isithombe
umntwana ebanjiwe

Umuntu ngamunye ungumntwana kaNkulunkulu.

IzEnzo 17:16–34

“Siyinzalo kaNkulunkulu”

E-Athene, uPawulu wathola abantu abanemibono yenkolo ehlukahlukene. Babefuna njalo “[u]kuzwa izindaba ezintsha,” futhi lokho uPawulu ayezobanika kona kwakukusha impela kubona (bheka IzEnzo 17:19–21). Babekhonza onkulunkulu abaningi, okuhlanganiswe lowo ababembiza ngokuthi “uNkulunkulu ongaziwa” (IzEnzo 17:23), kodwa babekholwa ukuthi onkulunkulu bangamandla, abaphili, abanasiqu somuntu, futhi ngokuqinsekile babengakhonzi uBaba wethu. Zindla ngokuthi uPawulu wathini kubona ukubasiza bafike ekumazini uNkulunkulu. Ngabe kusho ukuthini kuwe ukuba “yinzalo kaNkulunkulu” na? (IzEnzo 17:29). Ngokubona kwakho, kuhluke ngani ukuba ngumntwana kaNkulunkulu kunokuba okunye okudalwe Nguye na? Ngabe ukuqonda leliqiniso kunomthelela onjani ngendlela ozibona ngayo kanye nabanye na?

Ukube wawume eduzane kwaPawulu ngesikhathi efakaza, yini owawungayitshela amaGriki asendulo ngoBaba wethu oseZulwini na? Ukhona yini omaziyo ongazuza uma engezwa ubufakazi bakho na?

Bheka futhi KwabaseRoma 8:16; 1 KaJohane 5:2.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IzEnzo 16–21.Ukujulisa ukuqonda komndeni wakho kwencwadi yezEnzo 16–21, ungafunda ibalazwe elisekugcineni kwalesi sifundo, ubheke amadolobha lapho uPawulu ashumayela kuwo ivangeli kulezi zahluko. Yimaphi amasu esinawo namhlanje ukusiza ukuletha ivangela kuzo zonke izizwe na?

-

IzEnzo 17:10–12; 18:24–28.Singafana kanjani nabaNgcwele abakulamavesi na? Kungachaza ukuthini u“[kwa]mukela izwi ngenhliziyo yonke” na? (IzEnzo 17:11). Yini esingayenza ukuze sibe “namandla embhalweni” na? (IzEnzo 18:24).

IzEnzo 19:1–7.Lamavesi angasiza umndeni wakho ube nengxoxo mayelana nokubaluleka kokubhabhadiswa kanye nokuqiniswa. Ukuze uqondisise kahle amaqiniso atholakala encwadini yezEnzo 19:1–7, ungaxoxa ngezinto ezingasizi ngalutho ngaphandle kwezinye izinto, njengomakhalekhukhwini ngaphandle kwebhetri. Noma ungabelana nabo lesi sifundo esivela kumPhrofethi uJoseph Smith: “Umbhabhadiso ngamanzi awuphelele, futhi awusizi ngalutho ngaphandle komunye umbhabhadiso––ongumbhabhadiso ngoMoya oNgcwele.” (Teachings: Joseph Smith95) Kungani umbhabhadiso “uyize” ngaphandle kokwamukela isipho soMoya oNgcwele na? (bheka ku3 Nefi 27:19–20; Mose 6:59–61).

IzEnzo 19:18–20.Ngesikhathi ufunda IzEnzo 19: 18–20, qaphela inani lezimpahla abantu babezimisele ukuhlukana nazo ukuze bamukele ivangeli (bheka ivesi 19). Ngabe zikhona izinto zasemhlabeni esinazo noma imisebenzi okumele sihlukane nayo ukuze sithole izibusiso zasezulwini na?

IzEnzo 20:32–35.Ngabe kunini lapho umndeni wakho uke wazibonela imfundiso kaKristu ethi “kubusisekile ukupha kunokwamukela” na? (IzEnzo 20:35). Ukhona umuntu ongazuza osizweni, esikhathini, noma eziphweni umndeni wakho onganikela ngazo na? Njengomndeni, xoxani ngamasu bese nenza icebo lokusiza umuntu. Sizizwa kanjani uma sisiza abanye abantu na? Kungani kubusisekile ukupha kunokwamukela na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bhala Okufika Emqondweni Wakho. “Uma ukubhala lokho okutholayo okungokomoya, uyayikhombisa iNkosi ukuthi kubalulekile kuwe ukuholwa Yiyo, futhi izokubusisa isikhathi eziningana ngezinye izambulo” (Teaching in the Savior’s Way12; see also page 30)

Isithombe
Ibalazwe lohambo lukaPawulu

Uhambo lukushumayela ivangeli lukamPhostoli uPawulu.

Shicilela