ITestamente Elisha 2023
NgoJulayi 31–Agasti 6. IzEnzo 22–28: “IsiKhonzi noFakazi”


“Julayi 31–Agasti 6. IzEnzo 22–28: ‘IsiKhonzi noFakazi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Julayi 31–Agasti 6. IzEnzo 22–28,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UPawula ejele

NgoJulayi 31–Agasti 6

IzEnzo 22–28

“IsiKhonzi noFakazi”

Imibono evela kuMoya oNgcwele ivamise ukuthula futhi kwesinye isikhathi idlule. Ukubhala okuvelayo emqondweni wakho kukuvumela ukuthi ucabangisise ngakho ujule. Njengoba ufunda IzEnzo 22–28, bhala phansi imibono ekufikelayo nemizwa ekufikelayo, futhi uthathe isikhathi ukudlinza ngakho.

Bhala Imizwa Yakho

“Uma sisemsebenzini weNkosi,” kuthembisa uMongameli uThomas S. Monson, “sinelungelo losizo lweNkosi” (“To Learn, to Do, to Be,” Liyahona, Nov. 2008, 62). Nokho, asinalungelo lokuthola umgwaqo oshelelayo kanye noxhaxha lwempumelelo olungapheli. Ukuze sithole ubufakazi balokhu, akudingeki sibheke kude kunomphostoli uPawulu. Umsebenzi wakhe ovela kuMsindisi kwaba “ukuphatha igama lami phambi kwabeZizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli” (IzEnzo 9:15). Kwi zahluko 22–28 zezEnzo, sibona uPawulu enza lomsebenzi futhi ebhekana nokuphikiswa okukhulu—amaketango, ukuboshwa, ukuhlukunyezwa ngokomzimba, ukuphihlizeka komkhumbi, ngisho nokuhlaselwa yinyoka. Kodwa futhi siyabona ukuthi uJesu “wama ngakuye, wathiYima isibindi, Pawulu” (IzEnzo 23:11). Izigameko zikaPawulu ziyisikhumbuzo esikhuthazayo sokuthi ubizo lweNkosi “lokumemezela ivangeli [Lakhe] ngezwi lokuthokoza” luza nalesi sithembiso: “Phakamisani izinhliziyo zenu nijabule, ngokuba ngiphakathi kwenu” (IMfundiso neziVumelwano 29:4–5; NgokukaMathewu 28:19–20).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IZenzo 22:1–21; 26:1–29

Abafundi baJesu Kristu babelana ngobufakazi babo ngesibindi.

Lapho uPawulu enikeza ubufakazi obunamandla obulotshwe encwadini yezEnzo 22 kanye no 26, wayeboshwe amasosha amaRoma. Abantu ayekhuluma nabo babenamandla okumgwebela ukufa. Nokho wakhetha ukufakaza ngesibindi ngoJesu Kristu “nombono wasezulwini” (IzEnzo 26:19) ayewutholile. Yini ekugqugquzelayo ngamazwi akhe na? Cabanga ngamathuba onawo okwabelana ngobufakazi bakho. Isibonelo, ingabe abangane bakho bayayazi indlela ozizwa ngayo ngoJesu Kristu na? Noma ugcine nini ukutshela umndeni wakho ukuthi uthole kanjani ubufakazi bakho bevangeli na?

Ngenkathi uJoseph Smith owayeseyintsha egconwa ngokukhuluma ngoMbono wakhe Wokuqala, wagqugquzelwa yindlela uPawulu afakaza ngayo ngombono wakhe (bheka Joseph Smith—Umlando 1:24–25). Ungakufingqa kanjani lokho uJoseph Smith akufunda kuPawulu na? Ufundani kulaba ofakazi ababili baJesu Kristu na?

-

IzEnzo 23:10–11; 27:13–25, 40–44

INkosi ime ngakulabo abalwela ukumkhonza.

Njengoba inkonzo kaPawulu ibonisa ngokucacile, izinkinga ekuphileni kwethu azilona uphawu lokuthi uNkulunkulu akasamukeli thina noma umsebenzi esiwenzayo. Eqinisweni, ngezinye izikhathi kuba phakathi nobunzima lapho sizwa khona ukwesekela Kwakhe ngamandla amakhulu. Kungase kuthakazelise ukubukeza lokho osanda kukufunda mayelana nenkonzo kaPawulu futhi ubhale ezinye zezinto azikhuthazelela (isibonelo, bheka, IzEnzo 14:19–20; 16:19–27; 21:31–34; 23:10–11; 27:13–25, 40–44). INkosi ime kanjani ngakuye na? Ume kanjani ngakuwe na?

IzEnzo 24:24–27; 26:1–3, 24–29; 27

Kunokuphepha nokuthula ekulaleleni amazwi ezinceku zikaNkulunkulu.

Kuyo yonke inkonzo yakhe, uPawulu wanikeza ubufakazi obunamandla ngoJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe. Abantu abaningi babamukela ubufakazi bakhe, kodwa akubona bonke ababemukela. Ngesikhathi ufunda IzEnzo 24:24–27 naku IzEnzo 26:1-3, 24–29, funa amagama nemisho ebonisa indlela ababusi abalandelayo baseRoma baseJudiya abasabela ngayo ezimfundisweni zikaPawulu:

  • UFelikisi

  • UFestu

  • Inkosi u-Agripha

Lapho elibangise eRoma ukuze aquliswe icala likaKhesari, uPawulu waphrofetha ukuthi umkhumbi nabagibeli bawo kwakuyokwehlelwa “ukulimala nomonakalo omkhulu” (IzEnzo 27:10). Funda isahluko 27 ukuthola ukuthi uPawulu nababehamba naye emkhunjini basabela kanjani ezixwayisweni zakhe. Ingabe uzitholele ziphi izifundo ngokwenzakala kubo na?

Wake wasabela njenganoma yimuphi walaba bantu lapho uzwa izimfundiso zabaholi beBandla na? Yimiphi eminye imiphumela engase ibe khona yokusabela ngalezi zindlela na? Ufundani kulezi zindaba mayelana nokulalela iseluleko seNkosi ngezinceku zaKhe na?

Bheka futhi 2 Nefi 33:1–2; Follow the Living Prophet,” Teachings of Presidents of the Church: Ezra Taft Benson (2014), 147–55.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IzEnzo 24:16.Ngaphambi kokuguquka kwakhe, uPawulu wayenomlando omude wokucasula uNkulunkulu. Kodwa ngenxa yokuthi wayezimisele ukuphenduka, wakwazi ukuthi, “Kulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu” (bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 135:4–5). Singawususa kanjani unembeza wethu ekucasuleni uNkulunkulu nakwabanye na?

IzEnzo 26:16–18.Kulamavesi, yini iNkosi eyabiza uPawulu ukuba ayenze na? Yimaphi amathuba esinawo okwenza izinto ezifanayo na?

IzEnzo 28:1–9.Ukhona yini emndenini wakho othanda izinyoka na? Ungase ufune ukucela lowo muntu noma elinye ilungu lomndeni ukuthi lixoxe izindaba ezitholakala kwizEnzo 28:1–9. Izingane zakho zingase zijabulele ukudweba isithombe salezi zindaba noma ukuzilingisa. Yiziphi izifundo esingazifunda kulezi zindaba na? Omunye kungaba ukuthi iNkosi igcwalisa izithembiso Zayo ezincekwini Zayo. Isibonelo, ungaqhathanisa izithembiso ezenziwa NgokukaMarku 16:18 nokugcwaliseka kwazo ngokwenzeka kuPawulu. Ungathola futhi enkulunyweni yakamuva yengqungquthela yebandla lonke isithembiso esenziwe enye yezinceku zeNkosi—mhlawumbe esibalulekile emndenini wakho—futhi usiveze ekhaya lakho. Singabonisa kanjani ukuthi sinokholo lokuthi lesi sithembiso sizogcwaliseka na?

Isithombe
inyoka enesihlungu

UNkulunkulu wamvikela uPawulu lapho elunywa inyoka enesihlungu.

IzEnzo 28:22–24.NjengeBandla ngezinsuku zikaPawulu (elibizwa ngokuthi “ihlelo” ku vesi 22), iBandla namuhla livame “ukukhulunywa kabi.” Lapho abantu bekhuluma kabi ngoMsindisi kanye neBandla Lakhe, uPawulu wasabela kanjani na? Yini esingayifunda ngokwenzeka kuPawulu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Gxila kwimigomo ezobusisa umndeni wakho. Ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, zibuze ukuthi “yikuphi engikutholayo lapha okungabusisa kakhulu umndeni wami na?” (Bheka incwadi Teaching in the Savior’s Way17.)

Isithombe
UPawulu ngaphambi kweNkosi u-Agripha

UPawulu ngaphambi kweNkosi u-Agripha. Valiant in the Testimony of Jesus Christ [Ubuqhawe Ebufakazini bukaJesu Kristu], nguDaniel A. Lewis

Shicilela