ITestamente Elisha 2023
Ngo-Agasti 21–27: 1 KwabaseKhorinte 1–7: “Nipheleliswe Emqondweni Munye”


“Ngo-Agasti 21–27. 1 KwabaseKhorinte 1–7: ‘Nipheleliswe Emqondweni Munye,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Agasti 21–27. 1 KabaseKhorinte 1–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
IKhorinte lasendulo

Corinth, Southern Greece, the Forum and Civic Center [IKhorinte i-Southern Greece, Iforumu kanye nesiKhungo soMphakathi], nguBalage Balogh/www.ArchaeologyIllustrated.com

Ngo-Agasti 21–27

1 KwabaseKhorinte 1–7

“Nipheleliswe Emqondweni Munye”

Bhala okufika emqondweni njengoba ufunda 1 KwabaseKhorinte 1–7. Lemibono ingase ihlanganise ukwaziswa kokuqhubeka ufunde umbono othile, wabelane nabanye ngokuthile okufundayo, noma ukwenza izinguquko empilweni yakho.

Bhala Imizwa Yakho

Phakathi nezinyanga uPawulu azichitha eKhorinte, “abaningi kwabaseKhorinte bamuzwa bakholwa, babhabhadiswa” (IzEnzo 18:8). Ngakho kumele ukuba kwadabukisa inhliziyo kuPawulu ukuzwa, eminyakeni embalwa nje kamuva, ukuthi kwakukhona “ukwehlukana” “nokuxabana” phakathi kwabaNgcwele baseKhorinte nokuthi lapho engekho baqala ukulalela “ukuhlakanipha kwalelizwe” (1 KwabaseKhorinte 1:10–11, 20). Ephendula, uPawulu wabhala incwadi manje esiyibiza ngokuthi 1 Khorinte. Igcwele imfundiso ejulile, kodwa ngesikhathi esifanayo, uPawulu wabonakala edumazekile ngokuthi abaNgcwele babengakakulungeli ukwamukela yonke imfundiso ayefuna ukubanikeza yona. “Mina, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengabangokomoya,” ekhononda, “ngokuba nisengabenyama” (1 KwabaseKhorinte 3:1–3). Njengoba silungiselela ukufunda amazwi kaPawulu, kungase kusize ukuhlola ukulungela kwethu ukuthola iqiniso—okuhlanganisa nokuzimisela kwethu ukulalela uMoya nokulwela ubunye phakathi kwemindeni yethu, nabaNgcwele esikanye nabo, kanye noNkulunkulu.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

1 KwabaseKhorinte 1:10–17; 3:1–11

Amalungu eBandla LikaKristu alwela ukubumbana.

Asiyazi yonke imininingwane mayelana nokuntuleka kobunye phakathi kwabaNgcwele baseKhorinte, kodwa siyazi ngokuntuleka kobunye ebudlelwaneni bethu. Cabanga ngobudlelwane empilweni yakho obungazuza ebunyeni obengeziwe; bese ubheka lokho uPawulu akufundisa kukho ku 1 KwabaseKhorinte 1:10–17; 3:1–11 mayelana nokuntuleka kobunye phakathi kwabaNgcwele baseKhorinte. Yikuphi ukuqonda ongakuthola mayelana nendlela yokuthuthukisa ubunye obukhulu nabanye na?

Bheka futhi Mosiya 18:21; 4 Nefi 1:15–17; IMfundiso neziVumelwano 38:23–27; 105:1–5; IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ubunye,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

1 KwabaseKhorinte 1:17–31; 2

Ukuze ngifeze umsebenzi kaNkulunkulu, ngidinga ukuhlakanipha kukaNkulunkulu.

Nakuba kukuhle—ngisho kukhuthazwa—ukufuna ukuhlakanipha noma kuphi lapho singakuthola khona (bheka 2 Nefi 9:29; IMfundiso neziVumelwano 88:118), uPawulu wanikeza izexwayiso ezinamandla ngokuhlakanipha kwabantu okunephutha, akubiza ngokuthi “ukuhlakanipha kwalelizwe.” Ngesikhathi ufunda 1 KwabaseKhorinte 1:17–25, cabanga ukuthi usho ukuthini lomusho. Ucabanga ukuthi wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi “ukuhlakanipha kukaNkulunkulu” na? Kungani sidinga ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ukuze sifeze umsebenzi kaNkulunkulu na?

Emizamweni yakho yokufeza izibopho zakho ekufezeni umsebenzi kaNkulunkulu, ingabe uke wakuzwa “ukwesaba, kanye … nokuthuthumela okukhulu” uPawulu akuzwa lapho efundisa abaNgcwele baseKhorinte na? (1 KwabaseKhorinte 2:3). Ngabe yikuphi okutholayo ku 1 KwabaseKhorinte 2:1–5 lokho okukunikeza isibindi na? Cabanga ngendlela ongabonisa ngayo ukuthi uyawethemba “amandla kaNkulunkulu” ngaphezu “kokuhlakanipha kwabantu.”

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 1:17–28.

1 KwabaseKhorinte 2:9–16

Ngidinga uMoya oNgcwele ukuze ngiqonde izinto zikaNkulunkulu.

Uma ubufuna ukufunda okwengeziwe ngokuthile okunjengomakhenikha bezimoto noma izakhiwo zenkathi ephakathi, ubungakwenza kanjani na? Ngokuka 1 KwabaseKhorinte 2:9–16, Ukufunda “izinto zikaNkulunkulu” kuhluke kanjani nokufunda “izinto zomuntu” na? Kungani kufanele sibe noMoya oNgcwele ukuze siqonde izinto zikaNkulunkulu na? Ngemva kokufunda lamavesi, yini onomuzwa wokuthi kufanele uyenze ukuze uqonde izinto zikamoya ngokugcwele na? Amazwi kaPawulu angamsiza kanjani umuntu onenkinga nobufakazi bakhe na?

1 KwabaseKhorinte 6:13–20

Umzimba wami ungcwele.

Abantu abaningi eKhorinte babenomuzwa wokuthi ukuziphatha kabi kobulili kwamukelekile nokuthi imizimba yabo yayenzelwa ukuzijabulisa kakhulukazi. Ngamanye amazwi, iKhorinte yayingahlukile kangako ezweni lanamuhla. Wafundisani uPawulu ku1 KwabaseKhorinte 6:13–20 okungakusiza ukuba uchazele abanye ukuthi kungani ufuna ukuphila ukuphila impilo emsulwa na?

- ­

1 KwabaseKhorinte 7:29–33

Ngabe uPawulu wafundisa ukuthi kungcono ukungashadi kunokushada na?

Amavesi amaningana ku1 KwabaseKhorinte 7 abonakala ephakamisa ukuthi nakuba umshado wamukeleka, ukuhlala ungashadile nokugwema ngokuphelele ubuhlobo bobulili kuyancanyelwa. Kepha, UkuHunyushwa okwenziwa NguJoseph Smith, 1 KwabaseKhorinte 7:29–33 (bheka Izinhlelo Zokusiza) kusisiza siqonde ukuthi uPawulu wayebhekisela kulabo ababizelwe ukuba yizithunywa zevangeli zesikhathi esigcwele, ephawula ukuthi babekwazi ukukhonza uNkulunkulu kangcono uma behlala bengashadile phakathi nomsebenzi wabo. INkosi ifundise ngezinceku Zayo, kuhlanganisa noPawulu, ukuthi umshado uyingxenye yesu Lwayo laphakade futhi ubalulekile ekuphakanyisweni (bheka 1 KwabaseKhorinte 11:11; IMfundiso neziVumelwano 131:1–4).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KwabaseKhorinte 1:10–17; 3:1–11.Njengoba amalungu omndeni wakho efunda lawa mavesi, wameme ukuba athole ukuqonda okungawasiza abe nobunye.

1 KwabaseKhorinte 3:1–2.Mhlawumbe ungafunda lamavesi ngenkathi udla ubisi nenyama. Ungaqhathanisa indlela izingane ezikhula ngayo zibe abantu abadala nendlela esikhula ngayo ngokomoya.

1 KwabaseKhorinte 3:4–9.UPawulu wafanisa imizamo yakhe yobuthunywa bevangeli nokutshala imbewu. Ukuqhathanisa kwakhe kusifundisani ngokwabelana ngevangeli na?

1 KwabaseKhorinte 6:19–20.Ukuqhathanisa imizimba yethu namathempeli, njengoba kwenza uPawulu, kungaba indlela ephumelelayo yokufundisa ngobungcwele bemizimba yethu. Mhlawumbe ungabonisa izithombe zamathempeli, njengalezo ezihambisana naloluhlaka. Kungani amathempeli engcwele na? Imizimba yethu ifana kanjani namathempeli na? Yini esingayenza ukuze siphathe imizimba yethu njengamathempeli na? -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Zibekezelele. UPawulu wafundisa ukuthi ubisi lufika ngaphambi kwenyama lapho sifunda ivangeli (bheka ku 1 KwabaseKhorinte 3:1–2). Uma uthola ukuthi ezinye izimfundiso kunzima ukuziqonda manje, bekezela. Themba ukuthi izimpendulo zizofika njengoba unokholo futhi ufunda ngokuzimisela.

Isithombe
amathempeli amane

UPawulu wafanisa imizimba yethu nobungcwele bethempeli. Ngokuhamba kwewashi ukusuka phezulu kwesokunxele: IThempeli lase Curitiba Brazil, iThempeli laseMexico City Mexico, iThempeli laseTokyo Japan, iThempeli laseAccra Ghana.

Shicilela