ITestamente Elisha 2023
Ngo-Agasti 14–20. KwabaseRoma 7–16: “Nqoba Okubi Ngokuhle”


“Ngo-Agasti 14–20. KwabaseRoma 7–16: ‘Nqoba Okubi Ngokuhle,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Agasti 14–20. KwabaseRoma 7–16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
umonakalo waseRoma yakudala

Ngo-Agasti 14–20

KwabaseRoma 7–16

“Nqoba Okubi Ngokuhle”

Iyidlanzana imigomo yevangeli etholaka KwabaseRoma 7–16 engafakwa kulesi sifundo, ngakho ungazinqumeli kulokhu okukhulunywa ngakho lapha. Naka ugqozi olutholayo ngesikhathi ufunda.

Bhala Imizwa Yakho

Ngesikhathi eqala ukubhala incwadi yakhe eya kwabaseRoma, uPawulu wabingelela amalungu eBandla ngokuwabiza “ngabathandekayo baNkulunkulu” ababe “bizwe ukuba ngabangcwele.” Waphawula wathi “ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke” (KwabaseRoma 1:7–8). Nakuba uPawulu achitha ingxenye enkulu encwadini yakhe elungisa imibono engamanga kanye nokuziphatha okungalungile, kubukeka engathi wayefuna nokuqinisekisa laba ababesanda kuguquka abangamaKristu ukuthi ngempela babengabangcwele abathandwa nguNkulunkulu. Ukweluleka kwakhe okumnene kusibusisa sonke thina esizabalaza ukuzwa uthando lukaNkulunkulu kanye nalabo abezwa sengathi ukuba ngoNgcwele akulula. Ngozwelo oluthobile, uPawulu wavuma ukuthi wake wazizwa njengo “muntu wosizi” ngezinye izikhathi (KwabaseRoma7:24), kodwa ivangeli likaJesu Kristu lamnika amandla okunqoba isono (bheka UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, KwabaseRoma 7:22–27 [Izinhlelo Zokusiza]). Ngalawo mandla, amandla kaMsindisi akhululayo, singakwazi “[uku]nqoba okubi”—okubi emhlabeni kanye nokubi nakithina—“ngokuhle” (KwabaseRoma 12:21).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

KwabaseRoma 7–8

Labo abalandela uMoya bangaba “izindlalifa kanye noKristu.”

Ngisho emuva kokungena “ekuphileni okusha” ngesimiso sombhabhadiso (KwabaseRoma 6:4), mhlawumbe wake wezwa ukungqubuzana kwangaphakathi uPawulu akuchaza KwabaseRoma 7— “[uku]lwa” phakathi komuntu wemvelo kanye nezifiso ezilungileyo (KwabaseRoma 7:23). Kodwa uPawulu wakhuluma futhi ngethemba KwabaseRoma 8:23–25. Ngabe yiziphi izizathu zalelithemba ozithola evesini 8 na? Ungase futhi ubheke izibusiso eziza ngokuthi “uMoya kaNkulunkulu [u]hlale kini” (KwabaseRoma 8:9). Ngabe ungabufuna kanjani ubuhlobo noMoya oNgcwele ngokuphelele empilweni yakho na?

KwabaseRoma 8:16–39

Isipho senkazimulo yaphakade sizidlula kakhulu izivivinyo zami emhlabeni.

Eminyakeni emibalwa emuva kokuba uPawulu ebhale lencwadi, abaNgcwele eRoma babhekana nokuhlushwa okubi kakhulu. Ngabe yikuphi okutholayo KwabaseRoma 8:16–39 okungenzeka kwabasiza laba abaNgcwele ngesikhathi ukuhlushwa sekufika na? Ngabe lamazwi angasebenza kanjani kuwe kanye nasezivivinyweni obhekene nazo na?

Bheka ukuxhumana phakathi kwalamavesi kanye nalesi seluleko esivela kuDade Linda S. Reeves: “Angazi ukuthi kungani sinalezi zivivinyo esinazo, kodwa kungumuzwa wami ukuthi umvuzo mkhulu kakhulu, ungowaphakade naphakade, unenjabulo enkulu futhi udlula ukuqonda okungangokuthi ngalolosuku lomvuzo, singase sizizwe sithi kuBaba wethu onesihe, nothando, ‘Ngabe lokhu ikona konke obekudingeka na?’ Ngikholwa ukuthi uma nsuku zonke singakhumbula siphinde sibone ukujula kwalolothando uBaba wethu oseZulwini kanye noMsindisi wethu abanalo ngathi, singazimisela ukwenza noma yini ukubuyela Kubo futhi, sizungezwe uthando Lwabo ingunaphakade. Kunandabani … ukuhlupheka esikuzwe lapha uma, ekugcineni, lezo zivivinyo kuyizona zinto ezisenza sifanelwe yimpilo yaphakade futhi nokuphakanyiswa embusweni kaNkulunkulu noBaba kanye noMsindisi na?” (“Worthy of Our Promised Blessings,” Liahona, ngoNov. 2015, 11). Nquma ukuthi yikuphi ozokwenza ukuze “nsuku zonke ulikhumbule futhi ulubone” uthando lukaNkulunkulu ngawe.

KwabaseRoma 8:29–30; 9–11

Wayeqonde ukuthini uPawulu uma ethi “misa ngaphambili,” “ukukhetha,” nokuthi “azi ngaphambili” na?

UPawulu wasebenzisa amazwi athi “misa ngaphambili,” “ukukhetha,” kanye “nokwazi ngaphambili” ukuze afundise ukuthi ngaphambi kwalempilo, uNkulunkulu wakhetha abanye babantwana Bakhe ukuba babeyingxenye ka-Israyeli, abantu Bakhe besivumelwano. Lokhu kwakusho ukuthi babeyothola izibusiso nemithwalo ethize ukuze babusise bonke abantu basemhlabeni (bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukukhethwa,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Kodwa, uPawulu wagcizelela KwabaseRoma 9–11 ukuthi bonke abantwana baNkulunkulu bangaba ngabantu Bakhe besivumelwano, futhi sonke sithola ukuphila okuphakade ngendlela efanayo—ngokukholwa kuJesu Kristu nangokulalela imiyalo Yakhe.

Bheka futhi Kwabase-Efesu 1:3–4; 1 KaPetro 1:2; u-Alima 13:1-5; IsiHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukukhethwa,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

KwabaseRoma 12–16

UPawulu uyangimema ukuba ngibe oNgcwele weqiniso kanye nomlandeli kaJesu Kristu.

Izahluko eziyisihlanu zokugcina KwabaseRoma ziqukethe imiyalelo eminingi ngokuphila njengabaNgcwele. Indlela eyodwa yokuyifunda lemiyalelo ukubheka izihloko eziphindiwe. Ungasifingqa kanjani iseluleko sikaPawulu na?

Ungase ungakwazi ukukwenza konke okukulesi seluleko ngesikhathi esisodwa, kodwa uMoya ungakwazi ukukusiza uthole owodwa noma emibili imigomo ongaqala ukuyisebenzisa namhlanje. Abelana ngezifiso zakho noYihlo oseZulwini ngomthandazo, futhi ucele usizo Lwakhe.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

KwabaseRoma 8:31–39.Ngabe yikuphi esikutholayo encwadini KwabaseRoma 8:31–39 okusifundisa ukuthi uBaba kanye noJesu bazizwa kanjani ngathi na? Ngabe yinini lapho sizwe khona uthando lwaNkulunkulu na?

Ukubonisa okusemavesini 38–39, amalungu omndeni angathola izibonelo zezinto, njengathi nothando lukaNkulunkulu, ezingakwazi ukuhlukana.

Isithombe
ubaba nendodakazi bedansa

IGosa uWilford W. Andersen lathi “Umculo wevangeli u[ngu]muzwa womoya ojabule.”

KwabaseRoma 9:31–32.Umyalezo weGosa uWilford W. Andersen “The Music of the Gospel” (Liahona, ngoMeyi 2015, 54–56; buka futhi ividiyo ku-ChurchofJesusChrist.org) ungasiza ukuchaza ukuthi uPawulu ufundisani ngomthetho, umsebenzi, kanye nokholo. Emuva kokuxoxa ngenkulumo yakhe, umndeni wakho ungazama ukudansa kukhona umculo nangaphandle komculo. Ngabe ukholo lungasisiza kanjani ukuba siyizwe injabulo yevangeli na?

KwabaseRoma 10:17.Bhala izinkomishi zamanzi eziningana ngamagama emithombo yezwi likaNkulunkulu (njengemibhalo engcwele, isambulo esiphathelene nawe, kanye nengqungquthela yebandla lonke). Xoxisanani ngokuthi izwi likaNkulunkulu lilukhulisa kanjani ukholo lwethu ngesikhathi uthela inkomishi ngayinye esitsheni esibhalwe ukuthi “Ukholo.”

KwabaseRoma 12.Ngabe kuqonde ukuthini ukuba sizenze “umnikelo ophilileyo, ogcwele, othandeka[yo] kuNkulunkulu” na? (ivesi 1).

KwabaseRoma 14:13–21.Umndeni wakho ungase uzuze ngokufunda iseluleko sikaPawulu ngokwahlulela nangokuphikisana ngokuthandwa ngumuntu. Mhlawumbe ningaxoxisana ngezindlela ezifanelekile zokuphendula uma abanye abantu, kubalwa namalungu omndeni, benza izinqumo ezihlukile kwezenu. Ngabe singenzenjani ukuze “sijonge okokuthula” na? (ivesi 19).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Vumelani abantwana baveze ukuhlakanipha kwabo. “Ngesikhathi umema abantwana ukuba bakhe into ephathelene nomgomo wevangeli, ubasiza ukuba bawuqonde kangcono lowomgomo. … Bavumele bakhe, badwebe, bafake imibala, babhale, benze nokuthile” (Teaching in the Savior’s Way25).

Isithombe
uKristu nezandla ezivuliwe

Abide with Me [Hlala nami], nguDel Parson

Shicilela