ITestamente Elisha 2023
Ngo-Agasti 7–13. KwabaseRoma 1–6: “Amandla kaNkulunkulu Kube Yinsindiso”


“Ngo-Agasti 7–13. KwabaseRoma 1–6: ‘Amandla kaNkulunkulu Kube Yinsindiso,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Agasti 7–13. KwabaseRoma 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UPawulu ebhala incwadi

Ngo-Agasti 7–13

KwabaseRoma 1–6

“Amandla kaNkulunkulu Kube Yinsindiso”

Ukubhala phansi okufika emqondweni wakho kuzokusiza ukuba ukhumbule lokho uMoya okufundisa kona. Cabanga futhi ngokubhala phansi indlela ozizwa ngayo ngokufika emqondweni.

Bhala Imizwa Yakho

Ngesikhathi uPawulu ebhalele amalungu eBandla laseRoma incwadi, lawo ayeyiqembu lamaJuda kanye naBezizwe, iBandla likaJesu Kristu lase likhule ukudlula iqembu elincane lamakholwa aseGalile. Cishe eminyakeni angamashumi amabili emuva koVuko lukaMsindisi, kwase kunamabandla amaKristu cishe yonke indawo lapho abaPhostoli babekwazi ukuhambela khona—kuhlanganiswe neRoma, idolobha elikhulu lombuso onamandla. Nokho, uma liqhathaniswa nobukhulu bombuso waseRoma, iBandla lalilincane kanti futhi izikhathi eziningi lalihlezi lishushwa. Kulezi zimo, abanye bangazizwa “benamahloni ngevangeli likaKristu”—kodwa, noma kunjalo, hhayi uPawulu. Wayazi futhi wayefakaza ukuthi amandla eqiniso, “amandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso,” atholakala evangelini likaJesu Kristu (KwabaseRoma 1:16).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Ngabe ziyini iziNcwadi zokuThunyelwa, futhi zihlanganiswe kanjani?

IziNcwadi zokuThunyelwa ezibhalwe ngabaholi beBandla zibhalelwa abaNgcwele ezindaweni ezahlukene zomhlaba. UMphostoli uPawulu nguye owabhala iningi lezincwadi ezikwiTestamente Elisha—kusukela kwabaseRoma kugcina KumaHebheru. Izincwadi zakhe zokuthunyelwa zihlelwe ngobude bazo, ngaphandle kwencwadi kumaHebheru (bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “IziNcwadi zikaPawulu”). Nakuba KwabaseRoma kuyincwadi yokuqala kwiTestamente Elisha, empeleni yabhalwa cishe ngasekuphetheni kohambo lukaPawulu lokushumayela ivangeli.

KwabaseRoma 1–6

“Olungileyo uzakuphila ngokukholwa”

Lezi zincazelo ezilandelayo zingakusiza ukuba uyiqonde kangcono iNcwadi yabaseRoma.

Umthetho.Ngesikhathi uPawulu ebhala “umthetho” wayesho kumthetho kaMose. Igama elithi “imisebenzi” emibhalweni kaPawulu lisho izenzo zangaphandle ezihambisana nomthetho kaMose. Cabanga ngokuthi umthetho kaMose kanye nemisebenzi edingekayo ngaphansi kwawo ihluke kanjani “[ku]mthetho wokukholwa” ochazwe KwabaseRoma 3:23–31.

Ukusoka, ukungasoki.Kudala, ukusoka kwakuwuphawu lwesivumelwano uNkulunkulu asenza no-Abrahama. UPawulu wasebenzisa igama elithi “ukusoka” ukusho kumaJuda (abantu besivumelwano) kanti ngegama elithi “ukungasoki” wayesho abantu beZizwe. Zindla ngokuthi incwadi KwabaseRoma 2:25–29 ufundisani mayelana ngokuba ngabantu besivumelwano baNkulunkulu. Qaphela ukuthi ukusoka akuselona uphawu lwesivumelwano sikaNkulunkulu nabantu Bakhe (bheka IzEnzo 15:23–29).

Ukuthethelelwa, thethelela, othethelelwe.Lamagama asho ukususwa, noma ukuxolelwa kwezono. Uma sithethelelwa, sixolelwe, sitholwa singenacala, futhi sikhululiwe ekujezisweni kwaphakade ngenxa yezono zethu. Uma ubona lamagama, qaphela ukuthi uPawulu wafundisani ngokuthi yini eyenza kube khona ukuxolelwa (bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukuxolela, Xolela,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org; D. Todd Christofferson, “Justification and Sanctification,” Ensign, June 2001, 18–25). KwabaseRoma, igama elithi “olungileyo” nelithi “ukulunga” womabili angabonakala engamagama amqondo ofanayo namagama athi “oqotho” nelithi “ukuxolela.”

Umusa.Umusa “uvela kuNkulunkulu … usizo noma amandla anikezwe ngesihe esikhulu kanye nothando lukaJesu Kristu.” Ngomusa, bonke abantu bayovuka ekufeni futhi bamukele ukungafi. Phezu kwalokho, “umusa ungamandla avumelayo avumela abesilisa nabesifazane ukuba bazuze impilo yaphakade kanye nokuphakanyiswa emuva kokuba sebesebenzise yonke imizamo yabo.” Umusa asiwutholi ngemizamo yethu, kodwa, ngumusa osinika “ amandla nosizo lokwenza imisebenzi emihle esingeke sakwazi ngenye indlela ukuyigcina.” (Bible Dictionary, “Grace”, bheka futhi ku 2 Nefi 25:23. Ngesikhathi ufunda kwabaseRoma, bhala phansi lokho okufundayo ngomusa kaMsindisi.

KwabaseRoma 2:17–29

Izenzo zami kumele zibonise futhi zandise ukuguquka kwami.

Amanye amaKristu angamaJuda eRoma ngokusobala ayesakholwa wukuthi imicikilisho kanye namasiko omthetho kaMose yiko okuletha insindiso. Lokhu kungabukeka njengenkinga engasenzeki njengoba singasaphili ngomthetho kaMose. Kodwa ngesikhathi ufunda imibhalo kaPawulu, ikakhulukazi KwabaseRoma 2:17–29, cabanga ngemizamo yakho yokuphila ivangeli. Ngabe imisebenzi yakho yangaphandle, enjengokudla isidlo esingcwele noma ukuvakashela ithempeli, iyayijulisa yini inguquko yakho iphinde iqinise ukholo lwakho kuKristu na? (bheka u-Alima 25:15–16). Ngabe kukhona okumele ukuguqule ukuze izenzo zakho zangaphandle ziholele ekuguqukeni kwenhliziyo?

-

KwabaseRoma 3:10–315

NgoJesu Kristu, ngingaxolelwa izono zami.

Abanye abantu bangazizwa bedangele ngokwashiwo nguPawulu ukuthi “Akakho olungileyo, akakho noyedwa” (KwabaseRoma 3:10). Kodwa ikhona nemilayezo enethemba kwabaseRoma. Ibheke esahlukweni 3 nesahluko 5, futhi ucabange ngokuthi kungani ukukhumbula ukuthi “bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23) kuyisinyathelo esibalulekile ekufundeni “[uku]thokoza ekwethembeni” ngoJesu Kristu (KwabaseRoma 5:2).

KwabaseRoma 6

UJesu Kristu ungimeme ukuba “ngihambe empilweni entsha.”

UPawulu wafundisa ukuthi ivangeli likaJesu Kristu kumele lishintshe indlela esiphila ngayo. Ngabe yikuphi okubaluliwe KwabaseRoma 6 okuchaza ukuthi ukulandela uMsindisi kukusize kanjani ukuze “uhambe empilweni entsha” na? (ivesi 4).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

KwabaseRoma 1:16–17.Singatshengisa kanjani ukuthi “asinawo amahloni ngevangeli likaKristu” na?

KwabaseRoma 3:23–28.Ngesikhathi ufunda lamavesi, ungaxoxa ngomehluko phakathi “kokuzuza” umusa kaNkulunkulu, esingasoze sakwenza, kanye nokuwamukela, okufanele sikwenze. Ngabe yinini lapho sizwe khona umusa kaNkulunkulu na? Singawuthola kanjani ngokuphelele?

KwabaseRoma 5:3–5.Yibuphi ubunzima esidlule kubona na? Ngabe lobu bunzima busisize kanjani ukuba sikhulise ukubekezela, ukuzizwela nokuzibonela, nethemba na?

KwabaseRoma 6:3–6.Yikuphi okwashiwo uPawulu kulamavesi mayelana nophawu lombhabhadiso na? Mhlawumbe umndeni wakho ungahlela ukuthamela umbhabhadiso ozayo. Noma othile emndenini angabelana ngezithombe noma izinkumbulo zombhabhadiso wakhe. Ngabe ukwenza kanye nokugcina izivumelwano zombhabhadiso zethu kusisiza kanjani ukuba “sihambe empilweni entsha” na?

Isithombe
indoda ibhabhadisa enye echibini

Umbhabhadiso umele ukuqala impilo entsha njengomfundi kaKristu.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Buza imibuzo ngesikhathi ufunda. Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika engqondweni yakho. Zindla ngalemibuzo futhi ufune izimpendulo. Isibonelo,encwadini KwabaseRoma 1–6 ungabheka izimpendulo zombuzo othi “Yini umusa na?”

Isithombe
UKristu ephakamisa intombazane eyisusa kumfudlana

Be Not Afraid [Ungesabi], nguGreg K. Olsen

Shicilela