ITestamente Elisha 2023
Ngo-Agasti 28–Septhemba 3. 1 KwabaseKhorinte 8–13: “NinguMzimba kaKristu”


“Ngo-Agasti 28–Septhemba 3. 1 KwabaseKhorinte 8–13: ‘NinguMzimba kaKristu,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Agasti 28–Septhemba 3. 1 KwabaseKhorinte 8–13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
umhlangano wesidlo esingcwele

Ngo-Agasti 28–Septhemba 3

1 KwabaseKhorinte 8–13

“NinguMzimba kaKristu”

Ngesikhathi ufunda ngomthandazo 1 KwabaseKhorinte 8–13, uMoya oNgcwele ungakhuluma nawe ngezindlela ezicashile (bheka 1 AMakhosi 19:11–12). Ukubhala lokho esikucabangile kuzosisiza sikhumbule ukuthi yimiphi imizwa kanye nemicabango ebesinayo ngesikhathi sifunda.

Bhala Imizwa Yakho

Ngesikhathi sikaPawulu, iKhorinte yayiyisikhungo sezohwebo esicebile sinezakhamuzi ezivela kuwo wonke uMbuso WaseRoma. Njengoba kunamasiko nezinkolo eziningi ezihlukene edolobheni, amalungu eBandla laseKhorinte axakeka ukugcina ubunye, ngakho uPawulu wafuna ukuwasiza ukuba athole ubunye enkolweni yabo kuKristu. Lobu bunye kwakuzoba okungaphezu nje kokuhlalisana ngokuthula; uPawulu wayengabaceli nje ukuthi babekezelele ukungezwani komunye nomunye. Kunalokho, wafundisa ukuthi uma uhlangana neBandla likaJesu Kristu, “ubhabhadiswa ukuba sibe mzimba munye,” futhi zonke izitho zomzimba ziyadingeka (1 KwabaseKhorinte 12:13). Lapho ilungu elilodwa lilahlekile, kufana nokulahlekelwa isitho, futhi umzimba uba buthaka ngenxa yalokho. Lapho ilungu elilodwa lihlupheka, sonke kufanele silizwe futhi senze ingxenye yethu yokuba silikhulule. Kuloluhlobo lobunye, ukungezwani akuvunywa nje kuphela kodwa kuyaziswa, ngoba ngaphandle kwamalungu aneziphiwo namakhono ahlukahlukene, umzimba ubuyoba nomkhawulo. Ngakho-ke noma uzizwa sengathi ubuhlezi usekhaya eBandleni noma uzithola uzibuza ukuthi ngabe uyilungu leqiniso yini, umlayezo kaPawulu kuwena uthi ubunye abukona ukufana. Uyabadinga abaNgcwele abakanye nawe, nabaNgcwele abakanye nawe bayakudinga.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

1 KwabaseKhorinte 10:1–13

UNkulunkulu unikeza indlela yokubalekela isilingo.

Izehlakalo zomoya, ngisho nezimangalisayo, azisikhululi ezilingweni “ezivamile kubantu” (1 KwabaseKhorinte 10:13). Lokho kungase kube esinye sezizathu uPawulu abhala ngendlela ama-Israyeli osuku lukaMose abhekana ngayo nesilingo, nakuba abona izimangaliso ezinkulu (bheka u-Eksodusi 13:21; 14:13–31). Njengoba ufunda 1 KwabaseKhorinte 10:1–13, yiziphi izexwayiso kulokho okwehlela abakwa-Israyeli ezibonakala zikuthinta na? Yiziphi izinhlobo “zokuphunyuka” esilingweni uBaba oseZulwini akunikeze zona na? (bheka futhi u-Alima 13:27–30; 3 Nefi 18:18–19).

1 KwabaseKhorinte 10:16–17; 11:16–30

Isidlo esingcwele sisenza sibe munye njengamalungu eBandla likaKristu.

Nakuba isidlo esingcwele sibandakanya ukuzibophezela komuntu siqu okuphakathi kwakho neNkosi, siphinde sibe yinto oyenza nabanye. Cishe ngaso sonke isikhathi sidla isidlo esingcwele ndawonye, njengomzimba wabaNgcwele. Funda lokho uPawulu akufundisa ngesidlo esingcwele, futhi ucabange ngokuthi lesi simiso esingcwele singasiza kanjani “abaningi” ukuba babe “munye” kuKristu (1 KwabaseKhorinte 10:17). Ukudla isidlo kukusiza kanjani ukuthi uzizwe usondelene noKristu kanye namanye amakholwa na? Lamavesi ayithinta kanjani imizwa yakho ngesidlo esingcwele kanye nendlela osilungiselela ngayo na?

1 KwabaseKhorinte 11:11

Ohlelweni lukaNkulunkulu, amadoda nabesifazane bayadingana.

Ku1 KwabaseKhorinte 11:4–15, uPawulu wabhekisela emasikweni esingawalandeli namuhla. Nokho, uPawulu wabuye wafundisa iqiniso elibalulekile elisebenza phakade, elitholakala kuvesi 11. Ucabanga ukuthi lisho ukuthini lelivesi, futhi kungani libalulekile na? IGosa uDavid A. Bednar lafundisa, “Owesilisa nowesifazane bahloselwe ukufundisana, ukuqinisana, ukubusisana, kanye nokuphelelisana” (“We Believe in Being Chaste,” Liahona, ngoMeyi 2013, 42). Leliqiniso kufanele liwuthonye kanjani umshado na? Kufanele kuyithinte kanjani indlela esikhonza ngayo eBandleni na?

-

1 KwabaseKhorinte 12–13

Izipho zomoya zinikwa ukusiza bonke abantwana baBaba oseZulwini.

Uhlu lwezipho zomoya ku1 KwabaseKhorinte 12–13 aluphelele. Kodwa yindawo enhle yokuqala lapho ukhomba futhi ucabangisisa ngezipho zomoya uBaba oseZulwini akunike zona. Isihloko esithi “Izipho zikaMoya” esitholakala kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (topics.ChurchofJesusChrist.org) singakusiza uqonde lezizipho kangcono. Njengoba ufunda uhlu lukaPawulu lwezipho, ungase wengeze ezinye ozibonile kwabanye, kuwena, noma kubantu emibhalweni engcwele. Uma unesibusiso somphatriyakhe, singase sikhulume ngezinye zezipho zakho zomoya. Lezi zipho zikusiza kanjani ukuthi ubusise abanye na? Cabanga indlela ongazifuna ngayo “izipho ezingcono kakhulu” (1 KwabaseKhorinte 12:31).

Bheka futhi 1 KwabaseKhorinte 14; Moroni 10:8–21, 30; IMfundiso neziVumelwano 46:8–26; Imibhalo Yokholo 1:7.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KwabaseKhorinte 9:24–27.Njengoba uPawulu afanisa ukuphila ivangeli nokugijima umjaho, ungaba nomncintiswano womndeni ukuze ufanekise iphuzu lakhe. Nikeza wonke umuntu oqeda umncintiswano umqhele, futhi nixoxe ngokuthi bonke abakhuthele ekulandeleni uJesu Kristu kulokhu kuphila bayowuthola kanjani umklomelo “ongenakonakala” (1 KwabaseKhorinte 9:25; bheka futhi 2 KuThimothewu 4:7–8). Wenzani umgijimi ukuze azilungiselele umjaho na? Yini esingayenza ukuze silungiselele ukubuyela kuBaba oseZulwini na?

Isithombe
abagijimi emzileni

UPawulu wafanisa ukuphila ivangeli nokugijima umjaho.

1 KwabaseKhorinte 12:1–11.Ngemuva kokufunda lamavesi ndawonye, cabangani ukunikeza wonke umuntu iphepha elinegama lelungu lomndeni elilodwa phezulu. Cela wonke umuntu ukuba abhale iziphiwo zikamoya abaqaphela ukuthi lowo muntu unazo. Ungadlulisa amaphepha embuthanweni kuze kube yilapho wonke umuntu esethole ithuba lokubhala ngezipho zelungu ngalinye lomndeni.

1 KwabaseKhorinte 12:3.Kungani uMoya oNgcwele udingeka ukuze uthole ubufakazi ngoJesu Kristu na? Yini esingayenza ukuze simeme uMoya oNgcwele ukuthi uqinise ubufakazi bethu Ngaye na?

1 KwabaseKhorinte 12:12–27.Isifaniso sikaPawulu somzimba singaba yindlela ekhumbulekayo yokuxoxa ngobunye bomndeni. Isibonelo, amalungu omndeni angazama ukudweba umzimba owenziwe ngamehlo noma izindlebe kuphela (bheka uvesi 17). Lamavesi asivezelani ngendlela okufanele siphathane ngayo njengamalungu omndeni na?

1 KwabaseKhorinte 13:4–8.Incazelo kaPawulu yosizo ingase yenze isiqubulo esikhuthazayo emndenini wakho. Unganikeza ilungu ngalinye lomndeni ukuba lifunde umushwana othile kumavesi 4–8 futhi ufundise wonke umndeni ukuthi kusho ukuthini usebenzisa izincazelo, izibonelo, kanye nalokho umuntu siqu asadlula kukho. Ngabe uMsindisi uyisibonelo kanjani salezi zimpawu na? Ungakwazi futhi ukwenza amaphosta ndawonye kulowo nalowo magama bese uwaveza endlini yakho yonke. Yiba nobuciko!

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Bonisa ngombhalo ongcwele othile. Khetha lelovesi enizuza kakhulu kulo, bese ulibeka lapho abomndeni wakho bezohlezi belibona khona njalo. Mema amanye amalungu omndeni wakho ukuba ashintshane ngokukhetha umbhalo abangabonisa ngawo.

Isithombe
umhlangano wesidlo esingcwele

“Isinkwa esisihlephulayo, asisona yini inhlanganyelo yomzimba kaKristu na? Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye” (1 KwabaseKhorinte 10:16–17).

Shicilela