ITestamente Elisha 2023
NgoSepthemba 11–17. 2 KwabaseKhorinte 1–7: “Buyisanani noNkulunkulu”


“NgoSepthemba 11–17. 2 KwabaseKhorinte 1–7: ‘Buyisanani noNkulunkulu,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoSepthemba 11–17. 2 KwabaseKhorinte 1–7,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
uJesu Kristu

NgoSepthemba 11–17

2 KwabaseKhorinte 1–7

“Buyisanani noNkulunkulu”

Ngesikhathi ufunda izincwadi zikaPawulu kwabaseKhorinte, bhala phansi ezinye zezimiso zevangeli ozitholayo futhi uzindle ngokuthi ungazisebenzisa kanjani empilweni yakho.

Bhala Imizwa Yakho

Kwesinye isikhathi ukuba ngumholi weBandla kusho ukukhuluma izinto ezinzima. Lokhu kwakuyiqiniso ezinsukwini zikaPawulu njengoba kunjalo nanamuhla. Ngokusobala incwadi yangaphambilini evela kuPawulu eya kwabaNgcwele baseKhorinte yayihlanganisa ukujeziswa futhi yabangela imizwa ebuhlungu. Encwadini eyaphenduka u-2 KwabaseKhorinte, wazama ukuchaza ukuthi yini eyayikhuthaze amazwi akhe ahlabayo: “Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo” (2 KwabaseKhorinte 2:4). Uma ubhekene nokwamukela ukulungiswa okuthile okuvela kumholi, kuyasiza ngempela ukwazi ukuthi kugqugquzelwa uthando olufana nolukaKristu. Futhi ngisho nakulezo zimo lapho kungenjalo, uma sizimisele ukubona abanye ngaloluthando uPawulu aluzwa, kulula ukuphendula ngendlela efanele kunoma yimaphi amacala. Njengoba iGosa uJeffrey R. Holland laluleka, yiba nomusa mayelana nobuthakathaka bomuntu—obakho kanye nobalabo osiza nabo eBandleni eliholwa amavolontiya, amadoda kanye nabesifazane abafayo. Ngaphandle kweNdodana Yakhe ezelwe yodwa ephelele, abantu abangaphelele yibona uNkulunkulu asebenza ngabo” (“Lord, I Believe, iLiyahona, ngoMeyi 2013, 94).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

2 KwabaseKhorinte 1:3–7; 4:6–10, 17–18; 7:4–7

Izilingo zami zingaba yisibusiso.

Ngokubheka konke uPawulu abhekana nakho ekuphileni kwakhe, akumangazi ukuthi wabhala okuningi ngenjongo nezibusiso zosizi. Ngesikhathi ufunda 2 KwabaseKhorinte 1:3–7; 4:6–10, 17–18; 7:4–7, cabanga izindlela izilingo zakho zingaba yisibusiso. Isibonelo ungase uzindle ukuthi uNkulunkulu “usiduduza kanjani osizini [lwethu] lonke” futhi wena ungenza kanjani, “ukududuza abasosizini, nolunjani” (2 KwabaseKhorinte 1:4). Noma ungagxila ekutheni ukukhanya kukaJesu Kristu “kukhanye” kanjani enhliziyweni yakho, nalapho “ukhathazekile” futhi “udidekile” (2 KwabaseKhorinte 4:6, 8).

Bheka futhi Mosiya 24:13–17.

2 KwabaseKhorinte 2:5–11

Ukuthethelelwa kuyisibusiso engingasinikeza futhi ngisithole.

Asazi okuningi ngendoda uPawulu akhuluma ngayo ku2 KwabaseKhorinte 2:5–11—sazi kuphela ukuthi yonile (bheka uvesi 5–6) nokuthi uPawulu wayefuna abaNgcwele bayithethelele (bheka uvesi 7–8). Kungani ngezinye izikhathi sihluleka “ukuphatha ngothando” othandiweyo osonile na? (uvesi 8). Ukugodla intethelelo kubalimaza kanjani abanye kanye nathi na? (bheka kumavesi 7, 10–11). Ukugodla intethelelo kumnikeza kanjani “uSathane ithuba na”? (uvesi 11).

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 64:9–11.

2 KwabaseKhorinte 5:14–21

NgeNhlawulo kaJesu Kristu, ngingabuyiselwa kuNkulunkulu.

Njenganoma ubani, uPawulu wayazi ukuthi kunjani ukuba “yisidalwa esisha” (2 KwabaseKhorinte 5:17). Wasuka ekubeni umshushisi wamaKristu waba umvikeli kaKristu ongesabi. Ngesikhathi ufunda 2 KwabaseKhorinte 5:14–21, cabanga imibuzo enjengalena: Khusho ukuthini ukubuyiselwa na? Ngabe kusho ukuthini ukubuyisana noNkulunkulu na? Dlinza ukuthi ngabe yini ekuhlukanisa noNkulunkulu na? Ngabe yini oyidingayo ukuze ubuyiselane Naye ngokuphelele na? Ngabe uMsindisi ukwenza kanjani lokho na?

Ungase futhi ucabange ukuthi kusho ukuthini ukuba “amanxusa kaKristu” “enkonzweni yokubuyisana” (amavesi 18, 20). --

Bheka futhi ku 2 Nefi 10:23–25.

2 KwabaseKhorinte 7:8–11

Ukudabuka okungokukaNkulunkulu kuholela ekuphendukeni.

Asikubheki ukudabuka njengento enhle, kodwa uPawulu wakhuluma “ngokudabuka okuya ngokukaNkulunkulu” (2 KwabaseKhorinte 7:10) njengengxenye ebalulekile yokuphenduka. Cabangela lokho okufundayo ngokudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kulokhu okulandelayo: 2 KwabaseKhorinte 7:8–11; Alima 36:16–21; Mormoni 2:11–15. Kunini lapho wezwa khona ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu, futhi kwaba namuphi umphumela empilweni yakho na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

2 KwabaseKhorinte 3:1–3.Ngabe amalungu omndeni wakho aseke acela yini othile ukuba awabhalele incwadi yokutusa, uma enesicelo somsebenzi noma sesikole na? Wacele ukuba axoxe ngalokhu okwenzeka. UPawulu wafundisa ukuthi izimpilo zabaNgcwele zazifana nezincwadi zokutusa ivangeli likaJesu Kristu, “ayi ezilotshwe ngoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo.” Ngesikhathi nifunda ku2 KwabaseKhorinte 3:1–3 ndawonye, xoxani ngokuthi izibonelo zethu zifana kanjani nezincwadi “ezingaziwa futhi zifundwe yibo bonke abantu,” ezibonisa iqiniso nokufaneleka kwevangeli. Mhlawumbe ilungu ngalinye lomndeni lingabhala incwadi echaza ukuthi elinye ilungu lomndeni libe yisibonelo eshile kanjani somfundi kaJesu Kristu. Bangazifundela umndeni izincwadi zabo futhi bazinikeze ilungu lomndeni ababhale ngalo. Kubaluleke ngani ukuqonda ukuthi izimpilo zethu “izincwadi” zikaKristu na?

2 KwabaseKhorinte 5:6–7.Kusho ukuthini “ukuhamba ngokholo, hhayi ngokubona” na? Senzani ukukhombisa ukuthi siyakholwa kuMsindisi nakuba singakwazi ukumbona na?

2 KwabaseKhorinte 5:17.Ingabe umndeni wakho ungacabanga noma uthole izibonelo emvelweni yezinto ezidlula ezinguqukweni eziphawulekayo futhi zibe izidalwa ezintsha na? (bheka isithombe esisekupheleni kwaloluhlaka). Ivangeli likaJesu Kristu lingasiguqula kanjani na?

2 KwabaseKhorinte 6:1–10.Ngokuka 2 KwabaseKhorinte 6:1–10, kusho ukuthini ukuba “izikhonzi zikaNkulunkulu” na? (uvesi 4). Yiziphi izimfanelo isikhonzi sikaNkulunkulu esinazo na?

2 KwabaseKhorinte 6:14–18.Singasilandela kanjani iseluleko sikaPawulu “sokuphuma phakathi kwabo [abangalungile], sahlukane,” ngenkathi futhi sithanda nalabo abasizungezile na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ukwabelana ngezifundo ngesikhathi kusetshenziswa izinto ezithile. Eminye imiqondo yevangeli, njengeNhlawulo, ingaba nzima ukuyiqonda. Cabanga ngokusebenzisa izithombe noma izinto ezingasiza umndeni wakho ukuthi uqonde izimiso ozithola emibhalweni engcwele.

Isithombe
isibungu, umfece, novemvane

Lapho siguqulelwa evangelini likaKristu, ukuguqulwa kwethu kujule kangangokuthi uPawulu wakuchaza ngokuthi ukuba “isidalwa esisha” (2 KwabaseKhorinte 5:17).

Shicilela