ITestamente Elisha 2023
NgoSepthemba 4–10. 1 KwabaseKhorinte 14–16: “UNkulunkulu Kasiye Owesiyaluyalu Kepha Ngowokuthula”


“NgoSeptemba 4–10. 1 KwabaseKhorinte14–16: ‛UNkulunkulu Kasiye Owesiyaluyalu Kepha Ngowokuthula,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoSepthemba 4–10. 1 KwabaseKhorinte 14–16,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
indawo yokubhabhadisela ethempelini

NgoSepthemba 4–10

1 KwabaseKhorinte 14–16

“UNkulunkulu Kasiye Owesiyaluyalu Kepha Ngowokuthula”

Bhala okufika emqondweni wakho ngesikhathi ufunda 1 KwabaseKhorinte 14–16. Khuleka ngaloko okufundiswe nguMoya, bese ubuza uBaba oseZulwini ukuthi kukhona yini okunye Angathanda ukuthi ukufunde.

Bhala Imizwa Yakho

Ngenxa yokuthi iBandla kanye nezimfundiso zalo kwakusekusha eKhorinte, kuyaqondakala ukuthi abaNgcwele baseKhorinte bahlangabezana nokudideka. UPawulu wayekade ebafundise iqiniso eliyisisekelo sevangeli ngokudlule: “ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu … nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu” (1 KwabaseKhorinte 15:3–4). Kodwa amanye amalungu aqala ngokushesha ukufundisa ukuthi “akukho ukuvuka kwabafileyo” (1 KwabaseKhorinte 15:12). UPawulu wabancenga ukuba “[ba]bambele[le] ezwini” lamaqiniso ababefundiswe wona (1 KwabaseKhorinte 15:2). Lapho sihlangabezana nemibono engqubuzanayo ngamaqiniso evangeli, kuhle ukukhumbula ukuthi “uNkulunkulu akasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula” (1 KwabaseKhorinte 14:33). Ukulalela izinceku zeNkosi ezibekiwe kanye nokubambelela emaqinisweni asobala eziwafundisa ngokuphindelela kungasisiza sithole ukuthula futhi “[s]igxile ekukholweni” (1 KwabaseKhorinte 16:13).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

1 KwabaseKhorinte 14

Ngingasifuna isipho sesiphrofetho.

Ngabe siyini isipho sesiphrofetho na? Ngabe siyikhono lokubikezela ikusasa na? Ngabe esabaphrofethi kuphela na? Noma singatholwa yinoma ubani lesisipho na?

Zindla ngalemibuzo ngesikhathi ufunda 1 KwabaseKhorinte 14:3, 31, 39–40. Ungafunda futhi IsAmbulo 19:10 kanye nezihloko ezithi Isiphrofetho, Phrofetha” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele (scriptures.ChurchofJesusChrist.org). Ngokuphathelene nalokho okufundayo, ungasichaza kanjani isipho sesiphrofetho na? Ngabe yikuphi uPawulu ayeqonde ukukusho ngesikhathi emema abaKhorinte ukuba “[ba]zondele[le] ukuphrofetha”? (1 KwabaseKhorinte 14:39). Ungasamukela kanjani lesimemo na?

Bheka futhi UJoweli 2:28–29; u-Alima 17:3; IMfundiso neziVumelwano 11:23–28.

1 KwabaseKhorinte 14:34–35

Ngabe okushiwoyo ngabesifazane kulamavesi kuyabenza namhlanje?

Ngesikhathi sikaPawulu, kwakulindeleke okwahlukahlukene ngokuthi abesifazane babamba liphi iqhaza emphakathini, kubalwa nasezinkonzweni. Noma ngabe izimfundiso ezitholakala encwadini 1 KwabaseKhorinte 14:34–35 zazishoni ngesikhathi sikaPawulu, akufanele ngalokho kuqondwe ukuthi abesifazane abakwazi ukukhuluma kanye nokuhola eBandleni namhlanje. UMongameli uRussell M. Nelson wathi kubantu besifazane beBandla namhlanje: “Sidinga amandla enu, ukuguquka kwenu, ukukholwa kwenu, ikhono lenu lokuhola, ubuhlakani benu, kanye namazwi enu. Umbuso kaNkulunkulu awuphelele futhi awukwazi ukuphelela ngaphandle kwabesifazane abenza futhi bagcine izivumelwano ezingcwele, abesifazane abakwazi ukukhuluma ngamandla nangegunya likaNkulunkulu!” (“A Plea to My Sisters,” iLiyahona, Nov. 2015, 96).

1 KwabaseKhorinte 15:1–34, 53–58

UJesu Kristu wazuza ukunqoba ngaphezu kokufa.

Uvuko lukaJesu Kristu kwabafileyo luyisisekelo enkolweni yobuKristu, kangangoba singathi ngaphandle kwalo ayikho inkolo yobuKristu—ukusebenzisa amazwi kaPawulu, “ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize” (1 KwabaseKhorinte 15:14). Kodwa abanye babaNgcwele baseKhorinte babefundisa ukuthi angeke lubekhona “uvuko lwabafileyo” (1 KwabaseKhorinte 15:12). Ngesikhathi ufunda impendulo kaPawulu 1 KwabaseKhorinte 15, thatha umzuzu uzindle ngokuthi impilo yakho ngabe ihluke kanjani ukube ubungakholelwa ekuVukeni kwabafileyo (bheka 2 Nefi 9:6–19; Alima 40:19–23; IMfundiso neziVumelwano 93:33–34). Ngabe umusho othi “uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho” usho ukuthini kuwe na? (ivesi 17).

Kubalulekile futhi ukuqaphela ukuthi uPawulu wakhuluma ngokubhabhadisela abangasekho njengobufakazi bokuthi ukuvuka kwabafileyo kukhona ngempela (bheka 1 KwabaseKhorinte 15:29). Ngabe ithempeli kanye nomsebenzi womlando womndeni kuliqinise kanjani ukholo lwakho lwemfundiso yokuvuka kwabafileyo na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 138:11–37.

1 KwabaseKhorinte 15:35–54

Imizimba evuswe kwabafileyo ihlukile emizimbeni efayo.

Ngabe wake wazibuza nje ukuthi umzimba ovuswe kwabafileyo unjani? Ngokusho kombhalo 1 KwabaseKhorinte 15:35, abanye baseKhorinte babezibuza into efanayo. Funda impendulo kaPawulu emavesini 36–54, futhi uqaphele amagama nemishwana echaza umehluko phakathi kwemizimba efayo nemizimba evuswe ekufeni. Ngesikhathi wenza njalo, ungase uqhathanise amavesi 40–42 nencwadi IMfundiso neziVumelwano 76:50-112. Ngabe lesi sambulo esanikwa umPhrofethi uJoseph Smith sengezani ekuqondeni kwakho na? (bheka futhi UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, 1 KwabaseKhorinte 15:40 [Izinhlelo Zokusiza]). Kungani lamaqiniso ebalulekile kuwe na?

Bheka futhi NgokukaLuka 24:39; Alima 11:43–45; IMfundiso neziVumelwano 88:14–33.

Isithombe
ukuphuma kwelanga

“Iyodwa inkazimulo yelanga” (1 KwabaseKhorinte 15:41).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KwabaseKhorinte 15:29.Siyafunda kuvesi 29 ukuthi amaKristu akudala ayebamba iqhaza ekubhabhadiseleni abangasekho, njengoba senza nathi namhlanje. Singabachazela kanjani abanye ukuthi kungani sibhabhadisela abangasekho na? Ngabe yini esiyenzayo njengomndeni ukunika okhokho bethu abangasekho izimiso zasethempelini abazidingayo na? -

1 KwabaseKhorinte 15: 35–54.Yiziphi izinto noma izithombe ongazikhombisa ukusiza umndeni wakho ukuthi uwaqonde amanye amazwi uPawulu awasebenzisa ukuchaza ukuthi imzimba efayo ihluke kanjani kuleyomzima evuswe ekufeni na? Isibonelo, ukukhombisa umehluko phakathi kokonakalayo kanye nokungonakali (bheka amavesi 52–54) ungakhombisa insimbi esigqwalile kanye nensimbi engagqwali. Noma ungaqhathanisa into ebuthaka nento enamandla (bheka ivesi 43).

1 KwabaseKhorinte 15:55–57.Ingxoxo ngalamavesi ingazwakala ikakhulukazi uma umndeni wakho wazi umuntu ongasekho. Amalungu omndeni angathula ubufakazi bokuthi uJesu Kristu ulisusa kanjani “udosi lokufa” (ivesi 56).

1 KwabaseKhorinte 16:13.Ukusiza amalungu omndeni wakho ahambisane nalelivesi, ungadweba isiyingi phansi bese uyalela ilungu lomndeni ukuba “lilinde ligxile” phakathi kwaso amehlo evaliwe. Emva kwalokho abanye bangazama ukumdudula noma bamukhiphe esiyingini. Kwenza muphi umehluko uma umuntu osesiyingeni evule amehlo akhe futhi “engabuka” na? Yikuphi esingakwenza ukuze “sime siqine” lapho silingeka ukuthatha izinqumo ezingalungile na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bheka ukulandelana. Embhalweni engcwele sithola ukulandelana okusikhombisa ukuthi iNkosi iwenza kanjani umsebenzi Wayo. Yikuphi ukulandelana okutholayo 1 KwabaseKhorinte 14 okusisiza siqonde ukuthi singakhana kanjani ngevangeli na?

Isithombe
uKristu evela kuMariya ethuneni elakhiweyo lasensimini.

Why Weepest Thou [Ukhalelani], © Simon Dewey 2021. Usetshenziswe ngemvume ephuma kwa-Altus Fine Art/www.altusfineart.com

Shicilela