ITestamente Elisha 2023
NgoSepthemba 18–24: 2 KwabaseKhorinte 8–13: “UNkulunkulu Uyamthanda Onikelayo Ethokoza”


“NgoSepthemba 18–24. 2 KwabaseKhorinte 8–13: ‘UNkulunkulu Uyamthanda Onikelayo Ethokoza,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

NgoSepthemba 18–24: 2 KwabaseKhorinte 8–13,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu ekhuluma nomntwana omncane

NgoSepthemba 18–24

2 KwabaseKhorinte 8–13

“UNkulunkulu Uyamthanda Onikelayo Ethokoza”

Ukubhala okufika emgqondweni okungokomoya kuzokusiza ukuba ukhumbule lokho okufundayo ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele. Ungase ubhale kwibhuku lakho lokufunda, bhala okucabangayo emaceleni emibhalo engcwele yakho, bhala futhi okucabangayo kwi-app i-Gospel Library, noma uyiqophe imicabango yakho.

Bhala Imizwa Yakho

Ngabe yini ongayenza uma ungezwa ukuthi ibandla labaNgcwele endaweni ethize lizabalaza ebumpofini na? Lesi yisimo uPawulu asichazela abangcwele baseKhorinte 2 KwabaseKhorinte 8–9. Wayenethemba lokuvumisa abangcwele baseKhorinte ukuba banikele ngengxenye kokuyinala abanako kulabo bangcwele ababeswele. Kodwa okudlula isicelo somnikelo, amazwi kaPawulu ayequkethe amaqiniso ajulile ngokunikela: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza” (2 KwabaseKhorinte 9:7). Esikhathini samanje, basekhona abaNgcwele emhlabeni wonke jikelele abaswele usizo. Ngezinye izikhathi okukhulu esingabenzela khona ukuthi sizile ukudla bese sinikela ngomnikelo wokuzila ukudla. Kwezinye izikhathi, ukunikela kwethu kungaqonda ngqo futhi kubhekane nomuntu siqu. Noma ngabe sinikela ngayiphi indlela, kufanele sihlole izizathu zethu ngokunikela. Ngabe iminikelo yethu iyisenzo sothando na? Vele,wuthando olwenza onikelayo ajabule.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

2 KwabaseKhorinte 8:1–15; 9:5–15

Ngingabelana ngokujabula ngalokho enginakho ukubusisa abampofu kanye nabaswele.

Baningi abaswele emhlabeni wonke jikelele. Singawenza kanjani umehluko? IGosa uJeffrey R. Holland lapha lesi siluleko: “Sicebile noma simpofu, kumele ‘senze esikwazi ukwenza’ lapho abanye beswele [bheka NgokukaMarku 14:6, 8]. … [UNkulunkulu] uzokusiza aphinde akuhole ezenzweni ezinozwelo zobufundi uma ufuna futhi ukhuleka ngokuzihlupha futhi ubheka izindlela zokugcina umyalelo Asinike wona ngokuphindaphindiwe” (“Are We Not All Beggars?,” iLiyahona,, NgoNovemba 2014, 41).

Funda 2 KwabaseKhorinte 8:1–15: 9:6–15, ubhale phansi imigomo uPawulu ayifundisa ngokunakekela abampofu nabaswele. Ngabe yikuphi okukufaka ugqozi ngomyalelo kaPawulu na? Ungakhulekela ukuholwa ngalokho ongakwenza ukubusisa umuntu oswele. Qiniseka ukubhala noma yikuphi okufika emqondweni wakho futhi ukusebenzise.

Bheka futhi Mosiya 4:16–27; u-Alima 34:27–29; uRussell M. Nelson, “The Second Great Commandment,” iLiyahona, Nov. 2019, 96–100; uHenry B. Eyring, “Is Not This The Fast I have Chosen?,” iLiyahona, NgoMeyi 2015, 22–25.

2 KwabaseKhorinte 11:1–6, 13–15; 13:5–9

“Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini.”

Namhlanje, njengasezikhathini zikaPawulu, kukhona labo abafuna ukusiholela kude “nobuqotho nobumhlophe ngakuKristu” (2 KwabaseKhorinte 11:3). Ngaleso sizathu, kusemqoka ukwenza lokho uPawulu akuphakamisa: “Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini” (2 KwabaseKhorinte 13:5). Ungaqala lenqubo ngokucabanga ngokuthi kusho ukuthini ukuba “sokholweni.” Wazi kanjani ukuthi usokholweni na? Bheka amathuba onawo okuzihlola wena.

Njengengxenye yokuzihlola kwakho, ungase uzindle ngomushwana othi “[u]buqotho nobumhlophe ngakuKristu” (2 KwabaseKhorinte 11:3). Ngabe ubuthole kanjani ubuqotho kuKristu kanye nevangeli Lakhe na? Ngabe umqondo wakho “[u]ngaduka kanjani [kulobo] buqotho” na? Ngabe yisiphi isiyalo esisizayo ositholayo 2 KwabaseKhorinte 11:1–6, 13–15 na?

Cabanga futhi ngalomyalelo kaMongameli uDieter F. Uchtdorf: “Uma uke ucabange ukuthi ivangeli alikusebenzeli kahle, ngiyakumema ukuba uhlehle, ubheke impilo yakho ngeso eliphakeme, bese wenza lula ukusondela kwakho kubufundi. Gxila kwizimfundiso, imigomo, kanye nasezenzweni eziyisisekelo sevangeli. Ngiyakwethembisa ukuthi uNkulunkulu uzokuhola futhi akubusise endleleni yakho eya empilweni egculisayo, futhi ivangeli nakanjani lizokusebenzela kangcono” (“It Works Wonderfully!,” iLiyahona, ngoNov. 2015, 22).

2 KwabaseKhorinte 12:5–10

Umusa woMsindisi wanele ukungisiza ngithole amandla ebuthakathakeni bami.

Asazi ukuthi “iva lasenyameni” likaPawulu kwakuyini, kodwa sonke sinawo ameva ethu esifisa sengathi uNkulunkulu engawasusa ezimpilweni zethu. Cabanga ngawakho ameva ngesikhathi ufunda 2 KwabaseKhorinte 12:5–10, bese uzindla ngalokho okufunda ngoJesu Kristu kulamavesi. Yikuphi okwafundiswa uPawulu kulamavesi mayelana nezivivinyo kanye nobuthakathaka na? Ngabe kusho ukuthini kuwe ukuthi “umusa kaNkulunkulu wanele” kuwe na?

Bheka futhi Mosiya 23:21–24; 24:10–15; Etere 12:27; Moroni 10:32–33.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

2 KwabaseKhorinte 8–9.Ngabe yikuphi esikuthola kulezi zahluko okusikhuthaza ukuba sifinyelele kulabo abampofu kanye nabanye abaswele na? Lesi kungaba isikhathi esihle njengomndeni ukuhlela isenzo sosiza umuntu oweswele.

2 KwabaseKhorinte 9:6–7.Ngabe ukhona yini umuntu owaziwa umndeni wakho ongachazwa njengomuntu “onikela ngokuthokoza” na? Singalwenza kanjani usizo lwethu kwabanye lube nokuthokoza na? Amalungu omndeni asemancane angenza amabheji abhalwe ukuthi “Ngingonikela ngokuthokoza.” Ungaklomelisa amalungu omndeni amabheji lapho uwabona esizana ngokuthokaza.

2 KwabaseKhorinte 10:3–7.Ungawufundisa kanjani umndeni wakho “ngempi” esinayo ngokumelene nobubi na? Ngabe umndeni wakho ungakuthokozela ukwakha udonga noma inqaba ngezihlalo nangezingubo zokulala na? Lokhu kungaholela engxoxweni ngokuthi ziphonswa kanjani phansi izinto ezisiholela kude noNkulunkulu nanokuthi “amacebo onke siwathumbela kanjani ukumlalela uKristu.” Ngabe yiziphi “izikhali” zomoya esizisebenzisa ukulawula imicabango yethu na? (bheka Kwabase-Efesu 6:11–18).

2 KwabaseKhorinte 11:3.Ngabe umndeni wakho ungenzani ukugxila kakhudlwana “kubuqotho obukuKristu” na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Bhala Okufika Emqondweni Wakho. IGosa uRichard G. Scott lathi: “Ulwazi olubhalwe ngokucophelela ulwazi olutholakalayo ngesikhatheni sokudinga. … [Ukubhala phansi ukuqondiswa okuvela kumoya] kwandisa amathuba okuthola ukukhanya okwengeziwe” (“Acquiring Spiritual Knowledge,” Ensign, Nov. 1993, 88; bheka futhi Teaching in the Savior’s Way, “12, 30).

Isithombe
abantu abasha besiza ngomzamo wokusiza

“Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza” (2 KwabaseKhorinte 9:7).

Shicilela