ITestamente Elisha 2023
NgoSepthemba 25–Okthoba 1. KwabaseGalathiya: “Hambani ngoMoya”


“NgoSepthemba 25–Okthoba 1. KwabaseGalathiya: ‘Hambani ngoMoya,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoSepthemba 25–Okthoba 1. KwabaseGalathiya,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UKristu ebonakala kuPawulu etilongweni

UMsindisi ovukile wavakashela uPawulu etilongweni (bheka IzEnzo 23:11). UJesu Kristu angasikhulula “ejokeni lobugqila” (KwabaseGalathiya 5:1).

NgoSepthemba 25–Okthoba 1

KwabaseGalathiya

“Hambani ngoMoya”

Ngesikhathi ufunda kwabaseGalathiya, yibhale phansi imizwa oyitholayo. Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba uzikhumbule futhi uzindle ngazo esikhathini esizayo.

Bhala Imizwa Yakho

Ivangeli likaJesu Kristu linikeza inkululeko ebugqileni bomoya. Kodwa ngesinye isikhathi abantu abahlangabezane nenkululeko yevangeli bayayifulathela “bafise ukuphinda babe sebugqilini” (KwabaseGalathiya 4:9). Yilokhu okwenziwa abanye abaNgcwele baseGalathiya—babefulathela inkululeko uKristu ayebanike yona (bheka KwabaseGalathiya 1:6). Incwadi kaPawulu eya kwabaseGalathiya, ngaleso sikhathi yayiwubizo oluphuthumayo lokubuyela “enkululekweni uKristu asikhulula ngayo” (KwabaseGalathiya 5:1). Lolu bizo yilo okumele siluzwe futhi silulalele ngoba ngenkathi izimo ziguquka, umzabalazo phakathi kwenkululeko nobugqila uhlala njalo. Njengoba uPawulu afundisa, akwanele “ukubizelwa enkululekweni” (KwabaseGalathiya 5:13); kufanele futhi “sime siqine” kukho (KwabaseGalathiya 5:1) ngokwethembela kuKristu.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

KwabaseGalathiya 1–5

Umthetho kaKristu uyangikhulula.

UPawulu wabhalela abaseGalathiya lapho ezwa ukuthi babedukiswa yizimfundiso zamanga (bheka KwabaseGalathiya 1:6–9). Enye yezimfundiso ukuthi ukuze basindiswe, abeZizwe abalamukela ivangeli kwakudingeka basokwe futhi bagcine amanye amasiko omthetho kaMose (bheka KwabaseGalathiya 2). UPawulu wabiza lamasiko ngokuthi “ijoko lobugqila” (KwabaseGalathiya 5:1,). Njengoba ufunda iseluleko sikaPawulu kwabaseGalathiya, bheka izimiso ezingakusiza uqonde ukuthi iyini inkululeko yangempela. Ungase futhi ucabange ukuthi yimaphi amasiko amanga noma amanye amajoka obugqila angase abe khona empilweni yakho. Ngabe kukhona yini okukuvimbela ukuthola inkululeko enikezwa yivangeli na? Ngabe uKristu nevangeli Lakhe “unikhulule kanjani” na? (KwabaseGalathiya 5:1).

Bheka futhi 2 Nefi 2:27; 9:10–12.

KwabaseGalathiya 3

Ngiyindlalifa yezibusiso ezathenjiswa u-Abrahama.

Abanye babaNgcwele baseGalathiya babekhathazekile ngokuthi ngenxa yokuthi babengeyona inzalo yoqobo (“inzalo”) ka-Abrahama, babengeke bazithole izibusiso ezathenjiswa u-Abrahama, kubalwa nokuphakanyiswa. Ngo-KwabaseGalathiya 3:7–9, 13–14, 27–29, yini eyenza umuntu afaneleke ukuba “inzalo ka-Abrahama” na?

Ukuze sifunde ngezibusiso ezathenjiswa u-Abrahama nezibusiso esingazizuza njengefa njengenzalo yakhe, bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Isivumelwano no-Abrahama,” topics.ChurchofJesusChrist.org. Kungani izibusiso ezathenjiswa u-Abrahama zibalulekile kuwe na?

KwabaseGalathiya 3:6–25

U-Abrahama wayenevangeli likaJesu Kristu.

UmPhrofethi uJoseph Smith wachaza wathi: “Ngeke sikholwe ukuthi abantu basendulo ezinkathini zonke babengazi lutho ngezinhlelo zezulu njengoba abaningi becabanga, ngenxa yokuthi bonke abake basindiswa, basindiswa ngamandla alelisu elikhulu lokuhlengwa, ngendlela okwenzeka ngayo uKristu engakezi futhi noma esezile. … U-Abrahama wanikela ngomhlatshelo, futhi naphezu kwalokhu, iVangeli lashunyayelwa kuye” (“The Elders of the Church in Kirtland to Their Brethren Abroad,” The Evening and the Morning Star, ngoMashi 1834, 143, JosephSmithPapers.org). Kungani ucabanga ukuthi kwakubalulekile kubaNgcwele ngesikhathi sikaPawulu ukwazi ukuthi u-Abrahama nabanye abaphrofethi basendulo babenevangeli likaJesu Kristu na? Kubaluleke ngani ukwazi lokhu na? (Bheka Helamani 8:13–20; Mose 5:58–59; 6:50–66.)

-

KwabaseGalathiya 5:13–26; 6:7–10

Uma “ngihamba eMoyeni,” ngiyakwamukela “isithelo sikaMoya.”

Ukufunda lamavesi kungakusiza ukuthi uhlole ukuthi uhamba ngokugcwele kangakanani ngoMoya. Ngabe uyasizwa isithelo sikaMoya okukhulunywe ngaso emavesini 22–23? Yiziphi ezinye izithelo, noma imiphumela, yokuphila okungokomoya oyibonile na? Zindla ngalokho okudingeka ukwenze ukuze uhlakulele lesi sithelo ngokugcwele. Ukutshala lesi sithelo kungabuthuthukisa kanjani ubudlelwane obubalulekile empilweni yakho na?

Isithombe
ama-aphula esihlahleni

Kufanele ngifune “isithelo sikaMoya” empilweni yami.

Uma uzama ukuhamba ngoMoya kodwa imizamo yakho ingatheleli isithelo esithenjisiwe, funda KwabaseGalathiya 6:7–10. Ucabanga ukuthi iNkosi ikubekele muphi umlayezo kulamavesi na?

Bheka futhi Alima 32:28, 41–43; IMfundiso neziVumelwano 64:32–34.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

KwabaseGalathiya 3:11.Kusho ukuthini “ukuphila ngokukholwa” na? Siphila kanjani ngokukholwa njengomndeni na?

KwabaseGalathiya 4:1–7.Ungase wethule KwabaseGalathiya 4 ngokuxoxa ngomehluko phakathi kwezinceku zenkosi nabantwana bayo. Yimaphi amathuba noma amakhono ingane yenkosi enawo inceku engenawo na? Cabanga ngalokhu njengoba nifunda ndawonye ivesi 1–7. Lamavesi afundisani ngobudlelwane bethu noBaba oseZulwini na?

KwabaseGalathiya 5:16–26.Cabanga ukuxoxa ngomehluko phakathi “kwemisebenzi yenyama” kanye “nesithelo sikaMoya.” Ukwengeza ubumnandi engxoxweni yakho, umndeni wakho ungabiza izithelo ezahlukene ngamagama uPawulu awasebenzise ukuchaza isithelo sikaMoya. Ngemva kwalokho ilungu ngalinye lomndeni lingakhetha eyodwa, liyichaze, futhi likhulume ngothile oyisibonelo saleso sithelo. Lokhu kungaholela engxoxweni mayelana nezindlela umndeni wakho ongamema ngazo uMoya ekhaya lakho futhi uhlakulele lesi sithelo. Ngemva kwengxoxo, ningajabulela isaladi yezithelo ndawonye.

KwabaseGalathiya 6:1–2.Kungase kube nezikhathi lapho othile emndenini wakho “ebanjwa iphutha.” Isiphi iseluleko osithola KwabaseGalathiya 6:1–2 mayelana nokuthi yini okufanele yenziwe esimweni esinjalo na?

KwabaseGalathiya 6:7–10.Uma umndeni wakho uke watshala okuthile ndawonye, ungase usebenzise lokho okuhlangenwe ngakho ukuze ubonise isimiso esithi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi” (ivesi 7). Noma ungase ubuze amalungu omndeni ngezithelo noma imifino ayithandayo bese ukhuluma ngokuthi kudingekani ukuze utshale isitshalo esikhiqiza lokho kudla. (Bheka isithombe esisekupheleni kwalolu hlaka.) Ungase ukhulume ngezibusiso umndeni wakho onethemba lokuzithola nokuthi “unga[zi]vuna” kanjani lezo zibusiso.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Siza umndeni wakho ufanise imibhalo engcwele nabo ngokwabo. UNefi wathi, “siqhathanise wonke umbhalo ongcwele kanye nathi, ukuze sithole inzuzo kanye nemfundo” (1 Nefi 19:23). Ukusiza umndeni wakho wenze lokhu, ungabamema ukuthi bazindle ngezikhathi lapho bezwe isithelo sikaMoya esichazwe ku KwabaseGalathiya 5:22–23. (Bheka Teaching in the Savior’s Way, 21.)

Isithombe
amapheya esihlahleni

UPawulu wafundisa ukuthi lapho sihamba ngoMoya, siyothola “isithelo sikaMoya” ezimpilweni zethu.

Shicilela