“Ngo-Okthoba 2–8. Kwabase-Efesu: ‘Ukuze Abangcwele Bapheleliswe,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)
“Ngo-Okthoba 2–8. Kwabase-Efesu,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023
Ngo-Okthoba 2–8
Kwabase-Efesu
“Ukuze Abangcwele Bapheleliswe”
Ngabe kukhona yini ukuxhumana okubonayo phakathi kwemiyalezo yengqungquthela yeBandla lonke naseNcwadini kaPawulu kwabase-Efesu na?
Bhala Imizwa Yakho
Ngesikhathi ivangeli liqala ukubhebhetheka e-Efesu, ladala “isiphithiphithi esingesincane” (IzEnzo 19:23) phakathi kwabase-Efesu. Izingcweti zomsebenzi zendawo ezazakha izakhiwo kunkulunkulukazi zabona inkolo yobuKristu njengento eyayizobaqedela indlela yokuziphilisa ezimpilweni zabo, futhi ngokushesha “bagcwala ulaka, … umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi” (bheka IzEnzo 19:27–29). Cabanga ukuba ngosanda kuguqukela evangelini kulesi simo esinjena. Abase-Efesu abaningi balamukela futhi baliphila ivangeli phakathi kwaloku “xokozela” (IzEnzo 19:40), futhi uPawulu wabaqinisekisa ukuthi “UKristu … ungukuthula kwethu” (Kwabase-Efesu 2:13–14). Lamazwi, ehambisana nesimemo sokwenza “konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe” (Kwabase-Efesu 4:31), afika ngesikhathi futhi ayaduduza manje njengoba kwakunjalo nangaleso sikhathi. Kwabase-Efesu, njengakithi umuntu nomuntu, amandla okubhekana nobunzima aqhamuka “eNkosini, nasemandleni ayo amakhulu” (bheka Kwabase-Efesu 6:10–13).
Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele
UNkulunkulu wangikhetha, noma wangigcoba ngaphambilini, ukuba ngifeze izibopho ezithile lapha emhlabeni.
UPawulu wakhuluma ngabangcwele “abasungulwe ngaphambilini” nguNkulunkulu futhi “bakhethwa … ngaphambi kwesisekelo somhlaba” ukuba ngabantu Bakhe. Kodwa-ke, njengoba uMongameli uHenry B. Eyring aphawula, lokhu akuchazi “ukuthi uNkulunkulu wanquma kusengaphambili ukuthi yibaphi kubantwana Bakhe azobasindisa futhi wenza ivangeli laba khona kubo, kuthi labo abangakalizwa ivangeli kube aba ‘khethwanga.’ … Isu likaNkulunkulu linothando futhi linokulunga kakhulu kunalokho. UBaba wethu oseZulwini ukushisekele ukuqoqa nokubusisa wonke umndeni Wakhe” (“Gathering the Family of God,” Liahona, ngoMeyi 2017, 20–21). Bonke abantwana baNkulunkulu bangalemukela ivangeli nezimiso zalo ngenxa yomsebenzi owenzelwa abangasekho emathempeli angcwele.
Yize engekho owanqunyelwa ngaphambili ukuba asindiswe noma angasindiswa, isambulo sanamhlanje sifundisa ukuthi abanye babantwana baNkulunkulu bakhethwa, noma “bagcotshwa ngaphambilini,” empilweni eyandulela eyasemhlabeni ukuba bafeze izibopho ezithile ukufeza izinjongo zaNkulunkulu emhlabeni. Ngesikhathi ufunda Kwabase-Efesu 1, zindla ngokuthi leliqiniso likusebenzela kanjani wena.
UNkulunkulu “uzohlanganisela ndawonye kuKristu konke.”
Ucabanga ukuthi kungani usuku lwethu lubizwa ngokuthi “wuhlelo lokuphelela kwezikhathi” na? Kungasho ukuthini “ukuhlanganisela ndawonye kuKristu konke” na? Ngesikhathi uzindla ngalemishwana, funda lemibhalo engcwele elandelayo: Kwabase-Efesu 4:13; 2 Nefi 30:7–8; IMfundiso neziVumelwano 110:11–16; 112:30–32; 128:18–21. Ungazizwa unogqozi lokubhala ezakho izincazelo zalemishwana.
-
Kwabase-Efesu 2:19–22; 3:1–7; 4:11–16
IBandla lisungulwe phezu kwabaphostoli nabaphrofethi, futhi uJesu Kristu uyitshe legumbi elisemqoka.
Ngo-Kwabase-Efesu 2:19–22; 3:1–7; 4:11–16, kungani sinabaphrofethi nabaphostoli na? Cabanga ngemiyalezo evela kubaphrofethi nabaphostoli oyizwile ngesikhathi sengqungquthela yeBandla lonke. Ngabe izimfundiso zabo zizifeza kanjani izinjongo uPawulu azichaza na? Isibonelo, ngabe lezi zimfundiso zikusize kanjani ukuba “[unga]pheshulwa yimimoya yonke yezimfundiso” na?
Ngabe uJesu Kristu ufana kanjani netshe legumbi leBandla na? Ngabe Ufana kanjani netshe legumbi empilweni yakho na?
Bheka futhi IzEnzo 4:10–12.
Ukulandela isibonelo soMsindisi kungaqinisa ubudlelwane bomndeni wami.
Ngesikhathi ufunda Kwabase-Efesu 5:21–6:4, cabanga ngokuthi lomyalezo okulamavesi ungabuqinisa kanjani ubudlelwane bomndeni wakho.
Kubalulekile ukuqaphela ukuthi amazwi kaPawulu Kwabase-Efesu 5:22–24 ayebhalelwe ngomongo wamasiko okuhlala ngesikhathi sakhe. Abaphrofethi nabaphostoli namhlanje bafundisa ukuthi abesilisa abekho ngaphezulu kwabesifazane nokuthi abashadile badalelwe ukuba “abaganene abalinganayo” (bheka “Umndeni: Isimemezelo eMhlabeni Wonke,” ChurchofJesusChrist.org). Noma kunjalo, usengathola umyalezo oqondene nawe Kwabase-Efesu 5:25–33. Isibonelo, uKristu ulutshengisa kanjani uthando Lwakhe kubaNgcwele na? Ngabe lokhu kusho ukuthini ngabashadile, njengabalingani ngendlela okufanele baphathane ngayo na? Yimiphi imiyalezo ozitholela yona kulamavesi na?
Izikhali zikaNkulunkulu zizongisiza ngivikeleke ebubini.
Ngesikhathi ufunda Kwabase-Efesu 6:10–18, cabanga ngokuthi kungani uPawulu waqamba umucu nomucu wezikhali ngendlela awuqamba ngayo. Ngabe “izikhali zonke zikaNkulunkulu” zikuvikelaphi na? Yini ongayenza ukufaka umucu ngamunye wezikhali ngokuphelele nsuku zonke na?
Bheka futhi 2 Nefi 1:23; IMfundiso neziVumelwano 27:15–18.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
Kwabase-Efesu 1:10.Ukufundisa ngalelivesi, iGosa uDavid A. Bednar lasebenzisa isibonelo sentambo (bheka inkulumo yakhe ethi “Gather Together in One All Things in Christ”). Cabanga ngokutshengisa amalungu omndeni wakho intambo bese uyawavumela ayibambe futhi ayihlole ngesikhathi wabelana ngezingxenye zomyalezo weGosa uBednar. Ngabe uNkulunkulu uhlanganisa kanjani zonke izinto kuKristu na? Ngabe sibusiseke kanjani ngenxa yalokhu kuqoqwa na?
-
Kwabase-Efesu 2:4–10; 3:14–21.Mema amalungu omndeni ukuba abelane ngalokhu adlula kukho lapho ezwa khona uthando nomusa kaNkulunkulu noJesu Kristu okuchazwe kulamavesi.
-
Kwabase-Efesu 2:12–19.Umndeni wakho ungase ukuthokozele ukwakha udonga ngemicamelo noma ngokunye onako ekhaya bese niyakubhidliza. Nakuba uPawulu akhuluma “ngodonga” phakathi kwabeZizwe namaJuda, yiziphi izinhlobo zezindonga ezihlukanisa abantu namhlanje na? Ngabe uJesu Kristu “uzibhidlize” kanjani lezi zindonga na? Ngabe wenza kanjani ukuba “sibuyisane noNkulunkulu” na? (ivesi 16).
-
Kwabase-Efesu 6:10–18.Umndeni wakho ungenza ezazo “izikhali zikaNkulunkulu” usebenzisa izinto ezitholakala endlini. - Ngabe umucu ngamunye wezikhali usivikela kanjani ngokomoya na? Yini esingayenza ukusizana “ukuhloma izikhali zonke zikaNkulunkulu” (Kwabase-Efesu 6:11) nsuku zonke na?
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.
-