ITestamente Elisha 2023
Ngo-Okthoba 16–22. 1 kanye no-2 KwabaseThesalonikha: “Phelelisa Lokho Okusileleyo ekuKholweni Kwakho”


Ngo-Okthoba 16–22. 1 kanye no-2 KwabaseThesalonikha: ‘Phelelisa Lokho Okusileleyo ekuKholweni Kwakho,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Okthoba 16–22. 1 kanye no-2 KwabaseThesalonikha,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
abafundisi bevangeli abangodade bexoxa nensizwa esencane

Ngo-Okthoba 16–22

1 kanye no-2 KwabaseThesalonikha

“Phelelisa Lokho Okusileleyo ekuKholweni Kwakho”

Uma singabhali phansi imibono esiyithola kuMoya, singase siyikhohlwe. Ngabe yikuphi okugqugquzelwa nguMoya ukuba ukubhale ngesikhathi ufunda ku 1 kanye no-2 KwabaseThesalonikha na?

Bhala Imizwa Yakho

EThesalonikha, uPawulu noSila bamangalelwa ngokuthi “bayaluzisa izwe” (IzEnzo 17:6). Ukushumayela kwabo kwabathukuthelisa ngempela abaholi phakathi kwamaJuda, futhi labo baholi babangela isiyaluyalu kubantu (bheka IzEnzo 17:1–10). Ngenxa yalokhu, uPawulu noSila belulekwa ukuba bahambe eThesalonikha. UPawul wayekhathazekile ngamakholwa amasha aseThesalonikha noshushiso ayebhekene nalo, kodwa akakwazanga ukuphindela ukuyowavakashela. “Lapho ngingasenakubekezela,” wabhala, “ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu.” Ephendula uThimothewu, umsizi kaPawul, owayesiza eThesalonikha, “wasibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu” (1 KwabaseThesalonikha 3:5–6). Eqinisweni, abaNgcwele baseThesalonikha babaziwa njengesibonelo “kubo bonke abakholwayo” (1 KwabaseThesalonikha 1:7), futhi izindaba zokholo lwabo zasakazela emadolobheni aphesheya. Cabanga ngenjabulo nempumuzo kaPawulu lapho ezwa ukuthi umsebenzi wakhe phakathi kwabo “awubanga yize” (1 KwabaseThesalonikha 2:1). Kodwa uPawulu wayazi ukuthi ukwethembeka esikhathini esidlule akwenele ukuze siphile ngokomoya esikhathini esizayo, futhi wayexwaya ithonya labafundisi bamanga phakathi kwabaNgcwele (bheka 2 KwabaseThesalonikha 2:2–3). Umlayezo wakhe kubo, nakithi, owokuthi siqhubeke “siphelelise lokho okusileleyo ekukholweni [kwethu]” futhi “sande ngokwengezisiwe othandweni” (bheka 1 KwabaseThesalonikha 3:10; 4:10).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

1 KwabaseThesalonikha 1–2

Abafundi baKristu basiza abanye ngobuqotho nangothando.

Ku1 KwabaseThesalonikha, amazwi kaPawulu embula kokubili ukukhathazeka nenjabulo yomuntu ozinikele ngokuphelele ekusizeni abantwana baNkulunkulu. Ikakhulukazi ezahlukweni ezimbili zokuqala ku1 KwabaseThesalonikha, uzothola amagama nemisho echaza izimo zengqondo kanye nezenzo zomfundi weNkosi. Isibonelo yikuphi ongakufunda ku1 KwabaseThesalonikha 1:5–8; 2:1–13 ngokusiza iNkosi na?

Cabanga ngamathuba akho okusebenzela uNkulunkulu kanye nabantwana Bakhe. Yini oyitholayo kulezi zahluko ekugqugquzela ukuthi uthuthukise insizakalo yakho na? Ake ucabange ukuzibuza imibuzo esekelwe kulokho okuthandayo, njengokuthi “Ngabe ngiyisibonelo sezinto engizaziyo na?” (bheka 1 KwabaseThesalonikha 1:7).

1 KwabaseThesalonikha 3:7–13; 4:1–12

“Khulisa uphuphume othandweni.”

UPawulu wajabula ngokwethembeka kwabaNgcwele baseThesalonikha (bheka 1 KwabaseThesalonikha 3:7–9). Kodwa futhi wayefuna bande ngokwengeziwe kulokho kwethembeka (1 KwabaseThesalonikha 4:1). Ngesikhathi ufunda 1 KwabaseThesalonikha 3:7–13; 4:1–12, zindla ngezindlela “ongakhula ngazo” ngokomoya (1 KwabaseThesalonikha 4:10). Isibonelo, naka ukuthi uPawulu wasebenzisa amagama anjengokuthi “ubungcwele” kanye “nokungcweliswa.” Ufundani emibhalweni kaPawulu mayelana nezincazelo zalamagama na? UMsindisi angakusiza kanjani ukuba ubengcwele ngokwengeziwe futhi ungcweliswe na?

Bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ngcwele,” “Ukungcweliswa,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org.

1 KwabaseThesalonikha 4:16–18; 5:1–10; 2 KwabaseThesalonikha 1:4–10

Uma ngithembekile, futhi ngibhekile, ngizobe ngikulungele ukuZa kwesiBili kukaMsindisi.

Ku1 KwabaseThesalonikha 5:1–10, uPawulu wasebenzisa izingathekiso eziningana ukuze afundise ngesikhathi uJesu ayobuya ngaso emhlabeni. Ngesikhathi ufunda lezi zingathekiso, cabanga ukubhala phansi okufika emqondweni mayelana nokuZa kwesiBili kukaJesu Kristu.

  • “Isela ebusuku”:

  • “Ukubeletha kowesifazane okhulelweyo”:

  • Ezinye izingathekiso ozitholayo:

Yimaphi amanye amaqiniso engeziwe owafunda ku1 KwabaseThesalonikha 4:16–18; 5:1–10; 2 KwabaseThesalonikha 1:4–10? Yikuphi ogqugquzeleka ukuthi ukwenze futhi ukubheke ukulungiselela ukubuya koMsindisi na?

2 KwabaseThesalonikha 2

Ukuhlubuka, noma ukuhlubuka eqinisweni, kwaphrofethwa ukuthi kuzokwandulela ukuZa kwesiBili.

Phakathi kokuhlushwa okwandayo, abaNgcwele abaningi baseThesalonikha bakholelwa ukuthi ukuZa kwesiBili kukaMsindisi kufanele ukuba kuseduze. Kodwa uPawulu wayazi ukuthi ngaphambi kokuba uJesu abuyele emhlabeni kwakuyoba nokuhlubuka—ukuvukela noma “ukuhlubuka” eqinisweni (bheka 2 kwabaseThesalonikha 2:1–4). Ungajulisa ukuqonda kwakho Ngokuhlubuka Okukhulu—kanye nokwazisa kwakho Ukubuyiselwa—ngokucabangisisa ngokunye kwalokhu okulandelayo:

  • Imibhalo eNgcwele eyabikezela Ukuhlubuka: U-Izaya 24:5; UAmose 8:11–12; NgokukaMathewu 24:4–14; 2 KuThimothewu 4:3–4

  • Imibhalo eNgcwele ekhombisa ukuthi Ukuhlubuka kwase kuqalile ngesikhathi sikaPawulu: IzEnzo 20:28–30; KwabaseGalathiya 1:6–7; 1 KuThimothewu 1:5–7

  • Okuphawulwe ngokuHlubuka Okukhulu ngabashisekeli bezinguquko abangamaKristu:

    UMartin Luther: “ Angizange ngifune lutho ngaphandle kokuguqula iBandla ngokuqiniseka ngemiBhalo eNgcwele. … Ngimane ngithi ubuKristu abusekho phakathi kwalabo obekufanele bakugcine” (ku-E. G. Schweibert, Luther and His Times: The Reformation from a New Perspective [1950], 590).

    URoger Williams: “Ukuhlubuka sekonakalise kuze kube manje konke kangangokuthi ngeke kube khona ukululama kulokho kuhlubuka kuze kube yilapho uKristu ethumela abaphostoli abasha ukuba bayotshala amabandla kabusha” (kuPhilip Schaff, The Creeds of Christendom [1877], 851).

Bheka futhi 2 Nefi 28; iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukuhlubuka,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KwabaseThesalonikha 3:9–13.Yini ekuhlaba umxhwele ngemizwa uPawulu ayenayo ngabangane bakhe na? “Singakhulisa futhi sichichime kanjani othandweni omunye komunye” na?(ivesi 12).

1 KwabaseThesalonikha 4:13–18.Yimiphi imishwana kulamavesi mayelana noVuko ekunikeza induduzo na?

1 KwabaseThesalonikha 5:14–25.Njengoba ubuyekeza iseluleko sikaPawulu ku1 KwabaseThesalonikha 5:14–25, mema ilungu ngalinye lomndeni ukuthi lithole umusho umndeni ongagxila kuwo. Thola izindlela zobuciko zokubonisa lemishwana ekhaya lakho njengesikhumbuzo. Isibonelo, umuntu ngamunye angathola noma adwebe izithombe ezibonisa noma ezigcizelela umusho awukhethile.

2 KwabaseThesalonikha 3:13.Ingabe sike sizizwe “sikhathele ukwenza okuhle”—sicindezelekile, mhlawumbe, ngezidingo zokuba umfundi na? Yini esisizayo lapho sizizwa ngale ndlela na? (Bheka KwabaseGalathiya 6:9; IMfundiso neziVumelwano 64:33). Singasizana kanjani umuntu ngamunye uma lokhu kwenzeka na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funa isambulo nsuku zonke. Isambulo kwesinye isikhathi sifika ‘umugqa phezu komunye umugqa’ (2 Nefi 28:30), ayi konke ngesikhathi esisodwa. … Ungacabangi [ngesifundo sevangeli] njengento oyenzela isikhathi sayo kodwa njengento ohlale uyenza” (Teaching in the Savior’s Way,12).

Isithombe
UKristu esemafini

Resurrected Christ [UKristu Ovukileyo], nguRobert T. Barrett

Shicilela