ITestamente Elisha 2023
Ngo-Okthoba 23–29. 1 kanye no-2 KuThimothewu; KuThithu; KuFilemoni: “Yiba yisiBonelo sabaKholwayo”


“Ngo-Okthoba 23–29. 1 kanye no-2 KuThimothewu; KuThithu; KuFilemoni: ‘Yiba yisiBonelo sabaKholwayo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Okthoba 23–29. 1 kanye no-2 KuThimothewu; KuThithu; KuFilemoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
abesifazane abathathu behamba ngaphandle kwethempeli

Ngo-Okthoba 23–29

1 kanye no-2 KuThimothewu; KuThithu; KuFilemoni

“Yiba yisiBonelo sabaKholwayo”

Ngesinye isikhathi kuyasiza ukusondela esifundweni sakho sombhalo ongcwele ngombuzo owodwa noma eminingi engqondweni. Mema uMoya ukuthi ukuqondise ezimpendulweni njengoba ufunda futhi bhala noma iziphi izikhuthazo ozitholayo.

Bhala Imizwa Yakho

Ezincwadini uPawulu azibhalela uThimothewu, uThithu, kanye noFilemoni, sithola amazwibela enhliziyweni yenceku yeNkosi. Ngokungafani nezinye izincwadi zikaPawulu eziya kuwo wonke amabandla, lezi zazibhalelwe abantu ngabanye—abahlobo abakhulu baPawulu nabahlobo bakhe emsebenzini kaNkulunkulu—futhi ukuzifunda kufana nokulalela ingxoxo. Sibona uPawulu ekhuthaza uThimothewu noThithu, abaholi ababili bamabandla, ezinkonzweni zabo zeBandla. Simbona enxusa umhlobo wakhe uFilemoni ukuba abuyisane nomunye oNgcwele futhi amphathe njengomzalwane evangelini. Amazwi kaPawulu ayengabhekisiwe kithi ngokuqondile, futhi kungenzeka wayengelindele ukuthi abantu abaningi kangaka ngelinye ilanga bayowafunda. Nokho kulezi zincwadi siyasithola iseluleko nesikhuthazo, noma ngabe yini, inkonzo yethu yomuntu siqu ekusebenzeleni uKristu.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

Kwakungobani uThimothewu noThithu na?

UThimothewu noThithu babesiza uPawulu kolunye uhambo lwakhe lwabefundisi bevangeli. Ngesikhathi sokusebenza kwabo, bathola inhlonipho nokuthenjwa uPawulu. UThimothewu wabizwa njengomholi weBandla e-Efesu, futhi uThithu wabizwa njengomholi eKrethe. Kulezi zincwadi, uPawulu wanika uThimothewu noThithu isiyalo nesikhuthazo mayelana nemithwalo yabo yemfanelo, eyayihlanganisa ukushumayela ivangeli nokubiza amadoda ukuba asebenze njengababhishobhi.

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “IziNcwadi zikaPawula,” “Thimothewu,” “Thithu.”

Isithombe
abafundisi bevangeli bexoxa nendoda

“Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo sabakholwayo” (1 KuThimothewu 4:12).

1 KuThimothewu 4:10–16

“Yiba yisibonelo sabakholwayo.”

UThimothewu wayemncane kakhulu, kodwa uPawulu wayazi ukuthi angaba umholi weBandla omkhulu nakuba esemusha. Yisiphi iseluleko uPawulu asinikeza uThimothewu ku 1 KuThimothewu 4:10–16 na? Iseluleko sakhe singasiza kanjani ukuholela abanye kuMsindisi kanye nasevangelini Lakhe na?

Bheka futhi ku Alima 17:11.

2 KuThimothewu

“Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowomqondo ohluzekile.”

2 KuThimothewu kukholelwa ukuthi yincwadi yokugcina uPawulu ayibhala, futhi kubonakala sengathi wayazi ukuthi isikhathi sakhe emhlabeni sifushane (bheka 2 KuThimothewu 4:6–8). UThimothewu wayengazizwa kanjani ngokwazi ukuthi ngokushesha angase alahlekelwe umeluleki nomholi wakhe amethembayo na? Wathini uPawulu ukuze amkhuthaze na? Ungase futhi ufunde unezinselela zakho kanye nokwesaba kwakho emqondweni. Ngabe iyiphi imilayezo yethemba nenkuthazo iNkosi ekubekele yona ku 2 KuThimothewu na?

-

2 KuThimothewu 3

Ukuphila ivangeli kusinekeza ukuphepha ezingozini zomoya zezinsuku zokugcina.

Siphila “ezinsukwini zokugcina” uPawulu akhuluma ngazo, futhi “izikhathi ezinzima sezifikile” (2 KuThimothewu 3:1). Ngesikhathi ufunda 2 KuThimothewu 3, bhala phansi izingozi zezinsuku zokugcina ezishiwoyo (bheka futhi 1 KuThimothewu 4:1–3):

Ungacabanga nizibonelo zalezi zingozi emhlabeni okuzungezile—noma empilweni yakho na? Lezi zingozi, njengabantu abachazwe evesini 6, “zingena kanjani [endlini yakho], futhi zikuthumbe” na? Yisiphi iseluleko osithola ku2 KuThimothewu 3, futhi nakwezinye izindawo kulezi zincwadi, lokho okungagcina wena nomndeni wakho niphephile kulezi zingozi ezingokomoya na? (bheka, isibonelo, 1 KuThimothewu 1:3–11; 2 KuThimothewu 2:15–16; KuThithu 2:1–8).

Kwakungubani uFilemoni na?

UFilemoni wayengumKristu owayeguqulelwe evangelini nguPawulu. UFilemoni wayengumnikazi wesigqila okwakuthiwa u-Onesimu, ngokusobala esabalekela eRoma. Lapho u-Onesimu wahlangana noPawulu waguqukela evangelini. UPawulu wabuyisela u-Onesimu kuFilemoni nencwadi ekhuthaza uFilemoni ukuba amukele u-Onesimu “angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo” (KuFilemoni 1:16).

KuFilemoni

Abafundi baJesu Kristu, baphathana njengabafo nodade.

Ngesikhathi ufunda incwadi kaPawulu eya kuFilemoni, cabanga ukuthi ungasenza kanjani iseluleko sakhe ebudlelwaneni bakho nabanye. Ngezansi imibuzo ongayicabanga:

  • Amavesi 1–7: Amagama athi “isisebenzi esikanye naye” kanye “nozakwethu” ngabe akhombisa ukuthini kuwe mayelana nobudlelwane phakathi kwabaNgcwele na? Kunini lapho uke wazizwa “uvuselekile” khona ngenxa kamfowenu noma udade kuKristu na?

  • Amavesi 8–16: Kusho ukuthini “ukuyala” futhi “nokunxusa” na? Kungani uPawulu akhetha ukunxusa uFilemoni kunokuba amyale na? Yini uPawulu ayethemba ukuyifeza ngokubuyisela u-Onesimu kuFilemoni na?

  • Kuvesi 16: Ngabe kusho ukuthini “ukuba ngumzalwane othandekayo … eNkosini” na? Ngabe ukhona yini umuntu omaziyo okudingeka ukuthi umamukele ngalendlela na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

1 KuThimothewu 2:9–10.Kusho ukuthini “ukuzihlobisa [thina] … ngemisebenzi emihle” na? Yimiphi eminye yemisebenzi emihle umndeni wethu ongayenza kuleli sonto na? --

1 KuThimothewu 4:12.Ukuze usize amalungu omndeni wakho afise ukuba “isibonelo sabakholwayo,” cabanga ukuwamema ukuba adwebe izithombe zabantu ababe yizibonelo ezinhle kuwo. Laba bantu basikhuthaze kanjani ukuba silandele uJesu Kristu na? -

1 KuThimothewu 6:7–12.Kungani ucabanga ukuthi “uthando lwemali luyimpande yakho konke okubi” na? Yiziphi izingozi zokugxilisa izimpilo zethu emalini noma empahleni na? Singaneliseka kanjani ngezibusiso esinazo na?

2 KuThimothewu 3:14–17.Ngokwalamavesi, yiziphi izibusiso eziza kulabo abazi futhi bafunde imibhalo engcwele na? Mhlawumbe amalungu omndeni angahlanganyela imibhalo engcwele ayithole “inenzuzo” ngokukhethekileyo.

KuFilemoni 1:17–21.Yini uPawulu ayezimisele ukuyenzela u-Onesimu na? Lokhu kufana kanjani nalokho uMsindisi asenzela khona ngokuzithandela kwakhe na? (bheka futhi 1 KuThimothewu 2:5–6; IMfundiso neziVumelwano 45:3–5). Singasilandela kanjani isibonelo sikaPawulu kanye noMsindisi na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Fundisa imfundiso ecacile futhi elula. Ivangeli leNkosi lihle ngobulula balo (bheka IMfundiso neziVumelwano 133:57). Kunokuba uzame ukujabulisa umndeni wakho ngezifundo ezidinga ukulungiselela okuningi, lwela ukufundisa imfundiso emsulwa nelula (bheka 1 KuThimothewu 1:3–7).

Isithombe
abantwana ababili befunda izincwadi ezingcwele

“Kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu” (2 KuThimothewu 3:15).

Shicilela