ITestamente Elisha 2023
Ngo-Okthoba 9–15. KwabaseFiliphi; KwabaseKholose: “Nginamandla Ukwenza Konke Ngaye Ongiqinisayo”


“Ngo-Okthoba 9–15. KwabaseFiliphi; KwabaseKholose: ‘Nginamandla Ukwenza Konke Ngaye Ongiqinisayo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Okthoba 9–15. KwabaseFiliphi; KwabaseKholose,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UPawulu ebiza amazwi okubhala incwadi esejele

Ngo-Okthoba 9–15

KwabaseFiliphi; KwabaseKholose

“Nginamandla Ukwenza Konke Ngaye Ongiqinisayo”

Ugcine nini ukufunda imibhalo yangokomoya ekufikele emqondweni wakho ngesikhathi ufunda iTestamente Elisha na? Kungasiza ukubuyekeza ugqozi obulokhu uluthola luvela kuMoya.

Bhala Imizwa Yakho

UPawulu wabhala izincwadi kwabaseFiliphi nabaseKholose ngesikhathi eyisiboshwa eRoma. Kodwa lezi zincwadi azinalo izwi ongalilindela kumuntu osejele. UPawulu wakhuluma kakhulu ngenjabulo, ukujabula, nokubonga kunokubhala ngezinhlupheko nezivivinyo: “uKristu uyamenyezelwa,” kwasho yena, “kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza” (KwabaseFiliphi 1:18). Futhi “ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona … nokuqina kwenu kuKristu” (KwabaseKholose 2:5). Ngokuqinisekile, “ukuthula kukaNkulunkulu” lokhu uPawulu akuzwa ezimweni zakhe ezinzima “kudlula ukuqonda konke” (KwabaseFiliphi 4:7), kodwa noma kunjalo kwakwenzeka ngempela. Ezilingweni zethu, singezwa ukuthula okufanayo futhi “[sithokoze] eNkosini njalonjalo” (KwabaseFiliphi 4:4). NjengoPawulu, singathembela ngokuphelele kuJesu Kristu, “okukuy[e] sinokuhlengwa” (KwabaseKholose 1:14). Singasho, njengoba noPawulu asho wathi, “Nginamandla okwenza konke Ngaye ongiqinisayo” (KwabaseFiliphi 4:13; bheka futhi KwabaseKholose 1:11).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

KwabaseFiliphi 2:5–11; KwabaseKholose 1:12–23

Ukholo lwami lakhelwe kuJesu Kristu.

UMongameli uRussell M. Nelson wathi ngesikhathi egxilise ukufunda kwakhe imibhalo engcwele emavesini akhuluma ngoJesu Kristu, kwaba nomthelela kuye waze wazizwa “njengendoda eyehlukile!” (“Drawing the Power of Jesus Christ into Our Lives,” iLiyahona, ngoMeyi 2017, 39). Cabanga ngokulandela isibonelo sakhe ngesikhathi ufunda kwabaseFiliphi nabaseKholose (bheka ikakhulukazi KwabaseFiliphi 2:5–11; KwabaseKholose 1:12–23). Ngabe yini oyifundayo ngoMsindisi na? Lamaqiniso angakusiza kanjani ube “yindoda” noma owesifazane “ohlukile” na?

KwabaseFiliphi 2:12–13

Ngabe “[siyaku]feza ukusindiswa kwe[thu]” na?

Abanye abantu basebenzisa lomushwana othi “fezani ukusindiswa kwenu” (KwabaseFiliphi 2:12) ukweseka umqondo wokuthi sisindiswa kuphela ngemizamo yethu. Abanye basebenzisa imfundiso kaPawulu ethi “ngomusa nisindisiwe ngokukholwa” (Kwabase-Efesu 2:8) ukusho ukuthi ayikho imisebenzi edingekayo ukuzuza insindiso. Kepha, imibhalo engcwele, okubalwa kuyo nemibhalo kaPawulu, kufundisa ngokucacile isidingo somusa kaJesu Kristu kanye nomzamo womuntu siqu ukuze sithole insindiso. Futhi ngisho emizanyweni yethu yokufeza insindiso yethu, “nguNkulunkulu osebenza kini” (KwabaseFiliphi 2:13; bheka futhi KwabaseFiliphi 1:6; 2 Nefi 25:23; IziHloko ZemiBhalo eNgcwele, “Umusa”).

KwabaseFiliphi 3:4–14

Ivangeli likaJesu Kristu lifanelwe yikho konke ukuzinikela.

UPawulu washiya okuningi ngesikhathi ephendukela evangelini likaJesu Kristu, kubalwa kukho isikhundla sakhe esinomthelela ayekuso emphakathini wamaJuda njengomFarisi. Phakathi KwabaseFiliphi 3:4–14, bheka lokho uPawulu akuzuza ngenxa yokuthi wayezimisele ukuzidela ngenxa yevangeli. Ngabe wazizwa kanjani ngokuzidela kwakhe na?

Bese ucabanga ngobakho ubufundi. Ngabe yini osuyidekile ngenxa yevangeli likaJesu Kristu na? Yini oyitholile? Ngabe kukhona yini okunye ukuzidela ozwa udinga ukukwenza ukuze ube ngumfundi ozimisele kaMsindisi na?

Bheka futhi 3 Nefi 9:19–20; IMfundiso neziVumelwano 58:2–5.

KwabaseFiliphi 4:1–13

Ngingayithola injabulo kuKristu, noma ngabe ngibhekene nasiphi isimo.

Impilo kaPawulu ingumfanekiso ogqamile weqiniso elashiwo nguMongameli uRussell M. Nelson: “Ngesikhathi sigxile kuJesu Kristu naseVangelini Lakhe, singezwa injabulo noma ngabe yini eyenzekayo—noma engenzeki—ezimpilweni zethu. Injabulo iza Ngaye futhi nangenxa Yakhe” (“Joy and Spiritual Survival,” iLiyahona, yangoNov. 2016, 82).

Ngesikhathi ufunda kwabaseFiliphi—kakhulukazi isahluko 4—bheka imisho engakusiza uthole injabulo kunanoma yisiphi isimo sempilo yakho. Kunini lapho wezwa khona “ukuthula kukaNkulunkulu” lapho wawubhekene khona nesikhathi esinzima na? (ivesi 7). Kunini lapho wathola khona amandla “kuKristu” okwenza izinto ezinzima na? (ivesi 13). Ucabanga ukuthi kungani kubalulekile “ukwaneliswa” ezimweni zonke na? (ivesi 11). Ukuzebenzisa lezi zimfanelo ezitholakala evesini 8 kukusiza kanjani ukuthi uthole injabulo ezimweni zakho zonke na?

Bheka Alima 33:23.

KwabaseKholose 3:1–17

Abafundi baJesu Kristu baba “basha” ngesikhathi beliphila ivangeli Lakhe.

Ungabona kanjani ukuthi uJesu Kristu uyakusiza ukuba ube “yindoda [noma owesifazane] omusha na? Enye indlela yokuzindla ngalokhu ukuhlola incwadi KwabaseKholose 3:1–17 bese wenza uhlu lwezindlela zokubuka izinto, izimfanelo, kanye nezenzo “zendoda endala” kanye nolunye uhlu lwezindlela zokubuka izinto, izimfanelo, kanye nezenzo “zendoda entsha.”

Bhala imicabango yakho ngokuthi uMsindisi ukushitsha kanjani, khona uzokubheka lokho esikhathini esizayo bese uzindla ngokuthi ukhula kanjani.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

KwabaseFiliphi.Umndeni wakho ungaqaphela amagama athi injabulo kanye nokujabula ephindwe kaningana kwabaseFiliphi. Njalo uma uhlangabezana nelilodwa lalamagama, ungama bese nixoxisana ngokuthi uPawulu wafundisani ngokuthi ungayithola kanjani injabulo.

KwabaseFiliphi 2:14–16.“Singakhanya [kanjani] njengezinkanyiso ezweni” na?

KwabaseFiliphi 4:8.Amalungu omndeni angakhomba izinto “angazindla” ngazo ezihambisana nezincazelo ezitholakala kulelivesi (bheka futhi ImiBhalo yoKholo 1:13). Umndeni wakho ungabusiseka kanjani ngokulandela iseluleko sikaPawulu na?

KwabaseKholose 1:23; 2:7.Mhlawumbe umndeni wakho ungafunda lamavesi ngesikhathi uhlezi uzungeze izihlahla noma ubuka isithombe sesihlahla (njengalesi esihamba nalesi sifundo). Kusho ukuthini “ukusekelwa” “nokugxila” kuKristu na? Singasizana kanjani ukuqinisa izimpande zethu zangokomoya na?

KwabaseKholose 2:2–3.Umndeni wakho ungakuthokozela ukugcwalisa “ibhokisi lengcebo” ngezinto ezimele “ingcebo” kanye “namagugu okuhlakanipha nawolwazi” olutholayo evangelini.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Buphile ubufakazi bakho. “Ufundisa lokho oyikho,” kwafundisa iGosa uNeal A. Maxwell. “Isimilo sakho yiso esizokhumbuleka kakhulu … kuneqiniso elithile esifundweni esithile” (encwadini Teaching in the Savior’s Way13).

Isithombe
isihlahla esinezimpande eziningi

UPawulu wafundisa ukuthi ukholo lwethu kumele “lugxile” kuJesu Kristu (KwabaseKholose 2:7).

Shicilela