ITestamente Elisha 2023
NgoJulayi 17–23. IzEnzo 10–15: “Izwi likaNkulunkulu Lakhula Landa”


“NgoJulayi 17–23. IzEnzo 10–15: ‘Izwi likaNkulunkulu Lakhula Landa,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoJulayi 17–23. IzEnzo 10–15,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UPetro ekhuluma noKhorneliyu

NgoJulayi 17–23

IzEnzo 10–15

“Izwi likaNkulunkulu Lakhula Landa”

Funda IzEnzo 10–15 ngokucophelela, ukuvumela isikhathi sokuba uMoya ukugqugquzele ngemicabango kanye nemizwa. Yini ongayifunda kulezi zahluko na?

Bhala Imizwa Yakho

Ngesikhathi somsebenzi Wakhe wasemhlabeni, uJesu Kristu wayevame ukubekela inselelo amasiko nezinkolelo zabantu osekunesikhathi eside benazo. Lokhu akuzange kume ngemva kokuba enyukele ezulwini, njengoba Eqhubeka nokuqondisa iBandla Lakhe ngesambulo. Isibonelo, ngesikhathi sokuphila kukaJesu abafundi Bakhe bashumayela ivangeli kumaJuda akubo kuphela. Kodwa ngemva nje kokufa koMsindisi futhi uPetro esengumholi weBandla emhlabeni, uJesu Kristu wembulela uPetro ukuthi kwakuyisikhathi esifanele sokuba ivangeli lishunyayelwe kwabangewona amaJuda. Umqondo wokwabelana ngevangeli nabeZizwe awubonakali umangalisa namuhla, ngakho-ke yisiphi isifundo kithi kule ndaba na? Mhlawumbe isifundo esisodwa ukuthi eBandleni lasendulo nelesimanjemanje, uMsindisi onothando uhola abaholi Bakhe abakhethiwe (bheka U-Amose 3:7; IMfundiso neziVumelwano 1:38). Isambulo esiqhubekayo siwuphawu olubalulekile lweBandla leqiniso neliphilayo likaJesu Kristu. NjengoPetro, kumele sizimisele ukwamukela isambulo esiqhubekayo futhi siphile “ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu” (NgokukaLuka 4:4), okuhlanganisa “konke [Akwambulile], konke Akwenzayo manje,” kanye “nezinto eziningi ezinkulu nezibalulekile” asazozembula “eziphathelene noMbuso kaNkulunkulu” (Imibhalo Yokholo 1:9).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

IzEnzo 10

“UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu.”

Izizukulwane ngezizukulwane, amaJuda ayekholelwa ukuthi ukuba “inzalo ka-Abrahama,” noma inzalo engokoqobo ka-Abrahama, kwakusho ukuthi umuntu wamukelwa futhi wakhethwa uNkulunkulu (bheka NgokukaLuka 3:8). Babebheka noma ubani omunye njengoweZizwe “ongcolile” owayengamukelwa uNkulunkulu. Encwadini yezEnzo 10, iNkosi yamfundisa ini uPetro “ngokwamukelwa nguye” na? (IzEnzo 10:35). Yibuphi ubufakazi obuthola kulesi sahluko bokuthi impilo kaKhorneliyu yayamukeleka eNkosini na? Zindla ukuthi isho ukuthini inkulumo ethi “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu” (ivesi 34; bheka futhi 1 Nefi 17:35). Kungani kubalulekile kuwe ukwazi leli qiniso na?

NjengamaJuda ayebabukela phansi labo ababengeyona inzalo ka-Abrahama, ingabe uke uzithole wenza imibono engenamusa noma engenalwazi ngothile ohlukile kuwe na? Ungawunqoba kanjani lomkhuba na? Kungase kujabulise ukuzama umsebenzi olula wezinsuku ezimbalwa ezizayo: Noma nini lapho uxhumana nomuntu, zama ukuzicabangela, “Lomuntu ungumntwana kaNkulunkulu.” Ngesikhathi wenza lokhu, yiziphi izinguquko oziqaphelayo endleleni ocabanga ngayo nosebenzelana ngayo nabanye na?

Bheka futhi 1 USamuweli 16:7; 2 Nefi 26:13, 33.

IzEnzo 10; 11:1–18; 15

UBaba oseZulwini ungifundisa umugqa phezu komugqa ngesambulo.

Lapho uPetro ebona umbono ochazwe encwadini yezEnzo 10, ekuqaleni washikashikeka ukuze akuqonde futhi “engabaza kuye ukuthi kufanele kusho ukuthini” (ivesi 17). Nokho uJehova wanika uPetro ukuqonda okukhulu njengoba uPetro ayekufuna. Ngesikhathi ufunda IzEnzo 10, 11, kanye 15, qaphela ukuthi ukuqonda kukaPetro umbono wakhe kwajula kanjani ngokuhamba kwesikhathi. Ufune futhi wakuthola kanjani ukuqonda okukhulu okuvela kuNkulunkulu lapho unemibuzo na?

IzEnzo 10, 11, kanye 15 zilandisa izikhathi lapho iNkosi yaqondisa izinceku Zayo ngesambulo. Kungasiza ukuqopha lokho okufundayo ngesambulo njengoba ufunda lezi zahluko. Ukhuluma ngaziphi izindlela uMoya nawe na?

-

IzEnzo 11:26

NgingumKristu ngoba ngiyakholwa futhi ngilandela uJesu Kristu.

Yini ephawulekayo ngokubizwa komuntu ngokuthi ungumKristu na? (bheka IzEnzo 11:26). Kusho ukuthini kuwe ukwaziwa njengomKristu na? Cabangela ukubaluleka kwamagama. Isibonelo, igama lakho lomndeni lisho ukuthini kuwe na? Kungani igama leBandla libalulekile kuwe na? (bheka IMfundiso neziVumelwano 115:4). Kusho ukuthini kuwe ukuthatha igama likaJesu Kristu ngesivumelwano na? (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:77).

Bheka futhi ku Mosiya 5:7-15; Alima 46:13–15; 3 Nefi 27:3–8.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IzEnzo 10:17, 20.Ngabe sike saba nakho okungokomoya futhi kamuva sangabaza esikuzwayo noma esikufundile na? Yisiphi iseluleko esinganikezana sona esingasisiza sinqobe ukungabaza kwethu na? -

IzEnzo 10:34–35.Ungawufundisa kanjani umndeni wakho ukuthi “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu” na? (IzEnzo 10:34). Mhlawumbe ungase ubonise izithombe zabantu bezizinda namasiko ahlukahlukene ngesikhathi umndeni wakho ufunda lamavesi. Amaqiniso akulamavesi kufanele azithonye kanjani izenzo zethu na?

IzEnzo 12:1–17.Umndeni wakho ungalingisa indaba kaPetro ephonswa etilongweni kanye namalungu eBandla aqoqana ndawonye futhi amkhulekela. Sibusiswe kanjani ngomkhuleko na? Ingabe ukhona umuntu esizizwa sikhuthazeks ukuthi simkhulekele, njengomholi weBandla noma othandekayo na? Kusho ukuthini ukukhuleka “ungaphezi” na? (IzEnzo 12:5; bheka futhi Alima 34:27).

Isithombe
UPetro ekhululiwe ejele

Peter Delivered from Prison [UPetro ekhululiwe ejele], ngu-A. L. Noakes

IzEnzo 14.Ngesikhathi nifunda lesi sahluko ndawonye, amanye amalungu omndeni angaqaphela izibusiso ezeza kubafundi kanye naseBandleni. Amanye amalungu omndeni angabona ukuphikiswa noma uvivinyo abafundi ababhekana nakho. Kungani uNkulunkulu evumela izinto ezinzima ukuba zenzeke kubantu abalungile na?

IzEnzo 15:1–21.Lamavesi achaza ukungaboni ngaso linye eBandleni mayelana nokuthi abaphendukile bayafuneka yini ukugcina umthetho kaMose, okuhlanganisa nokusoka. Benzani abaPhostoli ngalokhu kungezwani na? Yini esingayifunda kulesi sibonelo mayelana nendlela abaholi beBandla abawuqondisa ngayo umsebenzi weBandla na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto kwi-Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Dweba isithombe. Izithombe zingasiza amalungu omndeni ukuba abone ngeso lengqondo izimfundiso nezindaba zemibhalo engcwele. Ungase umeme amalungu omndeni ukuba adwebe izithombe zalokho okufundayo, njengombono kaPetro encwadini yezEnzo 10.

Isithombe
UPetro noKhorneliyu

Okwehlele uPetro noKhorneliyu kubonisa ukuthi “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu” (IzEnzo 10:34).

Shicilela