ITestamente Elisha 2023
Ngo-Ephreli 3–9. IPhasika: “Kufa, Kuphi Ukunqoba Kwakho Na?”


“Ngo-Ephreli 3–9. IPhasika: ‘Kufa, Kuphi Ukunqoba Kwakho Na?,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“Ngo-Ephreli 3–9. IPhasika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
Ithuna laseNgadini

Ngo-Ephreli 3–9

IPhasika

“Kufa, Kuphi Ukunqoba Kwakho Na?”

Ngesikhathi ufunda ubufakazi bokuVuka kukaMsindisi kulesi sifundo, bhala phansi leyo mizwa efika kuwe ivela kuMoya oNgcwele.

Bhala Imizwa Yakho

Ngesonto lokugcina lwempilo yoMsindisi, amaJuda amaningi ayeseduze Kwakhe ayebambe iqhaza osikweni lwePhasika. Alungiselela ukudla, acula amaculo, futhi ahlanganyela ndawonye ukukhumbula ukukhululwa kwendlu yakwa-Israyeli ebugqileni bamaGibithe. Imindeni yazilalela izindaba zengelosi ebhubhisayo idlula ngaphezulu kwamakhaya okhokho bayo ababefake uphawu ngegazi lemvu ezicabheni zabo. Phakathi nayo yonke lemicimbi eyayigcwele izimpawu eziningi zokukhululwa, babe bancane ababazi ukuthi uJesu Kristu, iMvana kaNkulunkulu, yayizobakhulula ebugqileni besono nokufa—ngenxa yokuhlupheka Kwakhe, ukufa Kwakhe, nangoVuko Lwakhe. Ngisho noma kwakunjalo, kwakukhona labo ababembona uJesu njengoMesiya wabo othenjisiweyo, uMkhululi wabo waphakade. Kusuka ngaleso sikhathi kuya phambili abafundi baJesu Kristu sebefakaze emhlabeni wonke “ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu … ; nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu” (1 KwabaseKhorinte 15:3–4).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 21–28

UJesu Kristu uyangikhulula esonweni nasekufeni, angiqinise kubuthakathaka bami, futhi angiduduze ekuvivinyweni kwami.

Indlela eyodwa yokugxila ezibusisweni zeNhlawulo kaMsindisi kuleli sonto ukuchitha isikhathi usuku nosuku ufunda ngesonto lokugcina lwempilo kaJesu (uhlelo lokufunda ongalilandela liyalandela). Yikuphi okutholayo kulezahluko okukusiza uluzwe uthando lukaMsindisi na? Zindla ngokuthi lezi zahluko zikufundisani ngokuthi angakukhulula kanjani esonweni, ekufeni, ezivivinyweni, nasebuthakathakeni. Ngabe ulusebenzisa kanjani ukholo lwakho emandleni Akhe okukhulula na?

Bheka futhi Easter.ComeuntoChrist.org.

Isithombe
uKristu esiphambanweni

Crucifixion [Ukubethelwa], nguLouise Parker

NgokukaMathewu 28:1–10; NgokukaLuka 24:13–35; NgokukaJohane 20:19–29; 1 KwabaseKhorinte 15:1–8, 55

Ofakazi abaningi bayafakaza ngoVuko lukaJesu Kristu.

Ake ucabange ngokuthi kwakungaba njani kubafundi ukubuka uJesu ehlekwa, ehlukunyezwa, futhi ebethelwa. Babewabonile amandla Akhe, balizwa iqiniso lezimfundiso Zakhe, futhi baba nokholo ukuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu. Ukubuka ukufa Kwakhe kufanele ukuthi kwenza abafundi Bakhe bezwe usizi nokudideka. Kodwa maduzane baba ngofakazi besimangaliso esikhulu soVuko Lwakhe.

Ngabe yini ongayifunda ngokulandisa kwalabo ababona uVuko lukaMsindisi na? Dwebela noma ubhale lokho okwabonwa ngumuntu ngamunye njengoba kushiwo kuNgokukaMathewu 28:1–10; NgokukaLuka 24:13–35; NgokukaJohane 20:19–29; futhi naku 1 KwabaseKhorinte 15:1–8, 55. (Abanye ofakazi baKristu ovukileyo bangatholakala ku 3 Nefi 11; Mormoni 1:15; Etere12:38–39; IMfundiso neziVumelwano 76:19–24; 110:1–10; naku Joseph Smith—Umlando 1:15–17.) Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngobufakazi balabofakazi na? Emva koVuko lukaMsindisi, abanye bavuswa bavela kwabaningi (bheka NgokukaMathewu 27:52–53; 3 Nefi 23:9). Ngabe ukholo lwakho kuMsindisi nesethembiso sovuko kunomthelela kanjani endleleni ophila ngayo na?

-

1 KaPetro 1:3–11

UJesu Kristu unginika ithemba nenjabulo.

Ngabe yimaphi amagama nemisho ku 1 KaPetro 1:3–11 ekunika ithemba ngenxa kaJesu Kristu na? Ngabe yinini lapho ozwe khona lelithemba na?

IGosa uGerrit W. Gong lafakaza ukuthi uVuko “ lunika ithemba kulabo abalahlekelwe yizitho zomzimba, labo abangaboni, abangezwa, noma abangakwazi ukuhamba; noma labo okucatshangwa ukuthi bafe ngenxa yokuhlushwa yisifo esingapheli, ukugula ngokwengqondo, noma okunye ukukhubazeka ngokwengqondo. Uyasithola. Asenza siphelele. … [Futhi,] ngoba ‘uNkulunkulu uqobo lwakhe wahlawulela izono zomhlaba’ [Alima 42:15], … Angakwazi, ngesihe, ukusisiza ebuthakathakeni bethu. … Siyaphenduka futhi senze konke esikwazi ukukwenza. Uyasizungeza ngokwaphakade ‘[nge]zingalo zothando lwa[khe]’ [2 Nefi 1:15]” (“Hosanna and Hallelujah—The Living Jesus Christ: The Heart of Restoration and Easter,” iLiahona, yangoMeyi 2020, 54).

Bheka futhi Alima 27:28; 36:1–24; 3 Nefi 9:11–17; Moroni 7:40–41.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

ComeuntoChrist.org.Easter.ComeuntoChrist.org kule website kunohla nencazelo ngezigameko nokulandelana kwazo mayelana nokwenzeka usuku nosuku ngesonto lokugcina empilweni kaMsindisi. Usuku nosuku lwesonto, umndeni wakho ungafunda ngalezi zigameko ukuze babone ukuthi uMsindisi wenzani ngalolo suku, noma ningafunda njengomndeni ngesonto Lakhe lokugcina emibhalweni engcwele (bheka uhla lwezigameko olukhuthaziwe “kumaSu okuzifundela Imibhalo Engcwele” ngaphezulu).

-Cabangani ngokucula ndawonye kulelisonto amaculo akhuluma ngeNhlawulo noVuko lukaMsindisi, okubalwa kuwo nalawa eningawejwayele. - Ukusiza umndeni wakho ufunde amaculo, ungatshengisa izithombe ezihambisana namagama.

--

“UKristu Ophilayo: Ubufakazi babaPhostoli.”Ningumndeni, fundani “UKristu Ophilayo: Ubufakazi babaPostoli” (ChurchofJesusChrist.org). Mema ilungu lomndeni ngalinye ukuba likhethe umyalezo wePhasika kulobufakazi ukuba babelane ngakho nabanye. Isibonelo, ningase nakhe iphepha lokwazisa niliveze ezinkundleni zokuxhumana, esicabheni sangaphambili, noma ekhaya lakho.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Yiba nezinjongo ozokwazi ukuzifeza. Ukuchitha ngisho imizuzwana ufunda imibhalo engcwele ngosuku kungayibusisa impilo yakho. Zibophezele ukufunda usuku nosuku, thola indlela yokuzikhumbuza isibopho sakho, futhi wenze konke okusemandleni akho ukulandelela. Uma ukhohlwa, ungadikibali. Vele uqale futhi.

Isithombe
UKristu eGetsemane

Gethsemane [iGetsemane], ngu-Adam Abram

Shicilela