ITestamente Elisha 2023
NgoMashi 6–12. NgokukaMathewu 9–10; NgokukaMarku 5; NgokukaLuka 9: “Laba Abayishumi Nambili uJesu Wabathuma”


“NgoMashi 6-12. NgokukaMathewu 9–10; NgokukaMarku 5; NgokukaLuka 9: ‘Laba Abayishumi Nambili uJesu Wabathuma,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoMashi 6-12. NgokukaMathewu 9–10; NgokukaMarku 5; NgokukaLuka 9,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu egcoba uPetro

NgoMashi 6–12

NgokukaMathewu 9–10; NgokukaMarku 5; NgokukaLuka 9

“Laba Abayishumi Nambili uJesu Wabathuma”

Amasu okufunda akulesi sifundo adalelwe ukukusiza uthole incazelo eqondene nawe emibhalweni engcwele. Akufanele, kodwa, ashintshe isambulo sakho ongasithola sokuthi ufunde miphi imishwana noma ukuthi uyifunde kanjani.

Bhala Imizwa Yakho

Izindaba zezimangaliso zokulapha kukaJesu zasabalala ngokushesha. Izixuku zabantu zamlandela, zinethemba lokwelashwa nazo. Kodwa lapho uMsindisi ezibuka izixuku zabantu, wabona okungaphezu kwezifo zemizimba yazo. Egcwele isihawu, wabona “izimvu ezingenamalusi” (NgokukaMathewu 9:36). “Ukuvuna kukhulu” kwakuphawula Yena, “kodwa izisebenzi ziyingcosana” (NgokukaMathewu 9:37). Ngakho-ke wabiza abaPhostoli abayishumi nambili, “wabanika amandla”, futhi wabathumela ukuba bayofundisa baphinde basebenzele “izimvu ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli” (NgokukaMathewu 10:1, 6). Namuhla isidingo sezisebenzi eziningana ezizosiza abantwana baBaba oseZulwini sisesikhulu. AbaPhostoli abayishumi nambili basekhona, kodwa sekunabafundi baJesu Kristu abaningi kunezikhathi ezedlule— abantu abangasho nokusho kuwo wonke umhlaba ukuthi, “Umbuso wezulu ususondele” (NgokukaMathewu 10:7).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele

NgokukaMathewu 9:18–26; NgokukaMarku 5:22–43

“Ungesabi, kholwa kuphela.”

Ngenkathi uJayiru eqala ukucela uJesu ukuba aphilise indodakazi yakhe, “eyayisiyalela,” uJayiru wakhuluma ngokuphuthuma kodwa ngethemba: “Ake uze, ubeke izandla phezu kwayo, … ukuba iphile” (NgokukaMarku 5:23). Kodwa besahamba, isithunywa satshela uJayiru ukuthi sekwephuzile: “Indodakazi yakho isifile: usamkhathazelani uMfundisi na?” (ivesi 35). Ngokunjalo futhi, kwakungabukeka sekwephuzile kowesifazane ochazwe ku NgokukaMarku 5:25–34, owayehlupheke ngenxa yesifo iminyaka eyi-12.

Ngesikhathi ufunda lezi zindaba, ungase ucabange izinto ezidinga ukwelashwa empilweni yakho noma yomndeni wakho—okubalwa kuzo izinto ezingabukeka “zisiyalela” noma ezingeke ziselapheka. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngezinkulumo zokukholwa kulezi zindaba na? Naka futhi lokho uJesu akushoyo kowesifazane nakuJayiru. Ngabe yikuphi ozwa sengathi uyakusho kuwe na?

Bheka futhi NgokukaLuka 8:41–56.

Isithombe
owesifazane esondela ukuthinta ingubo kaJesu

Trust in the Lord [Thembela eNkosini], nguLiz Lemon Swindle

NgokukaMathewu 10; NgokukaLuka 9:1–6

INkosi inika izinceku Zayo amandla okwenza umsebenzi Wayo.

Imiyalelo uJesu ayinika encwadini ka NgokukaMathewu 10 kubaPhostoli Bakhe ingasebenza ngokunjalo nakithi, ngoba sonke sinengxenye emsebenzini weNkosi. Yimaphi amandla uJesu awanika abaPhostoli Bakhe ukuba bafeze umsebenzi wokuthunywa kwabo na? Ungafinyelela kanjani kulawo mandla Akhe emsebenzini obizelwe ukuwenza na? (bheka 2 KwabaseKhorinte 6:1–10; IMfundiso neziVumelwano 121:34–46).

Ngesikhathi ufunda umyalezo uKristu awunika abaPhostoli Bakhe, ungase ufikelwe okuthile emqondweni wakho ngomsebenzi iNkosi efuna uwenze. Ishadi elinjengaleli elilandelayo lingakusiza uqoqe imicabango yakho:

NgokukaMathewu 10

Okungifikelayo emqondweni

UMsindisi wanikeza abafundi Bakhe amandla.

UNkulunkulu uzonginika amandla engiwadingayo ukwenza umsebenzi wami.

Bheka futhi NgokukaMarku 6:7–13; ImiBhalo yoKholo 1:6.

NgokukaMathewu 10:17–20

Uma ngenza umsebenzi weNkosi izonginika intshisekelo ngalokho okumele ngikusho.

INkosi yabona ngaphambilini ukuthi abafundi Bayo bayohlushwa futhi babuzwe ngokholo lwabo—into efanayo nalena abafundi ababhekana nayo namhlanje. Kodwa yabathembisa abafundi ukuthi bayokwazi ngoMoya oNgcwele ukuthi bathini. Usuke waba nesehlakalo lapho lesi sethembiso esivela kuNkulunkulu safezeka empilweni yakho, mhlawumbe ngesikhathi unika ubufakazi bakho, unika isibusiso noma unengxoxo nomunye na? Cabanga ngokwabelana ngalokho odlule kukho nothandiweyo wakho noma ukubhale ebhukwini lakho lemicabango. Ngabe yikuphi ozwa unentshisekelo yokuba ukwenze ukuze ube nezehlakalo ezinjengalezi kaningana na?

Bheka futhi NgokukaLuka 12:11–12; IMfundiso neziVumelwano 84:85.

NgokukaMathewu 10:34–39

Ngabe uJesu wayechaza ukuthini ngokuthi “angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba” na?

IGosa uD. Todd Christofferson lasifundisa lathi: “Nginesiqiniseko sokuthi iningi lenu selike lalahlwa futhi laxoshwa ngumama nobaba, abafowenu nodadebenu ngesikhathi nemukela ivangeli likaJesu Kristu futhi ningena esivumelwaneni Sakhe. Ngandlela thile, uthando lwenu olukhulu lukaKristu ludinge ukuba udele ubudlelwano obebubalulekile kuwe, futhi usukhale izinyembezi eziningi. Okwamanje nothando lwakho olungaguqukileyo, ubamba uqinisise kulesi siphambano, ukhombisa ukungabi namahloni ngeNdodana kaNkulunkulu” (“Finding Your Life,” Ensign, Mar. 2016, 28).

Lokhu kuzinikela ukuba ulahlekelwe ubudlelwano obuthandayo ukuze ulandele uMsindisi kuza nesethembiso esithi “olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana” (NgokukaMathewu 10:39).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMarku 5:22–43.Ngesikhathi umndeni wakho ufunda lendaba ndawonye, ungase uthi ukuma ubuze amalungu omndeni ukuthi angazizwa kanjani ukube ayenguJayiru, noma abanye abantu kulendaba. Ungase futhi utshengise izithombe zalendaba, ezinjengalezi ezikulesi sifundo. Ngabe lezi zithombe zilutshengisa kanjani ukholo lwabantu abakulezi zindaba na? - Ungase futhi ucabange ngezinye izingqinamba umndeni wakho ohlangabezana nazo. Singawasebenzisa kanjani amazwi Akhe athi, “Ungesabi, kholwa kuphela” na? (NgokukaMarku 5:36).

NgokukaMathewu 10:39; NgokukaLuka 9:23–26.Kungasho ukuthini “ukulahlekelwa” impilo yakho “nokuyithola” na? (NgokukaMathewu 10:39). Mhlawumbe amalungu omndeni angabelana ngezehlakalo ezikhombisa izimfundiso zikaJesu kulamavesi.

NgokukaMathewu 10:40.Ngabe wena nomndeni wakho nenza kanjani ekwamukeleni nasekulandeleni izeluleko ezivela kubaPhostoli banamuhla na? Ngabe ukulalela kwethu izeluleko zabo kusisondeza kanjani kuJesu Kristu na?

NgokukaLuka 9:61–62.Kusho ukuthini ukubheka emuva emva kokubeka isandla sethu egejeni na? Kungani ukucabanga ngalendlela kungasenza singafaneleki embusweni kaNkulunkulu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufunda ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Lalela uMoya. Ngesikhathi ufunda, naka imicabango nemizwa yakho (bheka IMfundiso neziVumelwano 8:2–3), ngisho noma kuba sengathi ayihlangene nalokho okufundayo. Leyo mizwa nemicabango kungenzeka kube yizona zinto uBaba oseZulwini afuna uzazi futhi uzenze.

Isithombe
uJesu evusa intombazane embhedeni

Talitha Cumi [Thalitha, Kumi], ngu-Eva Koleva Timothy

Shicilela