ITestamente Elisha 2023
NgoFebhruwari 13–19. NgokukaMathewu 5; NgokukaLuka 6: “Nibusisiwe”


“NgoFebhruwari 13–19. NgokukaMathewu 5; NgokukaLuka 6: ‘Nibusisiwe,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elisha 2023 (2022)

“NgoFebhruwari 13–19. NgokukaMathewu 5; NgokukaLuka 6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2023

Isithombe
UJesu efundisa entabeni

UJesu Eshumayela iNtshumayelo yaseNtabeni, nguGustave Doré

NgoFebhruwari 13–19

NgokukaMathewu 5; NgokukaLuka 6

“Nibusisiwe”

Naka okufika emqondweni wakho okutholayo ngesikhathi ufunda NgokukaMathewu 5 no NgokukaLuka 6, futhi ukubhale phansi ebhukwini lakho lemicabango noma kokunye. Lesi sifundo singakusiza uthole eminye imigomo ebalulekile kulezi zahluko, kodwa yivumele eminye ongayithola ngesikhathi ufunda.

Bhala Imizwa Yakho

Ngalesi sikhathi ebufundisini Bakhe, kwase kucacile ukuthi izimfundiso zikaJesu zazingeke zifane nalezo abantu besikhathi Sakhe ababejwayele ukuzizwa. Abampofu bazothola umbuso kaNkulunkulu? Abanesihe bazozuza umhlaba? Babusisiwe abazingelwayo? Ababhali nabaFarisi babengazifundisi izinto ezinjengalezi. Kepha labo ababewuqonda ngokweqiniso umthetho kaNkulunkulu balibona iqiniso emazwini oMsindisi. “Iso ngeso” no “[k]uzonda isitha sakho” kwakuyimithetho emincane (NgokukaMathewu 5:38, 43). Kepha uJesu Kristu wayezele ukuzofundisa umthetho ophakeme (bheka ku 3 Nefi 15:2–10), okuhloswe ngawo ukusisiza ngelinye ilanga sibe “ngabapheleleyo, njengoba [uBaba wethu] wasezulwini ephelele” (NgokukaMathewu 5:48).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

NgokukaMathewu 5:1–12; NgokukaLuka 6:20–26, 46–49

Injabulo engapheli iza ngokuphila ngendlela uJesu Kristu ayifundisa.

Wonke umuntu uyafuna ukujabula, kepha abantu abafuni injabulo ezindaweni ezifanayo. Abanye bayibheka emandleni asemhlabeni nasesikhundleni, abanye engcebweni noma ekugculiseni izinkanuko zomzimba. UJesu Kristu weza ukuzofundisa indlela eya enjabulweni engapheli, ukuzofundisa ukuthi kusho ukuthini kahle kahle ukubusiswa. Ngabe ufundani mayelana nokuthola injabulo engapheli ku NgokukaMathewu 5:1–12 naku NgokukaLuka 6:20–26 na? Ngabe kuhluke ngani lokhu kwindlela umhlaba oyibuka ngayo injabulo na?

Ngabe lamavesi, ndawonye no NgokukaLuka 6:46–49, akufundisani mayelana nokuba ngumfundi kaJesu Kristu na? Ngabe yikuphi ozwa unentshisekelo yokukwenza ukuze ukhulise lokho ofanele ube yikho kulamavesi na?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Izibusiso,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org.

NgokukaMathewu 5:13

“Nina ningusawoti womhlaba.”

Usawoti ususetshenziswe isikhathi eside ukugcina, ukunambithisa, nokuhlambulula. Usawoti wawunencazelo yangokokholo kwabakwa-Israyeli. Wawuhlobene nesiko lasendulo lomhlatshelo wezilwane ngaphansi komthetho kaMose (bheka ILevithikhusi 2:13; INumeri 18:19). Ngesikhathi usawoti udumala, awusebenzi, noma “a[wu]sasizi ngalutho” (NgokukaMathewu 5:13). Lokhu kwenzeka uma uxutshwe noma ungcoliswe ngezinye izithako.

Kugcine lokhu emqondweni wakho ngesikhathi uzindla NgokukaMathewu 5:13. Ngabe uzobugcina kanjani ubusawoti bakho njengomfundi kaJesu Kristu na? Uzowufeza kanjani umsebenzi wakho wokugcina nokuhlambulula njengosawoti womhlaba na?

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 103:9–10.

Isithombe
usawoti

“Nina ningusawoti womhlaba” (NgokukaMathewu 5:13).

NgokukaMathewu 5:17–48; NgokukaLuka 6:27–35

Umthetho kaKristu ungaphezulu komthetho kaMose.

Abafundi kwakungenzeka ukuthi babemangele ukuzwa uJesu ethi ukulunga kwabo kwakudingeka kudlule lokho kwababhali nabaFarisi (bheka ku NgokukaMathewu 5:20), ababezigqaja ngokuthi bawugcina kahle kanjani umthetho kaMose.

Ngesikhathi ufunda ku NgokukaMathewu 5:21–48 naku NgokukaLuka 6:27–35, cabanga ngokudwebela zombili izindlela zokuziphatha ezidingekayo kumthetho kaMose (“Nizwile Kwathiwa …”) nokuthi uJesu wafundisani ukuthuthukisa lezi zindlela zokuziphatha. Ucabanga ukuthi kungani indlela yoMsindisi ingumthetho ophakeme na?

Isibonelo, uJesu wafundisani ku NgokukaMathewu 5:27–28 mayelana nesibopho esinaso nemicabango yethu na? Ungakuthola kanjani ukuzithiba ngokuphathelene nemicabango nemizwa efikayo emqondweni nasenhliziyweni yakho na? (bheka IMfundiso neziVumelwano 121:45).

-

NgokukaMathewu 5:48

Ngabe uBaba oseZulwini ungilindele ngempela ukuba ngipheleliswe na?

UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi:

“Igama elithi ukupheleliswa lahunyushwa kwisiGriki egameni elithi teleios, okusho ukuthi ‘kuphelele.’… Uhlobo lokungapheliyo lwesenzo kuthiwa teleiono, okuchaza ukuthi ‘ukufinyelela ekugcineni kude, ukukhula ngokugcwele, ukuphelelisa, noma ukuqeda.’ Ngiyacela nikhumbule ukuthi leligama alisho ‘ongenalo iphutha’, kodwa lisho ‘ukufeza injongo esekude.’ …

“… INkosi yasifundisa yathi, ‘Anikwazi ukumelana nokuba phambi kukaNkulunkulu manje … ; ngalokho-ke, qhubekani nokubekezela nize nibe niphelelisiwe.’ [IMfundiso neziVumelwano 67:13].

“Akudingeki sidikibale uma imizamo yethu eqotho eya ekuphelelisweni ibukeka sengathi ilukhuni futhi ingapheli. Ukupheleliswa kuyeza. Kuzoza ngokugcwele emva koVuko futhi ngeNkosi kuphela. Kulinde bonke abayithandayo futhi nabagcina imiyalelo yayo” (“Perfection Pending, Ensign, Nov. 1995, 86,88).

Bheka futhi 2 KaPetru 1:3–11; Moroni 10:32–33; IMfundiso neziVumelwano 76:69.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

NgokukaMathewu 5:1–9.Ngabe yimiphi imigomo efundisiwe ku NgokukaMathewu 5:1–9 engasiza ikhaya lakho libe yindawo enenjabulo eyengeziwe na? Ungakhetha owodwa noma emibili ebukeka ibalulekile emndenini wakho. Isibonelo, yiziphi izifundo esizitholayo ezingasisiza sibe ngabalamuli na? (bheka ku NgokukaMathewu 5:21–25, 38–44). Yiziphi izinjongo esingaba nazo na? Sizolandelela kanjani na?

NgokukaMathewu 5:13.Dlanini ndawonye ukudla okufakwe usawoti niphinde nidle ukudla okufanayo okungenawo usawoti. Yimuphi umehluko eniwubonile na? Kusho ukuthini ukuba “ngusawoti womhlaba” na? Singakwenza kanjani lokhu na?

NgokukaMathewu 5:14–16.Ukusiza umndeni wakho uqonde ukuthi kuchaza ukuthini ukuba “wukukhanya kwezwe,” ungabheka zindawo lapho ukukhanya kuqhamuka khona ekhaya lakho, emphakathini, nasemhlabeni. Kungasiza ukukhombisa ukuthi kwenzekani uma ufihla into yokukhanyisa. Ngabe uJesu wayeqondeni ngesikhathi ethi “Nina ningukukhanya kwezwe” na? (NgokukaMathewu 5:14). Ngabe ngubani obe njengokukhanya emndenini wethu na? Singaba kanjani ukukhanya kwabanye na? (bheka ku 3 Nefi 18:16, 24–25).

NgokukaMathewu 5:43–45.Ngesikhathi nifunda njengomndeni amazwi oMsindisi kulamavesi, ningakhuluma ngokuthi ngubani, ikakhulukazi, enizwa ukuthi ningamthanda, nimbusise, futhi nimkhulekele. Singalukhulisa kanjani uthando lwethu kubo na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me—For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Naka. “Ngesikhathi unaka okwenzekayo ezimpilweni zabantwana bakho, uzothola amathuba amahle okubafundisa. … Ukuphawula abakwenzayo noma imibuzo abayibuzayo kungaholela emathubeni okubafundisa” (Teaching in the Savior’s Way16).

Isithombe
ikhandlela

“Nina ningukukhanya kwezwe” (NgokukaMathewu 5:14).

Shicilela