ITestamente eliDala 2022
Ngo-Agasti 22–28. AmaHubo 102–103; 110; 116–119; 127–128; 135–139; 146–150: “Konke Okuphefumulayo Makudumise uJehova”


“Ngo-Agasti 22–28. AmaHubo 102–103; 110; 116–119; 127–128; 135–139; 146–150: ‘Konke Okuphefumulayo Makudumise uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Agasti 22–28. AmaHubo 102–103; 110; 116–119; 127–128; 135–139; 146–150,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Neyemindeni: 2022

Isithombe
UKristu egqoke ingubo ebomvu ezungezwe ngabantu abaguqe ngamadolo

Wonke Amadolo Ayoguqa, nguJ. Kirk Richards

Ngo-Agasti 22–28

AmaHubo 102–103; 110; 116–119; 127–128; 135–139; 146–150

“Konke Okuphefumulayo Makudumise uJehova”

Amahubo 119:105 afundisa ukuthi izwi likaNkulunkulu “liyisibani ezinyaweni [zakho].” Njengoba ufunda amaHubo, bhala imishwana nemibono ekukhuthazayo futhi ekusizayo ukukhanyisa indlela yakho ebuyela kuBaba oseZulwini.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Igama lendabuko lamaJuda lencwadi yamaHubo yigama lesiHeberu elisho “izindumiso.” Lelo gama, u-Tehillim, liphinde lihlobane nesibabazo esithi “haleluya” (okusho ukuthi “dumisani uJehova” noma “dumisani iNkosi”). Uma bekufanele ukhethe igama elilodwa ukufingqa umyalezo oyinhloko yamaHubo, “ukudumisa” kungaba yisinqumo esihle. Amanye amaHubo aqukethe isimemo esiqondile esithi “dumisani iNkosi” (bheka ikakhulukazi AmaHubo 146–50), futhi wonke angakhuthaza umuzwa wokukhonza nokudumisa. LamaHubo asimema ukuba sicabange ngamandla eNkosi, ngesihe saYo, nangezinto ezinkulu Ezenzile. Ngeke sakwazi ukumkhokhela nganoma yikuphi kwalokhu, kepha singamdumisa ngakho. Lokho kudumisa kungaba ngezindlela ezahlukahlukene kubantu abahlukahlukene—kungabandakanya ukucula, ukuthandaza, noma ukunikeza ubufakazi. Kuvamise ukuholela ekuzinikeleni okujulile eNkosini nasekulandeleni izimfundiso zaYo. Noma ngabe “ukudumisa iNkosi” kusho ukuthini empilweni yakho, ungathola ugqozi olwengeziwe lokudumisa ngenkathi ufunda futhi uzindla ngalamaHubo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

AmaHubo 102–3116

INkosi ingangiduduza ekuhluphekeni kwami.

Qaphela ukuthi iHubo 102:1–11 liyichaza kanjani imizwa yokukhathazeka nokuhlukaniswa okuvame ukufika ngesikhathi sokuhlupheka. Mhlawumbe wake wayizwa imizwa enjalo, futhi lezi zincazelo zikusiza ukuba ukuqonde kancono okwenzeka kuwe. Noma lamavesi angakusiza uqonde imizwa yabanye abahluphekayo.

Njengoba ufunda AmaHubo 102:12–28; 103116, funa imishwana ekunika ithemba lokuthi ungakwazi “ukubiza igama likaJehova” ezilingweni zakho (AmaHubo 116:13). Ungahle uthande ukugqamisa, ukubamba ngekhanda, noma wabelane nabanye ngemishwana ekunika ithemba kuYe.

Bheka futhi u-Isaya 25:8; 2 KwabaseKorinte 1:3–7; KumaHeberu 2:17–18; ku-Alima 7:11–13.

Isithombe
UJesu elapha

Ukwelapha, nguJ. Kirk Richards

AmaHubo 110118

AmaHubo angangikhomba kumSindisi.

AmaHubo aqukethe izindima ezikhomba empilweni nasebufundisini bukaJesu Kristu. Nazi izibonelo ezimbalwa:

Ngabe yimaphi amaqiniso lamavesi akufundisa wona ngoJesu Kristu na? Ukwazi lamaqiniso kukubusisa kanjani na?

Njengoba ufunda amaHubo kulelisonto, qhubeka ubhale amanye amavesi akufundisa ngoMsindisi. Ungase futhi ufunde noma ulalele ezinye zezingoma zakho ozithandayo ezikusiza ucabange Ngaye.

IHubo 119

Izwi likaNkulunkulu lizongigcina ngisendleleni Yakhe.

Lelihubo liqukethe imishwana eminingi eqhathanisa izimpilo zethu nohambo lokubuyela kuBaba oseZulwini. Njengoba ufunda, funa amagama afana nalawa ukuhamba, indlela, indlela, izinyawo, kanye nokuzula. Zindla ngohambo lwakho lokuphila—lapho kade ukhona, lapho ukhona manje, nokuthi uphokophelephi. Ufundani kulelihubo ngohambo lwakho lokubuyela ekhaya na? Ngokwalelihubo, yini uNkulunkulu ayinikezile ukukusiza uhlale endleleni efanele?

Ungaba nentshisekelo yokwazi ukuthi kwisiHeberu sokuqala, amavesi ayisishiyagalombili okuqala kumaHubo 119 aqala ngohlamvu lokuqala ezinhlamvwini zesiHeberu. Amavesi ayisishiyagalombili alandelayo aqala ngohlamvu olulandelayo, njalo njalo kuze kube sekupheleni kwezinhlamvu.

Bheka futhi u-Isaiah 42:16; 2 Nefi 31:17–21; u-Alima 7:19–20.

AmaHubo 134:-36

INkosi inamandla kunanoma yisiphi isithombe.

Qaphela izizathu ezinikezwe kumaHubo 135:15–18 mayelana nokuthi kungani kungubuwula ukuthembela konkulunkulu bamanga. Yini ongalingeka ukuba uyethembe efana nezithombe ezichazwe kulamavesi?

Ungenza uhlu lwezinto ezinamandla iNkosi engazenza, njengoba zichazwe kumaHubo 134–36. Yiziphi izinto ezinamandla Akwenzele zona na?

AmaHubo 146-50

“Dumisani iNkosi.”

Njengoba ufunda lamahubo okugcina okudumisa, cabanga ngezizathu onazo zokuyidumisa iNkosi. Kungani kubalulekile ukuyidumisa na? Yiziphi izindlela ongayidumisa ngazo na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IHubo 119:105.Mhlawumbe umndeni wakho ungakha indlela bese uhamba ngayo ebumnyameni, usebenzise isibani ukukhanyisa indlela engaphambili. Njengoba nihamba, ungabuza imibuzo efana nokuthi “Yini ezimpilweni zethu enjengalobu bumnyama?” noma “Izwi likaNkulunkulu lifana kanjani nokukhanya na?” Ukucula iculo ngokukhanya kukaNkulunkulu  kunganisiza niqinise umgomo ofundiswe kumaHubo 119:105.

AmaHubo 127–28.Kusho ukuthini ukuthi iNkosi isisiza “sakhe indlu [yethu]” na? (IHubo 127:1. Singenza kanjani ukuthi iNkosi ibekhona emizamweni yethu yokwakha ikhaya elilungileyo na? Ukusiza umndeni wakho uphendule lombuzo, ungadweba indlu esiqeshini sephepha bese uyisika ibe yizicucu zempicabadala. Ngemuva kocezu ngalunye, amalunga omndeni wakho angabhala noma adwebe izindlela zokwenza iNkosi ibe yingxenye yekhaya lakho. Ngemuva kwalokho ungabe usuyihlanganisa impicabadala. Yini enye esiyitholayo kulamahubo asikhuthaza ukuba sihambe ezindleleni zeNkosi na?

IHubo 139.Ngemva kokufunda amavesi 1–4, amalunga omndeni wakho angakhuluma ngokuthi azi kanjani ukuthi uNkulunkulu uwazi mathupha (bheka futhi amavesi 14–15, 23–24).

AmaHubo 146–50.Ungamema umndeni wakho ukuthi ufunde amavesi ambalwa amaHubo 146–50 ngokuzwakalayo, bazama ukudlulisa imizwa yombhali. Singayibonisa kanjani indumiso yethu eNkosini? Amalunga omndeni angakujabulela ukubhala amahubo awo okudumisa futhi abelane ngawo.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa okuqoshiwe kokulalela. Njengoba ufundisa umndeni wakho, cabanga ngokulalela inguqulo yemibhalo elalelwayo, etholakala ku ChurchofJesusChrist.org noma kwiNhlanganisela yoLwazi LweVangeli. Ukulalela amahubo kungaba namandla kakhulu ngoba enzelwe ukuba ashiwo ngokuzwakalayo.

Isithombe
indlela ehlathini

“Ngihambise ngendlela yemiyalo yakho; ngokuba ngiyathokoza ngayo” (iHubo 119:35).

Shicilela