ITestamente eliDala 2022
Agasti 29–Septemba 4. IzAga 1–4; 15–16; 22; 31; UmShumayeli 1–3; 11–12: “Ukumesaba uJehova Kungukuqala Kokuhlakanipha”


“Agasti 29–Septemba 4. IzAga 1–4; 15–16; 22; 31; UmShumayeli 1–3; 11–12: ‘Ukumesaba uJehova Kungukuqala Kokuhlakanipha’” Wozani, Ngilandeleni––Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente Elidala 2022 (2021)

“Agasti 29–Septemba 4. IzAga 1–4; 15–16; 22; 31; UmShumayeli 1–3; 11–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

indoda ifunda imibhalo

Agasti 29–Septemba 4

IzAga 1–-4; 15–16; 22; 31; UmShumayeli 1–-3; 11–12

“Ukumesaba uJehova Kungukuqala Kokuhlakanipha”

Cabanga ukuthi ukufunda kwakho IzAga nomShumayeli kungakusiza kanjani ukuba “ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho” (Izaga 2:2).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Esahlukweni sokuqala sencwadi yezAga, sithola lamazwi: “Ndodana yami, yizwa ukuyala kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko” (IzAga 1:8). IzAga zingabonakala njengeqoqo lamazwi ahlakaniphile avela kumzali onothando, omyalezo wakhe omkhulu ukuthi izibusiso zokuthula nokuchuma ziza kulabo abafuna ukuhlakanipha—ikakhulukazi uhlobo lokuhlakanipha uNkulunkulu alunikezayo. Kodwa incwadi yezAga ilandelwa yincwadi yomShumayeli, okubonakala ngathi ithi, “Akulula kangako.” UmShumayeli ocashunwe encwadini kamShumayeli waphawula ukuthi “wanikela inhliziyo [yakhe] ukuba azi ukuhlakanipha” kodwa wathola “ukufuna umoya” kanye “nokukhathazeka okuningi” (umShumayeli 1:17–18). Ngezindlela ezihlukahlukene, lencwadi ibuza umbuzo othi, “Ngabe ikhona incazelo yangempela ezweni lapho yonke into ibonakala iyize, ingokwesikhashana, futhi ingaqondakali na?”

Kanti futhi, ngenkathi lezincwadi ezimbili zibheka impilo ngezindlela ezahlukene, zifundisa amaqiniso afanayo. UmShumayeli uthi: “Nakhu ukuphela kwendaba lapho sekuzwakale konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe: ngokuba lokho kungokwabantu bonke” (umShumayeli 12:13). Lesi yisimiso esifanayo nesitholakala kuzo zonke IzAga: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho. … Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho: mesabe uJehova ”(IzAga 3:5,7). Noma ngabe impilo isiphatheleni, noma ngabe kubonakala kuyindida futhi kungahleliwe, kuhlala kungcono njalo uma sithembela eNkosini uJesu Kristu.

Ukubuka konke kulezi zincwadi, bheka “IzAga” no “mShumayeli” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

IzAga 1–4; 15–16

“Beka indlebe yakho ekuhlakanipheni.”

Incwadi yezAga igcwele ukuqonda ngokuhlakanipha. Cabanga ngokuphawula igama elithi “ukuhlakanipha” namagama ahlobene nalo, afana nelithi “ulwazi” kanye “nokuqonda,” ngesikhathi uwathola ezahlukweni 1–4 naku 15–16. Ngabe lezahluko ziyithinta kanjani indlela ocabanga ngayo ngokuhlakanipha na? Ngokuya ngalokho okutholayo, ungakuchaza kanjani ukuhlakanipha “uJehova akunikayo”? (IzAga 2:6). Cabanga ukuthi ulifuna kanjani usizo lweNkosi ukuze ube “ohlakaniphile ngenhliziyo” (IzAga 16:21). Ngabe yiziphi izibusiso ezivela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu na?

Bheka futhi IzAga 8–9; NgokukaMathewu 7:24–27; 25:1–13.

IzAga 1:7; 2:5; 16:6; 31:30; umShumayeli 12:13

Kuyini “ukwesaba iNkosi” na?

IGosa uDavid A. Bednar wachaza wathi: “Ngokungafani nokwesaba kwezwe okubangela ukwesaba nokukhathazeka, ukwesaba uNkulunkulu kungumthombo wokuthula, isiqinisekiso nokuzethemba. … [Ku]hlanganisa umuzwa ojulile wokuhlonipha, nokwesaba iNkosi uJesu Kristu; ukulalela imiyalo Yayo; nokulindela ukwaHlulela kokuGcina nokulunga esandleni sayo. … Ukwesaba uNkulunkulu wukumthanda nokumethemba” (“Therefore They Hushed Their Fears,” iLiahona, May 2015, 48–49).

Bheka futhi IzAga 8:13.

IzAga4

“Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane.”

IzAga4 zichaca ukuhlakanipha nokulunga njengo “mkhondo” noma “indlela” (bheka futhi IzAga 3:5–6). Njengoba ufunda lesahluko, ungathola izindima ezikusiza ukuba uzindle “ngomkhondo wezinyawo zakho” (ivesi26) nokuthi izinyathelo zakho zikusondeza kanjani eNkosini. Isibonelo, amavesi 11–12 no 18–19 afundisani ngezibusiso zokulandela indlela efanele na? Asho ukuthini amavesi26 no-27 kuwe na?

Bheka futhi u 2Nefi 31:18–21.

IzAga 15:1–2, 4, 18,28; 16:24–32

“Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.”

Ezinye zezaga ezahlukweni15 naku16 zingakufaka ugqozi lokuthi uthuthukise indlela oxhumana ngayo nabanye, ikakhulukazi abantu obathandayo. Isibonelo, cabanga ngezikhathi ezikhethekile lapho ubungasebenzisa khona “impendulo ethambileyo” kunokuthi usebenzise “izwi elilukhuni” (IzAga 15:1). Ngabe iseluleko esisencwadini yezAga 16:24–32 sikusiza kanjani ukuthi ucabange ngamazwi owasebenzisayo na?

Cabanga ngalokhu kuqonda okuvela kwiGosa W. Craig Zwick: “‘Impendulo ethambile ’iqukethe impendulo enengqondo—amazwi aqondisiwe avela enhliziyweni ethobekile. Akusho ukuthi asikaze sikhulume ngokuqondile noma asilikhulumi iqiniso lezimfundiso. Amazwi angaba nolwazi oluqinile angathamba emoyeni” (“What Are You Thinking?iLiyahona, Meyi 2014,42).

owesifazane ondla izinhlanzi zasolwandle

Ngubani Ongathola Umfazi Okhutheleyo na?II, nguLouise Parker

IzAga 31:10–31

“Owesifazane owesaba uJehova, uyakudunyiswa.”

IzAga 31:10–31 zichaza “owesifazane okhutheleyo,” noma owesifazane onamandla amakhulu omoya, onekhono, nethonya. Ungazama ukufingqa ngamazwi akho ukuthi ngalinye lalamavesi lithini ngaye. Ngabe yiziphi ezinye zezici zakhe ongazilingisa na?

UmShumayeli 1–3;12

Impilo yasemhlabeni ingeyesikhashana.

Kungani kubalulekile kuwe ukukhumbula ukuthi okuningi kulomhlaba, njengoba umShumayeli 1–2 egomela, “kuyize” (noma okwesikhashana futhi isikhathi esiningi akubalulekile)? Ngabe yikuphi okutholayo kwisahluko12 okunikeza impilo inani laphakade na?

uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

IzAga.Umndeni wakho ungakujabulela ukuzakhela “incwadi yezAga”—iqoqo lezeluleko ezihlakaniphile ezivela emibhalweni nakubaphrofethi bezinsuku zokugcina.

IzAga 1:7; 2:5; 16:6; umShumayeli 12:13–14.Ukusiza amalungu omndeni wakho aqonde IzAga 1:7; 2:5; 16:6; umShumayeli 12:13, kungasiza ukushintsha igama elithi ukwesaba ngamagama anjengokuthi inhlonipho, uthando noma ukulalela (bheka futhi KumaHeberu 12:28). Ngabe lokhu kuyithinta kanjani indlela esicabanga ngayo ngalamavesi na? Sibonisa kanjani ukuthi siyayesaba iNkosi na?

IzAga 3:5–7.Ukusiza amalungu omndeni wakho akubone ngeso lengqondo okufundiswa yilamavesi, ungawacela ukuba ancike entweni eqinile nezinzile, njengodonga. Ngemuva kwalokho bangazama ukuncika entweni engazinzanga, njengomshanelo. Kungani kungafanele “sencike [kokwethu] ukuqonda” na? Singabonisa kanjani ukuthi siyamethemba uJesu Kristu ngezinhliziyo zethu zonke na?

IzAga 15:1–2,18; 16:24,32.Ngabe amazwi ethu awuthinta kanjani umoya wasekhaya na? Mhlawumbe amalungu omndeni angazijwayeza ukunika “impendulo ethambileyo” “emazwini alukhuni” bese ezama ukusebenzisa akufundayo ngesikhathi ebenzisana. -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Amazwi emibhalo engcwele asebenza kubo bonke. Amanye amavesi emibhalo engcwele abhekisela emadodeni kuphela noma kwabesifazane kuphela (njenge zAga 3:13; 31:10). Noma kunjalo, ezimweni eziningi izimiso ezikulezi zindima zisebenza kuwo wonke umuntu.

UJesu ehola izimvu ezimbili ehlathini

“Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho” (IzAga 3:6). He Leadeth Me (Uyangihola), nguYongsung Kim, havenlight.com