ITestamente eliDala 2022
NgoSeptemba 5–11. U-Isaya 1–12: “UNkulunkulu Uyinsindiso Yami”


“NgoSeptemba 5–11. U-Isaya 1–12: ‘UNkulunkulu Uyinsindiso Yami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoSeptemba 5–11. U-Eksodusi 1–12,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
umphrofethi wasendulo ebhala

The Prophet Isaiah Foretells Christ’s Birth (UmPhrofethi u-Isaya Ubikezela Ukuzalwa kukaJesu), nguHarry Anderson

NgoSeptemba 5–11.

U-Isaya 1–12

“UNkulunkulu Uyinsindiso Yami”

Funa ukuqondiswa okungokomoya njengoba ufunda. Amazwi ka-Isaya aqondakala kangcono uma “sigcwaliswe ngomoya wokuphrofetha,” njengoba uNefi afundisa (2Nefi 25:4).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Noma ngabe uyaqala ukufunda incwadi ka-Isaya, ungathola amavesi azwakala ejwayelekile. Lokho kungenxa yokuthi, kubo bonke abaphrofethi beTestamente eliDala, u-Isaya nguye ocashunwa kakhulu kwezinye izincwadi zemibhalo engcwele, kuhlanganise noMsindisi uqobo Lwakhe. Amazwi ka-Isaya abuye avele kaningi ezihlabelelweni nakomunye umculo ongcwele. Kungani u-Isaya ecashunwa kaningi kangaka?

Ngokuqinisekile esinye sesizathu ukuthi u-Isaya wayenesipho sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngolimi olucacile nolungenakulibaleka. Kodwa kungaphezu kwalokho. U-Isaya ufake ugqozi kubaphrofethi izizukulwane ngezizukulwane ngoba amaqiniso awafundisa ayedlula esakhe isizukulwane–ama-Israyeli aphila phakathi kuka-740 no-701 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. Indima yakhe bekuwukuvula amehlo ethu emsebenzini omkhulu kaNkulunkulu wokuhlenga, omkhulu kakhulu kunesizwe esisodwa noma isikhathi esisodwa. UNefi wafunda ku-Isaya ukuthi yena nabantu bakhe, yize babehlukaniswe no-Israyeli wonke, babeseyingxenye yabantu besivumelwano sikaNkulunkulu. Ku-Isaya, ababhali beTestamente Elisha bathola iziphrofetho ngoMesiya ezazigcwaliseka phambi kwamehlo abo. Futhi ku-Isaya, uJoseph Smith wathola ugqozi lomsebenzi wezinsuku zokugcina wokuqoqa u-Israyeli nokwakha iSiyoni. Uma ufunda u-Isaya, ngabe uzotholani na?

Ukuze uthole okwengeziwe ngo-Isaya nemibhalo yakhe, bheka “u-Isaya” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele. Ukuze uthole imininingwane ngesikhathi u-Isaya ayephila ngaso, bheka II Amakhosi 15–20 ne II IZikronike 26–32.

Isithombe
Learn More image
Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

U-Isaya 1–12

Ngingaziqonda kanjani kangcono izimfundiso zika-Isaya na?

Ekhuluma ngemibhalo ka-Isaya, uMsindisi wathi, “Zicwaningeni lezi zinto ngenkuthalo; ngokuba makhulu amazwi ka-Isaya ”(bheka ku 3Nefi 23:1–3). Kodwa kwabaningi, u-Isaya kungaba nzima ukumqonda. Nawa amanye amasu okuksiza uthole incazelo ethe xaxa emazwini ka-Isaya:

  • Zindla ngezimpawu nezingathekiso u-Isaya ayezisebenzisa. Isibonelo, zindla ngalokho ocabanga ukuthi u-Isaya wayefuna ukukukhuluma lapho ebhala ngesivini (bheka u-Isaya 5:1–7), amanzi aseShilo (bheka u-Isaya 8:5–10), ibhanela (bheka u-Isaya 5:26), nebhanela (bheka u-Isaya 11:10,12).

  • Isahluko ngasinye osifundayo, zibuze uthi, “Ngifundani ngoJesu Kristu?” (bheka u 1Nefi 19:23).

  • Bheka izihloko ezizwakala zihambisana nosuku lwethu, ezifana nempilo nomsebenzi kaJesu Kristu, ukuhlakazeka nokuqoqwa kuka-Israyeli, izinsuku zokugcina, Neminyaka Eyinkulungwane. Ungagcina futhi uhlu lwezikhombo ezivela ku-Isaya ezifundisa ngalezi zihloko.

  • Sebenzisa izinssiza kufunda lapho uthola khona, njengesichazamazwi, imibhalo yaphansi yeBhayibheli, izihloko zesahluko, kanye neziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Bheka futhi ku 2Nefi 25:1–8.

U-Isaya1; 3;5

“Yekani ukwenza okubi.”

U-Isaya wayelokhu exwayise uMbuso wakwaJuda ngesimo sabo ngokomoya. Ngemva kokufunda u-Isaya1, 3, no5, ungasichaza kanjani isimo somoya sabantu na? Yiziphi izexwayiso ozithola zizwakala zisebenza osukwini lwethu?

Ngaphezu kwezixwayiso, ungase futhi ubhale imilayezo yethemba ku-Israyeli owawugcwele isono (bheka, isibonelo, u-Isaya1:16–20, 25–27; 3:10). Yikuphi esikufundayo ngeNkosi kulamavesi na?

U-Isaya2; 4; 11–12

UNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omkhulu ezinsukwini zokugcina.

Imibhalo eminingi ka-Isaya yiziphrofetho ezinencazelo ethile osukwini lwethu. Yiziphi ezincazelweni zika-Isaya ngezinsuku zokugcina ezahlukweni2; 4; 11–12 ezikukhuthaza kakhulu? (IMfundiso Nezivumelwano 113:1–6 inikeza imininingwane ewusizo mayelana no-Isaya11.) Yini oyifundayo ngokuqoqwa kuka-Israyeli kanye nokuhlengwa kweSiyoni na? Ngabe uzizwa unentshisekelo yokwenzani ngemuva kokufunda lezi zahluko na?

Bheka futhi u-Isaya 5:26; 10:20.

U-Isaya6

Abaphrofethi babizwe nguNkulunkulu.

Kwi sahluko6, u-Isaya walandisa ngobizo lwakhe lokuba ngumphrofethi. Njengoba ufunda lesahluko, yini ekukhangayo ngalokho u-Isaya abhekana nakho na? Ngabe lesahluko sinamuphi umthelela endleleni ocabanga ngayo ngeNkosi, ngabaphrofethi bayo, nangomsebenzi ababizelwe wona na?

Isithombe
owesifazane ophethe ingane

“Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwa indodana;” (u-Isaya 9:6).

u-Isaya 7–9

U-Isaya waphrofetha ngoJesu Kristu.

Ekuqaleni kobufundusi buka-Isaya, uMbuso wakwa-Israyeli (obizwa nangokuthi u-Efrayimi) wakha ubambiswano neSiriya ukuzivikela kwi-Asiriya. U-Israyeli neSiriya babefuna ukuphoqa u-Ahazi, inkosi yakwaJuda, ukuba ajoyine ubambiswano lwabo. Kodwa u-Isaya waphrofetha ukuthi ubambiswano luzohluleka futhi weluleka u-Ahazi ukuthi athembele eNkosini (bheka u-Isaya 7–9, ikakhulukazi u-Isaya 7:7–9; 8:12–13).

Njengoba u-Isaya aluleka u-Ahazi, wenza iziphrofetho eziningi ezaziwayo, njengalezo ezitholakala ku-Isaya 7:14; 8:13–14; 9:2, 6–7. Yize kungakacaci ngokuphelele ukuthi lezi ziphrofetho zazisho ukuthini ngesikhathi sika-Ahazi, zisebenza ngokusobala kuJesu Kristu (bheka futhi NgokukaMathewu 1:21–23; 4:16; 21:44; NgokukaLuka 1:31–33). Ngabe yikuphi okufundayo ngoMsindisi kulamavesi na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

U-Isaya 1:16–18.Ukusiza amalungu omndeni wakho ukuba aqonde lamavesi, ungafunda inkulumo kaDade uSharon Eubank ethi “Christ: The Light That Shines in Darkness” (i-Ensign noma iLiahona, Meyi 2019,75). Noma ungabonisa ukuthi amabala angasuswa kanjani ezimpahleni. Ngabe wehluke kanjani umyalezo weNkosi kulamavesi kulokho uSathane afuna sikukholwe na?

u-Isaya 2:1–5.Amalungu omndeni angakhetha elilodwa kulamavesi bese edweba lokho elikuchazayo. Ngabe ithempeli lisifundisani ngezindlela zeNkosi na? Sibusiswa kanjani ngesikhathi “sihamba ekukhanyeni kweNkosi” na? (u-Isaya 2:5).

u-Isaya 4:5–6.Ngabe iNkosi isithembisani kulamavesi na? Zingasho ukuthini lezi zethembiso na? Uzifeza kanjani? (Bheka futhi ku-Eksodusi 13:21–22.)

u-Isaya 7:14; 9:1–7.Usebenzisa imidwebo noma izithombe ezivela kumaphephabhuku eBandla, ungenza umfanekiso obonisa ezinye zezinto esizifunda ngoJesu Kristu kulamavesi.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Cela iNkosi ikusize. Ukuqonda imibhalo engcwele, sidinga isambulo somuntu siqu. INkosi ithembisile yathi, “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa” (NgokukaMathewu 7:7).

Isithombe
Ithempeli lase-Idaho e-Idaho Falls ngesiphepho

U-Isaya wafundisa ukuthi idokodo lizoba “yisiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni” (u-Isaya 4:6).Ithempeli lase-Idaho e-Idaho Falls

Shicilela