ITestamente eliDala 2022
NgoSepthemba 19–25. U-Isaya 40–49: “Nibaduduze Abantu Bami”


“NgoSepthemba 19–25. U-Isaya 40–49: ‘Nibaduduze Abantu Bami,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoSepthemba 19–25. U-Isaya 40–49,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
UJesu elapha indoda eyimpumputhe

Ukulapha Indoda Eyimpumputhe, nguCarl Heinrich Bloch

NgoSepthemba 19–25

U-Isaya 40–49

“Nibaduduze Abantu Bami”

U-Isaya wayejwayele ukusebenzisa ulimi olusebenzisa okunye ukuchaza okunye. Naka imicabango nemizwa lezimpawu ezikulethayo emqondweni nasenhliziyweni yakho. Lokhu kuzokusiza uqonde kangcono lokho akufundisile.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Igama elithi “Nibaduduze” yigama lokuqala lika-Isaya kwisahluko 40. Likhombisa ukuqala kwenkulumo ehlukile, enokugcizelela okuhlukile kumlayezo womprofethi. Lapho imibhalo ka-Isaya yangaphambilini yaxwayisa khona u-Israyeli noJuda ngokubhubha nokuthunjwa okwakuzoza ngenxa yezono zabo, lezi ziprofetho ezalandela ngemuva zazimele ukuba ziduduze amaJuda ngaphezulu kweminyaka eyi-150 eyalandela—emuva kokuba iJerusalema ibhubhe, ithempeli lingcoliswe, futhi nabantu bathunjwe yiBabele. Kodwa lezi ziprofetho zithinta abaningi kunabakwa-Israyeli abahluleka, nabadumala. Zikhuluma nathi, esibuye sizizwe sihlulekile, sidumele, futhi silahlekile.

Umlayezo wa-Isaya kubo nakithi ulula: “Ungesabi” (U-Isaya 43:1). Lisakhona ithemba. INkosi ayikukhohliwe, futhi Inamandla ezimweni ezibukeka zingaphezulu kwamandla akho. Akuyona iNkosi le “[eya]dala izulu, [neya]wendlala umhlaba … [ney]anika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo” na? (U-Isaya 42:5). Ayinawo amandla amaningi kuneBabele, kunesono, kunanoma yini leyo ekubophile na? Iyancenga ithi, “Buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile” (U-Isaya 44:22). Iyakwazi ukwelapha, ukubuyisela, ukuqinisa, ukuxola nokududuza—noma yikuphi okudingayo, esimweni sakho, ukuba uhlengeke.

Ukufunda indlela uNefi noJakobe abafanise ngayo u-Isaya 48–49) kubantu babo, bheka u-1 Nefi 22 kanye no-2 Nefi 6.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

U-Isaya 40–49

INkosi ingangiduduza futhi inginike ithemba.

Kufanele ukuthi kwakukhathaza, futhi kudumaza, ukuba abakwa-Israyeli bazithole bethunjiwe eBabele. Kufanele ukuthi baningi abazibuza ukuthi ngabe sebeyilahlekelwe indawo yabo ingunaphakande njengabantu baNkulunkulu besivumelwano, abakhethiwe. Ngesikhathi ufunda u-Isaya 40–49, bheka imibhalo okungase kube wukuthi yanika induduzo nethemba. Ngombhalo ngamunye owutholayo, cabanga bese uyafunda ngalokho uNkulunkulu okungenzeka ukuthi ukusho kuwe kulamavesi Nawa ambalwa ongase uqale ngawo.

Ungabelana kanjani ngalemiyalezo nomuntu odinga ugqozi noma ithemba? (Bheka ku-Isaya 40:1–2).

- Holland, “A Perfect Brightness of Hope,” Ensign noma iLiyahona, Meyi 2020, 81–84.

Isithombe
umfula ehlathini

Ngokulalela iNkosi, singaba “[no]kuthula … njengomfula” (U-Isaya 48:18).

U-Isaya 40:3–8, 15–23; 42:15–16; 47:7–11

Amandla kaNkulunkulu makhulu kunamandla asemhlabeni.

U-Isaya wayehlezi ekhumbuza abantu bakhe ngamandla kaNkulunkulu angaqhathaniseki, ngisho angaqhathaniswa namandla asemhlabeni anengcindezi ayebazungezile. Bheka lomlayezo ngesikhathi ufunda u-Isaya 40:3–8, 15–23; 42:15–16; no 47:7–11 (qaphela ukuthi isahluko47 sibhekiswe kowathumba abakwa Israyeli, iBabele). Ngabe ikufundisani lemibhalo ngezinto zasemhlabeni na? Ngabe ikufundisani ngoNkulunkulu na? Cabanga ngokuthi kungani lomlayezo ubungaba yigugu kumaJuda athunjiwe. Kungani uyigugu kuwe na?

­ ­

u-Isaya 41:8–13; 42:1–7; 43:9–12; 44:21–28; 45:1–4; 48:10; 49:1–9

“Uyinceku yami.”

Ku Isaya 40–49 iNkosi ikhuluma ‘ngenceku’ Yayo kanye “nofakazi” Bayo. Kweminye imibhalo lamagama asuke ekhuluma ngoJesu Kristu (bheka ku-Isaya 42:1–7), kweminye kukhulunywa ngendlu ka-Israyeli (bheka ku-Isaya 45:4), futhi kweminye kukhulunywa ngeNkosi uKoresi, eyadedela amaJuda ukuba abuyele eJerusalema futhi akhe ithempeli kabusha (bheka ku 44:26–45:4). Kepha, esimweni ngasinye, ungaphinde ucabange ngendlela lemibhalo ekuthinta ngayo njengenceku kanye nofakazi weNkosi. Isibonelo, cabanga imibuzo ekanje:

U-Isaya 41:8–13; 42:6; 44:21. Yikuphi iNkosi ekubizele khona na? Cabanga ngobizo laseBandleni elisemthethweni kanye neminye imisebenzi yesivumelwano yokuyisebenzela. Ngabe ukweseka futhi “abambe isandla [sakho]” kanjani (U-Isaya 42:6) ngesikhathi usebenza na? Ngabe “u[ku]vivinya” kanjani ukuba ube yinceku Yakhe na? (Bheka futhi ku-Isaya 48:10).

U-Isaya 43:9–12. Ungufakazi kaJesu Kristu ngayiphi indlela na? Ngabe yiziphi izehlakalo empilweni yakho ezikukhombise ukuthi unguMsindisi na?

U-Isaya 49:1–9. Ngabe yimiphi imiyalezo oyitholayo kulamavesi engakusiza uma imizamo yakho ibukeka “[i]yize [futhi i]ngelutho”? (uvesi 4).

Bheka futhi kuMosiya 18:4; uHenry B. Eyring, “A Child and a Disciple,” Ensign noma iLiyahona, Meyi 2003, 29–32.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

U-Isaya 40:3–4Ukuthola ukuthi kungase kuchaze ukuthini “ukulungisa … indlela yeNkosi,” umndeni wakho ungaqondisa into egugile, uqoqe izinto eziphansi ezisakazekile, noma wenze indlela yokudlula endleleni enamatshe. Ungaphinde ukhombise izithombe zikaJohane uMbhabhadisiz noJoseph Smith. Ngabe bayilungisa kanjani indlela yokubuya kweNkosi na? (Bheka kuNgokukaLuka 3:2–18; IMfundiso neziVumelwano 135:3). Ngabe thina sisiza kanjani ukumlungisela indlela na? (isibonelo, bheka IMfundiso neziVumelwano 33:10).

U-Isaya 40:28; 43:14–15; 44:6.Yimaphi amagama kaJesu Kristu esiwatholayo kulamavesi na? Ngabe igama ngalinye lisifundisani Ngaye na?

Isaya 41:10; 43:2–5; 46:4.­ ­ Ngabe lamagama asifundisani ngoJesu Kristu na?

U-Isaya 44:3–4; 45:8.Emuva kokufunda lamavesi, umndeni wakho ungachelela isitshalo ngesikhathi ukhuluma ngezibusiso iNkosi ewubusise ngazo. Ngabe kwenzakalani kwisitshalo uma sisichelela na? Yikuphi lokhu iNkosi ekulindele kithi ngesikhathi isibusisa na?

U-Isaya 48:17–18.Cabanga ngokukhombisa izithombe noma amavidiyo emifula noma amagagasi olwandle. Ukuthula kungafana kanjani njengomfula na? Ukulunga kungafana kanjani namagagasi na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Chaza amagama. Zama ukubheka incazelo yamagama asemibhalweni engcwele ongawaqondi—ngisho namagama ocabanga ukuthi uyawaqonda imbala. Ngezinye izikhathi izincazelo zingakusiza ufunde ivesi ngokwehluka futhi uthole imfundiso yomoya.

Isithombe
UJesu enentombazane nendoda

“Ngokuba iNkosi ibaduduzile abantu bayo, futhi iyokuba nomusa kwabahluphekile bayo” (U-Isaya 49:13).Ibhalisamu lakwaGileyadi, ngu-Ann Adele Henrie

Shicilela