“NgoSepthemba 26–Okthoba2. U-Isaya 50–57: ‘Yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)
“NgoSepthemba 26–Okthoba2. U-Isaya 50–57,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022
Septhemba 26–Okthoba2
U-Isaya 50–57
“Yazithwala Izifo Zethu, Yabetshatha Ubuhlungu Bethu”
Cabanga ngokuthole ku-Isaya 50–57 okukusiza usondelane noMsindisi. Bhala noma yikuphi ukuqonda okutholayo.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Kubufundisi bakhe, u-Isaya wakhuluma ngomkhululi onamandla (bheka, isibonelo, ku-Isaya 9:3–7). Lezi ziprofetho zazizoba yigugu kakhulu kwabakwa-Israyeli emva kwamakhulunyaka ngesikhathi sebethunjelwe eBabele. Umuntu ongakwazi ukuwisa izindonga zeBabele angaba onqobile onamandla ngempela. Kepha lowo akusiye uMesiya owayechazwa u-Isaya kwisahluko 52–53: “Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu.… Thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe” (U-Isaiah 53:3–4). Ngokuthumela umkhululi ongalindelekile, uNkulunkulu wasifundisa ngokukhululwa kweqiniso. Ukusisindisa kwingcindezi nasenhluphekweni, uNkulunkulu wathumela Oyedwa Naye “[ow]acindezelwa, futhi … wahlushwa.” Lapho abanye ababelindele khona ibhubesi, yena wathumela imvana (bheka u-Isaya 53:7). Impela, izindlela zikaNkulunkulu akuzona izindlela zethu (bheka u-Isaya 55:8–9). UJesu Kristu uyasikhulula hhayi ngokuthi avule ijele kepha ngokuthi athathe isikhala sethu khona. Uyasikhulula emaketangweni osizi nokudumala ngokuthi awathwale Yena uqobo (bheka u-Isaya 53:4–5,12). Akasisindisi ekude. Uyahlupheka nathi ngendlela eveza “umusa ongapheliyo” futhi “[onga]yikumuka kuwe” (U-Isaya 54:8,10).
Amasu Okuzifundela Imibhalo
Liqhakazile ikusasa labantu beNkosi.
Noma abakwa-Israyeli bachitha iminyaka eminingi bethunjiwe—futhi noma lokhu kuthunjwa kwakungenxa yezinqumo zabo—iNkosi yayifuna babheke ikusasa ngethemba. Ngabe iyiphi imiyalezo yethemba oyitholayo ku-Isaya 50–52 na? Ngabe iNkosi isifundisani Ngayo kulezi zahluko, futhi kungani lokhu kusinikeze ithemba na? (Isibonelo, bheka ku-Isaya 50:2, 5–9; 51:3–8, 15–16; 52:3, 9–10).
Ungase futhi ubale konke okutholakala kwizigaba 51–52 lokhu iNkosi emema u-Israyeli ukuba ukwenze ukuze lelithemba liphenduke into yangempela. Ucabanga ukuthi ikumema ukuthi wenzeni ngalamagama na? Isibonelo, ucabanga ukuthi kuchaza ukuthini “ukuvuka” futhi “ufake amandla”? (u-Isaya 51:9; bheka futhi ku-Isaya 52:1; IMfundiso neziVumelwano 113:7–10). Ucabanga ukuthi kungani isimemo “sokulalela” (noma “ukulalela uzimesele ukwenza”) siphindaphindwe kangaka na? (uRussell M. Nelson, “Hear Him,” iLiyahona, Meyi 2020,89).
Bheka futhi ku-Mosiya 12:20–24; 15:13–18; 3 Nefi 20:29–46.
UJesu Kristu wathwala izono zami nosizi lwami.
Zincane izahluko emibhalweni engcwele ezichaza kahle umsebenzi waJesu Kristu wokuhlenga kuno Isaya 53. Thatha isikhathi udlinze ngalamagama. Ngevesi ngalinye, ima kancane ucabange ngalokho uMsindisi akuhluphekela—”usizi,” “ukudabuka,” “nokuphambuka” enzela—bonke abantu futhi enzela wena imbala. Ungase ufake amagama athi “mina” namagama athi “okwami” esikhundleni samagama athi “thina” namagami athi “okwethu” ngesikhathi ufunda. Yimiphi imizwi edalwa yilamavesi kuwe na? Cabanga ngokuwabhala phansi.
Ungase ufune ukufunda uMosiya14; 15:1–13 ukubona indlela umphrofethi u-Abinadi asebenzisa ngayo amazwi ka-Isaya ukufundisa ngoMsindisi.
UJesu Kristu ufuna ngibuyele Kuye.
Sonke sinezikhathi lapho sizizwa sidedile eNkosini ngenxa yezono noma ubuthaka bethu. Abanye sebaze balahle ithemba lokuthi Iyoke iphinde ibaxolele. U-Isaya 54 no57 yizahluko ezilungile kakhulu ukuba uzifundele ukuthola ugqozi nomfutho ngezikhathi ezinjenganalezi. Ikakhulukazi ku-Isaya 54:4–10; 57:15–19, ufundani ngomusa kaMsindisi nemizwa Yakhe ngawe na? Kwenza muphi umehluko empilweni yakho ukuthi wazi lezi zinto Ngaye na?
Ngabe izibusiso ezichazwe ku-Isaya 54:11–17 zikuthinta kanjani na?
INkosi imeme bonke ukuba [ba]thathe isivumelwano.”
Iminyaka neminyaka, u-Israyeli kade waziwa ngokuba abantu baNkulunkulu besivumelwano. Kepha, isu likaNkulunkulu lalihlezi libandakanye amazwe amaningi kunezwe elilodwa, ngoba “[b]onke [ab]omileyo” [ba]yamenywa ukuthi “[beze] emanzini” (u-Isaya 55:1). Gcina lokhu emqondweni ngesikhathi ufunda u-Isaya 55 no56, futhi ucabange ukuthi kuchaza ukuthini ukuba ngabantu baNkulunkulu. Uthini umlayezo waNkulunkulu kulabo abazizwa “behlukene” Naye na? (U-Isaya 56:3). Cabanga ukudwebela amavesi achaza ukuziphatha nezenzo zalabo “ababamba isivumelwano sami” (bheka ku-Isaya 56:4–7).
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
U-Isaya 51–52.Ngesikhathi nixoxa ngezimemo zeNkosi kulezi zihloko, ungamema amalungu omndeni ukuba ezilingise. Isibonelo, kubukeka kanjani “[uku]phakamiselani amehlo enu emazulwini,” “[uku]vuka, usukume,” noma “[u]zithintithe uthuli”? (U-Isaya 51:6,17; 52:2). Ngabe lemibhalo isifundisani ngokulandela uJesu Kristu na?
-
U-Isaya 52:9.Emuva kokufunda lelivesi, umndeni wakho “ungacula ndawonye” iculo noma iculo labantwana eliwulethela intokozo. Yiziphi izethembiso ezitholakala ku-Isaya 52 ezenza “[si]qhumuk[e] ngokuhlabelela”?
-
U-Isaya 52:11; 55:7.Lamavesi angaqala ingxoxo ngokuthi ngabe uchaza ukuthini umbhalo othi “nizihlambulule.” Njengengxenye yalengxoxo, ningabuyekeza izihloko ezisencwadini ethi For the Strength of Youth (incwajana, 2011) noma ningafunda imibhalo engcwele ekhuluma ngezibusiso zokuhlanzeka ngokomoya (bheka ku 3 Nefi 12:8; IMfundiso neziVumelwano 121:45–46).
-
U-Isaya 53.Ukungenisa incazelo yoMsindisi enikezwe u-Isaya, umndeni wakho ungakhuluma ngendlela izindaba, amabhayiskobho, kanye nokunye okwezindaba kujwayela ukukhombisa amaqhawe asiza abantu. Ningaqhathanisa lamaqhawe nezincazelo ngoMsindisi enizifunda ku-Isaya 53. Yiluphi usizi nokudumala uMsindisi asithwalela kona na?
-
u-Isaya 55:8–9.Izinto zibukeka zihluke kanjani uma ungaphezulu ngomhlaba? Kuchaza ukuthini kuwe ukuthi izindlela nemicabango kaNkulunkulu kungaphezulu kwezethu?
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.